Imimoya Engabonakali—Ingabe Iyasisiza? Noma Ingabe Iyasilimaza?
1, 2. (a) Yini abanye abayikholelwayo ngezinhlekelele ezibangelwa yizinto ezinjengombani? (b) Yini abaningi abayikholelwayo ngabafileyo?
AMAFU amnyama ayaqoqana. Izulu liyaduma. Amathonsi amakhulu emvula ana ngamandla. Phakathi kwekhaya elincane kubuthene umkhaya wabantu abayisikhombisa futhi amalungu awo athemba ukuthi amadlozi azowavikela. Ngokungazelelwe, ngomsindo owethusayo, umbani uyashaya futhi indlu iyathungeleka. Kusinda ababili kuphela emkhayeni. Laba ababili manje “bayesaba ukuhlala kulowomuzi njengoba bekholelwa ukuthi uthakathiwe nokuthi umthakathi othile uzama ukuqeda wonke umkhaya.”
2 Lowombiko wavela kuyiTimes of Swaziland, kaJanuary 28, 1977. Lomkhaya kungenzeka wawazi kahle ukuthi umbani ubangelwa ugesi owakheka emafwini. Kodwa umbiko ubonisa ukuthi wawukholelwa futhi ekutheni isitha singabangela imimoya engabonakali ukuba iqondise umbani endaweni ethile, futhi ukholelwa ukuthi okhokho asebafa banganikeza isivikelo esidingekile.
3. Yini abantu abaningi abakholelwa ukuthi iyimbangela yezingozi, ukugula nezinye izinkinga?
3 Ake uhlole manje idolobha laseAfrika nendawo okuhlala kuyo umbhuli noma “inyanga.” Kukhona umama onosana olugulayo. Lapho luqala ukuba nomkhuhlane nokuhlushwa yisisu waluyisa ngokushesha esibhedlela sedolobha. Ngemva kwamasonto amaningi eya khona ngokuphindaphindiwe futhi esebenzisa imithi eshiwo yisibhedlela, lomntwana usalokhu egula. Esephelelwe yithemba unina usezé enyangeni, enethemba lokuthola ikhambi. Akuyena yedwa olapho. Kufike insizwa izofuna “umuthi” othile wokuxazulula izinkinga zayo ekutholeni umsebenzi. Ikhehla, elilungiselela uhambo olude, lisanda kuthola “isivikelo” elizohamba naso. Yebo, bonke labantu bayazi ngamagciwane njengezimbangela zezifo, ukucindezela kwezomnotho njengembangela yokuntuleka kwemisebenzi, ukushayela komuntu edakiwe nezinto zokuhamba ezinephutha njengezimbangela zezingozi zemigwaqo. Kodwa futhi bakholelwa ukuthi wona kanye lamashwa angabangelwa noma avinjelwe imimoya engabonakali nokuthi inyanga inamandla avela kulemimoya engabonakali.
4, 5. Kungani ukukholelwa emimoyeni kunengxenye enkulu kangaka ekuphileni kwabantu abaningi ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba? Kanjani?
4 EAfrika, eziqhingini eziningi zasePacific, eAsia, ezingxenyeni zeNingizimu Melika nakwezinye izindawo emhlabeni jikelele, izigidi zabantu zinezinkolelo ezifanayo. Kukho konke ukuphila kwazo kwansuku zonke ziyakhathazeka ngalokho imimoya enjalo engabonakali engase ikwenze kuzo, okuhle noma okubi. Zikholelwa ukuthi ukufa akusona isiphetho sokuphila kodwa kuwukukhululwa komoya emzimbeni. Kuzo, ukufa kumane nje kuyisikhathi lapho umoya udlulela kokunye ukuphila noma “ezweni lemimoya.”
5 Lokhu akukholelwa nje kuphela abantu basemaphandleni noma imiphakathi yesizwe noma abantu abangafundile, kodwa futhi nabantu abaningi abafundile emadolobheni amakhulu. Kanye nabaqhubi bezinkolo zamasiko esizwe, amalungu amaningi amasonto eLobukholwa kanye namahlelo amaSulumane bakholelwa ukuthi izehlakalo zokuphila zilawulwa noma zihlangane nemimoya engabonakali. Uma kuvela ishwa, njengokugula okukhulu noma ukufa okungazelelwe emkhayeni, baya kumbhuli noma enyangeni. Ingase ishaye “amathambo omlingo” noma isebenzise enye indlela njengesu lokutshela abazobhula ukuthi yimimoya yawoyisemkhulu ethukuthele noma ukuthi abazobhula bathakathwé yizitha. Ingase ibanikeze amakhubalo noma imithi abazoyisebenzisa ukuze bavikeleke. Ngokuvamile kuhlatshwa imbuzi, imvu noma inkukhu ukuze kushwelezwe emimoyeni engabona-kali.
6. Yiziphi ezinye zezizathu ezibangela abantu abaningi kangaka ukuba babonane nezangoma?
6 Ziningi izizathu ezenza abantu emhlabeni wonke baye ezangomeni noma ezinyangeni: ukuze bavikele ikhaya nomkhaya; ukuze bavikele umntwana osanda kuzalwa; ukuze baqede ukungazali noma bavimbele ukuphuphuma kwesisu; ukuze bathole amasela; ukuze bakhe ubuhlobo; ukuze baphumelele ezindabeni zothando, ebhizinisini, lapho bezingela, ekuhlolweni esikoleni ngisho nakwezemidlalo. Amaqembu emidlalo yebhola lezinyawo aye aqasha izinyanga ukuze ziwasize anqobe. Lapho belahlekelwa umsebenzi, abanye abantu baya enyangeni bese benikezwa isigqabo ukuze basikhathe emashiyeni abo, noma impande abazoyifaka ngaphansi kolimi lwabo lapho ongase abaqashe exoxa nabo engxoxweni yokufuna umsebenzi. Kwenziwa imikhuba ekhethekile ezindaweni zezolimo lapho kutshalwa izitshalo noma kuzanywa ukunisa imvula. Phakathi kwabantu abaningi, lapho umuntu efa isizwe ngasinye noma umphakathi wenza imikhuba namasiko awo siqu akhethekile. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, cishe kuzo zonke izimo injongo iwukushweleza olakeni lwemimoya engabonakali noma ukuncenga usizo lwayo. Nakuba ukuhlangana kwalokhu kungase kungabi sobala ngaso sonke isikhathi, imikhuba eminingi kakhulu ehlangene nokuzalwa kwabantwana, ukusoka, imigidingo yokusebenzelana nomphakathi, ukushada, ukuzingela, ukufuya izinkomo, ukuba nendawo kanye nokufa kuhlangene ngokuqondile noma ngandlela-thile nokukhulekela imimoya.
7. Yimiphi imibuzo ephakamayo manje, futhi yini ebonisa ukuthi izimpendulo zabantu zizodwa azanele?
7 Ingabe imimoya engabonakali enamandla angaphezu kwawabantu ikhona ngempela? Kukhona ubufakazi obanelisayo bokubonisa ukuthi ikhona. Esimweni esinjalo, ingabe kuyoba ngokwenzuzo yethu noma kuyosilimaza ukufuna ukukhulumisana naleyomimoya engabonakali noma ukunxusa usizo lwayo? Ingabe imimoya enjalo iyimimoya yawokhokho asebafa? Ngokwesibonelo, ingabe izihlobo esezafa zingabasiza ngempela, zibavikele noma zibeluleke abaphilayo? Uma ukufuna usizo lwemimoya engabonakali kunenzuzo, kungani sivame kangaka ukuzwa imibiko yokuhaha, ukukhohlisa, ukuziphatha kabi futhi ngisho nokubulala phakathi kwalabo abahileleke ngokujulile ekukhulekeleni imimoya? Kungani kunemicabango, imikhuba nemibono eminingi kangaka ehlukahlukene, eminingi yayo engqubuzanayo? Singaphendukelaphi ukuze sithole izimpendulo eziqondile?
INDLELA ESINGATHOLA NGAYO IZIMPENDULO EZIQONDILE
8. Yiliphi iqoqo “lezincwadi” uMdali aye walilungiselela? Ngani?
8 Kungakhathaliseki ukuthi imibono yabo ngamandla emimoya ingase ibe yini, abantu abaningi bayavuma ukuthi kumelwe ukuba kukhona othile onguMthombo wakho konke ukuphila, uMdali ophakade. NjengoMniki-kuphila wasekuqaleni kungabhekiselwa kuye ngokufanelekile njengoBaba omkhulu waso sonke isintu. Khona-ke cabangela lombuzo: Uma ubungubaba womkhaya futhi kudingeke ube kude nabantwana bakho, ubungeke yini ubabhalele ngezikhathi ezithile? Obaba abahle bayakwenza lokho, bethumelela abantwana babo izindaba ngabo ngokwabo futhi bebanikeza iseluleko sothando. Ingabe isintu sinakho ukukhulumisana okunjalo okuvela kuMdali noYise waso? Impendulo inguYebo, kukhona iqoqo “lezincwadi” noma imibhalo engu-66 ephefumlelwe futhi elungiselelwe nguMdali equkethe ukwaziswa okubalulekile neseluleko sokufundwa yithi sonke. Leloqoqo lezincwadi eziphefumlelwe: iBhayibheli.
