Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • “Ungowesifazane Omuhle”
    INqabayokulinda (Yomphakathi)—2017 | No. 3
    • U-Abrahama wafika kuSara echichima injabulo. Wayengakukholwa okwakusanda kwenzeka. UNkulunkulu wabo wayebonakale kuye, wakhuluma naye esebenzisa ingelosi. Lapho uSara ezwa lokho wabuza: “Utheni? Ngicela ungitshele!” Njengoba elindele impendulo, amehlo akhe ayethe njo kuye. Mhlawumbe u-Abrahama wahlala phansi ezama ukubuyisa ingqondo; wabe esemtshela lokho uJehova akushilo: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho uye ezweni engizokutshengisa lona.” (IzEnzo 7:2, 3) Lapho sebeqedile ukuhalalisa, baxoxa ngesabelo ababesinikwe uJehova. Babezoshiya ukuphila kwabo okuntofontofo, bahambe behlala! Wayezokwenzenjani uSara? Cishe u-Abrahama wambukisisa umkakhe elindele ukuzwa ukuthi ucabangani. Wayezomsekela yini kulolu shintsho olukhulu kangaka ekuphileni kwabo?

      Isinqumo uSara okwakufanele asenze singezwakala sidida kithi namuhla. Singase sicabange, ‘UNkulunkulu akakaze athi mina noma engishade naye asenze into efana nale!’ Noma kunjalo, akwenzeki yini sonke kudingeke senze isinqumo esifanayo? Siphila ezweni elenza sinake kakhulu ukunethezeka, izinto esinazo nenhlala-kahle yethu ngaphezu kwezinye izinto. Kodwa iBhayibheli lithi ubuhlobo bethu noNkulunkulu nokufuna ukumjabulisa kumele kube yizinto ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwethu. (Mathewu 6:33) Njengoba sicabanga ngalokho uSara akwenza, singase sizibuze, ‘Yisiphi isinqumo engizosithatha ngokuphila kwami?’

  • “Ungowesifazane Omuhle”
    INqabayokulinda (Yomphakathi)—2017 | No. 3
    • Wayezokwenzenjani ngomndeni wakhe? Obani uSara ayezobashiya ngemuva? Kufanele ukuba wawunzima kuye umyalo kaNkulunkulu othi, “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho.” Lona wesifazane onobungane kufanele ukuba wayenobhuti nosisi nezingane zabo kanye no-anti nomalume ayesondelene nabo okwakungenzeka angaphinde ababone. Noma kunjalo, uSara walungela ukuhamba.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela