“Qhubeka Uzimisela . . . Ekufundiseni”
“NINGIBIZA ngokuthi ‘Mfundisi,’ nangokuthi ‘Nkosi,’ futhi nikhuluma kahle, ngoba ngiyikho.” (Joh. 13:13) Ngala mazwi awasho kubafundi bakhe, uJesu wayeqokomisa indima yakhe njengomfundisi. Ngaphambi nje kokuba enyukele ezulwini, wabe esenikeza abalandeli bakhe lo myalo: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Math. 28:19, 20) Kamuva, nomphostoli uPawulu wakugcizelela ukubaluleka kokuba abafundisi beZwi likaNkulunkulu. Wayala uThimothewu, owayesengumdala ebandleni: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni. . . . Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.”—1 Thim. 4:13-15.
Nanamuhla, ukufundisa kuseyisici esivelele enkonzweni yasensimini nasemihlanganweni yethu yobuKristu. Singaqhubeka kanjani sizimisela ekufundiseni, futhi lokhu kuyosisiza ngaziphi izindlela ukuba sithuthuke njengabafundisi beZwi likaNkulunkulu?
Lingisa UMfundisi Omkhulu
Indlela kaJesu yokufundisa yakhanga izilaleli zakhe eziningi. Phawula indlela amazwi akhe abathonya ngayo labo ababesesinagogeni eNazaretha. Umlobi weVangeli, uLuka, wathi: “Bonke banikeza ubufakazi obuhle ngaye futhi bamangala ngamazwi amnandi ayephuma emlonyeni wakhe.” (Luka 4:22) Abafundi bakaJesu balingisa isibonelo seNkosi yabo lapho beshumayela. Yingakho umphostoli uPawulu akhuthaza amaKristu ayekanye nawo: “Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.” (1 Kor. 11:1) Ngenxa yokulingisa izindlela zikaJesu, uPawulu waphumelela kakhulu ‘ekufundiseni obala nasendlini ngendlu.’—IzE. 20:20.
Ukufundisa “Esigcawini”
Isibonelo esihle kakhulu sekhono likaPawulu lokufundisa obala sitholakala esahlukweni 17 sencwadi yezEnzo. Kuso sifunda ngokuhambela kwakhe e-Athene, eGrisi. Nomaphi lapho ayebheka khona kulowo muzi—ezitaladini, ezigcawini—kwakukhona izithombe. Yingakho uPawulu aphazamiseka kakhulu! Noma kunjalo, akazange anqotshwe imizwelo yakhe. Kunalokho, ‘wabonisana esinagogeni kanye nasesigcawini nsuku zonke nalabo okwakwenzeka ukuba babe khona.’ (IzE. 17:16, 17) Yeka ukuthi uyisibonelo esihle kanjani kithi! Ngokuxoxa nabantu bazo zonke izizinda ngenhlonipho, singabahluleli, singacaba indlela yokuba abathile balalele futhi ekugcineni baphunyule ekugqilazweni inkolo yamanga.—IzE. 10:34, 35; IsAm. 18:4.
UPawulu wahlangana nabantu abalukhuni esigcawini. Phakathi kwabo kwakunezazi zefilosofi ezazinemibono eyayingqubuzana namaqiniso ayewashumayela. Lapho ephikiswa, ngokuqinisekile wayekucabangela okwakushiwo. Abanye babembiza ngokuthi ‘iphoshophosho’ (ngesiGreki, ngokwezwi nezwi okusho “umcoshi wembewu”). Abanye babethi: “Kubonakala sengathi umemezela onkulunkulu bezinye izizwe.”—IzE. 17:18.
Nokho, uPawulu akazange adunyazwe amazwi ajivazayo ezilaleli zakhe. Kunalokho, lapho ecelwa ukuba achaze izimfundiso zakhe, wasebenzisa lelo thuba ukuze anikeze inkulumo ebonisa ukuqonda eyaliveza kahle ikhono lakhe lokufundisa. (IzE. 17:19-22; 1 Pet. 3:15) Ake sibukeze le nkulumo yakhe ngokuningiliziwe futhi sithole izifundo ezingase zisisize ukuba sithuthukise amakhono ethu okufundisa.
