Hamba Ngokumesaba UJehova
“Njengoba [ibandla] lalihamba ngokumesaba uJehova nangenduduzo yomoya ongcwele laqhubeka landa.”—IZENZO 9:31, “NW.”
1, 2. (a) Yini eyenzeka lapho ibandla lamaKristu lingena enkathini yokuthula? (b) Nakuba uJehova eluvumela ushushiso, yini enye ayenzayo?
UMFUNDI othile wayebhekene novivinyo olukhulu. Ingabe wayezobugcina ubuqotho kuNkulunkulu? Yebo, wayezobugcina! Wayehambe ngokumesaba uNkulunkulu, uMenzi wakhe, futhi wayezokufa njengofakazi othembekile kaJehova.
2 Lowomgcini wobuqotho owesaba uNkulunkulu kwakunguStefanu, “umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele.” (IzEnzo 6:5) Ukubulawa kwakhe kwabangela igagasi loshushiso, kodwa ngemva kwalokho ibandla kulo lonke elaseJudiya, eGalile, naseSamariya langena enkathini yokuthula futhi lakhiwa ngokomoya. Ngaphezu kwalokho, “njengoba lalihamba ngokumesaba uJehova nangenduduzo yomoya ongcwele laqhubeka landa.” (IzEnzo 9:31, NW) NjengoFakazi BakaJehova namuhla, singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyosibusisa kungakhathaliseki ukuthi sisenkathini yokuthula noma yoshushiso, njengoba kuboniswe encwadini yezEnzo isahluko 6 kuya ku-12. Ngakho masihambe ngokumesaba okunenhlonipho uNkulunkulu lapho sishushiswa noma sisebenzise noma yikuphi ukukhululeka ekushushisweni ukuze sizakhe ngokomoya futhi sikhuthale ngokwengeziwe enkonzweni esimenzela yona.—Duteronomi 32:11, 12; 33:27.
Ukuthembeka Kuze Kube Sekugcineni
3. Iyiphi inkinga eyanqotshwa eJerusalema, futhi kanjani?
3 Ngisho noma kuphakama izinkinga ezikhathini zokuthula, ukuhlela okuhle kungasiza ekuzixazululeni. (6:1-7) AmaJuda akhuluma isiGreki eJerusalema akhonona ngokuthi abafelokazi bawo babenganakwa ekwabiweni kokudla kwansuku zonke kukhethwa amakholwa angamaJuda akhuluma isiHeberu. Lenkinga yaxazululwa lapho abaphostoli bemisa amadoda ayisikhombisa ukuba anakekele “lowomsebenzi.” Omunye wawo kwakunguStefanu.
4. UStefanu wasabela kanjani lapho emangalelwa ngamanga?
4 Nokho, uStefanu osaba uNkulunkulu ngokushesha wabhekana novivinyo. (6:8-15) Kwavumbuka amadoda athile aphikisana noStefanu. Amanye awo ‘ayengawesinagoge labaLibertino,’ mhlawumbe amaJuda ayethunjwe amaRoma futhi kamuva akhululwa noma amaproselithe angamaJuda ayeke aba izigqila. Zingenamandla okumelana nokuhlakanipha nomoya uStefanu ayekhuluma ngakho, izitha zakhe zamyisa kuyiSanhedrin. Lapho ofakazi bamanga bathi: ‘Lomuntu simuzwe ethi uJesu uzakuchitha ithempeli futhi aguqule imithetho uMose asinika yona.’ Nokho, ngisho nabaphikisi bakhe babona ukuthi uStefanu wayengeyena umenzi wobubi kodwa wayenobuso obunokuthula obunjengobengelosi, isithunywa sikaNkulunkulu esasiqiniseka ngokuthi uyasisekela. Yeka ukuthi babuhluke kanjani ebusweni babo, obabugcwele ububi, ngoba babezinikele kuSathane!
