Qaphela Ukusebenzisa Kabi Amandla
“Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.”—IZAGA 8:13.
1. Iyiphi enye indlela inhliziyo yomuntu ongaphelele ezibonisa ngayo ukuthi iyakhohlisa?
NGOKUNGANGABAZEKI ukusetshenziswa kabi kwamandla kuphakathi kwezindlela ezimbi uJehova uNkulunkulu azizondayo. IZwi laKhe liyaseluleka ngalokhu kuthambekela kwabantu abangaphelele, ngoba uyayiqonda inhliziyo yomuntu. Siyafunda: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na? Mina-Jehova ngivivinya inhliziyo, ngihlola izinso ukuba nginike, kube-yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengezithelo zezenzo zakhe.”—Jeremiya 17:9, 10.
2. Yini amandla athambekele ukuyenza kulabo abanawo?
2 Ngesizathu esihle iZwi likaNkulunkulu lisixwayisa ngokusebenzisa kabi amandla. Kunokuthambekela okukhulu kokusebenzisa kabi amandla kangangokuthi isazi esiyiNgisi saphawula: “Amandla athambekele ekonakaliseni, futhi amandla angenakuphikiswa onakalisa ngokuphelele.” Sabuye saphawula: “Phakathi kwazo zonke izimbangela ezehlisa futhi zonakalise abantu, amandla ayimbangela ehlala njalo futhi esebenza kakhulu.” Yebo, amandla ngokwawo awanalo ithonya elonakalisayo, njengoba sibonile esihlokweni esidlule, kodwa ikhona ingozi yalokho.
3. Kukuziphi izici zomsebenzi womuntu lapho amandla angase asetshenziswe kabi khona, futhi kungani lokhu kungenzeka?
3 Ubani okumelwe aqaphele angasebenzisi kabi amandla? Wonke umuntu! Cishe kubo bonke ubuhlobo babantu kunezimo lapho omunye umuntu eba negunya phezu kwabanye ngenxa yengcebo, imfundo, amandla angokomzimba, isikhundla, ukukhanga okungokomzimba, nokunye. Lapho igunya lakho phezu kwabanye lilikhulu, kulapho isilingo sokulisebenzisa ngobugovu sisikhulu. Ngani? Ngoba “imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Genesise 8:21) Yebo, inhliziyo yomuntu engaphelele “iyakhohlisa,” iyaphamba, noma iyadukisa, futhi ithambekele ebubini.—Jeremiya 17:9.
Abadala AbangamaKristu
4. Isiphi iseluleko esihle uJetiro asinikeza uMose, esasibonisa ukuqaphela isilingo esihambisana nokuthola amandla negunya?
4 Okokuqala, cabanga ngabadala, ababonisi abasebandleni lobuKristu. Lapho sicabanga ngezimfanelo zabo, singakhumbula amazwi kaJetiro kuMose ngokuqondene nokukhetha amadoda ayezophatha izinkulungwane, amakhulu, amashumi ayisihlanu, namashumi: “Wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile.” (Eksodusi 18:21) Amadoda anjalo angaphathiswa umsebenzi wokwengamela. Ayengenakuwasebenzisa kabi amalungelo afana nesikhundla sokwengamela, ngoba ukwesaba uNkulunkulu kusho ukuzonda okubi. Ngokuqinisekile amadoda anjalo ayeyobe “ezonda inzuzo engalungile” kunokuba ayifune noma ayithande.
5. Kungani iseluleko esikweyoku-1 Petru 5:2, 3 sifaneleke kangaka, futhi singasetshenziswa kanjani?
5 Umphostoli uPetru wayeyiqaphela ingozi yokusebenzisa kabi kwabadala amandla, ngakho-ke simthola eluleka ababonisi ebandleni lobuKristu: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi-ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi-ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo, kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe-yizibonelo zomhlambi.” (1 Petru 5:2, 3) Ukwalusa umhlambi kaNkulunkulu ngenxa yenzuzo embi kwakuyoba ukusebenzisa kabi amandla. Ngokufanayo, ukuzenza amakhosi phezu komhlambi kwakuyoba ukusebenzisa ngobugovu amandla omuntu. Ngokwesibonelo, umdala angase abe nemibono ethile ngendlela afuna umkhaya wakhe ugqoke ngayo. Kodwa kudingeka aqaphele angazami ukubekela umhlambi imibono yakhe siqu enjalo; ukwenza kanjalo kuyoba ukuzenza inkosi phezu kwawo.
