Ingabe Bewazi?
Sasiyini ‘isihlalo sokwahlulelwa’ umphostoli uPawulu ayiswa kuso?
▪ Ukulandisa kwezEnzo 18:12, 13 kuthi amaJuda eKorinte amangalela uPawulu ngokuthi uholela abantu kwenye inkolo ngokungemthetho nokuthi abe esemholela “esihlalweni sokwahlulelwa” noma e-beʹma (okuyigama lesiGreki elisho “isitebhisi”). EKorinte lasendulo kwakunepulatifomu ephakeme engaphandle noma indawo yokuma eduze ne-agora noma imakethe okungenzeka yayiqhelelene ngamagxathu ambalwa nesinagoge. Indawo le pulatifomu eyayikuyo, yayenza kube lula ukukhuluma nesixuku. Yayakhiwe ngemabula enombala omhlophe noluhlaza futhi ihlotshiswe ngemihlobiso emihle ebaziwe, indawo yesikhulumi yayinamakamelo amabili okulinda, phakathi kunamabhentshi emabula bese iphansi lihlotshiswe ngama-tile amibalabala.
Leyo ndawo yesikhulumi yayibhekwa njengesihlalo sokwahlulelwa lapho umphostoli uPawulu ama khona phambi komphathi-sifundazwe uGaliyu, umbusi ongumRoma wase-Akhaya. Zihlezi kule ndawo, izikhulu zazithetha amacala, zikhipha izigwebo kuzwa sonke isixuku esibuthene lapho.
Ezifundazweni zaseGrisi, kwakuyinto evamile ukuba isixuku sibuthane endaweni efana ne-beʹma, lapho kwakuqhutshelwa khona wonke amabhizinisi omphakathi. Lapho ilandisa ngecala likaJesu, imiBhalo yesiGreki kaMathewu 27:19 noJohane 19:13 ikhuluma ngoPontiyu Pilatu ekhuluma nesixuku emi e-beʹma yakhe.—IzEnzo 12:21.
Kungani amanye amaJuda akhutshwa indlela uJesu afa ngayo?
▪ Umphostoli uPawulu washo lokhu mayelana namaKristu okuqala: “Sishumayela ngoKristu owabethelwa, oyimbangela yokukhubeka kumaJuda kodwa owubuwula ezizweni.” (1 Korinte 1:23) Kungani indlela uJesu afa ngayo yabakhuba abanye?
Uma ekhuluma ngendlela uJesu afa ngayo kanye nesiko lalabo ababephila eMpumalanga Ephakathi ekhulwini lokuqala, umhlaziyi weBhayibheli uBen Witherington III uthi lena “kwakuyindlela yokufa eyihlazo kunazo zonke. Yayingabhekwa nhlobo njengokufa okuhle komfel’ ukholo.” UWitherington uyaqhubeka: “Abantu bakuleyo ndawo babekholelwa ukuthi indlela umuntu afa ngayo iyona eyembula uhlobo lomuntu ayilo. Ngenxa yalokho, uJesu wayebhekwa njengesigebengu, ivukela-mbuso elifanelwe isigwebo sokufa kwesigqila.” Ngenxa yalezi zizathu, akubonakali kunengqondo ukusho ukuthi amaKristu okuqala ayisungula indaba yokufa nokuvuswa kukaJesu.