5. Yimaphi amaphuzu uStefanu awaveza lapho efakaza?
5 Ebuzwa umPristi Omkhulu uKayafase, uStefanu wanikeza ubufakazi besibindi. (7:1-53) Ukubukeza kwakhe umlando wamaIsrayeli kwabonisa ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuwubeka eceleni umthetho nenkonzo yasethempelini lapho kufika uMesiya. UStefanu waphawula ukuthi uMose, umkhululi wonke amaJuda ayethi ayamdumisa, amaIsrayeli amenqaba, njengoba namanje ayengamamukeli Lowo oletha ukukhululwa okukhulu kunalokho. Ngokuthi uNkulunkulu akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla, uStefanu wabonisa ukuthi ithempeli nesimiso salo sokukhulekela kwakuyodlula. Kodwa njengoba abahluleli bakhe babengamesabi uNkulunkulu futhi bengafuni ukwazi intando yaKhe, uStefanu wathi: ‘Nina-bantamo-zilukhuni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani. Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe.’
6. (a) Ngaphambi kokuba afe, yikuphi okuhlangenwe nakho okuqinisa ukholo uStefanu aba nakho? (b) Kungani uStefanu ayengasho ngokufanelekile ukuthi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami”?
6 Inkulumo kaStefanu yesibindi yaholela ekubulaweni kwakhe. (7:54-60) Abahluleli babethukuthele ngalokudalulwa kwecala labo lokubulala uJesu. Kodwa yeka indlela ukholo lukaStefanu olwaqiniswa ngayo lapho ‘egqolozela ezulwini futhi ebona inkazimulo kaNkulunkulu noJesu emi ngakwesokunene saKhe’! UStefanu manje wayengabhekana nezitha zakhe eqiniseka ukuthi wenze intando kaNkulunkulu. Nakuba oFakazi BakaJehova bengabi nemibono, singaba nokuthula okufanayo okunikezwa uNkulunkulu lapho sishushiswa. Ngemva kokuphonsa uStefanu ngaphandle kweJerusalema, izitha zakhe zaqala ukumkhanda ngamatshe, futhi wanxusa: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.” Lokhu kwakufanelekile ngoba uNkulunkulu wayegunyaze uJesu ukuba avusele abanye ekuphileni. (Johane 5:26; 6:40; 11:25, 26) Eguqe ngedolo, uStefanu wakhala: “Nkosi [Jehova], ungababaleli lesisono.” Ngemva kwalokho walala ekufeni njengomfel’ ukholo, njengoba abaningi abalandeli bakaJesu beye benza kusukela ngalesosikhathi, ngisho nasezikhathini zanamuhla.
Ukushushiswa Kusakaza Izindaba Ezinhle
7. Waba yini umphumela woshushiso?
7 Ukufa kukaStefanu empeleni kwaphumela ekubeni izindaba ezinhle zisakazeke. (8:1-4) Ushushiso lwahlakaza bonke abafundi kulo lonke elaseJudiya nelaseSamariya ngaphandle kwabaphostoli. USawulu, owavumela ukubulawa kukaStefanu, walichitha ibandla njengesilo, ehlasela indlu ngendlu ekhipha abalandeli bakaJesu ebafaka etilongweni. Njengoba abafundi abahlakazekile babeqhubeka beshumayela, icebo likaSathane lokumisa abamemezeli boMbuso abesaba uNkulunkulu ngokubashushisa labhuntsha. Nanamuhla ushushiso ngokuvamile luye lwasakaza izindaba ezinhle noma lwadonsela ukunakekela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.
8. (a) Yini eyenzeka njengomphumela wokushumayela okwenziwa eSamariya? (b) UPetru wasisebenzisa kanjani isihluthulelo sesibili uJesu ayemphathise sona?
8 Umvangeli uFilipi waya eSamariya ‘eyoshumayela uKristu.’ (8:5-25) Kwaba khona injabulo enkulu kulowomuzi njengoba izindaba ezinhle zazimenyezelwa, kukhishwa imimoya engcolile, futhi abantu bephulukiswa. Abaphostoli eJerusalema bathumela uPetru noJohane eSamariya, futhi lapho bethandazela labo ababhapathiziwe futhi bebabeka izandla, labafundi abasha bamukela umoya ongcwele. Owayesanda kubhapathizwa owayekade enza imilingo uSimoni wazama ukuthenga leligunya, kodwa uPetru wathi: ‘Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.’ Esetshelwe ukuba aphenduke futhi anxuse ukuthethelelwa kuJehova, wacela abaphostoli ukuba bamthandazele. Lokhu kufanele kushukumisele bonke abesaba uJehova namuhla ukuba bathandazele usizo lwaphezulu ukuze balonde izinhliziyo zabo. (IzAga 4:23) (Kulesenzakalo kwavela igama elithi “simony,” “ukuthenga noma ukuthengisa ngezikhundla zesonto noma ngokutuselwa esikhundleni sobufundisi.”) UPetru noJohane bamemezela izindaba ezinhle emizaneni eminingi yaseSamariya. Kanjalo, uPetru wasebenzisa isihluthulelo sesibili uJesu ayemnike sona ukuba avule umnyango wolwazi nethuba lokungena eMbusweni wezulu.—Mathewu 16:19.