6. Iyini inepotism, futhi abadala bangase babe kanjani necala layo?
6 Uma abadala bengaqapheli, bangaba necala lokukhetha izihlobo, okuyoba futhi ukusebenzisa kabi amandla. Ukukhetha izihlobo? Yebo, lokhu kuhunyushwe egameni lesiNgisi elithi nepotism elivela kwelesiLatini elisho “abashana.” Lasetshenziswa ngenxa yesiko elibi lopapa nezinye iziphathimandla zesonto lokunikeza izihlobo zabo futhi ikakhulukazi abantwana babafowabo noma odadewabo amalungelo angokwenkolo nangokwenyama. UPapa Nicholas III wayaziwa ngisho ‘nanjengenzalamizi yokunikeza izikhundla zobupapa ezihlotsheni zakhe.’ Uma abadala abangamaKristu bengaqapheli ngempela, bangase bathonywe ngokungafanele ubuhlobo bomkhaya kunokuba bathonywe izimiso ezingokomoya. Omunye umdala wayenomuzwa onamandla wokuthi indodana yakhe kwakumelwe ituswe njengombonisi nakuba abanye abadala babengavumi. Ngakho-ke ubaba wathuthela kwelinye ibandla. Eminyakeni ethile kamuva indodana yayiselokhu ingeyena umdala. Ngokusobala, ubaba wayevumele ukuthonywa ubuhlobo begazi.
7, 8. Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi inepotism ingaba yingozi yangempela kubadala?
7 Okunye ukusetshenziswa kabi kwamandla ngendlela yokukhetha izihlobo kubonakala lapho abadala behluleka ukuthatha isinyathelo ngobubi obenziwa izihlobo zabo. (Qhathanisa neyoku-1 Samuweli 2:22-25, 30-35.) Eminyakeni embalwa edlule, kwakunesimo esishaqisayo sobubi emabandleni athile eUnited States ephakathi. Muva nje lesimo siye saba khona emabandleni athile abaMhlophe. Abasha abaningi babehileleke ekuhlobongeni, ekusebenziseni kabi imilaliso nokunye. Iningi lalaba lalingabantwana babadala, abathile babo ngokusobala babegubuzela ukuziphatha kabi kwabantwana babo. Lapho amaqiniso evela obala, iningi labadala lagudluzwa ngenxa yokusebenzisa kabi kwalo ilungelo labo njengabadala, noma ngokuqondile, ngenxa yokuhluleka kwabo ukusebenzisa amandla abo ngokufanele.
8 Ngezinye izikhathi, kubonakala kunokuthambekela kulokhu lapho umdala noma inceku ekhonzayo esingatha izingxenye ezidinga ukuhlanganyela kwezilaleli emihlanganweni. Kumelwe aqaphele ukuba agweme ukukhetha. Amalungu omkhaya wakhe angabambisana naye kulokhu ngokuba aqaphele ukuba anikeze impendulo lapho abanye behluleka ukuphendula futhi angabi ashisekela kakhulu ukuphendula lapho abanye abaningi bethanda ukuphendula.
Abameleli Abajikelezayo
9. Ikuphi ukusetshenziswa kabi kwamandla okwaziwa ngokuthi isimony, futhi kungani kubizwa kanjalo?
9 AmaKristu asezikhundleni ezibalulekile, ikakhulukazi abameleli abajikelezayo be-Watch Tower Society, kumelwe baqaphele bangabi necala, beqaphela noma bengaqapheli, lalokho okwaziwa ngokuthi Simony (ukuthenga noma ukuthengisa ngamalungelo enkonzo). Leligama (simony) lisuselwa kuSimoni okukhulunywe ngaye kuzEnzo 8:9-24, owaletha imali kubaphostoli ukuze athole isipho sokukwazi ukunikeza abanye umoya ongcwele ngokubabeka izandla. ULuka uyaloba: “UPetru wathi kuye: Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nalifa kulelizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobobubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho.” Lokhu futhi kwakuwumkhuba omubi phakathi kweziphathimandla zeSonto lamaRoma Katolika eminyakeni edlule. Enye iencyclopedia ibika ukuthi “lobugebengu baba obuvame kakhulu eSontweni phakathi nekhulu le-11 nele-12 leminyaka.”
