“Izwi LikaJehova Laqhubeka Likhula”
“Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni; izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.”—IHUBO 147:15.
1, 2. Yisiphi isabelo uJesu asinika abafundi bakhe, futhi sasihilelani?
ESINYE seziprofetho ezimangalisa kakhulu eBhayibhelini sitholakala kuzEnzo 1:8. Ngaphambi nje kokuba enyukele ezulwini, uJesu watshela abalandeli bakhe abathembekile: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.” Yeka ukuthi lokhu kwakuyoba umsebenzi omkhulu kanjani!
2 Kumelwe ukuba ukumemezela izwi likaNkulunkulu emhlabeni wonke kwabonakala kuyisabelo esinzima kulabo bafundi abambalwa abanikwa sona. Cabanga ngokwakuhilelekile. Kwakuzodingeka basize abantu ukuba baqonde izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Lapho befakaza ngoJesu kwakuzodingeka futhi batshele abanye ngezimfundiso zakhe ezinamandla, bachaze nendima yakhe enjongweni kaJehova. Ngaphezu kwalokho, lo msebenzi wawuhilela ukwenza abantu babe ngabafundi bese bebabhapathiza. Konke lokhu kwakumelwe kwenziwe emhlabeni wonke!—Mathewu 28:19, 20.
3. Yini uJesu aqinisekisa abalandeli bakhe ngayo, futhi basabela kanjani emsebenzini ababewunikiwe?
3 Nokho, uJesu waqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi umoya ongcwele wawuyoba nabo lapho befeza umsebenzi ayebanike wona. Ngakho, naphezu kobukhulu besabelo nemizamo yabaphikisi ephikelelayo nenobudlova yokubathulisa, abafundi bakaJesu bokuqala bakwenza ngokuphumelelayo lokho ayekuyalile. Lokho kuyiqiniso lomlando elingenakuphikwa.
4. Uthando lukaNkulunkulu lwabonakala kanjani emsebenzini wokushumayela nokufundisa abanye?
4 Umkhankaso wokushumayela nokufundisa emhlabeni wonke wawuwukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu ngalabo ababengamazi. Wawubanika ithuba lokuba basondele kuJehova, bathethelelwe izono. (IzEnzo 26:18) Umsebenzi wokushumayela nokufundisa wawubonisa uthando lukaNkulunkulu nakulabo abahambisa leso sigijimi, ngoba wawubavumela ukuba babonise ukuzinikela kwabo kuJehova nothando lwabo ngabanye abantu. (Mathewu 22:37-39) Umphostoli uPawulu wayeyazisa kakhulu inkonzo yobuKristu kangangokuthi wayibiza ‘ngomcebo.’—2 Korinte 4:7.
5. (a) Siwutholaphi umlando onokwethenjelwa kunayo yonke wamaKristu okuqala, futhi yikuphi ukwanda okuchazwe lapho? (b) Kungani incwadi yezEnzo isho lukhulu ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla?
5 Umlando onokwethenjelwa kunayo yonke mayelana nomsebenzi wokushumayela wamaKristu okuqala utholakala encwadini ephefumulelwe yezEnzo, eyabhalwa ngumfundi uLuka. Ukhuluma ngokwanda okusheshayo nokumangalisayo. Lokhu kwanda kolwazi lweZwi likaNkulunkulu kusikhumbuza iHubo 147:15, elithi: “[UJehova] uyathumela umyalo wakhe emhlabeni; izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.” Ukulandisa okumayelana namaKristu okuqala, anikwa amandla ngumoya ongcwele, uyathakazelisa futhi usho lukhulu kithi namuhla. OFakazi BakaJehova benza wona lowo msebenzi wokushumayela nokwenza abafundi, kodwa ngezinga elikhulu kakhulu. Futhi sibhekana nezinkinga ezifanayo nalezo amaKristu ekhulu lokuqala abhekana nazo. Njengoba sihlola indlela uJehova awabusisa futhi wawanika ngayo amandla amaKristu okuqala, ukholo lwethu ekutheni uyosisekela luyaqina.
Ukwanda Kwenani Labafundi
6. Yimaphi amazwi aphathelene nokwanda avela kathathu encwadini yezEnzo, futhi yini abhekisele kuyo?
6 Enye yezindlela zokuhlola ukugcwaliseka kwezEnzo 1:8 iwukubhekisisa inkulumo ethi “izwi likaJehova laqhubeka likhula,” evela kathathu kuphela eBhayibhelini, encwadini yezEnzo kuphela. (IzEnzo 6:7; 12:24; 19:20) Kulezi zindima, amazwi athi “izwi likaJehova,” noma “izwi likaNkulunkulu” asho izindaba ezinhle—isigijimi esishukumisayo seqiniso laphezulu, isigijimi esiphilayo nesinamandla esasishintsha ukuphila kwalabo ababesamukela.—Heberu 4:12.
7. Ukwanda kwezwi likaNkulunkulu okukuzEnzo 6:7 kuhlobene nani, futhi kwenzekani ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E.?
7 Indawo yokuqala okukhulunywa kuyo ngokwanda kwezwi likaNkulunkulu ikuzEnzo 6:7. Lapho siyafunda: “Ngenxa yalokho izwi likaNkulunkulu laqhubeka likhula, isibalo sabafundi saqhubeka siphindaphindeka kakhulu eJerusalema; futhi isixuku esikhulu sabapristi saqala ukulalela ukholo.” Lapha, ukukhula kuhlotshaniswa nokwanda kwenani labafundi. Ngaphambili, ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., umoya ongcwele kaNkulunkulu wathululelwa kubafundi abangaba ngu-120 ababebuthanele ekamelweni eliphezulu. Umphostoli uPetru wabe esebeka inkulumo eshukumisayo, futhi abangaba ngu-3 000 kulabo ababeyilalele baba ngamakholwa ngalo lolo suku. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwaba nesiphithiphithi esinjani lapho izinkulungwane zabantu ziya echibini noma emachibini aseJerusalema namaphethelo ziyobhapathizwa egameni likaJesu, indoda eyayibethelwe njengeselelesi ezinsukwini ezingaba ngu-50 ngaphambili!—IzEnzo 2:41.
8. Inani labafundi landa kangakanani eminyakeni yangemva kwePhentekoste lika-33 C.E.?
8 Kodwa-ke, lokho kwakumane kuyisiqalo. Abaholi benkolo bamaJuda baqhubeka bezama ukumisa umsebenzi wokushumayela, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Labo baholi bakhungatheka lapho “uJehova [eqhubeka] enezela [kubafundi] nsuku zonke labo abasindiswayo.” (IzEnzo 2:47) Ngokushesha, “inani lamadoda laba cishe izinkulungwane eziyisihlanu.” Ngemva kwalokho, “abakholelwa eNkosini baqhubeka benezelwa, uquqaba lwakho kokubili amadoda nabesifazane.” (IzEnzo 4:4; 5:14) Mayelana nokwenzeka kamuva, siyafunda: “Ngempela, ibandla kulo lonke elaseJudiya naseGalile naseSamariya langena enkathini yokuthula, lakhiwa; futhi njengoba lalihamba ekumesabeni uJehova nasenduduzweni yomoya ongcwele laqhubeka liphindaphindeka.” (IzEnzo 9:31) Ngemva kweminyaka ethile, mhlawumbe ngo-58 C.E., kwakhulunywa ‘ngezinkulungwane [eziningi] zamakholwa.’ (IzEnzo 21:20) Ngaleso sikhathi, kwase kukhona namakholwa amaningi angabeZizwe.
9. Ungawachaza kanjani amaKristu okuqala?
9 Lokhu kwanda kwamanani kwakubangelwa ukuguquka kwabantu ngokuyinhloko. Le nkolo yayiyintsha—kodwa yayishukumisa. Kunokuba babe ngamalungu esonto azithelé ngabandayo, abafundi babezinikele ngokugcwele kuJehova naseZwini lakhe, njengoba kwezinye izimo babefunde iqiniso kubantu ababeshushiswa ngonya. (IzEnzo 16:23, 26-33) Labo ababamukela ubuKristu benza kanjalo ngenxa yesinqumo sabo esicatshangisisiwe nesiqotho. (Roma 12:1) Babefundisiwe ngezindlela zikaNkulunkulu; iqiniso lalisezingqondweni nasezinhliziyweni zabo. (Heberu 8:10, 11) Babezimisele ukukufela ababekukholelwa.—IzEnzo 7:51-60.