9. Wayengubani umEtiyopiya uFiliphu afakaza kuye, futhi kungani lendoda yayingase ibhapathizwe?
9 Ingelosi kaNkulunkulu yabe isinikeza uFiliphu isabelo esisha. (8:26-40) Enqoleni endleleni evela eJerusalema eya eGaza kwakugibele “umthenwa,” isikhulu sengcebo yendlovukazi yase-Etiyopiya uKhandakhe. Wayengeyena umthenwa ngokwenyama, owayengavunyelwe ebandleni lamaJuda, kodwa wayeye eJerusalema ukuba ayokhulekela njengomproselithe osokiwe. (Duteronomi 23:1) UFiliphu wathola lomthenwa efunda incwadi kaIsaya. Ngemva kokuba emenywe ukuba agibele enqoleni, uFiliphu wakhuluma ngesiprofetho sikaIsaya futhi “washumayela ivangeli ngoJesu.” (Isaya 53:7, 8) Ngokushesha umEtiyopiya wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?” Kwakungekho lutho oluvimbelayo, njengoba wayazi ngoNkulunkulu futhi manje esenokholo kuKristu. Ngakho uFiliphu wabhapathiza lomEtiyopiya, owabe esehamba ejabulile. Ingabe kukhona okukuvimbela ukuba ubhapathizwe?
Umshushisi Uyaguqulwa
10, 11. Yini eyenzeka kuSawulu waseTarsu endleleni eya eDamaseku nangokushesha ngemva kwalokho?
10 Phakathi nalesikhathi, uSawulu wayefuna ukwenza abalandeli bakaJesu baphike ukholo lwabo ngokubasongela ngokuboshwa noma ngokufa. (9:1-18a) Umpristi omkhulu (ngokunokwenzeka uKayafase) wamnika izincwadi zokuya emasinagogeni aseDamaseku zimgunyaza ukuba awalethe eJerusalema eboshiwe amadoda nabesifazane “baleyoNdlela,” noma bendlela yokuphila esekelwe esibonelweni sikaKristu. Cishe emini eduze naseDamaseku kwabaneka ukukhanya kuvela ezulwini nezwi labuza: “Sawulu, ungizingelelani na?” Labo ababenoSawulu balizwa ‘izwi’ kodwa abakuqondanga elalikusho. (Qhathanisa nezEnzo 22:6, 9.) Lokhu kwambulwa okuncane kukaJesu okhazinyulisiwe kwakwanele ukuba kumenze impumputhe uSawulu. UNkulunkulu wasebenzisa umfundi uAnaniya ukuba amenze aphinde abone.
11 Ngemva kokubhapathizwa kwakhe, lona owayengumshushisi waba isisulu sokushushiswa. (9:18b-25) AmaJuda eDamaseku afuna ukumbulala uSawulu. Nokho, ebusuku abafundi bamehlisa ngembobo eyayisodongeni, ngokunokwenzeka ngobhasikidi omkhulu olukiwe owawenziwe ngezindophu noma ngezinsaba ezilukiwe. (2 Korinte 11:32, 33) Lembobo kungenzeka kwakuyifasitela lendlu yomfundi elalakhiwe odongeni. Kwakungesona isenzo sobugwala ukubalekela izitha ukuze baqhubeke beshumayela.
12. (a) Yini eyenzeka kuSawulu eJerusalema? (b) Ibandla laqhuba kanjani?
