-
IGuadeloupeINcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995
-
-
Abanye ababeba khona emihlanganweni yaleloqembu ngokushesha benza iqiniso laba elabo. Ngakho, ngo-September 1940, uMfoweth’ uWinston wabhapathiza abantu abangu-7 eMfuleni iLa Lézarde, ngasePetit-Bourg. Kodwa kungani kwaba semfuleni kuyilapho kunezingu eziningi ezifinyeleleka kalula? Abazalwane babecabanga ukuthi kwakufaneleka kakhudlwana. UJesu uqobo wabhapathizwa eMfuleni iJordani, akunjalo? Yebo, okudingekayo nje ngempela yinoma imaphi amanzi amaningi umuntu angacwiliswa kuwo.a
-
-
IGuadeloupeINcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995
-
-
a Qhathanisa nezEnzo 2:41, ezilandisa ngokubhapathizwa kwabantu abangu-3 000, ngokusobala hhayi eMfuleni iJordani—okwakuyodingeka ukuba ababezobhapathizwa bahambe ibanga lamakhilomitha angu-30 beya kuwo—kodwa emadanyini aseJerusalema noma ngakhona.
-