-
Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
6. Silalela umyalo kaNkulunkulu wokuba sishumayele
Ngekhulu lokuqala abaphikisi bazama ukuyekisa abalandeli bakaJesu ukushumayela. AmaKristu okuqala alivikela ilungelo lawo lokushumayela ‘ngokumisa ngokomthetho izindaba ezinhle.’ (Filipi 1:7) OFakazi BakaJehova benza okufanayo nanamuhla.a
Fundani izEnzo 5:27-42, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani singeke siyeke ukushumayela?—Bheka amavesi 29, 38, no-39.
-
-
Kusho Ukuthini Ukungathathi Hlangothi?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
Kusho Ukuthini Ukungathathi Hlangothi?
UJesu wafundisa ukuthi abalandeli bakhe akufanele babe “ingxenye yezwe.” (Johane 15:19) Lokhu kusho ukungathathi hlangothi kwezepolitiki nasezimpini zezwe. Eqinisweni, akulula ngaso sonke isikhathi ukungathathi hlangothi. Singase sigconwe ngenxa yalokho. Singahlala kanjani singathathi hlangothi futhi sibe qotho kuJehova uNkulunkulu?
1. AmaKristu eqiniso ababheka kanjani ohulumeni babantu?
AmaKristu ayabahlonipha ohulumeni. Senza njengoba uJesu asho, ‘sibuyisela izinto zikaKhesari kuKhesari’—okusho ukuthi silalela imithetho yezwe enjengethi asikhokhe izintela. (Marku 12:17) IBhayibheli lifundisa ukuthi ohulumeni babantu babusa kuphela ngenxa yokuthi uJehova uyabavumela ukuba babuse. (Roma 13:1) Ngakho, siyaqonda ukuthi ohulumeni babantu banegunya elincane kunelikaNkulunkulu. Sithembele kuNkulunkulu wethu naseMbusweni wakhe wasezulwini ukuba axazulule izinkinga zabantu.
2. Singabonisa kanjani ukuthi asithathi hlangothi?
NjengoJesu, asingeni kwezepolitiki. Lapho abantu bebona esinye sezimangaliso zikaJesu futhi bezama ukumenza abe inkosi yasemhlabeni, akabavumelanga. (Johane 6:15) Kungani? Kungoba, njengoba asho kamuva, “uMbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Johane 18:36) Njengabafundi bakaJesu, sibonisa ngezindlela eziningana ukuthi asithathi hlangothi. Ngokwesibonelo, asiyi empini. (Funda uMika 4:3.) Siyazihlonipha izimpawu zesizwe ezinjengamafulege kodwa asizikhonzi. (1 Johane 5:21) Asisekeli iqembu lepolitiki noma umholi walo futhi asiphikisani nalo. Ngalezi zindlela nezinye, sibonisa ukuthi siqotho kuhulumeni kaNkulunkulu—uMbuso wakhe.
FUNDA OKWENGEZIWE
Ake sihlole izimo ezingase zenze kube nzima ukuba singathathi uhlangothi, ubone nokuthi ungazenza kanjani izinqumo ezizojabulisa uJehova.
3. AmaKristu eqiniso awathathi hlangothi
UJesu nabalandeli bakhe basibekela isibonelo. Fundani eyabaseRoma 13:1, 5-7 neyoku-1 Petru 2:13, 14. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Kungani kufanele sihloniphe ohulumeni babantu?
Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyazithoba kubo?
Lapho kunempi, ezinye izizwe zingase zithi aziluthathi uhlangothi, kodwa zisize womabili amaqembu alwayo. Kusho ukuthini ukungathathi hlangothi kwangempela? Fundani uJohane 17:16. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO bese nixoxa ngalo mbuzo olandelayo.
Kusho ukuthini ukungathathi hlangothi?
Kuthiwani uma ohulumeni babantu befuna senze into engqubuzana nomthetho kaNkulunkulu? Fundani izEnzo 5:28, 29. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Uma umthetho wabantu uphikisana nokaNkulunkulu, umthetho kabani okufanele siwulalele?
Zikhona yini izimo ozicabangayo lapho amaKristu kungadingeka angabalaleli ohulumeni babantu?
4. Imicabango nezenzo zethu makungathathi hlangothi
Fundani eyoku-1 Johane 5:21. Ngemva kwalokho, dlalani IVIDIYO bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Kule vidiyo, kungani u-Ayenge anquma ukungalijoyini iqembu lepolitiki noma ukuhlanganyela emikhosini yesizwe, enjengokushayela ifulege indesheni?
Ucabanga ukuthi kwakuyisinqumo esihle leso asenza?
Yiziphi ezinye izimo ezingenza kube nzima ukuba singathathi uhlangothi? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Singahlala kanjani singathathi hlangothi lapho amazwe eqhudelana kwezemidlalo?
Singahlala kanjani singathathi hlangothi ngisho noma izinqumo ezenziwa abezepolitiki zithinta thina uqobo?
Izinto esizizwa ezindabeni noma kubantu esizihlanganisa nabo zingaba namuphi umthelela ekungathathini kwethu uhlangothi?
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Yini ndaba ungalishayeli ifulege indesheni noma ucule iculo lesizwe?”
Ubungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
AmaKristu eqiniso alwa kanzima ukuze angathathi hlangothi kwezepolitiki ngemicabango, ngamazwi nangezenzo.
Ufundeni?
Yini okulindeleke ukuba siyenzele ohulumeni babantu?
Kungani singathathi hlangothi kwezepolitiki?
Yiziphi izimo ezingenza kube nzima ukuba singathathi hlangothi?
HLOLA OKWENGEZIWE
Yiziphi izinto okungase kudingeke sizidele ukuze sihlale singathathi hlangothi?
Yini imindeni engayenza ukuze izilungiselele kusengaphambili izimo ezingenza kube nzima ukuba ingathathi hlangothi?
Ukulondoloza Ukungathathi-hlangothi Emibuthwaneni Yomphakathi (4:25)
Kungani ukuvikela izwe kungeyona into ebaluleke kunazo zonke umuntu angayenza nengamenza ahlonishwe kakhulu?
Funda ukuthi ungahlala kanjani ungeyona ingxenye yezwe lapho wenza izinqumo eziphathelene nomsebenzi.
“Yilowo Nalowo Uyothwala Owakhe Umthwalo” (INqabayokulinda, Mashi 15, 2006)
-
-
Ungakwazi Ukukhuthazela Lapho UshushiswaPhila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
5. Qhubeka ukhonza uJehova naphezu kokushushiswa
Kudinga isibindi ukukhonza uJehova lapho abanye bezama ukusiyekisa. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Yini ekuqinisayo ngezibonelo ezikule vidiyo?
Fundani izEnzo 5:27-29 neyamaHebheru 10:24, 25. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:
Kungani kubaluleke kangaka ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ngisho noma umsebenzi wokushumayela noma imihlangano ibekelwe imingcele?
-