Thola Izinto Enivumelana Ngazo
UPawulu wathi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ukuthi kukho konke nibonakala nithambekele kakhulu kunabanye ekwesabeni onkulunkulu. Ngokwesibonelo, lapho . . . ngibheka ngokucophelela izinto enizihloniphayo ngithole ne-altare okuqoshwe kulo ukuthi ‘Kunkulunkulu Ongaziwa.’ Ngakho-ke lokho enizinikele kukho ngokungazi, yikho engikumemezela kini.”—IzE. 17:22, 23.
UPawulu wayeqaphelisisa zonke izinto ayezibona. Wafunda okuningi ngabantu ayekhuluma nabo kulezo zinto azibona. Nathi singafunda okuthile ngomninikhaya uma siqaphelisisa. Ngokwesibonelo, uma kunamathoyizi egcekeni noma izimpawu emnyango, lokho kungembula lukhulu. Uma sinombono othile ngomninikhaya, singakhetha ngokucophelela esizokusho nendlela esizokubeka ngayo.—Kol. 4:6.
UPawulu wayenikeza isigijimi ngendlela eyakhayo. Nokho, wabona ukuthi lokho abantu base-Athene ‘ababezinikele’ kukho kwakungafanele. Wababonisa ngokucacile indlela ababengaqondisa ngayo ukukhulekela kwabo kuNkulunkulu weqiniso. (1 Kor. 14:8) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sikhulume ngokucacile nangendlela eyakhayo lapho simemezela izindaba ezinhle zoMbuso!
Yiba Nesu Lokungacunuli Futhi Ungakhethi
UPawulu waqhubeka: “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi yezulu nomhlaba, njengoba Yena eyiyo, akahlali emathempelini enziwe ngezandla, futhi akakhonzwa ngezandla zabantu njengokungathi kukhona akudingayo, ngoba yena ngokwakhe unika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.”—IzE. 17:24, 25.
Lapha uPawulu wayebaqondisa kuJehova njengoMniki-kuphila kwethu, ekwenza lokho ngesu lokungacunuli ngokumbiza ngokuthi “iNkosi yezulu nomhlaba.” Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukusiza abantu abanezinhliziyo eziqotho abanezizinda zenkolo namasiko ahlukahlukene ukuba baqonde ukuthi uJehova uNkulunkulu ungumsunguli wakho konke ukuphila!—IHu. 36:9.
Ngokulandelayo, uPawulu wathi: “Futhi ngomuntu oyedwa wenza zonke izizwe zabantu, . . . wanquma izikhathi ezimisiwe nemikhawulo emisiwe yokuhlala kwabantu, ukuba zifune uNkulunkulu, uma zingamphumputha zimthole ngempela, nakuba, eqinisweni, engekude kulowo nalowo kithi.”—IzE. 17:26, 27.
Indlela esifundisa ngayo ingabonisa abanye ukuthi unjani uNkulunkulu esimkhulekelayo. UJehova akakhethi futhi uvumela abantu bazo zonke izizwe ukuba ‘bamphumputhe bamthole.’ Ngokufanayo, nathi asikhethi, sikhuluma nawo wonke umuntu esihlangana naye. Sizama ukusiza labo abakholelwa ukuthi kunoMdali ukuba babe nobuhlobo naye obungabenza bathole izibusiso zaphakade. (Jak. 4:8) Kodwa singabasiza kanjani labo abakungabazayo ukuba khona kukaNkulunkulu? Ngokulingisa isibonelo sikaPawulu. Phawula lokho akusho ngokulandelayo.
