Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa
    INqabayokulinda—2013 | Julayi 15
    • 8. Ababesanda kuba amakholwa ngePhentekoste babonisa kanjani ukuthi babewubona ngokucacile umzila uKristu ayewusebenzisa?

      8 Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., uKristu ovusiwe wasebenzisa abaphostoli bakhe njengomzila wokondla bonke abanye abafundi bakhe abagcotshiwe. (Funda izEnzo 2:41, 42.) AmaJuda namaproselithe aba ngamaKristu agcotshwe ngomoya ngalolo suku awubona ngokucacile lowo mzila. Ngaphandle kokunqikaza, ‘aqhubeka ezinikela ekufundiseni kwabaphostoli.’ Ngokwesinye isazi, isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “baqhubeka bezinikela” singasho “ukwethembeka ngokuqinile nokunamathela enkambweni ethile.” Lawo makholwa amasha ayekulambele kakhulu ukudla okungokomoya, futhi ayazi ngokuqondile ukuthi ayezokuthola kuphi. Ngokwethembeka okungantengantengi, alindela abaphostoli ukuba bachaze amazwi nezenzo zikaJesu futhi bawakhanyisele imiBhalo ephathelene naye.c—IzE. 2:22-36.

  • Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa
    INqabayokulinda—2013 | Julayi 15
    • c Isigaba 8: Iqiniso lokuthi labo ababesanda kukholwa “baqhubeka bezinikela ekufundiseni kwabaphostoli” lisikisela ukuthi abaphostoli babehlale befundisa. Ezinye zezimfundiso zabaphostoli zalotshwa ezincwadini eziphefumulelwe eseziyingxenye yemiBhalo YamaKristu YesiGreki.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela