-
“Ngidlulisela Icala KuKesari!”INqabayokulinda—2001 | Disemba 15
-
-
Ngaphambili, umPristi Ophakeme u-Ananiya, amadoda amadala amaJuda benoTertulu babebeke uPawulu icala phambi kukaFeliksi lokuthi ‘ungumuntu owuhlupho nobhebhezela ukuvukela umbuso phakathi kwamaJuda.’ Bathi wayengubhongoza “wehlelo lamaNazaretha” nokuthi walinga ukungcolisa ithempeli.—IzEnzo 24:1-6.
Abahlaseli bakaPawulu bokuqala babecabanga ukuthi wayengene nomuntu weZizwe onguTrofimu egcekeni elalingelamaJuda kuphela.a (IzEnzo 21:28, 29) Empeleni, nguTrofimu lona owayemangalelwa ngokungena endaweni engamfanele. Kodwa uma amaJuda ayengahumusha isenzo sikaPawulu njengokulekelela noma ukuvuna ukona, nakho lokho kwakungabhekwa njengecala lokulengiswa. Futhi kubonakala sengathi iRoma ibikuvumela ukuthola isigwebo sentambo ngaleli cala. Ngakho-ke, ukube uPawulu wayebanjwe amaphoyisa ethempeli lamaJuda kungabanga uLisiya, iSanhedrini ngabe yamqulisa yona futhi yamgweba kwangaba ndaba zalutho.
-
-
“Ngidlulisela Icala KuKesari!”INqabayokulinda—2001 | Disemba 15
-
-
a Kwakuneguma elihlotshisiwe lamatshe elaliyizingalo ezintathu ukuphakama, lihlukanisa iGceke labeZizwe negceke elingaphakathi. Njalo ngezikhathi ezithile, kwakuba nezixwayiso kulolu donga, ezinye zibhalwe ngesiGreki ezinye ngesiLatini, ezithi: “Makungangeni noyedwa owezizwe ngaphakathi kwalo mngcele nothango oluzungeze indawo engcwele. Noma ubani oyobanjwa uyothwala ukufa kwakhe.”
-