10. Yimuphi umthwalo wemfanelo amaKristu okuqala awamukela, futhi yikuphi ukufana okukhona namuhla?
10 Labo abamukela imfundiso yobuKristu babewuqaphela umthwalo wabo wemfanelo wokuhlanganyela iqiniso nabanye. Lokhu kwaba nomthelela ngokuqondile ekwandeni okwengeziwe kwamanani. Esinye isazi seBhayibheli sathi: “Ukuxoxa ngenkolo kwakungabhekwa njengelungelo labashiseka kakhulu kuphela noma lomvangeli omiswe ngokomthetho. Ukushumayela ivangeli kwakuyilungelo nesibopho selungu ngalinye leBandla. . . . Ukusakazeka okuzenzakalelayo komphakathi wamaKristu uwonke kwayifaka ugqozi zibekwa nje le nhlangano.” Waqhubeka ebhala: “Ukushumayela ivangeli kwakuyisinkwa samaKristu okuqala.” Kunjalo nakumaKristu eqiniso namuhla.
Ukwanda Kwamazwe
11. Luhlobo luni lokwanda oluchazwe kuzEnzo 12:24, futhi kwenzeka kanjani lokhu?
11 Indawo yesibili okukhulunywa kuyo ngokwanda kweZwi likaNkulunkulu ikuzEnzo 12:24: “Izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi lisakazeka.” Lapha, la mazwi ahlobene nokwanda kwamazwe ayefinyelelwa. Naphezu kokuphikisa kohulumeni, umsebenzi waqhubeka uchuma. Umoya ongcwele waqale wathululwa eJerusalema, izwi labe selisakazeka ngokushesha. Ushushiso eJerusalema lwenza abafundi basakazekela kuzo zonke izindawo eJudiya naseSamariya. Waba yini umphumela? “Labo ababehlakazekile badabula izwe bememezela izindaba ezinhle zezwi.” (IzEnzo 8:1, 4) UFiliphu wayalwa ukuba ashumayeze indoda eyathi ingabhapathizwa, yayisa isigijimi eTopiya. (IzEnzo 8:26-28, 38, 39) Ngokushesha iqiniso lathola izimpande eLida, eThafeni LaseSharoni naseJopha. (IzEnzo 9:35, 42) Kamuva, umphostoli uPawulu wahamba izinkulungwane zamakhilomitha olwandle nangaphandle, emisa amabandla emazweni amaningi aseMedithera. Umphostoli uPetru waya eBabiloni. (1 Petru 5:13) Kungakapheli neminyaka engu-30 kuthululwe umoya ongcwele ngePhentekoste, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi izindaba ezinhle zase ‘zishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu,’ okungenzeka kubhekisela ezweni elalaziwa ngaleso sikhathi.—Kolose 1:23.
12. Abaphikisi bobuKristu bákuvuma bathini ukwanda kwamazwe ayefinyelelwa yizwi likaNkulunkulu?
12 Ngisho nabaphikisi bobuKristu bavuma ukuthi izwi likaNkulunkulu lalithole izimpande kuwo wonke uMbuso WaseRoma. Ngokwesibonelo, izEnzo 17:6 zilandisa ukuthi eThesalonika, enyakatho yeGrisi, abaphikisi bakhamuluka bathi: “Lamadoda agumbuqele umhlaba owakhiwe akhona nalapha.” Ngaphezu kwalokho, ekuqaleni kwekhulu lesibili leminyaka, uPliny Omncane wabhalela umbusi ongumRoma uTrajan eseBithiniya ekhala ngobuKristu. Wathi: “Abugcini emadolobheni kuphela, kodwa sebusakaze ubuthi babo emadolobhaneni nasemaphandleni angomakhelwane.”
13. Ukwanda kwamazwe ayefinyelelwa kwalubonisa kanjani uthando lukaNkulunkulu ngesintu?
13 Lokhu kwanda kwamazwe kwakuwukubonakaliswa kothando lukaJehova olujulile ngesintu esihlengekayo. Lapho uPetru ebona umoya ongcwele uzibonakalisa kuKorneliyu ongoweZizwe, wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Yebo, izindaba ezinhle zaziyisigijimi sabo bonke abantu futhi ziseyiso, kuyilapho ukwanda kwamazwe ayefinyelelwa yizwi likaNkulunkulu kwakunika izizwe ezikuyo yonke indawo ithuba lokusabela othandweni lukaNkulunkulu. Kuleli khulu lama-21, izwi likaNkulunkulu liye lasakazekela ngokoqobo kuzo zonke izingxenye zomhlaba.