12 EJerusalema, uBarnaba wasiza abafundi ukuba bamukele uSawulu njengekholwa elikanye nabo. (9:26-31) Lapho uSawulu wawaphikisa ngesibindi amaJuda akhuluma isiGreki, nawo azama ukumbulala. Bebona lokhu, abazalwane bamyisa eKesariya futhi bamthumela eTarsu, edolobheni lakubo eKhilikhiya. Ibandla kulo lonke elaseJudiya, eGalile, nelaseSamariya “langena enkathini yokuthula, lakheka” ngokomoya. Njengoba ‘lalihamba ngokumesaba uJehova nangenduduzo yomoya ongcwele, laqhubeka landa.’ Yeka isibonelo esihle lokhu okuyiso kuwo wonke amabandla namuhla ukuze amukele isibusiso sikaJehova!
AbeZizwe Baba Amakholwa!
13. Yiziphi izimangaliso uNkulunkulu enza uPetru wakwazi ukuzenza eLida naseJopha?
13 NoPetru wayematasa. (9:32-43) ELida (manje eyiLod) eThafeni laseSarona, waphulukisa uEneya owayegogekile. Lokhu kuphulukisa kwabangela ukuba abaningi baphendukele eNkosini. EJopha, umfundi othandekayo uThabitha (uDorka) wagula futhi wafa. Lapho uPetru efika, abafelokazi ababekhala bambonisa izingubo ezazenziwe uDorka nokungenzeka babezigqokile. Wabuyisela uDorka ekuphileni, futhi lapho lezindaba zisakazeka, abaningi baba amakholwa. UPetru wahlala eJopha noSimoni umshuki wezikhumba, ondlu yakhe yayingasolwandle. Abashuki babecwilisa izikhumba zezilwane olwandle futhi bezifaka umcako ngaphambi kokuba baphale uboya. Izikhumba zezilwane eziwuqhotho zazithanjiswa ngokushukwa ngoketshezi oluvela ezitshalweni ezithile.
14. (a) Wayengubani uKorneliyu? (b) Yini ephawulekayo ngemithandazo kaKorneliyu?
14 Ngalesosikhathi (ngo-36 C.E.), kwaba nesenzakalo esiphawulekayo kwenye indawo. (10:1-8) EKesariya kwakuhlala uKorneliyu oqotho ongowezizwe, induna yekhulu yaseRoma eyayiphethe amadoda ayikhulu. Yayiphethe ‘ibutho elithiwa elaseItaliya,’ ngokusobala elalakhiwa amabutho ayesanda kubuthwa ayevela ezakhamuzini zaseRoma namadoda ayekhululwe eItaliya. Nakuba uKorneliyu ayemesaba uNkulunkulu, wayengeyena umproselithe ongumJuda. Embonweni, ingelosi yamtshela ukuthi imithandazo yakhe ‘yayenyukile yaba isikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.’ Ngisho nakuba uKorneliyu ayengakazinikezeli kuJehova ngalesosikhathi, umthandazo wakhe waphendulwa. Kodwa njengoba ingelosi yayimqondisile, wathumela ukuba kulandwe uPetru.
15. Yini eyenzeka lapho uPetru ethandaza ophahleni lwendlu kaSimoni?
15 Phakathi nalesosikhathi, uPetru waba nombono ngenkathi ethandaza ophahleni lwendlu kaSimoni. (10:9-23) Embonweni, wabona kwehla isitsha esinjengendwangu enkulu sivela ezulwini sigcwele izidalwa ezinezinyawo ezine ezingcolile, izinto ezinwabuzelayo, nezinyoni. Lapho eyalwa ukuba ahlabe adle, uPetru wathi wayengakaze adle noma yini engcolile. Watshelwa: “Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.” Lombono wamdida uPetru, kodwa walandela ukuqondisa komoya. Ngakho, yena nabazalwane abangamaJuda abayisithupha bahamba nezithunywa zikaKorneliyu.—IzEnzo 11:12.
16, 17. (a) Yini uPetru ayitshela uKorneliyu nalabo ababehlangene endlini yakhe? (b) Yini eyenzeka lapho uPetru esakhuluma?