9. Yini ebonisa ukuthi iBhayibheli aliyona incwadi yohlanga oluthile olulodwa noma abantu?
9 IBhayibheli alilotshwanga abantu baseYurophu, kodwa ngabantu baseMpumalanga Ephakathi, eAsia. Kodwa lingelabantu bonke kuyo yonke indawo. Alibabandlululi abantu ngesisekelo sendawo abahlala kuyo, uhlanga noma ibala, kungakhathaliseki ukuthi baphuzi, bamnyama, bansundu noma bamhlophe. Kulona sithola lamazwi aphefumlelwe omphostoli uPetru: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
10. Kungaziphi izindlela iBhayibheli liyingqayizivele, lihluke ngokuphelele?
10 Kuzo zonke izincwadi ezingenakubalwa ezilotshiwe, iBhayibheli lihlehlela emuva kakhulu emlandweni wesintu kunanoma yimiphi eminye imibhalo yasendulo, njengoba lalotshwa ngabantu abangu-40 uMose engowokuqala cishe eminyakeni engu-3 500 edlule (ngo-1513 B.C.E.). Nokho, kunokuvumelana okuphawulekayo kuzo zonke izincwadi zeBhayibheli ezingu-66. Izinkulungwane zezigidi zamakhophi, eziphelele noma eziyingxenye, ziye zasakazwa ngezilimi ezingaphezu kuka-1 800. Kuyiqiniso ukuthi kwezinye izilimi iBhayibheli liwukuphela kwencwadi enyathelisiwe ekhona. Ngokubaluleke nangaphezulu, liwukuphela kwencwadi emhlabeni enikeza ukulandisa okukhanyayo ngemvelaphi yomuntu, isizathu sokuba kube nezinkinga zakhe zamanje nalokho ikusasa lakhe eliyoba yikho. IBhayibheli, ngokungangabazeki, liyingqayizivele.
11. Ubani igama loMdali, futhi yiziphi ezinye zezimfanelo zakhe?
11 IBhayibheli lisembulela igama loMdali wezulu nomhlaba—uJehova—igama lesiHeberu elisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube-khona.” Ngaye iHubo 83:18 lithi: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” UnguNkulunkulu “ongaqambi amanga,” okukhulunywa ngaye kuThithu 1:2. Ngakho-ke ungamethemba uJehova. Akawaqambi amanga, akakhohlisi, akenzi ubuqili. Futhi, iHubo 86:15 lithi ngaye: “Kepha wena-Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvamé ubumnene nokuthembeka.” Singaqiniseka kanjani ngalokho? Singaqiniseka kanjani ngokuthi incwadi yakhe, iBhayibheli iyincwadi yeqiniso?
IZIPROFETHO ZEBHAYIBHELI ZIYAGCWALISEKA
12. (a) Yini efakazela ukuthi iBhayibheli liyiqiniso? (b) Yiziphi ezinye iziprofetho ezikhuluma ngoJesu Kristu ezagcwaliseka emakhulwini amaningi eminyaka ngemva kokulotshwa kwazo?
12 Ubufakazi obunamandla bokuthi iBhayibheli liyiqiniso buwukuthi liqukethe amakhulu eziprofetho eseziye zagcwaliseka. Isiprofetho siwukubikezelwa kwezehlakalo zesikhathi esizayo. Ngokwesibonelo, kuneziprofetho eziningi kakhulu ngoMfundisi oyiNgcweti, uJesu Kristu. Zonke zaprofethwa emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambi kokuzalwa kwakhe. Kodwa zonke zagcwaliseka. Umprofethi uIsaya wabikezela ukuthi uJesu wayeyozalwa yintombi. (Isaya 7:14) Eminyakeni engaphezu kuka-700 kamuva lokhu kwagcwaliseka. (Mathewu 1:23) UMika 5:2 wabikezela ukuthi wayeyozalelwa eBetlehema. UZakariya 11:12 wabikezela ukuthi wayeyokhashelwa ngezinhlamvu zesiliva ezingu-30. IHubo 22:16-18 labikezela ukuthi izandla zakhe nezinyawo kwakuyolinyazwa nokuthi kwakuyokwenziwa inkatho ngesambatho sakhe. Ngisho nokukhala kwakhe kokukhathazeka esigxotsheni sokuhlushwa kwabikezelwa kumaHubo 22:1. Zonke leziprofetho, nezinye eziningi, zagcwaliseka, njengoba ukulandisa kofakazi bokuzibonela kubonisa.—Mathewu 2:1-6; 26:14, 15; Johane 20:25; Mathewu 27:35, 46.
13. Yiziphi iziprofetho zasendulo ezigcwalisekayo namuhla?
13 Ingabe lokhu akusinikezi yini ubufakazi obunamandla bokuthi iBhayibheli liyincwadi yeqiniso? Nokho, omunye angase athi, ‘Yebo, kodwa konke lokho kwenzeka kudala.’ Yiqiniso, kodwa ngisho nanamuhla, phambi kwamehlo ethu, iziprofetho eziningi zeBhayibheli ziyagcwaliseka. Kusukela ngo-1914 siye sabona izimpi ezinkulu kakhulu nokubulawa kwesintu okukhulu okwakungakaze kubonwe, kanye nendlala nezifo okusakazeke kabanzi, njengoba kuchazwa ngolimi olungokomfanekiso kusAmbulo 6:1-8. Abaholi bezwe abaningi bayavuma ukuthi abazi ukuthi bangazixazulula kanjani izinkinga ezingenakubalwa ezanda ngokushesha phakathi kwesintu. Lezizinto zibangela ukwesaba okukhulu, njengoba iBhayibheli labikezela: “Izizwe, zixakeke . . . abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.”—Luka 21:25, 26; funda futhi eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.a
14. Yimiphi imibuzo iBhayibheli elizosiphendulela yona ngendlela eyiqiniso?
14 Khona-ke, yini iBhayibheli elisitshela yona ngemimoya engabonakali? Ingobani futhi yavelaphi? Kuthiwani ngamandla ayo okusisiza noma okusilimaza? Futhi yini okudingeka siyenze ukuze sikwazi ukujabulela ukuphila okujabulisayo, okunokuthula nokulondekile okufunwa yibo bonke abantu abavamile?
OBANI LABO ABAHLALA ENDAWENI YOMOYA?
15, 16. (a) Ingabe bakhona abanye abantu bomoya ngalé kukaJehova uNkulunkulu? (b) Bonke labantu, bomoya noma benyama, bakuthola kubani ukuphila kwabo?
15 IBhayibheli libonisa ukuthi thina bantu esiphila lapha emhlabeni akuthina sodwa esingabantu abaphilayo, abahlakaniphile endaweni yonke. Lembula ukuthi, njengoba kukhona indawo engokwenyama yezidalwa eziphefumula umoya womhlaba, ziphuze amanzi awo bese zidla ukudla kwawo, kukhona futhi nendawo yomoya, engaxhomekanga emalungiselelweni omhlaba okuphila. Futhi libonisa ukuthi uMuntu oyiNhloko kuleyondawo yomoya uMdali ngokwakhe, uJehova uNkulunkulu. Ngaye uJesu wathi: “UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:24.
16 Cishe kunabantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezine abaphilayo manje emhlabeni. IBhayibheli lembula ukuthi endaweni yomoya kukhona, ngaphandle koMdali, izigidi zabanye abantu bomoya abaziwa ngokuthi izingelosi. (Daniyeli 7:9, 10; IsAmbulo 5:11) Bonke laba abanye bathola ukuphila kwabo kuMdali wezulu nomhlaba futhi baba khona kudala ngaphambi kokuba abantu bokuqala badalwe. Njengoba isAmbulo 4:11 sisho: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba-khona, zadalwa.” Akukho bantu, benyama noma bomoya, abangatholanga ukuphila kwabo kuJehova uNkulunkulu, uMdali.
17. (a) Ngubani owaba ngowokuqala ekuhlubukeni kuNkulunkulu? (b) Yiziphi ezinye izihlubuki ezazihlanganisa naye?