10, 11. Abadala bangaba kanjani izisulu zogibe lokuthenga noma ukuthengisa ngamalungelo?
10 Izinceku zikaJehova zingase zone kanjani kulokhu? Uma zingaqapheli ngempela, zingase zithambekele ekutuseni ukuba umdala abe nesabelo esimisweni somhlangano wesifunda noma somhlangano wesigodi ngenxa yokungenisa izihambi okuhle noma izipho eziningi eziye zazithola kuye. Eqinisweni, kuye kwaba nezimo ezimbalwa lapho umdala aphana ngezipho eziningi futhi ngesikhathi esifanayo wasikisela ukuba anikezwe ilungelo elithile elikhethekile. Ngokusobala labo abanjalo babenganelisiwe ukuziphatha ‘njengabancinyane,’ bashiyele kumoya ongcwele ukuba ushukumisele labo abasezikhundleni ezibalulekile ukuba benze ukumisa okungokwasezulwini. (Luka 9:48) Ngaphansi kwalezozimo izipho ezinjalo ziye zenqatshwa, kanjalo kwabekwa isibonelo esihle sokungasebenzisi kabi isipho samandla. Zonke lezibonelo zibonisa indlela abadala abavelele okumelwe baqaphele ngayo ukuze bagweme ukonakaliswa ukuthenga noma ukuthengisa ngamalungelo!
11 Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi kungase kube okudingekile ngesikhonzi esijikelezayo ukuba sinikeze umdala iseluleko esiqinile. Kodwa uma isikhonzi esijikelezayo besilokhu semukela izipho kulowomdala noma siye sajabulela ukungenisa kwakhe izihambi, singase sikuthole kunzima ukumnikeza iseluleko esiqondile. Ingabe ukucabangela kobugovu kuyosivimbela ukuba senze imisebenzi yaso yokunikeza iseluleko esidingekayo? Ingabe siyobeka izithakazelo ezingokomoya zabazalwane baso ngaphambi kwezinzuzo zaso siqu ezibonakalayo? Yebo, ingabe siyofuna ukuthokozisa uNkulunkulu noma abantu?—Galathiya 1:10.
Emkhayeni
12. Kungasiphi isizathu amadoda kumelwe aqaphele ukuba asebenzise amandla ngokufanelekile?
12 Phakathi emkhayeni, kunesidingo futhi sokuba ilungu ngalinye liqaphele funa lisebenzise kabi amalungelo noma amandla. Indoda, ingase yenze ngendlela yobudlova, yobugovu, yonya, ebonisa ukuntula uzwela, ngenxa yobunhloko bayo, noma ngenxa yamandla ayo amakhulu angokomzimba, noma ngenxa yokuthi yiyo eyondlayo. UPawulu ugcizelela kakhulu ukuthi abafazi kumelwe bathobele amadoda abo. Ngesikhathi esifanayo, utshela amadoda ukuba athande omkawo njengemizimba yawo futhi azimisele ukubafela, njengoba nje noKristu afela ibandla lobuKristu. (Efesu 5:25-33) Iseluleko esinjalo kumelwe sisebenze njengesikhumbuzo ekusebenziseni kabi kwendoda amandla ayo noma amalungelo. Ngemva kokweluleka abafazi ukuba bathobele amadoda abo, umphostoli uPetru uyala amadoda: “Kanjalo, madoda hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.” Yebo, amadoda kumelwe aqaphele ukuba asebenzise amandla awo ngokufanele uma efuna ukuba nobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu.—1 Petru 3:7.
13. (a) Iyiphi imfanelo yabesifazane amadoda aye ayisebenzisa ngobugovu ngezinye izikhathi? (b) Abafazi abanobugovu baye bakubonisa kanjani ukusebenzisa kabi amandla, bephula muphi umyalo ongokomBhalo?
