‘Egameni Lomoya Ongcwele’
“Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni . . . likaMoya oNgcwele.”—MATHEWU 28:19.
1. Yimaphi amazwi amasha uJohane uMbhapathizi awasebenzisa ngokuphathelene nomoya ongcwele?
NGONYAKA ka-29 weSikhathi sethu Esivamile, uJohane uMbhapathizi wayematasa kwaIsrayeli elungiselela uMesiya indlela, futhi phakathi nenkonzo yakhe, wamemezela okuthile okusha ngokuqondene nomoya ongcwele. Yebo, kakade amaJuda ayesekwazi lokho imiBhalo YesiHeberu eyayikusho ngokuphathelene nomoya. Nokho, kungenzeka amangala lapho uJohane ethi: “Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube-ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami . . . uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.” (Mathewu 3:11) ‘Ukubhapathizwa ngomoya ongcwele’ kwakuyinkulumo entsha.
2. Iyiphi inkulumo entsha ehilela umoya ongcwele eyashiwo uJesu ngokokuqala ngqá?
2 Lowo owayeza kwakunguJesu. Phakathi nokuphila kwakhe kwasemhlabeni, uJesu akazange abhapathize muntu ngokoqobo ngomoya ongcwele, nakuba akhuluma ngomoya izikhathi eziningi. Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuvuka kwakhe, wabhekisela emoyeni ongcwele ngenye futhi indlela entsha. Watshela abafundi bakhe: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.” (Mathewu 28:19) Amazwi athi “egameni lika-” asho ukuthi “kuqashelwa u-.” Ukubhapathizwa emanzini kuqashelwa uYise, iNdodana, nomoya ongcwele kwakumelwe kwehluke ekubhapathizweni ngomoya ongcwele. Nakho kwakuyinkulumo entsha ehilela umoya ongcwele.
Ukubhapathizwa Ngomoya Ongcwele
3, 4. (a) Ukubhapathizwa ngokokuqala ngqá ngomoya ongcwele kwenzeka nini? (b) Ngaphandle kokubabhapathiza, umoya ongcwele wasebenza kanjani kubafundi bakaJesu ngePentekoste lika-33 C.E.?
3 Ngokuqondene nokubhapathizwa ngomoya ongcwele, uJesu wathembisa abafundi bakhe ngaphambi nje kokwenyuka kwakhe: “Nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.” (IzEnzo 1:5, 8) Ngokushesha ngemva kwalokho, lesosithembiso sagcwaliseka. Umoya ongcwele wehlela phezu kwabafundi abangaba ngu-120 ababehlangene ekamelweni eliphezulu eJerusalema njengoba uJesu, esezulwini, ayebhapathiza ngokokuqala ngqá ngomoya ongcwele. (IzEnzo 2:1-4, 33) Kwaba namuphi umphumela? Labobafundi baba yingxenye yomzimba kaKristu ongokomoya. Njengoba umphostoli uPawulu echaza, ‘ngamoya munye bonke babhapathizelwa emzimbeni munye.’ (1 Korinte 12:13) Ngesikhathi esifanayo, bagcotshwa ukuze babe amakhosi nabapristi besikhathi esizayo eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. (Efesu 1:13, 14; 2 Thimothewu 2:12; IsAmbulo 20:6) Umoya ongcwele wasebenza futhi njengophawu lokuqala nesibambiso salelofa elikhazimulayo lesikhathi esizayo, kodwa akugcinanga lapho.—2 Korinte 1:21, 22.
4 Eminyakeni embalwa ngaphambili, uJesu wayethe kuNikodemu: “Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu. . . . Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.” (Johane 3:3, 5) Manje abantu abangu-120 base bezelwe kabusha. Ngomoya ongcwele, base bemukelwe njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya, abafowabo bakaKristu. (Johane 1:11-13; Roma 8:14, 15) Yonke lemisebenzi yomoya ongcwele ngendlela yayo ehlukile imangalisa ukwedlula izimangaliso. Ngaphezu kwalokho, ngokungafani nezimangaliso zangaphambili, umoya ongcwele awuzange uphele ngemva kokufa kwabaphostoli kodwa uye waqhubeka usebenza ngalendlela kwaze kwaba sosukwini lwethu. Kuyilungelo loFakazi BakaJehova ukuthi phakathi kwabo kube nabokugcina bamalungu abhapathizwe ngomoya omzimba kaKristu, futhi laba bakhonza ‘njengenceku ethembekileyo neqondayo’ ukuze balungiselele ukudla okungokomoya ngesikhathi sakho esifanele.—Mathewu 24:45-47.
