Ukwenza Konke Kube Kusha
‘Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Bheka, ngenza konke kube-kusha. Wathi: Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.”—ISAMBULO 21:5.
1, 2. (a) Imuphi umbuzo uSolomoni awuphakamisa ezinkulungwaneni ezintathu zeminyaka ezidlule? (b) Yini, namuhla, ebonakala iphikisana namazwi kaSolomoni?
“AKUKHO okusha phansi kwelanga.” Lawo amazwi eNkosi ehlakaniphile uSolomoni. Eqhubeka, wabuza: “Kukhona yini into okuthiwa ngayo: Bheka, intsha le.” (UmShumayeli 1:9, 10) Singawuphendula kanjani lowombuzo namuhla?
2 Ingabe isayensi nezobuchwepheshe akuzange yini kulethe izinto eziningi ezintsha phakathi nalelikhulu lama-20 leminyaka? Ake ubheke nje izwe lezokuhamba, nezindiza zalo, izimoto zalo ezinamandla, nezitimela zalo ezinejubane elimangalisayo. Khona-ke kunentuthuko emangalisayo kwezokuxhumana, ukusetshenziswa kwamasatellite ajikelezayo, nokucitshwa kwemikhumbimkhathi eye yathumela ngokoqobo abantu enyangeni. Futhi kuthiwani ngezimpahla zesimanje zasekhishini, amafuliji, nemishini yokuwasha okuhlobisa amakhaya amaningi kangaka? Abanye abantu bangase bathambekele ekutheni, ‘Phela, yonke into yintsha phansi kwelanga!’
3. Isiphi isimo esishaqisayo esiye savela khona lapha “phansi kwelanga”? (Luka 21:25, 26; IHubo 53:1)
3 Kodwa ake ume kancane! Kunento futhi efihlekile, ephazamisa kakhulu, ebonakala phansi kwelanga. Yini leyo? Phela, umhlaba uye waba yikamu elihlomile! Lokhu kwaqala ngo-1914 lapho kugqashuka iMpi Yezwe I. Ngokokuqala ngqa, izibhamu ezingontuluntulu, izindiza zempi, ombayimbayi, nemikhumbi-ngwenya kwasetshenziswa empini. Esikhathini esingaphansi kweminyaka engama-30 kwalandela iMpi Yezwe II. Yayibhubhisa ukuphila nempahla izikhathi eziphindwe kane kunempi yezwe yokuqala. Yasebenzisa ngokwesabekayo izikhali ezibulala ngokwengeziwe—izinto ezijikeleza amalangabi, amabhomu enapalm, futhi ekugcineni ibhomu leathomu—ungqá phambili wezikhali zenuzi zobudemoni manje ezisongela khona kanye ukuphila kwesintu lapha emhlabeni.
4. (a) USolomoni wayebhekisele kusiphi isisekelo lapho ekhuluma ngokuthi “akukho okusha”? (b) Ukuhlakanipha nothando lukaNkulunkulu lusobala kanjani kulokho akwenzile nasazokwenza “phansi kwelanga”?
4 Khona-ke, singasho yini ngempela ukuthi “akukho okusha phansi kwelanga”? Yebo, singasho, ngoba konke lokhu kuvela esisekelweni sezwe lezinto ezibonakalayo lelo isintu ebesiphila kulo njalo. Ngisho noma umuntu eqhumisa izikhali zehydrogen, akukusha. Ukuhlanganiswa kwehydrogen bekulokhu kuqhubeka ngaphakathi elangeni izinkulungwane zezigidi zeminyaka. Lona ngumthombo wokuvutha okuhlala njalo kwamandla akhanyisayo, afudumezayo, futhi aqabula umhlaba wethu. Ukukhanya kwelanga futhi kusebenzelana nombala oluhlaza wezitshalo, kwakhe oshukela nezitashi eziwumthombo oyisisekelo wokudla kwezinto eziphilayo ezingenakubalwa ezisizungezile. Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uMdali womhlaba ohlakaniphe kakhulu walungiselela lokhu kukhishwa kwamandla enuzi okulawuliwe, okuwusizo emhlabeni wethu! (IHubo 104:24) Nakuba abantu abangamesabi uNkulunkulu beceba ukusebenzisa izikhali zenuzi ekubulaleni abantu abaningi, ngokujabulisayo uNkulunkulu ‘uzobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
5. (a) Kungani uSolomoni ayeqinisile lapho ethi: “Akukho okusha phansi kwelanga”? (b) Indlela yokuphila yomuntu ongaphelele ivumelana kanjani namazwi kaSolomoni?