13 Kuye kwaphawulwa ukuthi umngane onothando olujule ngokwengeziwe uxhashazwa yilowo ongenalo olujule kakhulu. Kubonakala kuneqiniso elithile kulokho. Ngokuvamile abafazi banothando olujule ngokwengeziwe kunamadoda abo—uthando lubaluleke kakhulu kubo—futhi amadoda amaningi akusebenzisa ngobugovu lokho. Ngakolunye uhlangothi, abafazi baziwa njengabangathandi ukunikeza amadoda abo okuwafaneleyo uma izifiso zabo zingahlangatshezwa. Eqinisweni, abanye abafazi baye baze benqabe ngokuphelele ukunika amadoda abo okuwafaneleyo. Ngokudabukisayo, ngezinye izikhathi lokho kuye kwanezela ekuphingeni kwendoda. Konke ukwehluleka okunjalo ukulalela iseluleko sikaPawulu esikweyoku-1 Korinte 7:3-5 ngokufanayo kuwukusebenzisa amandla ngobugovu.
14. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi abazali abathile basebenzisa kabi amandla abo kubantwana babo?
14 Iqiniso lokuthi abantwana kumelwe balalele abazali babo eNkosini linikeza abazali babo, ikakhulukazi obaba, amandla phezu kwabo. Ingabe bayowasebenzisa kanjani lamandla? Ngokungacabangi, ngonya, ngokungenaluzwela? Yilokho okwenziwa obaba abaningi bezwe, nomama abathile, ngaleyondlela bandisa “ukulinyazwa kwabantwana ngokwengqondo” okuvamile. NgokweWorld Health, kaJanuary noFebruary 1984, “kunabantwana abaphathwa kabi kuwo wonke umphakathi,” futhi “namuhla kubonakala kunabantwana abaningi kakhulu abaphathwa kabi, baxhashazwe, bathengiswe noma bashiywe, futhi ayikho ingxenye yomhlaba engenakho lokhu.” Omunye umbiko uthi eUnited States ukuxhashazwa kwabantwana kuye kwaba ngaphezu kokuphindwe kabili eminyakeni eyishumi edlule. Ngokuqinisekile konke lokhu kuwukusetshenziswa kabi kwamandla. Ngisho nomzali ongumKristu obengenakucabanga ngokuphatha ngonya umntwana angase abe necala lohlobo oluthile lokuxhaphaza umntwana. Ungabona ukuthi liyini eselulekweni sikaPawulu: “Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” “Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.”—Efesu 6:4; Kolose 3:21.
15, 16. Abantwana bangaba kanjani necala lokusebenzisa kabi amandla, futhi yini edingekayo ngabazali?
15 Nakuba okokuqala kungase kubonakale kungajwayelekile, abantwana nabo bangaba necala lokusebenzisa kabi amandla. Kanjani? Abantwana bangabangela abazali babo ukuba benze okuphambene nezinqumo zabo ezingcono ngenxa yothando abazali babo abanalo ngabo. Umntwana, owaziyo ukuthi ufanelwe isijeziso, angase akhale kalusizi kangangokuba unina angabe esakwazi ukuqhubeka nesijeziso esifanele. Owesifazane osebenza ngezimali ophumelelayo uyaziqhenya ngekhono lakhe lokulawula abathengi, ethi: “Abesifazane bazalwa nalo. Ungayibona indodakazi yami ilawula uyise.”
16 Ngokombiko wephephandaba elithile, “kunesibalo esikhula ngokushaqisayo ‘sabantwana abadakwe amandla’ eNyakatho Melika ababusa futhi balawule ukuphila kwabazali babo.” Nokho, ikhambi alikhona ukweluleka abantwana, kodwa abazali. Abazali kumelwe babonise isimo esinobunye kubantwana babo. Abasha bayashesha ukuthola ukungezwani futhi baqhathe ukuze bathole lokho abakufunayo. Abazali futhi kumelwe bakumelele ngokuqinile lokho okulungileyo, ngesikhathi esifanayo baqinisekise njalo abantwana babo ngothando lwabo. Njengoba kwenza uJehova, abazali abangamaKristu banikeza iseluleko ngenxa yothando.—Heberu 12:5, 6.