Ukwanda Okwakunqoba
14. Luhlobo luni lokwanda okuchazwe kuzEnzo 19:20, futhi yini eyanqotshwa yizwi likaNkulunkulu?
14 Indawo yesithathu okukhulunywa kuyo ngokwanda kwezwi likaNkulunkulu ikuzEnzo 19:20: “Ngendlela enamandla izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi linqoba.” Igama lesiGreki sokuqala elihunyushwe ngokuthi “linqoba” linomqondo “wokusebenzisa amandla.” Amavesi andulelayo alandisa ukuthi abaningi e-Efesu baba ngamakholwa, futhi inani elithile lababenza imilingo lashisa izincwadi zalo phambi kwawo wonke umuntu. Ngakho, izwi likaNkulunkulu lanqoba izinkolelo zenkolo ezingamanga. Izindaba ezinhle zanqoba nezinye izithiyo, njengoshushiso. Kwakungekho lutho olwalungazivimba. Nalokhu sikuthola kufana ngokuphawulekayo nalokho okwenzeka ebuKristwini beqiniso esikhathini sethu.
15. (a) Sabhala sathini esinye isazi-mlando seBhayibheli ngamaKristu okuqala? (b) Abafundi babebheka impumelelo yabo njengebangelwa ngubani?
15 Abaphostoli namanye amaKristu okuqala babememezela izwi likaNkulunkulu ngentshiseko. Sikhuluma ngabo, esinye isazi-mlando seBhayibheli sathi: “Uma abantu befuna ukukhuluma ngeNkosi yabo, abazisweli izindlela zokwenza lokho. Ngempela, ugqozi lwala madoda nabesifazane lusihlaba umxhwele ngaphezu kwezindlela abazisebenzisa.” Noma kunjalo, lawo maKristu okuqala ayeqaphela ukuthi ukuphumelela kwenkonzo yawo kwakungaxhomekile emizamweni yawo kuphela. Ayethunywe ngokwaphezulu ukuba afeze umsebenzi wawo, futhi ayesekelwa ngokwaphezulu njengoba ewenza. Ukwanda okungokomoya kuvela kuNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wakuvuma lokhu encwadini ayibhalela ibandla laseKorinte. Wathi: “Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa. Ngoba siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu.”—1 Korinte 3:6, 9.
Ukusebenza Komoya Ongcwele
16. Yini ebonisa ukuthi umoya ongcwele wanika abafundi amandla okuba bakhulume ngesibindi?
16 Khumbula ukuthi uJesu waqinisekisa abafundi bakhe ukuthi umoya ongcwele wawuyofeza indima ethile ekwandeni kweZwi likaNkulunkulu nokuthi umoya ongcwele wawuyonika abafundi amandla emsebenzini wabo wokushumayela. (IzEnzo 1:8) Kwenzeka kanjani lokhu? Ngemva kwesikhathi esingatheni abafundi bethululelwe umoya ngePhentekoste, uPetru noJohane babizwa ukuba bazokhuluma phambi kweSanhedrini yamaJuda, inkantolo ephakeme kunazo zonke kulelo zwe, emajaji ayo ayenecala ngokubulawa kukaJesu Kristu. Ingabe abaphostoli babeyokwesaba bathuthumele phambi kwalowo mkhandlu onesithunzi nongenamusa? Lutho neze! Umoya ongcwele wanika uPetru noJohane amandla okukhuluma ngesibindi kangangokuthi abaphikisi babo bamangala, “baqala ukubona ukuthi babenoJesu.” (IzEnzo 4:8, 13) Umoya ongcwele wenza noStefanu washumayela ngesibindi kuyiSanhedrini. (IzEnzo 6:12; 7:55, 56) Ngaphambili, umoya ongcwele wawushukumisele abafundi ukuba bashumayele ngesibindi. ULuka uyabika: “Lapho sebenxusile, indawo ababebuthene ndawonye kuyo yanyakaziswa; bonke ngothi lwabo bagcwala umoya ongcwele futhi babekhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.”—IzEnzo 4:31.