Ukubhapathizwa “Egameni . . . LikaMoya ONgcwele”
5, 6. Ukubhapathizwa ngokokuqala ngqá ngomoya ongcwele kwaholela kanjani obhapathizweni lwamanzi?
5 Kodwa kuthiwani ngobhapathizo lwamanzi olwathenjiswa olwaluyokwenziwa egameni likaYise, eleNdodana, nelomoya ongcwele? Labobafundi bokuqala ababhapathizwa ngomoya abazange baluthole ubhapathizo olunjalo lwamanzi. Base belutholile kakade ubhapathizo lwamanzi lukaJohane, futhi njengoba lwalwamukeleka kuJehova ngalesosikhathi, kwakungadingeki ukuba baphinde babhapathizwe. Kodwa ngePentekoste lika-33 C.E., isixuku esikhulu semiphefumulo saluthola ubhapathizo olusha lwamanzi. Kwenzeka kanjani lokhu?
6 Ukubhapathizwa kwabangu-120 ngomoya ongcwele kwakuphelezelwe umsindo omkhulu owaheha izixuku. Lezixuku zazimangele ngokuzwa abafundi bekhuluma ngezilimi, okungukuthi, ngezilimi zezinye izizwe ezaziqondwa yilabo ababekhona. Umphostoli uPetru wachaza ukuthi lesimangaliso sasiwubufakazi bokuthi uJesu, owayevusiwe kwabafileyo futhi manje owayesehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu ezulwini, wayethulule umoya kaNkulunkulu. UPetru wakhuthaza izilaleli zakhe: “Indlu yonke yakwaIsrayeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina.” Khona-ke waphetha ngokuthi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.” Kwasabela imiphefumulo ecishe ibe ngu-3 000.—IzEnzo 2:36, 38, 41.
7. Kungayiphi indlela abangu-3 000 ababhapathizwa ngePentekoste lika-33 C.E. babhapathizwa egameni likaYise, eleNdodana, nelomoya ongcwele?
7 Ingabe kungashiwo yini ukuthi laba babhapathizwa egameni (kuqashelwa u-) likaYise, eleNdodana, nelomoya ongcwele? Yebo. Nakuba uPetru engabatshelanga ukuba babhapathizwe egameni likaYise, kakade uJehova babemqaphela njengeNkosi Ebusayo, njengoba babengamaJuda emvelo, amalungu esizwe esasizinikezele kuYe. UPetru washo ukuthi: ‘Nibhapathizwe egameni leNdodana.’ Ngakho ukubhapathizwa kwabo kwabonisa ukuqaphela kwabo uJesu njengeNkosi noKristu. Manje base bengabafundi bakhe futhi bekwamukela ukuthi ukuthethelelwa kwezono kusukela ngalesosikhathi kwakutholakala ngaye. Okokugcina, ubhapathizo lwalubonisa ukuqaphela umoya ongcwele, futhi lwenziwa ekusabeleni esithembisweni sokuthi babeyokwamukela umoya njengesipho.
8. (a) Ngaphezu kobhapathizo lwamanzi, yiluphi olunye ubhapathizo oluye lwatholwa amaKristu agcotshiwe? (b) Ngaphandle kwabangu-144 000 obani abathola ubhapathizo lwamanzi egameni lomoya ongcwele?
8 Labo ababhapathizwa emanzini ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E. babhapathizwa futhi nangomoya, begcotshwa njengamakhosi nabapristi besikhathi esizayo eMbusweni wasezulwini. Ngokwencwadi yesAmbulo, laba bangu-144 000 kuphela. Ngakho labo ababhapathizwa ngomoya ongcwele futhi ekugcineni ‘babekwe uphawu’ njengezindlalifa zoMbuso bangu-144 000 kuphela. (IsAmbulo 7:4; 14:1) Nokho, bonke abafundi abasha—kungakhathaliseki ukuthi liyini ithemba labo—babhapathizwa emanzini egameni likaYise, eleNdodana, nelomoya ongcwele. (Mathewu 28:19, 20) Khona-ke, ukubhapathizwa egameni lomoya ongcwele kubonisani ngawo wonke amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi ‘angawomhlambi omncane’ noma ‘awezinye izimvu’? (Luka 12:32; Johane 10:16) Ngaphambi kokuba sikuphendule lokho, ake siphawule eminye yemisebenzi yomoya enkathini yobuKristu.