16 Manje abezizwe bokuqala base bezokuzwa izindaba ezinhle. (10:24-43) Lapho uPetru nabangane bakhe befika eKesariya, uKorneliyu, nezihlobo zakhe, nabangane bakhe abaseduze babelindile. UKorneliyu wawela ezinyaweni zikaPetru, kodwa lomphostoli wakwenqaba ngokuzithoba ukuhlonishwa okunjalo. Wakhuluma ngendlela uJehova agcoba ngayo uJesu ngomoya ongcwele nangamandla njengoMesiya futhi wachaza ukuthi noma ubani okholwa nguye uthola ukuthethelelwa kwezono.
17 UJehova manje wathatha isinyathelo. (10:44-48) Ngenkathi uPetru esakhuluma, uNkulunkulu wehlisela umoya ongcwele phezu kwalabobantu bezizwe abakholwayo. Ngaso lesosikhathi, bazalwa ngomoya kaNkulunkulu futhi baphefumlelwa ukuba bakhulume ngezilimi ezingezona ezabo futhi bamdumise. Ngakho, babhapathizwa ngokufanelekile egameni likaJesu Kristu. Ngakho uPetru wasebenzisa isihluthulelo sesithathu ukuba avulele abeZizwe abesaba uNkulunkulu umnyango wolwazi nowethuba lokungena eMbusweni wasezulwini.—Mathewu 16:19.
18. Abazalwane abangamaJuda basabela kanjani lapho uPetru ebachazela ukuthi abeZizwe ‘babhapathizwé ngomoya ongcwele’?
18 Kamuva, eJerusalema, abasekeli bokusoka baphikisana noPetru. (11:1-18) Lapho ebachazela ngendlela abeZizwe ‘ababhapathizwe’ ngayo ‘ngomoya ongcwele,’ abafowabo abangamaJuda bathula futhi badumisa uNkulunkulu, bethi: “Kanti uNkulunkulu unike abezizwe ukuphendukela ekuphileni.” Nathi kufanele sibe nombono ovulekile lapho sicaciselwa intando yaphezulu.
Kumiswa Ibandla LabeZizwe
19. Kwenzeka kanjani ukuba abafundi babizwe ngokuthi amaKristu?
19 Ibandla lokuqala labeZizwe manje lamiswa. (11:19-26) Lapho abafundi behlakazwa usizi olwaqala ngoStefanu, abanye baya eAntiyokiya, eSiriya, eyayaziwa ngokukhulekela okungcolile nokonakala kokuziphatha. Njengoba babekhuluma ngezindaba ezinhle nabantu abakhuluma isiGreki lapho, “isandla seNkosi sasinabo,” futhi abaningi baba amakholwa. UBarnaba noSawulu bafundisa lapho unyaka, futhi “kwaqala eAntiyokiya ukuba abafundi [ngokuqondisa kwaphezulu, NW] bathiwe amaKristu.” UJehova ngokungangabazeki waqondisa ukuba babizwe kanjalo, njengoba igama lesiGreki elithi khre·ma·tiʹzo, lisho “ukubizwa ngokwaphezulu,” futhi njalo lisetshenziswe emiBhalweni ngokuqondene nalokho okuvela kuNkulunkulu.
20. Yini eyabikezelwa uAgabu, futhi ibandla laseAntiyokiya lasabela kanjani?
20 Abaprofethi abesaba uNkulunkulu nabo beza eAntiyokiya bevela eJerusalema. (11:27-30) Omunye kwakunguAgabu, owabonisa “ngoMoya ukuthi kuzakuba-khona indlala enzima ezweni lonke.” Lesosiprofetho sagcwaliseka phakathi nokubusa kombusi waseRoma uKlawudiyu (41-54 C.E.), futhi isazi-mlando uJosephus siyabhekisela ‘kulendlala enkulu.’ (Jewish Antiquities, XX, 51, [ii, 5]; XX, 101 [v, 2]) Lishukunyiswe uthando, ibandla laseAntiyokiya lathumela iminikelo kubazalwane abaswelayo eJudiya.—Johane 13:35.