Kobunye Ubuhlobo
17. Kungenzeka kanjani ukuba kube nokusetshenziswa kabi kwamandla ebuhlotsheni bomqashi nomqashwa?
17 Ubuhlobo bomqashi nomqashwa nabo buletha izilingo zokusebenzisa kabi amandla. Enalokhu engqondweni, uPawulu waluleka labo abanezinceku, ngandlela-thile abafana nabaqashi banamuhla, ababonisi, abaphathi: “Makhosi, . . . niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.” (Efesu 6:9; Kolose 4:1) AmaKristu engamele izindaba ezingokomsebenzi kumelwe aqaphele angasebenzisi kabi amandla awo. UBowazi wasendulo angase acashunwe njengalowo owayenobuhlobo obuhle nalabo ababemsebenzela.—Ruthe 2:4.
18. Ikuphi ukunakekela abazalwane nodade abangashadile okumelwe babe nakho, ukuze bangabi necala lokusebenzisa kabi amandla?
18 Esinye isici amaKristu okumelwe aqaphele kuso ukuba angasebenzisi kabi amandla, indaba yokukhangeka ngokobulili. Sona kanye isimo esingokwemvelo sodade abasebasha senza abaningi babo bathambekele ekufuneni ukushada futhi bathole abantwana. Ngokomphumela, ngezinye izikhathi abazalwane bangase bakuthole kulula ukudlala ngothando lodade. Ngokuqinisekile lokhu kuwukusebenzisa kabi amandla. UPawulu weluleka uThimothewu: ‘Uphathe abesifazane abadala njengawonyoko, abesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.’ Ngakolunye uhlangothi, abesifazane abangamaKristu belulekwa ukuba ‘bagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda.’ Kungakhathaliseki ukuthi bashadile noma abashadile, kumelwe futhi baqaphele ukubonakalisa “inkambo emhlophe.”—1 Thimothewu 2:9; 5:2; 1 Petru 3:2.
19. Ngaphezu kokubonakalisa ukuhlakanipha, ukwahlulela ngokulunga, nothando, iyiphi enye imfanelo okumelwe sikhathalele ukuyisebenzisa?
19 Ezincwadini zethu ezifundisa ngeBhayibheli kuye kwashiwo okuningi ngokuqondiswa kwamaKristu ngokuhlakanipha kwaphezulu, ngokwahlulela ngokulunga ezenzweni zawo zonke, nangokushukunyiswa uthando olungenabugovu, okuthiwa ia·gaʹpe. Lokhu okwandulelayo kubonisa ukuthi zonke izinceku kumelwe futhi zikhathelele imfanelo, isici, noma ukuba namandla. Akumelwe zilokothe ziwasebenzise kabi, kodwa ziwasebenzise ngokufanele njalo. Ngempela iZwi likaNkulunkulu lembula ukuhlakanipha kwaphezulu eselulekweni elisinikezayo kulokhu. Ngokulalela ngokunakekela iseluleko esinjalo, siyoletha udumo egameni likaJehova, siyoba isibusiso kwabanye, futhi siyozuza ukuvunyelwa uNkulunkulu.
Isiphi Iseluleko Osikhumbulayo?
◻ Kungashiwo kanjani ukuthi sinokuthambekela okwazuzwa njengefa kokusebenzisa kabi amandla?
◻ Kungani abadala kumelwe baqaphele ukuba bangasebenzisi kabi amandla abo?
◻ Kungaziphi izindlela okumelwe amadoda nabesifazane bangasebenzisi kabi amandla abo ebuhlotsheni babo?
◻ Yini abazali nabantwana okumelwe bayigweme ukuze bangasebenzisi kabi amandla ebuhlotsheni babo?
[Isithombe ekhasini 15]
USimoni wazama ukusebenzisa ingcebo yakhe ukuze athonye uPetru. Iziphi izifundo esingazifunda kulokhu?
[Isithombe ekhasini 17]
Ingabe umntwana wakho usebenzisa kabi amandla ukuze akulawule?