5 USolomoni wayeqinisile lapho ethi: “Akukho okusha phansi kwelanga.” Ngoba akukho lutho olusha ngezinto zokusebenza, umthombo wamandla, nemithetho yemvelo okwakha isisekelo sesimiso sezinto esingokoqobo somhlaba. Se kunesikhathi eside lokhu kuyingxenye yendalo kaNkulunkulu. (IHubo 24:1; IsAmbulo 4:11) Akukho okusha ekuphumeni nasekushoneni kwelanga, ezindleleni zesimo sezulu, nasemjikelezweni ongokwemvelo wokunisela nokuvuselela umhlaba. Futhi ngokuqondene nendlela yokuphila yomuntu ongaphelele ofayo, akukho ngempela okusha, naphezu kwezimfashini ezishintshayo. Ngisho nasemiphakathini ecebile, ukuphila ngabaningi kuba okuphindaphindekayo, futhi ekuhambeni kwesikhathi kube “okudinayo. ” Eminyakeni engama-70 noma engama-80, umuntu ongcoliswe yisono ‘uya endlini yakhe yokugcina’—ithuna. Njengoba uSolomoni ekubeka: “Okwake kwaba-khona yikho okuyakubakhona, nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga.”—UmShumayeli 1:4-9; 12:5.
“Isidalwa Esisha” Phansi Kwelanga
6. (a) Kungani indalo entsha ebonakalayo kungamelwe ilindelwe esikhathini esiseduze esizayo? (b) Kukanjani futhi kunini lapho uJehova aqhubeka waletha okuthile “okusha phansi kwelanga”?
6 Kuyiqiniso, ngendlela engokoqobo “akukho okusha phansi kwelanga”; futhi uJehova ngeke ayilethe imikhiqizo emisha yezinto ezibonakalayo phakathi nolwamanje usuku lweminyaka eyizi-7 000 lokuphumula emisebenzini yakhe yendalo. Kodwa okuthile okusha kuye kwavela phansi kwelanga. Nini? Kwakungonyaka ka-2 B.C.E. lapho ingelosi kaJehova ibonakala ngokushesha kubelusi abathobekile eduze kwaseBetlehema ukuba yenze isimemezelo esisha ngokumangalisayo. Yathi: “Bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakubakubantu bonke ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.” Khona-ke uquqaba lwezingelosi ezingcwele lwahlanganyela nayo ekudumiseni uNkulunkulu nokuthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”—Luka 2:8-14.
7. (a) Iyiphi into entsha eyenzeka ekubhapathizweni kukaJesu? (b) UJesu wayivula kanjani indlela yezinye izenzakalo?
7 Eneminyaka engama-30, loMsindisi wabhapathizwa emanzini aseJordani. Ngokushesha, enye into entsha yenzeka phansi kwelanga. ULuka 3:21, 22 uyichaza ngalamazwi: “Ekhuleka [uJesu], izulu lavuleka, uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” Ngalesosikhathi uJesu waba “isidalwa esisha,” iNdodana kaNkulunkulu ezelwe ngomoya. (2 Korinte 5:17) Phakathi neminyaka emithathu nengxenye eyalandela, uJesu wanikeza ubufakazi obunamandla ngoMbuso kaNkulunkulu eqoqa abafundi bakhe bokuqala. Khona-ke, ngo-33 C.E., ngemva kokufa kwakhe okuwumhlatshelo nokuvuka kwakhe njengomoya, uJesu wabonakala “ebusweni bukaNkulunkulu” ukuze avule indlela yezinye izenzakalo ezimangalisayo khona lapha “phansi kwelanga.”—Heberu 9:24; 1 Petru 3:18.
8. “Isidalwa esisha” salethwa kanjani?
8 Ngosuku lwePentekoste ngalowonyaka, uJesu waqala ukuthululela umoya ongcwele phezu kwabafundi bakhe abathembekile, ebonisa ukuthi base belethwe ebunyeni naye njengamadodana kaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu ukhuluma ‘ngalesidalwa esisha’ kweyesi-2 Korinte 5:17, 18, ethi: “Uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okokuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha. Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana.”