17. Umoya ongcwele wabasiza ngaziphi ezinye izindlela abafundi enkonzweni yabo?
17 Ngomoya wakhe ongcwele onamandla, uJehova noJesu ovusiwe, babeqondisa umsebenzi wokushumayela. (Johane 14:28; 15:26) Lapho umoya uthululelwa kuKorneliyu, ezihlotsheni zakhe nakubangane bakhe abaseduze, umphostoli uPetru waqaphela ukuthi abeZizwe abangasokile babengafaneleka ukuba babhapathizwe egameni likaJesu Kristu. (IzEnzo 10:24, 44-48) Kamuva, umoya wafeza indima ebalulekile ekumiseni uBarnaba noSawulu (umphostoli uPawulu) ukuba benze umsebenzi wezithunywa zevangeli nasekubaqondiseni lapho kwakufanele baye noma bangayi khona. (IzEnzo 13:2, 4; 16:6, 7) Waqondisa nabaphostoli namadoda amadala lapho benza izinqumo eJerusalema. (IzEnzo 15:23, 28, 29) Umoya ongcwele waqondisa nokumiswa kwababonisi ebandleni lobuKristu.—IzEnzo 20:28.
18. AmaKristu okuqala alubonakalisa kanjani uthando?
18 Ngaphezu kwalokho, umoya ongcwele wazibonakalisa kumaKristu uqobo, waveza izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu ezinjengothando. (Galathiya 5:22, 23) Uthando lwashukumisela abafundi ukuba babelane. Ngokwesibonelo, ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., kwahlelwa isikhwama sokunakekela izidingo ezingokwenyama zabafundi eJerusalema. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Wayengekho oswele phakathi kwabo; ngoba bonke labo ababengabanini bamasimu noma bezindlu babethengisa ngakho futhi balethe amanani ezinto ezithengisiwe futhi babewabeka ezinyaweni zabaphostoli. Kwakube sekwabelwa lowo nalowo, kuye ngesidingo sakhe.” (IzEnzo 4:34, 35) Lolu thando alugcinanga kumakholwa andawonye kodwa lwenabela nakwabanye, ngokuhlanganyela nabo izindaba ezinhle nangezinye izenzo zomusa. (IzEnzo 28:8, 9) UJesu wathi uthando lokuzidela lwaluyoveza abalandeli bakhe. (Johane 13:34, 35) Ngokuqinisekile, imfanelo ebalulekile yothando yadonsela abantu kuNkulunkulu futhi yaba nomthelela ekwandeni ekhulwini lokuqala njengoba kunjalo nanamuhla.—Mathewu 5:14, 16.
19. (a) Yiziphi izindlela ezintathu izwi likaJehova elanda ngazo ekhulwini lokuqala? (b) Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?
19 Inkulumo ethi ‘umoya ongcwele’ ivela izikhathi ezingu-41 sezizonke encwadini yezEnzo. Kusobala ukuthi ukwanda kwamaKristu eqiniso ekhulwini lokuqala kwakuhlobene eduze namandla nesiqondiso somoya ongcwele. Inani labafundi landa, izwi likaNkulunkulu lasakazekela endaweni enkulu futhi lanqoba izinkolo namafilosofi angaleso sikhathi. Lokhu kwanda kwekhulu lokuqala kuyafana nalokho okwenzeka emsebenzini woFakazi BakaJehova namuhla. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngokwanda kwezwi likaNkulunkulu okumangalisa ngendlela efanayo ezikhathini zanamuhla.
Uyakhumbula?
• Abafundi bokuqala banda kangakanani ngamanani?
• Izwi likaNkulunkulu lasakazekela kanjani kwamanye amazwe?
• Izwi likaNkulunkulu lanqoba kanjani ekhulwini lokuqala?
• Umoya ongcwele wafeza yiphi indima ekwandeni kweZwi likaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 12]
UFiliphu washumayeza umTopiya, okwasakaza izindaba ezinhle nakwamanye amazwe
[Isithombe ekhasini 13]
Umoya ongcwele waqondisa abaphostoli namadoda amadala eJerusalema
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Upper right corner: Reproduction of the City of Jerusalem at the time of the Second Temple - located on the grounds of the Holyland Hotel, Jerusalem