Izithelo Zomoya
9. Yimuphi umsebenzi womoya ongcwele obalulekile kuwo wonke amaKristu?
9 Umsebenzi obalulekile womoya ongcwele uwukusisiza ukuba sihlakulele ubuntu bobuKristu. Yiqiniso, ngenxa yokungapheleli asinakukwazi ukugwema ukona. (Roma 7:21-23) Kodwa lapho siphenduka ngobuqotho, uJehova uyasithethelela ngesisekelo somhlatshelo kaKristu. (Mathewu 12:31, 32; Roma 7:24, 25; 1 Johane 2:1, 2) Ngaphezu kwalokho, uJehova ulindele ukuba silwe nokuthambekela kwethu esonweni, futhi umoya ongcwele uyasisiza ukuba senze lokhu. “Hambani ngoMoya,” kusho uPawulu, “khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.” (Galathiya 5:16) UPawulu waqhubeka ebonisa ukuthi umoya ungaveza izimfanelo ezinhle kakhulu kithina. Wabhala: “Izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.”—Galathiya 5:22, 23.
10. Izithelo zomoya zivela kanjani kumKristu?
10 Umoya uziveza kanjani izithelo ezinjalo kumKristu? Azizenzekeli ngenxa nje yokuthi singamaKristu azinikezele nabhapathiziwe. Kumelwe sizisebenzele. Kodwa uma siba nobudlelwano namanye amaKristu abonisa lezimfanelo, uma sithandaza kuNkulunkulu ukuba umoya wakhe usisize sihlakulele izimfanelo ezithile, uma sigwema abangane ababi futhi sitadisha iBhayibheli ukuze sithole iseluleko nezibonelo ezinhle, khona-ke izithelo zomoya ziyokhula kithina.—IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33; Galathiya 5:24-26; Heberu 10:24, 25.
Ukumiswa Umoya Ongcwele
11. Iyiphi indlela abadala abamiswa ngayo umoya ongcwele?
11 UPawulu, lapho ekhuluma nabadala base-Efesu, wakhuluma ngomunye umsebenzi womoya ongcwele lapho ethi: “Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeké kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe-ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.” (IzEnzo 20:28) Yebo, ababonisi bamabandla, noma abadala, bamiswa umoya ongcwele. Ngayiphi indlela? Ngokuthi abadala abamisiwe kumelwe bahlangabezane nezimfanelo ezihlelwe eBhayibhelini eliphefumlelwe. (1 Thimothewu 3:1-13; Thithu 1:5-9) Lezozimfanelo bangazihlakulela kuphela ngosizo lomoya ongcwele. Ngaphezu kwalokho, indikimba yabadala etusa umdala omusha ithandazela isiqondiso somoya ongcwele ukuze ithole ukuthi uyahlangabezana yini nalezo zimfanelo noma cha. Futhi ukumiswa okungokoqobo kwenziwa ngaphansi kokuqondisa kwenceku ethembekileyo neqondayo egcotshwe ngomoya.
Qondiswa Umoya
12. Umoya ungasithonya kanjani ngeBhayibheli?
12 AmaKristu ayakuqaphela ukuthi imiBhalo Engcwele yalotshwa ngethonya lomoya ongcwele. Ngakho, ayayihlolisisa ukuze athole ukuhlakanipha okuphefumlelwe ngomoya, njengoba kwenza ofakazi bakaJehova bangaphambi kobuKristu. (IzAga 2:1-9) Ayayifunda, azindle ngayo, futhi ayivumele ukuba iqondise ukuphila kwawo. (IHubo 1:1-3; 2 Thimothewu 3:16) Kanjalo asizwa umoya ukuba ‘ahlolisise okujulileyo kukaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10, 13; 3:19) Ukuqondisa izinceku zikaNkulunkulu ngalendlela kuwumsebenzi obalulekile womoya kaNkulunkulu esikhathini sethu.
13, 14. Yini uJesu ayisebenzisa ukuze asingathe izinkinga ebandleni, futhi ukwenza kanjani okufanayo namuhla?
