Ingabe Ukukhuluma Ngezilimi Namuhla Kuvela KuNkulunkulu?
“IMIBHALO ifundisa ukuthi ukubhapathizwa ngomoya, okufakazelwa ukukhuluma ngezilimi, kungokwesonto leqiniso namuhla,” kusho umfundisi wesonto likaMoya uMarvin A. Hicks.
“Imfundiso eyisisekelo yokukhuluma ngezilimi ayiyona engokombhalo futhi ayilungile,” kuphikisa uDr. W. A. Criswell weSonto leFirst Baptist laseDallas. Uyanezela: “Uma lokho kuwukholo lobuKristu, khona-ke angiyena umKristu.”
Ekubhekaneni nokuphikisana okunjalo okumaqondana nokukhuluma ngezilimi, ungase uzibuze: ‘Ithini imiBhalo ngokukhuluma ngezilimi? Ingabe kuyingxenye yobuKristu namuhla?’ Ukuze sithole izimpendulo, kuwusizo ukuqonda ukuthi kungani isipho sezilimi sanikezwa amaKristu akuqala.
ISIZATHU SOKUNIKEZWA KWESIPHO
Okokuqala, umphostoli uPawulu uchaza kumaHeberu 2:2-4 ukuthi izipho eziyisimangaliso, ezingahlanganisa isipho sezilimi, zanikezwa amaKristu ekhulu lokuqala ukuze zifakazele ukuthi ukwamukelwa uNkulunkulu kwakusukile elungiselelweni lobuJuda elidala lokukhulekela kwaya ebandleni elimiswe kabusha lobuKristu. Ukugudluzwa komusa waphezulu kwamiswa kahle engxenyeni yokugcina yekhulu lokuqala, ngenkathi abanye babaphostoli bakaJesu Kristu besaphila.
Ukuthi isipho sezilimi futhi safeza enye injongo kungabonwa emazwini kaJesu kubafundi bakhe ngokushesha ngaphambi kokwenyukela kwakhe ezulwini ngo-33 C.E. Wathi: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.” (IzE. 1:8) Iqembu elincane labafundi alihlanganisanga abantu ababekhuluma izilimi zakuzo zonke izingxenye zomhlaba. Kodwa, ngokuvumelana nesithembiso sikaJesu, cishe ezinsukwini eziyishumi kamuva, ngosuku lomkhosi wePentekoste, umoya ongcwele wathululwa phezu kwabafundi bakhe abacishe babe yi-120 ababebuthene ekamelweni eliphezulu eJerusalema. Umphumela waba yini? “Baqala ukukhuluma ngezinye izilimi” ngakho-ke babengaqhubeka ngokushesha nokufeza umsebenzi ababewabelwe wokufakaza.—IzE. 2:1-4.
Lapho labobafundi benikeza ubufakazi eJerusalema emkhosini wePentekoste, amaJuda namaProselithe ayevela ezindaweni ezikude eze emkhosini ezwiwa ethi: “Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na? . . . siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” (IzE. 2:8-11) Kusobala ukuthi izilimi eziphawulwe lapha kwakungezaziwayo, kungeyona inkulumo engaqondakali. Futhi phawula ukuthi isipho sasetshenziswa ngokuvumelana nenjongo uJesu ayethe umoya uzonikelwa ngenxa yayo, okungukuthi ukufakaza kwabanye. Yafeza leyonjongo ngokuphawulekayo, ngoba “kwenezelwa ngalowomuhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.”—IzE. 2:41.
Esinye isehlakalo lapho ukuthululwa komoya ongcwele kwakuhambisana nesipho sezilimi silotshwe kuzEnzo 10:44-46. Uma ufunda lendaba uyophawula ukuthi lapho umoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaKorneliyu wabeZizwe nasemkhayeni wakhe, nabo futhi baqala ‘ukukhuluma ngezilimi.’ Lapho ekhuluma ngayekubonile kulesosenzakalo, umphostoli uPetru wathi: “Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.” Ngakho-ke, ngokukaPetru, isipho sezilimi esehliswa ngaleyonkathi sasifana nesipho esamukelwa eminyakeni eminingi ngaphambili ngePentekoste—ikhono elimangalisayo lokukhuluma ezinye izilimi. IBhayibheli libonisa ukuthi isipho sezilimi esanikezwa uKorneliyu nabendlu yakhe saqinisekisa uPetru nababenaye ngokuthi uNkulunkulu manje wayamukela abeZizwe abangasokiwe ebandleni. UNkulunkulu manje wayesebenzisaibandla lobuKristu.—IzE. 11:15-18.
‘Kodwa ungawachaza kanjani amazwi kaPawulu akwabo-1 AbaseKorinte 14:2?’ abanye bangase babuze. Akashongo yini uPawulu ukuthi, “okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu”?