17 Ukulandisa okungokomlando kweBhayibheli kubonisa ukuthi ngemva kokudalwa e-Edene kwendodana nendodakazi yokuqala kaNkulunkulu engumuntu, uAdamu noEva, ingelosi ethile enamandla, ishukunyiswa ukuqhosha nesifiso sokuvelela, yahlubuka kuNkulunkulu. Isebenzisa ukukhohlisa nokukhanga kobugovu, yaphumelela ekwenzeni umbhangqwana wokuqala ongabantu ukuba uhlanganyele nayo ekuhlubukeni kwayo. Njengoba yaba isitha sikaJehova, uMdali, ibizwa ngokuthi uSathane, okusho ngesiHeberu “umphikisi” noma “isitha.” (Genesise 3:1-13; IsAmbulo 12:9) Kamuva yayenga amanye amadodana kaNkulunkulu asezulwini noma izingelosi ukuba zilandele inkambo efanayo yokuhlubuka.
18. (a) Lezozidalwa zomoya zahlubuka nini? (b) Yini eyaziyengela ekushiyeni inkonzo kaJehova?
18 Umphostoli uPetru ukhuluma ngalabomoya “abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa.” (1 Petru 3:19, 20) Umlando weBhayibheli ubonisa ukuthi ukukhanga kobulili kwaba nengxenye kulokhu kungalaleli, kubangela lamadoda omoya ukuba eze emhlabeni, athathe isimo sobuntu futhi ngaleyondlela ashiye indawo yawo ayabelwe enkonzweni kaJehova. Ngezinsuku zikaNowa ngaphambi kukazamcolo, siyafunda kuGenesise 6:2: “Amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.”
19. Yini eyenzeka kulezingelosi eziyizihlubuki lapho kufika uZamcolo?
19 UJehova uNkulunkulu akakuvumelanga lokhu ukuba kuqhubeke phakade. Waletha uzamcolo wembulunga yonke phezu komhlaba, wakhukhula sonke isintu esonakele futhi walondoloza kuphela izinceku zakhe ezithembekile. Ngakho-ke, amadodana omoya angalaleli kwadingeka ukuba athathe imizimba engabonakali, okungukuthi, ashiye isimo sobuntu bese ebuyela endaweni yomoya. Ngemva kwalokho kubhekiselwa kuwo njengamademoni noma imimoya emibi. Ibonisa ukuthi uNkulunkulu akazange awavumele ukuba aphinde athathe isimo sobuntu nokuthi uye wawagcina esimweni esiphansi, sokulahlwa, incwadi kaJuda 6 ithi: “Nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, [uNkulunkulu u]zigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama.”
20. (a) Ungubani “unkulunkulu” walelizwe? (b) Amandla akhe makhulu kangakanani?
20 Kusukela ngalesosikhathi, nangokusekela kwalemimoya emibi noma amademoni, uSathane uye waba “unkulunkulu” walelizwe kanye nezimiso zalo ezonakele. Lokhu kungase kukumangaze. Kodwa funda uJohane 14:30 neyesi-2 Korinte 4:4 futhi uzobona ukuthi lapho iZwi likaNkulunkulu likhuluma ‘ngombusi wezwe’ noma “unkulunkulu walelizwe” alibhekiseli kuJehova uNkulunkulu kodwa kuSathane uDeveli. Umphostoli uJohane uyabhala: “Izwe lonke limi emandleni omubi,” futhi ubuye abhekisele kuSathane ‘njengodukisa izwe lonke.’—1 Johane 5:19, NW; IsAmbulo 12:9.
21. Kungani ulwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu lubalulekile?
21 Khona-ke, iBhayibheli libonisa ukuthi akuyona nje kuphela imimoya elungileyo, njengezingelosi, ekhona kodwa futhi kukhona namademoni noma imimoya emibi. Ukwazi lamaqiniso kubaluleke kakhulu, ngoba kuyisihluthulelo esivula umnyango wokuqonda ukuhlobana kwemimoya engabonakali kithi kanye nezehlakalo zokuphila kwethu kwansuku zonke. Ake sibone ukuthi ulwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu lusisiza kanjani ukuba sithole impendulo yemibuzo ebalulekile elandelayo.
IZIGIJIMI ZOMOYA ZIVELAPHI?
22. Yikuphi okuhlangenwe nakho intombazane yaseBrazil eyaba nakho ngezigijimi ezivela ezweni lemimoya?
22 Abantu abaningi ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba bakholelwa ukuthi izigijimi zingatholakala zivela ezweni lemimoya. Okufana kakhulu nokwabantu abaningi abathi baye bathola izigijimi ezinjalo okuhlangenwe nakho kwentombazanyana ethile eBrazil. Ngolunye usuku yaqala ukuzwa “amazwi.” Yacela usizo lwezangoma. Eminyakeni eminingi ngemva kwalokho yayivele ibone isithunzi esimnyama phambi kwayo bese iba sesimweni sokulutheka. Kulesosimo yayikwazi ukuchaza imithi yokwelapha ukugula futhi yenze izinto zokukhulula abantu ababehlaselwe amandla angaphezu kwawabantu.
23. (a) Abanye abantu abagulayo bazama kanjani ukwelapha ukugula kwabo? (b) Bakholelwa ukuthi lezigijimi zivela kobani?
23 Ngokuvamile umuntu ogulayo angase aye esangomeni, inyanga noma ophilisa ngomoya ukuze athole okuthile kokumsindisa ukuze asinde ekuguleni kwakhe. Isangoma simtshela ukuba aye ekhaya abese ebuya ekuseni. Phakathi nobusuku umuntu ogulayo, ephusheni, utshelwa uhlobo lwempande okumelwe alusebenzise ukuze asinde ekuguleni kwakhe nokuthi uzolutholaphi. Kukholelwa ukuthi lesigijimi sivela esihlotsheni esifile, mhlawumbe ugogo lowo okubonakala sengathi uyambona ngempela ephusheni.
24. Yimiphi imibono ehlukahlukene abantu abanayo ngabafileyo?
24 Abaningi balabo abakholelwa ezigijimini ezinjalo bakholelwa futhi ukuthi okhokho babo abafileyo bayaphila ezweni lemimoya nokuthi labokhokho bangabasiza noma babalimaze labo abaphilayo emhlabeni. Amalungu amasonto eLobukholwa ngokuvamile akholelwa ukuthi ekufeni umphefumulo, lowo athi awufi, uya ezulwini noma esihogweni, noma, uma engamaRoma Katolika, ukuthi ungase uye endaweni ebizwa ngokuthi yisihlanzo ngaphambi kokuba uye ezulwini. Abanye abantu, abayidlanzana, bakholelwa ukuthi ukufa kuyisiphetho, ukuthi akukho ukuphila ngemva kokufa. Izinkolelo zabantu ngabafileyo ngokukhanyayo ziyaphikisana. Khona-ke kungani singacabangeli lokho uJehova uNkulunkulu, uMoya onguMninimandla onke owadala konke ukuphila, akushoyo ngalokhu?
INGABE UMPHEFUMULO AWUFI?
25. Singamvumela kanjani ‘uNkulunkulu abe ngoneqiniso’? (Funda futhi eyesi-2 Thimothewu 3:16.)
25 Ake sicabangele kuqala inkolelo ethandwayo nesakazekile yokuthi umphefumulo awufi, yokuthi awusoze wafa. Ingabe yilokho okukholelwayo? Ngamunye wethu angaqiniseka kanjani? Ngokuqinisekile Lowo owadala umphefumulo kumelwe azi, ngoba uhlala endaweni yomoya, njengoba enguMoya onguMninimandla onke, uJehova uNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga.” (Roma 3:4) Ingabe uzimisele ukwamukela izwi likaNkulunkulu ngaphezu kwelabantu? IBhayibheli lembulani?
26. (a) Inkulumo ethi “umphefumulo ongafi” itholakala kangaki eBhayibhelini? (b) Yiziphi ezinye izidalwa, ngaphandle kwabantu, okukhulunywa ngazo njengemiphefumulo?
26 Uma ubungafunda iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni ubungamangala ukuthola ukuthi lokho elikushoyo ngomphefumulo kwehluke kakhulu kulokho abantu abaningi kangaka abakukholelwayo. Okokuqala, ubuyothola ukuthi inkulumo ethi “umphefumulo ongafi” ayiveli kunoma iyiphi indawo eBhayibhelini, ngisho nakanye. Ngakolunye uhlangothi, ubuyothola ezindaweni ezihlukahlukene ukuthi izinhlanzi, izinyoni nezilwane konke kubhekiselwa kukho ‘njengemiphefumulo.’—Genesise 1:20, 21, 24, 30, qhathanisa neNW; Numeri 31:28, qhathanisa neNW.
27. Ingabe imiphefumulo ingabhujiswa? UHezekeli 18:4, 20 ukubonisa kanjani lokhu?
27 Mhlawumbe okumangalisa ngisho nangokwengeziwe, kuNumeri 23:10 (NW); Luka 6:9 (NW); IzEnzo 3:23 (NW), nakweminye imibhalo eminingi ubuyothola ukuthi “umphefumulo” ‘ungabhujiswa.’ Esiprofethweni sikaHezekeli, uJehova uNkulunkulu usitshela ngokukhanyayo ukuthi “umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hezekeli 18:4, 20) Njengoba umphefumulo ufa, ngokusobala awuwona ongafi.