9. Iyiphi injongo “isidalwa esisha” esayigcwalisa?
9 Umphostoli uPetru ukhuluma ‘nalesidalwa esisha,’ ethi: “Niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.”’ (1 Petru 2:9) Ngesikhathi bulapha emhlabeni, ubupristi bobukhosi bamemezela ngentshiseko “ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu” ehlangene nezinjongo zoMbuso wakhe. Labo ‘balesidalwa esisha’ abaqeda inkambo yabo yasemhlabeni ngobuqotho, bavuswa ngemva kokuba uJesu esefikile ethempelini likaJehova.—IzEnzo 2:11; Roma 8:14-17; Malaki 3:1, 2.
‘Ukuphindukuzalwa’
10. (a) UJesu wathini “ngokuphindukuzalwa”? (b) Yini labo ‘besidalwa esisha’ abamenyelwa ukuyihlanganyela?
10 Nokho, ingabe ‘lesidalwa esisha’ esiqala ngoJesu Kristu siwukuphela kwento ‘entsha’ ebonakala “phansi kwelanga”? Lutho neze! Ngesikhathi eselapha emhlabeni, uJesu watshela abafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli.” (Mathewu 19:28) “Umhlambi omncane” wabafundi bakaJesu abavivinyiwe futhi bavunyelwa—abayizi-144 000 babo—ngaleyondlela bamenyelwa ukuhlanganyela noJesu eMbusweni wakhe futhi ‘bahlale ezihlalweni ukuze bahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli.’—Luka 12:32; 22:28-30; IsAmbulo 14:1-5.
11. Iziphi izici ezimbili zomhlatshelo kaJesu ezafanekiselwa uSuku Lokubuyisana, futhi kanjani?
11 Khona-ke, zingobani ‘lezizwe eziyishumi nambili’? Ilungiselelo loSuku Lokubuyisana uJehova alenza ku Israyeli wasendulo linikeza umqondo. Unyaka ngamunye, ngosuku lweshumi ngenyanga yesikhombisa, kwakudingeka ukuba umpristi omkhulu anikele ngenkunzi ibe umnikelo wesono “azenzele yena nendlu yakhe.” Lokhu kwafanekisela umhlatshelo kaJesu njengoba wasetshenziswa ‘endlini yakhe’ yabapristi abangaphansi kwakhe. Kodwa kuthiwani ngamanye amaIsrayeli? Ngokulandelayo umpristi omkhulu wayenza inkatho ngezimpongo ezimbili. Enye yalezi wayeyihlaba ibe “impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu.” Ngemva kokuvuma izono zabantu ngempongo yesibili, wayeyithumela ehlane. Ukusetshenziswa kwalezimpongo ezimbili ngalendlela kwafanekisela ukuthulula kukaJesu igazi lokuphila kwakhe njengomhlatshelo nokususa kwakhe ngokuphelele izono zabo bonke abanye besintu ngaphandle kwalezo zabendlu yakhe yobupristi.—Levitikusi 16:6-10, 15.
12. Esinye isichazamazwi senaba kanjani ngencazelo yelithi “ukuphindukuzalwa”?
12 “Izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli” zinencazelo efanayo kuMathewu 19:28. Lapha ukusebenza kwayo kudlulela ngale kwabapristi bakaJesu abangaphansi kwakhe abazelwe ngomoya kuhlanganise sonke isintu. IAn Expository Dictionary of New Testament Words, ngoW. E. Vine, ichaza igama lesiGreki elisetshenziswe lapha elisho “ukuphindukuzalwa,” elithi pa·lin·ge·ne·siʹa, ngokuthi “ukuzalwa okusha . . . ukuvuselelwa okungokomoya,” futhi iyanezela: “KuMat[hewu] 19:28 leligama lisetshenziswe ngomqondo obanzi enkulumweni yeNkosi, ‘yokubuyiselwa kwakho konke’ (IzEnzo 3:21, R.V.), lapho, njengomphumela wokuZa Kwesibili kukaKristu, uJehova ‘ebeka iNkosi yaKhe entabeni yaKhe engcwele yaseSiyoni’ (IHu. 2:6) . . . Ngaleyondlela kuzofezwa ukukhululwa kwezwe emandleni nasekukhohliseni kukaSathane nakubabusi bezizwe abashiqelayo nabangabaphikukristu.”