Okokuqala, kumelwe kuphawulwe ukuthi uPawulu lapha akachazi ukuthandaza kwangasese, kodwa kunalokho, ukusebenzisa isipho sezilimi emihlanganweni yebandla. (Bheka 1 Korinte 14:23.) Futhi, amazwi kaPawulu avumelana ngokuphelele ngakho kokubili injongo isipho sezilimi esanikezwa ngayo nencazelo yesipho enikezwe encwadini yezEnzo. Uma ufunda sonke isahluko 14 seyo-1 kwabaseKorinte, uyophawula ukuthi (1) izilimi okubhekiselwe kuzo ziyizilimi ezaziwayo, hayi inkulumo engaqondakali, futhi (2) isipho sasizosetshenziswa, hayi ngasese, kodwa ukuze kuzuze abangakholwa.
Ake silifunde lonke 1Kor 14 ivesi lesibili. Lithi: “Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya.” Igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “ulimi,” glōssa, igama elifanayo nalelo elisetshenziswe kuzEnzo 2:4, 11, lapho ngokusobala libhekisele ezilimini ezaziwayo. Igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “ozwayo” lingasho ukulalela okuthile ngaphandle kokuqonda okuphawulwayo. Lokhu kungaqondakala kangcono ngosizo lokwaziswa 1Kor 14 okusemavesini 13, 16 no-17 kwabo-1 abaseKorinte isahluko 14, lapho sifunda ukuthi: “Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe. Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile [noma ongakholwa; bheka 1Kor 14 amavesi 22-25.] angasho kanjani ukuthi ‘Amen’ ekubongeni kwakho na? Lokhu engakwazi okushoyo. Ngokuba nempela ubonga kahle wena, kepha lowo omunye akakhiwa.”
Kalula nje, umuntu okhuluma ngezilimi ukhuluma kuNkulunkulu kunakubantu uma abantu abalalele bengakuqondi akushoyo. UPawulu wayengacabangi ngenkulumo engaqondakali kodwa ngezinye izilimi ngokunokwenzeka ezazingase ziqondwe ngabanye. Kodwa uma, eqinisweni, kungekho noyedwa walabo ababekhona owayeqonda ulimi futhi uma kwakungekho bahumushi, khona-ke owayekhuluma ulimi oluthile kwakumelwe athandaze ukuze akwazi ukuluhumusha futhi kanjalo-ke akhe abanye, ikakhulukazi abangakholwa. Uma kwakungekho muntu ozohumusha, khona-ke, njengoba umbhalo usho, kwakungaba ngcono ngaye ukuthula.—1 Kor. 14:28.
Kuthiwani-ke namuhla? Ingabe izipho ezinjengesezilimi azinakudingeka ‘ukuze sibonise ukuba khona komoya ongcwele’ kumuntu?
INGXENYE YOBUKRISTU NAMUHLA?
Imibhalo ibonisa ukuthi izipho eziyisimangaliso ezanikezwa amaKristu ekhulu lokuqala zazingezesikhashana nje kuphela. “Uthando alusoze lwaphela; kepha nakuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka.” (1 Kor. 13:8) Ingabe iBhayibheli liyabonisa ukuthi izilimi ziyonqamuka nini? Yebo, liyakubonisa.
Zifundele ngokwakho umbiko wezimo lapho isipho sezilimi sasihambisana nokuthululwa komoya ongcwele: IzEnzo 2:1-4, 14; 10:44-48; 19:6. Uzophawula ukuthi esimweni ngasinye kwakukhona oyedwa noma abaphostoli abengeziwe bakaJesu Kristu. NgokwezEnzo 8:18, ‘ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uMoya wawuphiwa.’ Ngokufanelekileyo-ke, ngokufa kwabaphostoli, ukudluliselwa kwezipho zomoya kuhlanganisa nesipho sezilimi kwanqamuka. Isipho sezilimi sasiyifezile injongo yaso. Kwakuye kwavezwa obala ukuthi ibandla lobuKristu lalivunyelwa futhi lisekelwa uNkulunkulu. Futhi, amaKristu anda futhi asakazeka emazweni amaningi, ephethe “izindaba ezinhle.”—Qhathanisa nabaseKolose 1:23.
‘Uma izipho zanqamuka, khona-ke yini ebangela lokhu okwenzeka osukwini lwanamuhla?’ abanye bangase babuze.
“Siyaqaphela futhi ukuthi isenzo esifanayo singenzeka ngaphansi kwethonya lobulozi/lobudimoni,” kwavuma inkulumo ebumbene yeFountain Trust and the Church of England Evangelical Council. (Omalukeke ngabethu.)
Kungenzeka yini ukuthi esosuku lwanamuhla isipho sezilimi asiveli kuNkulunkulu? Ngokungenakuphikwa, ukwamukela lokhu kungase kube nzima kulabo abathi banesipho. KumaMelika amadala ayizi-5 000 000 athi akwazi ukukhuluma ngezilimi, amaphesenti angama-33 awakholelwa ngisho nawukuthi uDeveli uwumuntu ongokoqobo nokuthi angabathonya abanye. Pho-ke, ungazi kanjani ngokuqinisekile ukuthi izibonakaliso zanamuhla zivelaphi?