28. (a) IBhayibheli lithini ngokungafi? (b) Iyiphi inkolelo ethandwayo engakutholi ukusekelwa eBhayibhelini?
28 IBhayibheli libonisa ngokusobala ukuthi ukungafi akuyona into esizalwa nayo, njengoba abantu abaningi kangaka becabanga. Phakathi kwazo zonke izidalwa zikaJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu ovusiwe kukhulunywa ngaye ‘njengoyedwa onokungafi.’ (1 Thimothewu 6:16) Futhi eyoku-1 Korinte 15:50-54 iphawula ukuthi, njengomvuzo wokwethembeka kwazo kuye, izinceku ezithile zikaNkulunkulu ziyothola ukungafi. Lokhu kusho ukuthi inkolelo ethandwayo yokuthi wonke umuntu uzalwa enomphefumulo ongafi ayikutholi neze ukusekelwa eZwini likaNkulunkulu. Khona-ke siyothembela ezwini likabani, kweloMdali noma kwelabantu? Ngokuqinisekile uMoya onguMninimandla onke, uJehova uNkulunkulu, ufanelwe ukuba simethembe. Abantu bangase baqambe amanga, kodwa uNkulunkulu weqiniso akawaqambi.
YINI EYENZEKAYO LAPHO ABANTU BEFA?
29. Yimaphi amanga okuqala ngqá ake alotshwa phansi, futhi ngubani owawaqamba?
29 Yini eyenzekayo kokhokho bethu lapho befa, futhi yini engenzeka kithi uma singase sife? Cabangela lokho okwenzeka kokhokho bethu bokuqala ngqá, umbhangqwana wokuqala ongabantu, uAdamu noEva. Babephelele futhi bengase baphile phakade ukuba babeye bahlala belalela uNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wabaxwayisa ngomphumela omubi uma bengalaleli, ethi, “Uyakufa nokufa.” (Genesise 2:17) Kamuva, isitha esikhulu nomkhohlisi, uSathane, sasondela kuEva samtshela amanga okuqala ngqá ake alotshwa phansi. Ezama ukumkhohlisa nokususa bobabili uEva nendoda yakhe uAdamu kuNkulunkulu, uSathane wasebenzisa inyoka njengomkhulumeli wakhe, ethi, “Aniyikufa nokufa.”—Genesise 3:4.
30. Yini eyenzeka embhangqwaneni wokuqala ongabantu lapho ufa?
30 Ngubani owayeqinisile, uNkulunkulu noma uSathane? Ingabe sisengamthola uAdamu ephila endaweni ethile emhlabeni? Akunjalo neze. Njengoba uNkulunkulu ayethe kwakuyokwenzeka, uAdamu wafa. (Genesise 5:5) Futhi lapho umbhangqwana wokuqala ongabantu ufa, okwenzeka kwakuyilokho kanye uNkulunkulu ayewutshele khona ngokukhanyayo: “Uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” (Genesise 3:19) UNkulunkulu akashongo lutho ngokuya kwabo ezulwini noma esihogweni noma ezweni lemimoya.
31. IBhayibheli lithini ngesimo sabafileyo?
31 Ngokuphathelene nesimo sangempela sabafileyo, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Abafileyo abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5) Ingabe bangalubonisa uthando noma inzondo ngabaphilayo? Nalapha futhi iBhayibheli liyaphendula: “Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile . . . ngokuba akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo.” (UmShumayeli 9:6, 10) Liqinisekisa lokho, iHubo 146:4 lithi umuntu “abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” Futhi iHubo 115:17 liyanezela: “Abafileyo abamdumisi uJehova, qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.”
32. (a) EBhayibhelini ukufa kuqhathaniswa nani? (b) Ingabe abafileyo bangabasiza noma babalimaze abaphilayo?
32 Ngenxa yalokhu, eBhayibhelini isimo sokufa sivamise ukufaniswa nokulala. IzEnzo 13:36 zithi ngenkathi iNkosi uDavide ifa “walala ubuthongo.” EyokuQala kwabaseThesalonika 4:13, 14 ibhekisela kumaKristu ayefile ‘njengabaleleyo.’ UJesu naye wakhuluma ngoLazaru ngendlela efanayo ngenkathi uJesu eyomvusa ekufeni. Wathi: “Ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.” (Johane 11:11-14; Daniyeli 12:13) Ngakho-ke, ungabona ukuthi kungani kungadingeki nakancane ukuba wesabe abafileyo, uzame ukushweleza olakeni lwabo noma nganoma iyiphi indlela uzame ukuthola umusa wabo. IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi bafile, abezwa, basekuthuleni futhi abakwazi ukukhulumisana nabaphilayo noma babonise noma yimuphi umzwelo noma isenzo. Abakwazi ukusiza noma ukulimaza abaphilayo.
UVUKO
33. (a) Yikuphi okuhlangenwe nakho okumangalisayo uLazaru aba nakho? (b) Wayekade ekuphi izinsuku ezine?
33 Siza ucabange ngokunakekela ngalokho okuhlangenwe nakho okumangalisayo kukaLazaru. Ngenkathi uJesu efika ekhaya lakhe uLazaru kwase kuyizinsuku ezine efile. (Johane 11:39) Umzimba wakhe wawusuqalile kakade ukubola. Khona-ke uJesu wenza okuthile okungekho-nyanga noma umthandazeli ongake akwenze. “Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Lazaru, phuma. Waphuma ofileyo.” (Johane 11:43, 44) Waphumaphi? “Ezweni lemimoya”? Cha, waphuma ethuneni lapho ayekade elele khona engezwa lutho, elele ekufeni, izinsuku ezine.
34. Yisiphi esinye isimangaliso esilotshwe kuMarku 5:42, futhi abazali bentombazane esencane bazizwa kanjani ngaso?
34 Kwesinye isehlakalo uJesu wavusa ekufeni intombazane eneminyaka engu-12. Ungacabanga nje ngenjabulo yabazali bayo ngenkathi lokhu kwenzeka! Ukulandisa okukuMarku 5:42 kuthi “bamangala ngokumangala okukhulu.” Ukubona indodakazi yabo encane ibanda futhi ingenakuphila ngomzuzu owodwa bese futhi beyamukela iphila kahle ngomzuzu olandelayo kwakungokuhlangenwe nakho okumangalisayo. Ngokuqinisekile lokhu kwakungcono kakhulu kunokwamukela isigijimi, okuthiwa sivela kofileyo othandekayo, ngesangoma noma inyanga.
35. (a) Yini uJesu ayoyenza ngesilinganiso esikhulu phakathi nokubusa kwakhe kokuthula kweminyaka eyinkulungwane? (b) UPawulu wakuqinisekisa kanjani lokhu?
35 Kodwa kukhona isifundo esimangalisayo ngathi sonke lapha. Lokho uJesu akwenza lapho esemhlabeni ngokuvusa abafileyo kwakumane nje kuyisibonakaliso esincane salokho ayokwenza ngesilinganiso esikhulu kakhulu phakathi nokubusa kwakhe kweminyaka eyinkulungwane yokuthula, manje esiseduze kakhulu. UJesu ngokwakhe wathi: “Bonke abasemathuneni b[a]yakulizwa izwi layo, . . . [baphume].” (Johane 5:28, 29) Sichaza lesosikhathi esimangalisayo, isAmbulo 20:13 sithi: “Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese [ithuna] kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.” Umphostoli uPawulu wathi: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.”—IzEnzo 24:15.
36. Isithembiso esimangalisayo sovuko sibonisani ngesimo sabafileyo?
36 Manje, siza uphendule lemibuzo engqondweni yakho: Ingabe lesithembiso esikhanyayo sovuko asibonisi ukungabi naqiniso komqondo wokuthi abafileyo bayaphila? Ukuba abafileyo bebephila futhi bejabulela ukuba khona ezulwini noma ezweni elithile lemimoya, beyingaba yini injongo yovuko? Besingeke sibe khona isidingo salo. Kumelwe kukhanye ngokuvela eZwini likaNkulunkulu ukuthi umqondo wokuthi ‘ukufa kumane nje kuyithuba lokudlula komoya uye ekuphileni okulandelayo’ ungamanga aluhlaza. IBhayibheli lifundisa ngokukhanyayo ukuthi abafileyo bafe ngempela, abezwa, balele kuze kube sekuphaphameni okukhulu ngovuko ezweni elisha likaNkulunkulu.
37. Yimiphi imibuzo manje okumelwe iphendulwe?
37 Kodwa, ungase uthi: ‘Uma lokho kuyiqiniso, singazichaza kanjani zonke izibonakaliso nezigijimi eziye zamukelwa?’ Osukwini lwethu, abantu abangenakubalwa emhlabeni wonke baye baba nokuthintana nezwe lemimoya ngezangoma, izinyanga, amaphupho nangezinye izindlela. Njengoba abafileyo bengezwa futhi bengenakukwazi ukukhuluma nabaphilayo, lezigijimi zivela kobani?