13. (a) Yini izinguqulo ezihlukahlukene zeBhayibheli eziyibonisayo ngencazelo yelithi pa·lin·ge·ne·siʹa? (b) Ngakho yini ezokwenzeka “phansi kwelanga”?
13 Ngokuvumelana nalokhu, izinguqulo zeBhayibheli lapha zihumusha elithi pa·lin·ge·ne·siʹa ngokwehlukahlukana njengokuthi: ukuvuselelwa, izwe elisha, ukuzalwa okusha, izwe elizalwe kabusha, izwe elizayo, iNdalo Entsha, uhlelo olusha lokuphila, inkathi entsha. Ingabe uyawuthola umqondo walokho? “Izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli,” ezimelela bonke abantu besintu, kumelwe zahlulelwe uKristu nabapristi bakhe abanga phansi kwakhe abathembekile. Lokhu kuzoba sekuvumelaneni nokuvuselelwa, ukwenziwa busha okuhle kwakho konke lokho uJehova akuhlosele lomhlaba, khona lapha “phansi kwelanga.”
“Izikhathi Zokubuyiselwa”
14. (a) NgokwezEnzo 3:20, 21, uJesu kumelwe alindeleni? (b) Kukanjani futhi kuni ni lapho uJesu ebekwa khona njengeNkosi?
14 Lokho kuvuselelwa kwenzeka nini? KuzEnzo 3:20, 21, uPetru ukhuluma ‘ngoJesu okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kubeyizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.’ Lokhu kubhekisela ekulindeni kukaJesu ngakwesokunene sikaNkulunkulu emazulwini kuze “kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.” (Luka 21:24; IHubo 110:1, 2) Khona-ke, ngo-1914, ngempela uJehova ‘uyayibeka iNkosi yakhe eSiyoni, intaba yakhe engcwele.’ Khona-ke ikuphi ukubuyiselwa okwenzekayo?—IHubo 2:6.
15. (a) Yini eyenzeka “phansi kwelanga” ngemva kokubekwa kukaJesu esihlalweni sobukhosi? (b) Uye wagcwaliseka kanjani uMathewu 25:31-34 noIsaya 11:6-9?
15 Okokuqala, kubonakala into entsha phansi kwelanga, ngokuthi abapristi bakaKristu abangaphansi kwakhe abathembekile abasele—abokugcina ‘abayisidalwa esisha’—bayaqoqwa futhi bahlelelwa umsebenzi ‘wokushumayela lezi zindaba ezinhle zoMbuso omisiwe.’ Ngemva kwalokho, “isixuku esikhulu . . . sivela kuzo zonke izizwe” siqoqelwa ukulondolozwa “osizini olukhulu.” (Mathewu 24:14; IsAmbulo 7:9, 14) Manje iNkosi esesihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu, ihlukanisa abanye kwabanye, “njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi.” “Izimvu” yilabo abazibonakalisa bethanda ukwenza ukulunga eNkosini nakubafowabo abazelwe ngomoya ‘abayisidalwa esisha.’ Ngakho-ke lezi “zimvu” zimenyelwa ukudla ifa lokuphila okuphakade emagcekeni asemhlabeni oMbuso kaJehova. Kakade, sezijabulela ipharadesi elingokomoya elibuyiselwe lapha emhlabeni.—Mathewu 25:31-34, 46; Isaya 11:6-9.
16. (a) Ikuphi ukwahlulela okuqhubekayo manje? (b) Ikuphi okunye ukwahlulela okuzokwenzeka ngemva kweArmagedoni?
16 Ukwahlulelwa kwezizwe ‘nokwezimvu’ kulesikhathi kuveza ukufanelekela ukusinda phakathi ‘nosizi olukhulu.’ (Mathewu 24:21, 22) Nokho, ingabe lokhu kuwukwahlulela okubhekiselwe kukho kuMathewu 19:28? Cha, ngoba okunye ukwahlulela kumelwe kwenziwe uKristu nabapristi bakhe abangaphansi kwakhe ngemva kwalolosizi. Kuwukwahlulelwa ‘kwezizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli’ ezingokomfanekiso, abantu abangesibo abobupristi bobukhosi. Inombolo “yeshumi nambili” ibonisa ukuphelela kwalabo besintu abazokwahlulelwa. Lokhu kuhlanganisa abasinde “osizini olukhulu,” noma iyiphi inzalo abangase babe nayo, nezinkulungwane zezigidi zesintu eziyolethwa emhlabeni ngovuko.