“Ngaye siyaphila siyanyakaza futhi sikhona, njengoba nje abathile ezimbongini zakini beshilo, ‘Ngoba futhi siyinzalo yakhe.’ Ngakho-ke, njengoba siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele sicabange ukuthi uMuntu Waphezulu unjengegolide noma isiliva noma itshe.”—IzE. 17:28, 29.
Lapha, uPawulu wayefuna ukudonsa isithakazelo sezilaleli zakhe ngokucaphuna izimbongi labo bantu base-Athene ababezazi futhi bezamukela. Ngokufanayo, nathi sifuna izinto esivumelana ngazo nabasilalele ngokuxoxa ngalokho esaziyo ukuthi bayokwamukela. Ngokwesibonelo, umfanekiso kaPawulu osencwadini yakhe ayibhalela amaHebheru usakholisa nanamuhla: “Yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heb. 3:4) Ukwenza abaninikhaya bacabange ngalo mfanekiso olula kungabasiza ukuba baqaphele ukuba yiqiniso kwalokho esikushoyo. Phawula esinye isici enkulumweni kaPawulu esiwusizo ekufundiseni ngokuphumelelayo—ukushukumisa.
Qokomisa Ukuphuthuma
UPawulu wathi: “Yiqiniso, uNkulunkulu uye wangazinaka izikhathi zokungazi okunjalo, nokho manje utshela isintu ukuba sonke kuyo yonke indawo siphenduke. Ngoba umise usuku ajonge ukwahlulela ngalo umhlaba owakhiwe ngokulunga ngomuntu ammisile.”—IzE. 17:30, 31.
Ukuvumela kukaNkulunkulu ububi okwesikhashana kusinikeze ithuba lokumbonisa lokho ngempela okusezinhliziyweni zethu. Kubalulekile ukuqokomisa ukuphuthuma kwezikhathi zethu nokuba sikhulume ngokukholisayo ngezibusiso eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu, osuseduze kakhulu.—2 Thim. 3:1-5.
Basabela Ngezindlela Ezahlukahlukene
“Nokho, lapho bezwa ngovuko lwabafileyo, abanye baqala ukuhleka usulu, kuyilapho abanye bethi: ‘Sizobuye sikuzwe ngalokhu nangesinye isikhathi.’ Ngakho uPawulu waphuma kubo, kodwa amanye amadoda azihlanganisa naye futhi aba ngamakholwa.”—IzE. 17:32-34.
Abanye basabela ngokushesha ekufundiseni kwethu; abanye bangase badinge isikhathi esengeziwe ukuze bakholelwe esikushoyo. Kodwa lapho incazelo yethu ngeqiniso elula necacile isiza noma kungaba umuntu oyedwa ukuba athole ulwazi olunembile ngoJehova, yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi siye sasetshenziswa uNkulunkulu ekudonseleni abantu eNdodaneni yakhe!—Joh. 6:44.
Izifundo Esizitholayo
Njengoba sicabanga ngenkulumo kaPawulu, singafunda okuningi ngendlela yokuchazela abanye amaqiniso eBhayibheli. Uma sinelungelo lokunikeza izinkulumo zeningi ebandleni, singalwela ukulingisa uPawulu ngokusebenzisa amazwi angacunuli ayosiza umuntu ongakholwa ukuba aqonde futhi amukele amaqiniso eBhayibheli. Sifuna ukwethula la maqiniso ngokucacile, kodwa siyoqaphela ukuba singalulazi izinkolelo zanoma ubani ongeyena uFakazi osuke ekhona. Ngesikhathi esifanayo, lapho sishumayela emphakathini, silwela ukukholisa nokungacunuli. Ngokwenza kanjalo, siyobe sisebenzisa iseluleko sikaPawulu ‘sokuzimisela ekufundeleni iningi.’
[Isithombe ekhasini 30]
Indlela kaPawulu yokufundisa yayicacile, ilula futhi ingacunuli
[Isithombe ekhasini 31]
Silingisa uPawulu ngokucabangela imizwa yabantu esibashumayezayo