UMTHOMBO WANGEMPELA WEZIGIJIMI ZOMOYA
38. (a) Ngobani abahlala ezweni lemimoya? (b) UNkulunkulu ukhuluma kanjani nathi namuhla?
38 Siye safunda ngokuthi ngobani abahlala ezweni lemimoya. Ngalé koMoya onguMninimandla onke, uJehova uNkulunkulu, nezingelosi zakhe ezithembekile, kunesitha sikaNkulunkulu, uSathane, nomkhosi wakhe wezingelosi ezingathembekile noma amademoni. Siye sabona indlela uNkulunkulu aye wasilungiselela ngayo isigijimi sakhe noma ukukhulumisana nathi. KungeZwi lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli, alidlulisela kubantu abathembekile esikhathini esidlule neliye lalondolozwa kuze kube yilolusuku ukuze lisiqondise.
39. (a) Uyini umthombo wangempela wezigijimi okubonakala sengathi zivela kwabafileyo? (b) Ngubani ‘uyise wamanga’?
39 Khona-ke kuthiwani ngalezi ezinye izigijimi? Kungenzeka yini ukuthi esikhundleni sokuvela kokhokho asebafa zivela esitheni sikaNkulunkulu namademoni aso? Ucabanga ukuthi bekungaba nzima yini ngezingelosi ezinjalo ezonakele ukuba zizishaye noma zizenze abafileyo futhi ngaleyondlela zikhohlise abantu? Njengoba uSathane azama ukukhohlisa umbhangqwana wokuqala ongabantu ngokufa, ingabe lena bekungeke yini kube yindlela ehlakaniphile ngaye yokuzama ukusekela imfundiso yakhe yamanga? Yebo, ikakhulukazi uma sikhumbula ukuthi iBhayibheli libiza uSathane ngokuthi “ngumqambimanga noyise wawo.”—Johane 8:44.
40. (a) Yisiphi isiphetho okungafinyelelwa kuso ngeyesi-2 Korinte 11:14, 15? (b) Ngokweyoku-1 Thimothewu 4:1, ngobani abaqhuba umkhankaso wenkohliso?
40 Kodwa ungase uthi: ‘Khona-ke kungani ezinye zalezigijimi zibonakala zizinhle noma ziwusizo, njengasekuphilisweni isangoma esithile noma inyanga ekuguleni?’ UNkulunkulu waphefumlela umphostoli uPawulu ukuba anikeze impendulo elula kakhulu yalokhu, ethi: “Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga.” (2 Korinte 11:14, 15) Ngokukhanyayo, ukuze akhohlise futhi adukise abantu kalula kakhulu, amademoni avamise ukuzenza sengathi awusizo. UPawulu unikeza esinye isixwayiso ngalomkhankaso wenkohliso ngokuthi: “Abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni.”—1 Thimothewu 4:1.
41. Yini okumelwe siyilindele ukuba izigijimi zomoya bezivela emthonjeni omuhle?
41 Ukuba lezigijimi zomoya ngempela bezivela emthonjeni omuhle beziyoba zinhle zonke, akunjalo? Kunjengoba uKristu Jesu asho: “Yenzani umuthi ube-muhle, nesithelo sawo sibe-sihle; noma nenze umuthi ube-mubi, nesithelo sawo, sibe-sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.” (Mathewu 12:33) Luhlobo luni ‘lwesithelo’ esisibona ngokuvamile sihlangene nalokhu kukhulumisana nemimoya?
42. (a) Okuhlangenwe nakho komfelokazi eLisbon kusibonisa kanjani isidingo sokwazi ukuthi izigijimi zomoya zivelaphi? (b) Ingabe uMoya Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, uyabahlukumeza abantu?
42 Cabangela indaba yomfelokazi othile waseLisbon, ePortugal. Wafunda izincwadi ezikhuluma ngokukhulumisana nemimoya engabonakali wayeseqala ukuzwa izwi elimtshela ukuthi angaziloba kanjani izincwadi ngesiFulentshi. Lokhu kwamjabulisa futhi waqhubeka amukela izigijimi ezinjalo. Nokho, kamuva waqala ukuzwa imisindo eyethusayo endlini yakhe ebusuku. Ngezinye izikhathi wayezwa sengathi amandla angabonakali ayezama ukumdudula ehle ngezitebhisi. Lokho okwabonakala ekuqaleni kunenzuzo manje kwaba imbangela yokwesaba kuyena. Ngokungangabazeki uye wezwa ngabantu abaye baba nokuhlangenwe nakho okunjalo, mhlawumbe ngisho nezinkinga ezimbi kakhulu, kangangokuthi bafinyelela ephuzwini lokufuna kakhulu ukukhululeka. Kodwa ingabe yileyondlela uMoya Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, osebenzelana ngayo nabantu? IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uluthando nokuthi ufuna ukuba simthande. (1 Johane 4:8) Futhi kweyoku-1 Johane 4:18 lithi singasondela kuJehova uNkulunkulu ngokukhululeka ngoba “akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, . . . nowesabayo akaphelele othandweni.”
43. UJehova usifundisa ukuba sibe njani ngakwabanye, futhi yimuphi umbuzo lokhu okuwuphakamisayo?
43 Ngenxa yokuthi uluthando, uMoya Omkhulu, uMdali wethu, ukhathalela izithakazelo zethu ezinhle kakhulu. Usifundisa ukuba sibe abangenabugovu nokuthi sibonise abanye uhlobo olufanayo lothando alubonisa kithina. Kodwa yini esivamise ukuyithola kulabo abasebenzisa imimoya?
UTHANDO LWEMALI
44. Izinyanga noma izangoma, ngokuphambene nomoya owabonakaliswa uJesu nabafundi bakhe, zilubonisa kanjani uthando lwemali?
44 Kuvame kangakanani ukuba uzwe ngezinyanga noma izangoma zinikela ngezinkonzo zazo kubantu mahhala? UJesu watshela abafundi bakhe, “Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:7, 8) Ingabe kunjalo phakathi kwalabo abasebenzisa imimoya? Ezweni elithile eningizimu yeAfrika inyanga noma umthandazeli ufika ekhaya abese elifafaza ngesiwasho namakhubalo ngokulizungeza, mhlawumbe enze iziphambano emnyango aze futhi “agome” umkhaya ngokuthile kwalokhu. Ingabe lokhu kwenziwa njengokubonakaliswa komusa, mahhala? Cha, kunalokho, ngalokhu okucatshangwa ukuthi kuyisivikelo ekulinyazweni yimimoya engabonakali, inyanga ibiza imali elingana naleyo umninindlu abengase ayihole emsebenzini wamasonto amathathu noma amane.
45. Iyiphi enye indlela esetshenziswa izinyanga, emazweni athile, ukuze zenze imali eningi?
45 Kwezinye izindawo, izinyanga zithatha izinto ezithile bese zenza amasiko athile kulezizinto ukuze zizithakathe. Bese-ke zizibeka ngamabomu lezizinto ezindleleni ukuze abantu bazithathe. Labo abazithathayo, ngokuvamile baqala ukwesaba ukuthi manje bazolimala bese beya ezinyangeni ukuze basizwe. Kodwa usizo kumelwe lukhokhelwe, ngakho-ke izinyanga ziyithola kanjalo imali yazo. Ingabe ucabanga ukuthi lokhu kuyindlela efanelekile yokweza izinto?
46. Yini eyenzeka kuPawulu eFilipi? Ngani?
46 Emuva ezikhathini zeBhayibheli lokhu kuhaha okufanayo kwaboniswa ngabantu ababehileleke emimoyeni. Ngenkathi esemzini waseFilipi, umphostoli uPawulu wabeleselwa yintombazane eyisigqila ‘eyayinomoya wobungoma.’ Ekugcineni uPawulu wamemeza idemoni ukuba ‘liphume kuyo’ futhi umoya wayishiya. UPawulu wakwenza lokhu mahhala, engabizi noma athathe inkokhelo. Kodwa abanikazi balentombazane, esikhundleni sokujabula, bathukuthela base bemfaka ejele uPawulu. Ngani? IBhayibheli lisitshela ukuthi kwakungenxa yokuthi babethola “inzuzo enkulu” ngemisebenzi yentombazane yokubhula.—IzEnzo 16:16-24.
UKUZIPHATHA KABI NGOKOBULILI
47, 48. Yimiphi imikhuba engcolile ehlangene nemimoya emibi?