“NGEZITHELO ZABO”
UJesu wasinikeza indlela yokubona amaKristu eqiniso lapho ethi: “Yilowo nalowomuthi omuhle uveza izithelo ezinhle.” (Math. 7:17) Yebo, kwakumelwe kube khona isithelo, noma ubufakazi, bokuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu wawubasekela. Kuyembula ukucabangela ubufakazi obungokomBhalo balokho ngokwalokho okukwethi Christianity Today—imiphumela yokubuza abantu abehlukene, eyakhishwa ngoFebruary 22, 1980, iChristianity Today.
Akukho nowodwa umbhalo osilandisa ngokunikezwa kwesipho esiyisimangaliso kumuntu owamukela noma ophikelelayo ekwenzeni isono. Ibandla lamaKristu ekhulu lokuqala eKorinte lalihlanganisa abantu ngaphambili ababeziphatha kabi kodwa ababuye bashintsha baba amaKristu. Babengasazitiki ekuphileni kokuziphatha okubi kobulili. (1 Kor. 6:9-11) Futhi, nokho, ngokwenani lokukhetha, amaphesenti ayi-19 alabo abakhuluma ngezilimi namuhla ayakwamukela ukuhlangana kobulili ngaphambi komshado.
AmaKristu eqiniso ayeyohlonipha iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu. UJesu Kristu wacaphuna imiBhalo futhi wayibheka njengezwi likaNkulunkulu. (Joh. 17:17) Kodwa ngokwenani lokhetho, amaphesenti angama-44 alabo abakhuluma ngezilimi osukwini lwethu awaliqokomisi iBhayibheli njengegunya elibalulekile elingokwenkolo.
“Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi,” kwayala uJesu. (Math. 28:19, 20) Futhi wabikezela ukuthi “izindaba ezinhle” zombuso kaNkulunkulu ziyoshunyayelwa “ezweni lonke, kube-ngubufakazi.” (Math. 24:14) AmaKristu eqiniso kumelwe ashiseke ekwenzeni lokhu. Nokho, ngokwenani lokhetho, amaphesenti angama-51 manje abakhuluma ngezilimi abakhulumi ngokholo lwabo okungenani isonto ngalinye, futhi amaphesenti angama-58 awakubeki njengokuyinhloko ukusiza abanye ngenxa kaKristu.
“Abasibo abezwe,” kwasho uJesu maqondana nabalandeli bakhe. (Joh. 17:16) Kodwa kude kakhulu kunokuba ‘bangabi yingxenye yezwe,’ ‘ekugxambukeleni kwezombangazwe’ abakhuluma ngezilimi “bavumelana ngokuseduze nendlela evamile yabantu,” kubika iChristianity Today.
“Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana,” kwasho uJesu. (Joh. 13:35) Umphostoli uJohane wanezela: “Nithandane, kungabi njengoKayini owaba-ngowomubi, wabulala umfowabo.” (1 Joh. 3:11, 12) AmaKristu eqiniso athandana ngobuqotho. Awahlukaniswa ubuzwe noma inzondo ephathelene nenhlalo. Ngisho nasezikhathini zempi, ayakwenqaba ukubulala akholwa nabo abakwamanye amazwe. Ingabe kunjalo ngabantu abavamile? Nalabo abathi banesipho sezilimi?
Ngakho-ke, ubufakazi bubonisani? Phela, njengoba labo abakhuluma ngezilimi bengavezi njengeqembu “izithelo” ezibonisa amaKristu eqiniso, kusobala ukuthi labo abathi banesipho sezilimi abasamukelanga emthonjeni ofana nalowo amaKristu akuqala asithola kuwo.
ImiBhalo iqukethe izixwayiso eziqinile ezibonisa ukuthi omunye umthombo ubangela lokhu. UJesu wabikezela: “Abaningi bayakuthi kimi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi.” (Math. 7:22, 23) Umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi isikhathi siyeza lapho ‘imisebenzi yamandla’ ne‘zibonakaliso zamanga’ ‘zaziyokwenzeka njengemisebenzi kaSathane.’—2 Kor. 2:9, 10.
Nokho, singababona kanjani abalandeli beqiniso bakaKristu uma kungekhona ngokuba babe nezipho zezilimi eziyisimangaliso? “Ngezithelo,” ubufakazi obungokomBhalo, esibucabangelayo.
Sikumema ukuba uhlole iBhayibheli bese uliqhathanisa nezimfundiso nezenzo zoFakazi BakaJehova. Zibonele ngokwakho ukuthi lokho oyokubona kuyokushukumisela yini ekubeni uthi ngabo, “impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”—1 Kor. 14:25.
[Ibhokisi ekhasini 8]
“Okuhlangenwe Nakho Kwami Kwakungaveli KuNkulunkulu”
“Umbhalo ku-1 Korinte 14:27, 28 . . . wangiqinisekisa ukuthi okuhlangenwe nakho kwami kwakungaveli kuNkulunkulu. . . . Iseluleko sikaPawulu lapho . . . sasiphambene ngempela nalokho engangiye ngakuthola. Esikhundleni sokuba nesilinganiso sababili noma abathathu, saba namaqembu amakhulu. Kwakungekho muntu owayehumusha, khona-ke ubani owayakheka?”