13 Ngaphezu kwalokho, encwadini yesAmbulo, uJesu ovusiwe wathumela izigijimi emabandleni ayisikhombisa aseAsia Minor. (IsAmbulo, izahluko 2 no-3) Kuzona wembula ukuthi wayehlole amabandla futhi wabona isimo sawo esingokomoya. Wathola ukuthi amanye ayebeka isibonelo esihle sokholo. Kwamanye, abadala babeye bavumela umoya wamahlelo, ukuziphatha okubi, nokuba sivivi ukuba konakalise umhlambi. Ibandla laseSardesi, ngaphandle kwemiphefumulo embalwa ethembekile, lalifile ngokomoya. (IsAmbulo 3:1, 4) UJesu wazisingatha kanjani lezinkinga? Ngomoya ongcwele. Lapho enikeza iseluleko emabandleni ayisikhombisa, isigijimi sikaJesu esimweni ngasinye sasiphetha ngamazwi athi: “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.”—IsAmbulo 2:7, 11, 17, 29; 3:6, 13, 22.
14 Nanamuhla, uJesu uhlola amabandla. Futhi lapho ethola izinkinga, usazisingatha ngomoya ongcwele. Umoya ungasisiza ukuba siqaphele futhi sinqobe izinkinga ngokufunda kwethu iBhayibheli ngokuqondile. Usizo singaluthola futhi nangezincwadi zeBhayibheli ezikhishwa inceku ethembekileyo neqondayo egcotshwe ngomoya. Noma lungatholakala kubadala abamiswa ngomoya ebandleni. Kunoma yikuphi, kungakhathaliseki ukuthi iseluleko sibhekiswe kubantu ngabanye noma ebandleni lilonke, ingabe siyawalalela amazwi kaJesu: “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya”?
Umoya Nomsebenzi Wokushumayela
15. Umoya wasebenza kanjani kuJesu ngokuphathelene nomsebenzi wokushumayela?
15 Ngesinye isikhathi lapho uJesu eshumayela esinagogeni eNazaretha, wabonisa omunye futhi umsebenzi womoya. Umbhalo uyasitshela: “Wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwé kuyo ukuthi: UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: Namhla nje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.” (Luka 4:17, 18, 21; Isaya 61:1, 2) Yebo, uJesu wayegcotshwe ngomoya ongcwele ukuba ashumayele izindaba ezinhle.
16. Ekhulwini lokuqala leminyaka, umoya ongcwele wawuhileleke kanjani ngokujulile ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle?
16 Ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wabikezela umkhankaso omkhulu wokushumayela okwakumelwe kwenziwe abalandeli bakhe. Wathi: “Ivangeli limelwe ukushunyayelwa . . . ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Lamazwi agcwaliseka okokuqala ekhulwini lokuqala leminyaka, futhi ingxenye eyafezwa umoya ongcwele yayiphawuleka. Kwakuwumoya ongcwele owaqondisa uFiliphu ukuba ashumayeze umthenwa waseTopiya. Umoya ongcwele waqondisa uPetru kuKorneliyu, futhi umoya ongcwele wanikeza isiqondiso sokuba uPawulu noBarnaba bathunywe njengabaphostoli baseAntiyokiya. Kamuva, lapho uPawulu efuna ukushumayela eAsiya naseBithiniya, umoya ongcwele ngandlela-thile wamvimbela. UNkulunkulu wayefuna ukuba umsebenzi wokufakaza uye eYurophu.—IzEnzo 8:29; 10:19; 13:2; 16:6, 7.
17. Namuhla, umoya ongcwele uhileleke kanjani emsebenzini wokushumayela?
17 Namuhla, umoya ongcwele uphinde wahileleka kakhulu emsebenzini wokushumayela. Kokunye ukugcwaliseka kukaIsaya 61:1, 2, umoya kaJehova uye wagcoba abafowabo bakaJesu ukuba bashumayele. Ekugcwalisekeni kokugcina kukaMarku 13:10, laba abagcotshiwe, besizwa isixuku esikhulu, baye bashumayela izindaba ezinhle “ezizweni zonke.” (IsAmbulo 7:9) Futhi umoya uyabasekela bonke kulokhu. Njengasekhulwini lokuqala leminyaka, uvula amasimu amasha futhi uqondise intuthuko evamile yomsebenzi. Uqinisa abantu ngabanye, ubasiza ukuba banqobe uvalo futhi bathuthukise amakhono abo okufundisa. Ngaphezu kwalokho, uJesu watshela abafundi bakhe: “Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube-ngubufakazi kubo nakwabezizwe. Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, . . . Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.”—Mathewu 10:18-20.