47 Sesiye safunda kakade ukuthi kwaba ukukhanga kobulili okwaholela amanye amadodana kaJehova omoya ukuba ashiye inkonzo yakhe, kwaphumela ekubeni abe izihlubuki. Ingabe siyakuthola yini ukuziphatha kabi ngokobulili kuhlangene nokukhulekelwa kwemimoya engabonakali namuhla? Ezindaweni ezithile akuyona into engavamile ukuzwa ngabesifazane abasembhedeni abezwa ukuthi kukhona umuntu ongabonakali kuze kube sephuzwini lokuba bashukumiseke ngokobulili njengokungathi umuntu onjalo ongabonakali unobuhlobo bobulili nabo.
48 Kwezinye izingxenye zomhlaba, abesifazane abangazali ngokuvamile bathintana nemimoya engabonakali ngezangoma ukuze bathole ikhambi ngokungazali kwabo. Kodwa ngezinye izikhathi kuyaye kudingeke ukuba bahlangane ngokobulili “nodokotela” njengenxenye “yokwelashwa” kwabo.
49. Ukuziphatha kabi kobulili kwavezani ngaphambi kukaZamcolo, futhi kuvezani namuhla?
49 Ucabanga ukuthi izinto ezinjalo ziletha ubuhle noma ukuthi zingasiza ekuvezeni imikhaya ejabulayo nemiphakathi ejabulayo? IBhayibheli libonisa ukuthi ngenkathi lawomadodana omoya ehlubuka ngaphambi kukaZamcolo futhi ehileleka ekuziphatheni okubi kobulili, khona-ke “umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.” (Genesise 6:1-11) Ukuziphatha okubi kobulili namuhla kuletha futhi ukuxabana, ukulwa ngisho nokuchitheka kwegazi.
UKUBULALA NONYA
50. UJehova uzizwa kanjani ngokubulala?
50 Akekho kithina ofuna ukulahlekelwa ukuphila kwakhe ezandleni zombulali. IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uyabazonda ababulali. Omunye weMiyalo yakhe Eyishumi uthi: “Ungabulali.” (Eksodusi 20:13) Yini esiyitholayo enqubweni yemimoya noma yokukhonzwa kwamadlozi maqondana nalokhu? Cabangela amaqiniso alandelayo:
51-54. Nikeza izibonelo zokubulala okuhlangene nemimoya.
51 Ukubulala okungokwemikhuba yamasiko kanye nemihlatshelo yabantu akuvunyelwe ngokomthetho kuwo wonke amazwe. Nokho, phakathi kwabakhonza amadlozi nezinyanga emazweni athile lemikhuba yonya isalokhu iqhubeka. Ngokwesibonelo, eGhana uma inkosi enkulu ifa ingcwatshwa ngokwesiko nezingebhezi zamakhanda abantu ababulewe ngomshoshaphansi ongokwesiko. Ngo-1974 abantu ababili bathweswa icala lokubulala ngokwesiko lapho ngokuphathelene nokufa kwenkosi enkulu. Nakuba lingekho ngokomthetho, lelisiko liyaqhubeka ngenxa yenkolelo esekelwe emangeni enkolo, okuthi imiphefumulo yababuleweyo iphelezela inkosi ukuze ikhonze izidingo zayo “ezweni lezipoki.”
52 NgoAugust 9, 1977, iphephandaba eLiberia, iLiberian Age, lalinesihloko esithi “Ukubulala Ngokwesiko—Njengoba Ukuhlola Kuqhubeka ‘Iqembu Labangu-11’ Elithweswe Icala Lokubulala.” Lalandisa ukuthi amadoda angu-11, kuhlanganise nezikhulu ezithile eziphakeme, lathweswa icala lokubulala ngonya umuntu ekubulaleni okungokwesiko, kwakhishwa esidunjini salowumuntu amehlo akhe, izindlebe, ikhala, amasende nolimi. Umbiko wathi lokhu kwakuzosebenza “njengamakhubalo” ekusizeni labo abathweswe icala lokubulala ukuba bathole izikhundla eziphakeme.
53 Umbiko wezindaba ovela eBotswana ngoJune 8, 1977, uthi: “‘Udokotela ongokwesiko’ [isangoma] uqinisekisile namuhla ngokuthi isazi sezombangazwe sangaphambili eBotswana sasimnikeze uhlu lwabantu abangu-18 esasifuna ukuba babulawe ngokuthakathwa.”
54 Okubi ngisho nangokwengeziwe yiqiniso lokuthi abantu abasebasha nabantwana baye baba izisulu. Umbiko ovela eNigeria uthi:
“Ukukhulekelwa kwemali sekuye kwaholela abantu abaningi baseNigeria ekubeni benze izinqubo zakudala ezinjengokuthumba abantu abasebasha ukuze bayobulawa ezindaweni ezikhiqiza imali.
“Kusewumbuzo ukuthi ingabe izinyanga ezithile zaseNigeria zingawaphendula yini amakhanda abantu abe yimali. Kodwa okungangabazeki ukuthi abantwana abasebancane baseNigeria bayathunjwa ngenxa yalenjongo.”—Daily Times, December 31, 1976.
55. Nakuba abanye bengase bathi imimoya inohlangothi lwayo “oluhle,” amaqiniso abonisani?
55 Ngokuqinisekile uma ungumuntu okwazisayo okuhle, khona-ke imikhuba engenhla kumelwe ikwenze ube nomuzwa wokwenyanya kanye nokudabuka ngenxa yobuhlungu obubangelwe. Yebo, cishe uye wayizwa impikiswano evame ukunikezwa yokuthi imimoya inohlangothi lwayo oluhle. Ngokwesibonelo, izinyanga eziningi ziyogomela ngokuthi zisebenzisa imithi yazo namakhubalo ‘nokwenziwa kweziphonso’ kuphela ngezinjongo ezinhle. Nokho noma ubani oziqaphelayo kumelwe avume ukuthi akuvamile neze, uma kuke kwenzeke, ukuba zingabaze ukusebenzisa zona lezizinto ukuba zilethe iziqalekiso phezu kwabanye, ngokuvamile ngenxa yemali noma isipho esithile.
56, 57. (a) Kungani lendaba kumelwe uyicabangisise ngokunakekela? (b) Siyolitholaphi iqiniso ngalendaba?
56 Lendaba ifuna ukuba uyicabangisise ngokunakekela. Nakuba ungase uzwe ngezibonakaliso ezithile, izigijimi namaphupho abonakala emahle, iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe liyasixwayisa ngokuthi uSathane namademoni akhe basebenza “ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo.”—2 Thesalonika 2:9, 10.
57 Unalezizinto engqondweni, cabangela manje lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngezangoma nangabapristi abenza imilingo noma izinyanga.
LOKHO IBHAYIBHELI ELIKUBONISAYO NGEZINYANGA NANGABABHULI
58. (a) Kukuziphi izizwe lapho imimoya yayisetshenziswa khona emakhulwini amaningi eminyaka adlule? (b) Sasiyini isimo eKhanani ngenkathi amaIsrayeli enqoba izwe? (c) Yimuphi umyalo ngokuphathelene nemimoya uJehova ayewunikeze amaIsrayeli kakade?
58 IBhayibheli lembula ukuthi ezinkulungwaneni zeminyaka ezidlule ukukhulekelwa kwemimoya nokwenziwa kwemilingo kwakuvamile emazweni anjengeGibithe, iBabiloni neKhanani. (Eksodusi 7:10-12; Duteronomi 18:14; Isaya 47:1, 12, 13) Khona-ke, akumangalisi ukuthi ngenkathi uJehova uNkulunkulu ekhulula isizwe sakwaIsrayeli ebugqilini eGibithe futhi esiletha ezweni laseKhanani sathola abantu bakuleyondawo behileleke ngokujulile emimoyeni. Yimuphi umyalo uJehova uNkulunkulu awunikeza izinceku zakhe? Wazitshela ngokucacile ukuthi kwakumelwe zikhulekele yena yedwa. Singabona ukuthi kungani lokhu kwakulungile, ngoba unguMoya onguMninimandla onke onguMniki wokuphila ngakho-ke uyena kuphela ofanele ukukhulekelwa njengoNkulunkulu weqiniso wezulu nomhlaba. (Eksodusi 20:3-6) Ukunikeza ukukhulekela kwakhe emoyeni noma emimoyeni ethile engabonakali kwakuyobonisa ukumedelela okukhulu uMdali. Ngenxa yalesizathu uNkulunkulu waxwayisa amaIsrayeli: “Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo.”—Levitikusi 19:31.
59. Umthetho kaJehova wathini ngesijeziso salabo abasebenzisa imimoya?
59 UJehova uNkulunkulu waxwayisa amaIsrayeli ukuthi ayengeke nje kuphela alahlekelwe yisibusiso sakhe kodwa futhi ayeyolahlekelwa nawukuphila kwawo uma ayengalaleli ukwenqabela kwakhe ukukhulekela imimoya okunjalo, ethi: “Nalowomuntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowomuntu, ngimnqume kubantu bakubo. Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa.”—Levitikusi 20:6, 27.