17. Obani abayokwahlulelwa ngalesosikhathi, futhi ngokwamiphi ‘imisebenzi’?
17 Ngokuqondene nalokhu, uPawulu kuzEnzo 17:31 uthi uNkulunkulu “umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu [uKristu Jesu] ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.” “Umhlaba owakhiwe” wangemva kweArmagedoni, owenziwa yiso sonke isintu esiyobe sisemhlabeni, ngeke wahlulelwe ngokwezono ezidlule ezenziwa phakathi nesimiso sezinto samanje. Kunalokho, ‘bayakwahlulelwa njengokwemisebenzi yabo’ eyenziwe emhlabeni omusha njengoba bezuza elungiselelweni lesihlengo likaKristu.—IsAmbulo 20:13; Mathewu 20:28; 1 Johane 2:2.
18. (a) Njengoba kuboniswe kuIsaya, yini eyobonakala ngalesosikhathi “phansi kwelanga”? (b) Khona-ke imaphi amazwi esithembiso ayogcwaliseka, futhi yini esingayilindela esikhathini esiphakade esingaphambili? (Roma 8:21)
18 Yeka izinto ezimangalisayo eziyobonakala phansi kwelanga ngalesosikhathi! Ipharadesi elingokomoya liyokwenaba libe yipharadesi elingokoqobo, kugcwaliseke injongo kaJehova yasekuqaleni ngalomhlaba. UNkulunkulu wethu usitshela ukuthi ‘umhlaba uyisenabelo sezinyawo zakhe,’ indawo okumelwe akhulekelwe kuyo, futhi uthi: “Ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami. ” (Isaya 66:1; 60:13) Ngakho lapha phansi kwelanga, umhlaba uzokwenziwa ipharadesi elikhazimulayo, ingadi yenjabulo, lapho isintu esiphelele, esinokuthula, nesinobunye siyodumisa khona phakade uNkulunkulu waso noMdali. “Athembekile, aqinisile” amazwi kaJehova ajabulisayo esithembiso: “Bheka, ngenza konke kube-kusha”! (IsAmbulo 21:5) Futhi esikhathini esiphakade esingaphambili, yeka indalo entsha emangalisayo uNkulunkulu wethu onothando angase ayilethe khona lapha phansi kwelanga ukuze ajabulise umkhaya wakhe wesintu!
Ubungaphendula Kanjani Ngokuqondene Nezenzakalo ‘Eziphansi Kwelanga’?—
◻ Kungamuphi umqondo ‘kungekho okusha’?
◻ “Isidalwa esisha” sivela nini futhi kanjani?
◻ Kuhilelani “ukuphindukuzalwa”?
◻ Ziqhubeka kanjani “izikhathi zokubuyiselwa,” futhi kuba namuphi umphumela omuhle?
[Isithombe ekhasini 26]
Yeka amazwi ashaqisayo okuyiwo ngalokho okubizwa ngokuthi impucuko ukuthi izwe manje lichitha isamba esikhulu samaRandi ayizigidi eziyi-4,2 ngezikhali umzuzu ngamunye! Lokhu kungaphezu kokwanele ukuba kondle, kugqokise, futhi kulungiselele izindawo zokuhlala bonke labo bohlanga lwesintu abaphila ngobumpofu namuhla. Ngakolunye uhlangothi, amabhomu anamandla alingana nawamathani eTNT ayi-1 000 anqwatshelwanisiwe angabhubhisa bonke abantu abasemhlabeni—izinkulungwane eziyizigidi eziyi-5 zethu—ngokuphindwe izikhathi eziyi-12. Futhi kubikwa ukuthi ingxenye yesigidi yabantu abangongqondo—ngqondo bomhlaba iqashelwa ukwakha izikhali zokubulala ezibhubhisa ngisho nangokwengeziwe.
[Umthombo]
U.S. Army photo