-
“Ngidlulisela Icala KuKesari!”INqabayokulinda—2001 | Disemba 15
-
-
Ngaphambili, umPristi Ophakeme u-Ananiya, amadoda amadala amaJuda benoTertulu babebeke uPawulu icala phambi kukaFeliksi lokuthi ‘ungumuntu owuhlupho nobhebhezela ukuvukela umbuso phakathi kwamaJuda.’ Bathi wayengubhongoza “wehlelo lamaNazaretha” nokuthi walinga ukungcolisa ithempeli.—IzEnzo 24:1-6.

AmaJuda ayecabanga ukuthi okwakufundiswa uPawulu kwakungebona ubuJuda noma inkolo engokomthetho (religio licita). Kunalokho, kwakufanele kubhekwe njengokungekho emthethweni futhi okuphendukezelayo.
Aphinda futhi athi uPawulu ‘wayebhebhezela ukuvukela umbuso phakathi kwawo wonke amaJuda emhlabeni wonke owakhiwe.’ (IzEnzo 24:5) UMbusi uKlawudiyu wayesanda kusola amaJuda ase-Aleksandriya ‘ngokubhebhezela ukhukhulela-ngoqo womqedazwe kuwo wonke umhlaba.’ Kukhona okushaya amanzi ngokufana okunje. Isazi somlando, u-A. N. Sherwin-White sithi: “Yilona kanye icala owawungalibeka umJuda phakathi nokuBusa kukaKlawudiyu noma eminyakeni yokuqala kaNero. AmaJuda ayezama ukunxenxa umbusi ukuba aqonde ukushumayela kukaPawulu njengokwakuphazamisa inhlalakahle yomphakathi wabo bonke abantu abangamaJuda balowo Mbuso. Ayazi ukuthi ababusi babengakuthandi ukulahla umuntu ngecala ngesimanga nje samacala angokwenkolo, yingakho azama ukulisonta leli cala elingokwenkolo laba elezombangazwe.”
-