Ushushiso Aluphumeleli
21. UHerode Agripha I wathatha siphi isinyathelo ngokumelene noPetru, kodwa waba yini umphumela?
21 Inkathi yokuthula yaphela lapho uHerode Agripha I eqala ukushushisa abesaba uJehova eJerusalema. (12:1-11) UHerode wabulala uJakobe ngenkemba, mhlawumbe emnquma ikhanda njengomphostoli wokuqala owafela ukholo. Ebona ukuthi lokhu kuwajabulisile amaJuda, uHerode wabopha uPetru. Lomphostoli ngokusobala wayeboshelwe esosheni ohlangothini ngalunye, kuyilapho amanye amabili eqaphe isitokisi ayekuso. UHerode wahlela ukumbulala ngemva kwePhasika nangemva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo (Nisan 14-21), kodwa imithandazo ibandla elalimenzela yona yaphendulwa ngesikhathi, njengoba kwenzeka nangeyethu. Lokhu kwenzeka lapho ingelosi kaNkulunkulu ikhulula umphostoli ngokuyisimangaliso.
22. Yini eyenzeka lapho uPetru eya endlini kanina kaMarku, uMariya?
22 Ngokushesha uPetru wayesesendlini kaMariya (unina kaJohane Marku), ngokusobala okwakuyindawo yokuhlangana yamaKristu. (12:12-19) Ebumnyameni, incekukazi uRoda yezwa ukuthi yizwi likaPetru kodwa yamshiya esangweni elihluthulelwe. Kungenzeka ukuthi ekuqaleni abafundi bacabanga ukuthi uNkulunkulu wayethumele isithunywa esiyingelosi esasimelela uPetru futhi sikhuluma ngezwi elinjengelakhe. Nokho, lapho bemngenisa uPetru wabatshela ukuba babikele uJakobe nabanye abazalwane (mhlawumbe abadala) ngokukhululwa kwakhe. Wabe esehamba ngokunyenya ngaphandle kokubatshela ukuthi uyaphi ukuze agweme ukubafaka engozini noma ukuzifaka yena uma bebuzwa. Ukufuna uPetru kukaHerode akungaba nazithelo, futhi onogada bajeziswa, ngokunokwenzeka babulawa ngisho nokubulawa.
23. Ukubusa kukaHerode Agripha I kwaphela kanjani, futhi yini esingayifunda kulokhu?
23 Ngo-44 C.E. ukubusa kukaHerode Agripha I kwaphela ngokungazelelwe eKesariya lapho eneminyaka engu-54 ubudala. (12:20-25) Wayethukuthelele abaseTire nabaseSidoni, ababefumbathise inceku yakhe uBlastu ukuba bahlele imbizo abacela kuyo ukuthula. “Ngosuku olumisiweyo” (nalo okwakungolomkhosi wokudumisa uKesari uKlawudiyu), uHerode wagqoka ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni sokwahlulela, futhi waqala ukukhuluma nabantu. Izilaleli zasabela ngokumemeza: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.” Ngaso lesosikhathi, ingelosi kaJehova yamshaya “ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo.” UHerode “wadliwa yizimpethu, wafa.” Sengathi lesibonelo esiyisixwayiso singasishukumisela ukuba siqhubeke sihamba ngokumesaba uJehova, sigweme ukuzikhukhumeza futhi simnike inkazimulo ngalokho esikwenzayo njengabantu bakhe.
24. Isihloko esizayo sizobonisani ngokuqondene nokwanda?
24 Naphezu kokushushiswa uHerode, “izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.” Empeleni, njengoba isihloko esizayo sizobonisa, abafundi babengalindela ukwanda okuqhubekayo. Ngani? Ngoba ‘bahamba ngokumesaba uJehova.’
Ubungathini?
◻ UStefanu wakubonisa kanjani ukuthi wayemesaba uJehova, njengoba kuye kwenza izinceku zikaNkulunkulu eziningi kusukela ngalesosikhathi?
◻ Kwaba namuphi umphumela ukufa kukaStefanu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, futhi ingabe lokhu kunawo umfuziselo wosuku lwanamuhla?
◻ Umshushisi uSawulu waseTarsu waba kanjani owesaba uJehova?
◻ Ayengobani amakholwa okuqala abeZizwe?
◻ IzEnzo isahluko 12 zibonisa kanjani ukuthi ukushushiswa akubavimbeli abantu abesaba uJehova?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Kwabaneka ukukhanya kuvela ezulwini futhi izwi labuza: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?”