18, 19. Iyiphi indlela umoya ohlanganyela ngayo nomlobokazi ekumemeni abanezinhliziyo ezithobekile ukuba ‘bathabathe amanzi okuphila ngesihle’?
18 Encwadini yesAmbulo, iBhayibheli liyaphinda ligcizelela ukuhileleka komoya ongcwele emsebenzini wokushumayela. Lapho umphostoli uJohane uyabika: “UMoya nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.” (IsAmbulo 22:17) Umlobokazi, emelelwe ngabasasele kwabangu-144 000 abasesemhlabeni, umema bonke ukuba bathabathe amanzi okuphila ngesihle. Kodwa phawula, umoya ongcwele nawo uthi “Woza!” Ngayiphi indlela?
19 Ngokuthi isigijimi esishunyayelwa isigaba somlobokazi—namuhla esisizwa isixuku esikhulu sezinye izimvu—sivela eBhayibhelini, elalotshwa ngaphansi kwethonya eliqondile lomoya ongcwele. Futhi lowomoya ofanayo uye wavula izinhliziyo nezingqondo zesigaba somlobokazi ukuze siqonde iZwi eliphefumlelwe futhi silichazele abanye. Labo ababhapathizwa njengabafundi abasha bakaJesu Kristu bayakujabulela ukuthabatha amanzi okuphila ngesihle. Futhi kubahlaba umxhwele ukubambisana nomoya kanye nomlobokazi ekuthini “Woza!” nakwabanye. Namuhla, abangaphezu kwezigidi ezine bahlanganyela nomoya kulomsebenzi.
Ukuphila Ngokuvumelana Nobhapathizo Lwethu
20, 21. Singaphila kanjani ngokuvumelana nokubhapathizwa kwethu egameni lomoya ongcwele, futhi kufanele silubheke kanjani lolubhapathizo?
20 Ukubhapathizwa egameni lomoya ongcwele kuyisimemezelo sasobala sokuthi siyawuqaphela umoya ongcwele futhi siyayivuma indima onayo ezinjongweni zikaJehova. Kusikisela ukuthi siyobambisana nomoya, singenzi lutho oluyovimbela ukusebenza kwawo phakathi kwabantu bakaJehova. Ngaleyondlela, siqaphela futhi sibambisana nenceku ethembekileyo neqondayo. Siyabambisana nelungiselelo labadala ebandleni. (Heberu 13:7, 17; 1 Petru 5:1-4) Siphila ngokuhlakanipha okungokomoya, hhayi okungokwenyama, futhi sivumela umoya ukuba ulolonge ubuntu bethu, ubenze bube njengobukaKristu. (Roma 13:14) Futhi sihlanganyela ngomphefumulo wonke nomoya kanye nomlobokazi ekuthini “Woza!” ezigidini okusengenzeka zisabele.
21 Yeka ukuthi kuyinto engathi sína kangakanani ukubhapathizwa ‘egameni lomoya ongcwele’! Nokho, yeka izibusiso ezingaba umphumela! Kwangathi inani lalabo ababhapathizwa kanjalo lingaqhubeka landa. Futhi kwangathi sonke singaqhubeka siphila ngokuvumelana nalokho okushiwo yilolobhapathizo, njengoba sikhandlekela uJehova futhi siqhubeka ‘sivutha emoyeni.’—Roma 12:11.
Yini Oyikhumbulayo Ngomoya Ongcwele?
◻ Iyiphi indlela umoya ongcwele owasebenza ngayo ngePentekoste lika-33 C.E.?
◻ Singaziveza kanjani izithelo zomoya?
◻ Kungaziphi izindlela abadala abamiswa ngazo umoya ongcwele?
◻ UJesu uzisingatha kanjani izinkinga ebandleni ngomoya ongcwele?
◻ Umoya uhileleke kanjani ngokujulile emsebenzini wokushumayela?
[Isithombe ekhasini 15]
Ubhapathizo olwalushunyayelwa uPetru nalo lwalwenziwa egameni likaYise nelomoya ongcwele
[Isithombe ekhasini 17]
Umoya uhileleke ngokujulile ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle