-
“Izikhathi Zokubuyiselwa” Ziseduze!INqabayokulinda—2000 | Septhemba 1
-
-
LESO sabelo sasingeke siqedwe ngezinsuku, ngamasonto, noma ngezinyanga ezimbalwa nje. Nokho, ngaphandle kokuthandabuza, abafundi baqala ukushumayela. Kodwa abazange baphelelwe isithakazelo endabeni yokubuyiselwa. Umphostoli uPetru wakhuluma ngayo eqenjini elikhulu elalibuthene eJerusalema, ethi: “Phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu, ukuze izinkathi zokuqabuleka zifike zivela ebusweni bukaJehova nokuba anithumelele uKristu omiselwe nina, uJesu, lowo izulu, ngempela, okumelwe limgcine kulo kuze kube izikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele besikhathi sasendulo.”—IzEnzo 3:19-21.
-
-
“Izikhathi Zokubuyiselwa” Ziseduze!INqabayokulinda—2000 | Septhemba 1
-
-
Njengoba umphostoli uPetru asho esixukwini esasiseJerusalema, izulu ‘lamgcina kulo uJesu.’ Lokhu kwakunjalo kwaze kwaba u-1914, lapho uJesu ethatha amandla akhe obukhosi futhi eqala ukubusa njengeNkosi kaNkulunkulu emisiwe. Ngaleso sikhathi, uPetru wabikezela ukuthi uJehova ‘wayezothumela’ iNdodana yakhe ngomqondo wokuthi wayezovumela uJesu ukuba afeze indima yakhe njengomuntu oyinhloko ezinjongweni zikaNkulunkulu. IBhayibheli lichaza lesi senzakalo ngolimi olungokomfanekiso: ‘Futhi [inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini] yabeletha indodana, owesilisa, [uMbuso kaNkulunkulu ezandleni zikaJesu Kristu] ozokwelusa izizwe zonke ngenduku yensimbi.’—IsAmbulo 12:5.
-