60, 61. (a) Ngakho-ke uJehova uzizwa kanjani ngemimoya? (b) Iziphi ezinye zezindlela eqhutshwa ngazo endaweni yakini?
60 Kamuva, uNkulunkulu wanikeza ukugcizelela okwengeziwe enzondweni yakhe ngemikhuba yokungalaleli ehlobene nokukhulekela imimoya engabonakali, njengokubhula nokubikezela inhlanhla, ethi ngomprofethi uMose: “Nxa usufiké ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezozizwe. Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.”—Duteronomi 18:9-12.
61 Ingabe lokhu akucacile yini kahle futhi ingabe akubonisi yini ngokukhanyayo ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke uzizwa kanjani ngezangoma nababhuli kanye nokukhulekela kwabo imimoya engabonakali? NgokweZwi lakhe eliphefumlelwe, uJehova uNkulunkulu uyayizonda yonke imikhuba enjalo kungakhathaliseki ukuthi ikusiphi isimo noma ukuthi itholakala kuliphi izwekazi. Futhi ngenxa yothando lwakhe, usilungiselele lezixwayiso ukuze singatholi ukulimala lemikhuba ekulethayo ngokuqinisekile.
62. Ikuphi okuhlangenwe nakho uJesu nabaphostoli bakhe ababa nakho ngemimoya emibi?
62 Ngenkathi esemhlabeni, uJesu Kristu waphikiswa isitha sikaNkulunkulu, uSathane, nezihlubuki zomoya ezihlanganyela naye. Ngenkathi uSathane ezama ukwenza uJesu ukuba enze isenzo sokukhulekela kuyena ukuze amnikeze amandla nodumo, uJesu waphendula: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe [eBhayibhelini kuDuteronomi 5:9; 6:13] ukuthi: Wokhuleka eNkosini [uJehova] uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” (Mathewu 4:8-10) Ezikhathini eziningi, yena nabaphostoli bakhe ngokufanayo bakhipha imimoya emibi noma amademoni kubantu eyayibahlupha.—Marku 1:39; 3:14, 15.
63. Yini eyokwenzeka kumaKristu asebenzisa imimoya?
63 UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bakhulekele kuphela uMoya onguMninimandla onke, uJehova uNkulunkulu, nokukholelwa eZwini lakhe, iBhayibheli. (Johane 4:23, 24; 17:6, 17) Abafundi bakhe babenombono ofana nokaYise wasezulwini uJehova, ngemimoya nemikhuba yawo. Ephefumlelwe uNkulunkulu, umphostoli uPawulu walobela ayekholwa nabo lokhu: “Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, . . . senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (Galathiya 5:19-21) UMdali noMthombo wakho konke ukuphila ngeke futhi akasoze anikeza ukuphila okuphakade kubantu labo, ngokumelene neZwi lakhe, abanikeza imimoya engabonakali ukukhulekela okungokwakhe. Ngokwesiprofetho esisencwadini yesAmbulo, abantu labo ngokungaphenduki abaqhubekayo bephakathi ‘kwabasebenzisa imimoya’ bayokwehlela ‘ekufeni kwesibili,’ okusho ukubhujiswa kwaphakade okungekho kuvuka kukho.—IsAmbulo 21:8; 22:15, NW.
64. (a) IBhayibheli liyihlanganisa nani imimoya? (Bheka eyabaseGalathiya 5:19, 20, NW.) (b) Luhlobo luni lomoya obelungavumela umuntu ukuba alunikeze ukuzinikezela nenkonzo?
64 Yebo, iBhayibheli libala ukusebenzisa imimoya njengomunye ‘wemisebenzi yenyama,’ kanye nokuhlobonga nokungcola. Sesiye sabona ubufakazi obuningi bokuthi imimoya ngempela ingcolile futhi iyalimaza. Isusa ukukhulekela kwethu nokuzinikezela kwethu kuLowo okumelwe abe nakho ngokufanelekile, uJehova uNkulunkulu. Ngakho-ke, noma imuphi umoya ongabonakali oyovumela abantu ukuba bawunikeze ukuzinikezela nenkonzo enjalo ngeke neze waba umoya omuhle kodwa kumelwe ube umoya omubi noma idemoni. Umphostoli uJohane wasizwa ingelosi ukuba alobe ingxenye yeBhayibheli. Kodwa lapho uJohane ewa phansi phambi kwalengelosi ukuze ayikhothamele, ingelosi ethembekile yathi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu.”—IsAmbulo 19:10.
65. Luhlobo luni lomoya obeluyosebenzelana nombhuli, umbikezeli wenhlanhla noma isangoma?
65 Futhi, njengoba iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi ukuba isangoma noma umbhuli noma umbikezeli wenhlanhla noma umuntu okhulumisana nabafileyo kuyinto uNkulunkulu ayenyanyayo, khona-ke kuyakhanya ukuthi noma imuphi umoya ongabonakali oyosebenzisana nabantu abanjalo kumelwe nawo ngokufanayo ube umoya omubi noma idemoni. Noma iziphi izigijimi ezitholakala emithonjeni enjalo ngeke neze zaba ngezivela kuNkulunkulu weqiniso, uMoya onguMninimandla onke, futhi ngeke zivunyelwe nguye.
66. UIsaya wabonisa ukuthi ubani okumelwe siphendukele kuye uma sifuna iqiniso bese siba nethemba eliqinisekile lesikhathi esizayo?
66 Yingakho nje uNkulunkulu, ngomprofethi wakhe uIsaya, asho lamazwi esixwayiso kumaIsrayeli: “Lapho bethi kini: Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze—pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?” (Isaya 8:19) Uma sifuna ukwazi iqiniso bese siba nethemba eliqinisekile lesikhathi esizayo akumelwe siphendukele kwabafileyo noma ezangomeni, kodwa kuNkulunkulu ophilayo, uMdali wakho konke ukuphila.
67. (a) UPawulu wathini kumbhuli othile? (b) Siyini iseluleko sikaJehova ngokuhileleka emkhubeni onjalo ongcolile?
67 Yingakho nje futhi, labo abahlanganyela emisebenzini yemimoya ngaso sonke isikhathi bephikisana nesigijimi esitholakala eZwini likaNkulunkulu. Emuva ekhulwini lokuqala leminyaka, kwakukhona umbhuli esiqhingini saseKhupro futhi wazama ukuvimbela abanye ekulaleleni isigijimi sezindaba ezinhle esasilethwa umphostoli uPawulu. UPawulu wathi kuye: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?” (IzEnzo 13:9, 10) Kunokuba sibe phakathi kwalabo abaphambanisa noma abasonta izindlela eziqondile zikaNkulunkulu, kumelwe sifune ukuzikhulula ngokuphelele ekukhulekeleni okungcolile kwemimoya, okuwumkhuba ophambene neZwi likaNkulunkulu. KuMoya onguMninimandla onke kuvela lolubizo: “Phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo.”—2 Korinte 6:17.
68. Imuphi umbuzo oziphakamelayo ngabantu abaye bahileleka ohlotsheni oluthile lwemimoya?
68 Mhlawumbe uzifumana ngokwakho usezimweni ezenza lokhu kubonakale kunzima kakhulu. Ungase ufane nabanye abaningi abaye bakhonza amadlozi noma ezinye izinhlobo zemimoya konke ukuphila kwakho. Cishe izihlobo zakho nabantu abaningi endaweni yakini basalandela amasiko ahlobene nalezizinto, futhi bangase babheke imithi ethile, amadwala, imifula, izintaba noma ezinye izindawo njengezindawo zokuphumula imimoya. Khona-ke, ungazikhulula kanjani ekukhulekeleni imimoya engabonakali bese uzuza umusa, isivikelo nesibusiso soMoya onguMninimandla onke, uJehova uNkulunkulu?
UKUKHULULEKA EMANDLENI EMIMOYA EMIBI
69-71. Intombazane esencane eBrazil yakhululeka kanjani emimoyeni emibi?
69 Uma nje imimoya emibi isiye yaba nokumqondisa noma ukumthonya umuntu akulula ukukhululeka kuyo. Kodwa, ngosizo lukaJehova uNkulunkulu, kungenziwa futhi sekuye kwenziwa yizinkulungwane zabantu. Isibonelo esikhuthazayo esentombazane esencane eBrazil eyaba ngaphansi kwethonya lemimoya futhi eyayinikeza abantu imithi yokubelapha. (Bheka isigaba 22.) Eminyakeni eminingi kamuva, lapho ilele ngobunye ubusuku, yezwa amandla athile eyidonsa embhedeni wayo. Nakuba yayisalokhu ilele, yahamba yaphumela phandle futhi yaya emseleni oseduzane ogcwele amanzi. Khona-ke yakhubeka yase iphaphama. Lokhu okuhlangenwe nakho kwayiphazamisa kakhulu futhi kwayenza yafuna ukukhululeka ekulawulweni imimoya engabonakali leyo ebilokhu isebenzelana nayo. Yenzani?
70 Isinyathelo sayo sokuqala sasiwukukhuleka kuNkulunkulu ukuba ayikhulule. Ngakusasa ekuseni othile wangqongqoza emnyango wayo. Yezwa “amazwi” emimoya eyitshela ukuba ingawuvuli umnyango, ethi “uDeveli wayeyilindele phandle.” Kodwa, ngomzamo omkhulu, yawuvula umnyango. Isivakashi sasingeyena uDeveli kodwa sasiyinsizwa eyayinikeza umagazini weBhayibheli, INqabayokulinda. Kuwo kwakunesihloko esikhuluma ngethonya lemimoya emibi. Yazizwa iqiniseka ukuthi lokhu kumelwe ukuba kwakuyimpendulo yomkhuleko wayo oqotho.
71 Yaqala ukufunda iBhayibheli nokulisebenzisa ngokwenza izinguquko ekuphileni kwayo, ingafundi nje kuphela kodwa futhi yenza intando kaNkulunkulu. Kancane kancane yakhululeka ekulawulweni ngamademoni. Yeka indlela eyajabula ngayo ngokuthola isifundo esikhulu esafundiswa uJesu: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”—Johane 8:32.
72. Umfelokazi waseLisbon wenzani ukuze akhululeke emimoyeni emibi?
72 Kwaba njalo nangomfelokazi waseLisbon, okukhulunywe ngaye ekuqaleni. (Bheka isigaba 42.) Ngenkathi ukukhulumisana kwakhe nemimoya engabonakali kuqala ukumbangela inkathazo enkulu ngisho nokwesaba, masinyane ngemva kwalokho wathintwa ngoFakazi BakaJehova futhi wayeseqala ukufunda iBhayibheli nabo. Wafunda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngesimo sangempela sabafileyo, ithemba lovuko kanye nezindaba ezinhle ezikhazimulayo zoMbuso kaNkulunkulu. Lapho eqaphela ukuthi yena, njengabantu abaningi kangaka kuzo zonke izingxenye zomhlaba, ubekhohliswé ngamademoni, waba nokholo kuMoya onguMninimandla onke, uJehova uNkulunkulu, futhi wanqamula konke ukuthintana naleyomimoya edukisayo.
73. Kungani izigidi zabantu ezingahilelekile ngokuqondile emimoyeni kudingeka zilazi iqiniso ngayo?
73 Yebo, abantu abaningi kakhulu emhlabeni wonke baye bavulwa amehlo balibona iqiniso ngezwe lemimoya. Kodwa akuzona zonke izimo ezimbi njengalezo eziphawuliwe. Izigidi zabantu abangezona izangoma nabangasho futhi ukuthi bona bake bezwa “amazwi” emimoya engabonakali nokho basadinga ukuphenduka “basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu.” (IzEnzo 26:18) Ngani? Ngoba banokukhathalela okujulile ekuphileni kwabo kwansuku zonke ngezinto ezinjengezibikezelo, “iso elibi,” ukwesaba izinto ezithile, amakhubalo avikelayo nemikhuba yamasiko ehlangene nokukhulekelwa kwemimoya kunoNkulunkulu weqiniso, uMdali onamandla onke wezulu nomhlaba.
74. Kukubuphi “ubulwembu” abantu abaningi abadinga ukukhululeka kubo?
74 Njengobulwembu besicabucabu obuthandela futhi bubambe impukane noma esinye isidalwa esingena kubo, ngokunjalo kukhona ubulwembu bamasiko nemikhuba yomkhaya noma yesizwe obubambe abantu abaningi ngokwesaba. Bayesaba ukuthi, uma bengawagcini wonke lamasiko, ngeke baluthole usizo lokhokho asebafa noma ukuthi bayolinyazwa ngeminye imimoya engabonakali. Bayesaba ukuthi ngeke baphumelele ekubeni nabantwana noma ukuthi abantwana babo bayokufa, noma ukuthi izinkomo zabo ziyogula futhi zife, ukuthi amapulazi abo ngeke akhiqize noma ukuthi amabhizinisi abo ngeke aphumelele.
75. Ukuze bathole usizo, abantu kudingeka baphendukele kubani?
75 Iqiniso leZwi likaNkulunkulu kuphela elingabakhulula. Ngokufunda okushiwo iZwi lakhe, bangafinyelela ekuqondeni ukuthi kunemimoya engabonakali esebenzelana nezangoma nezinyanga kodwa ukuthi amandla ayo afana nangelutho uma eqhathaniswa namandla kaNkulunkulu weqiniso. Abantu abafinyelela ekuqondeni ukuthi usizo lukaNkulunkulu luyinzuzo enkulu kunosizo oluvela kunoma yimuphi omunye umthombo bayaqonda ukuthi akukho ukulimaza noma isiphi isangoma, inyanga noma umoya ongabonakali okungase kusongele ukukuletha kubo okuyolimaza njengokulahlekelwa kwabo umusa nesibusiso soMthombo wokuphila okuwukuphela kwawo.—Mathewu 10:28.
76. (a) Ngakho-ke isiphi isinyathelo sokuqala sokukhululeka emimoyeni? (b) Imuphi umbuzo manje ophakamayo?
76 Ngakho-ke ulwazi ngoNkulunkulu weqiniso nezinjongo zakhe luyisinyathelo sokuqala sokukhululeka ebugqilini obunjalo. Ngokufunda iZwi likaNkulunkulu sifunda ngesimo sangempela sabafileyo, ukuthi balele ekufeni, abezwa futhi abakwazi ukubonisa uthando noma inzondo, noma ukunikeza usizo noma ukulimaza. Siyaqonda futhi ukuthi ngobani ngempela abahlala ezweni lemimoya nokuthi amadodana kaNkulunkulu amaningi omoya ahlubuka. Kodwa kungani uNkulunkulu avumela lemimoya ehlubukile ukuba iqhubeke kuze kube manje?
77. Ekuhlubukeni kuNkulunkulu, ingabe uSathane namademoni akhe babekela amandla kaNkulunkulu inselele?
77 Kungenxa yokuthi lokho kuhlubuka kwakuyinselele kuJehova uNkulunkulu. USathane namademoni akhe abawabekeli inselele amandla amakhulu kaNkulunkulu, ngoba bayazi ukuthi unamandla kakhulu kunabo futhi unamandla okubabhubhisa. EBhayibhelini kuJakobe 2:19 siyafunda: “Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.” Ayathuthumela ngoba ayazi ukuthi uJehova uye wamemezela injongo yakhe yokuwabhubhisa. Ngenkathi uJesu Kristu, esebenza njengommeleli kaNkulunkulu, esezokhulula abantu abathile ethonyeni lamademoni, lamademoni amemeza ebuza ukuthi wayezé ngenjongo ‘yokuwabhubhisa kungakabi isikhathi esifanele.’ (Mathewu 8:29; Marku 1:24) Ngakho-ke amadodana omoya ayizihlubuki ayazi ukuthi awakwazi ukuba awabekele inselele ngokuphumelelayo amandla kaNkulunkulu onguMninimandla onke.
78. (a) Yini uSathane ayibekela inselele? (b) Imuphi omunye umbuzo owaphakanyiswa, futhi isiphi isibonelo salokhu esitholakala eBhayibhelini?
78 Lokho uSathane akwenza kwakuwukubekela inselele ukufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izidalwa zaKhe. Amazwi akhe kuEva abonisa ukuthi uzama ukubangela abantu ukuba bakholelwe ukuthi uNkulunkulu akayena ngempela uBaba onothando okhathalela izithakazelo ezinhle kakhulu zezidalwa zakhe. Iqiniso lokuthi umbhangqwana wokuqala ongabantu wahlanganyela kulokho kuhlubuka laphakamisa futhi omunye umbuzo. Lowombuzo wawuwukuthi ingabe bonke abanye bezidalwa zikaNkulunkulu babengayengelwa ekubeni bamfulathele bese bebeka ithemba labo komunye. Singakubona lokhu endabeni yenceku kaNkulunkulu uJobe. USathane wazisholo ukuthi uJobe wayeyokhonza uJehova uNkulunkulu kuphela uma izinto zimhambela kahle kodwa ukuthi uma uJobe kumelwe ahlangabezane nezikhathi ezilukhuni noma abekezelele ubuhlungu khona-ke wayeyokuyeka ukukholelwa kuNkulunkulu abese emfulathela.—Jobe 1:7-12; 2:4, 5.
79 .(a) Yini eyayiyodingeka ukuze kuphendulwe lemibuzo ngokugcwele? (b) Yini eyenzekayo esikhathini esisasalele uSathane?
79 Ukuphendula lenselele nokuxazulula lemibuzo ngokukhanyayo nangalé kokungabaza kwakuyofuna isikhathi. Ngakho, ngisho nakuba umbhangqwana wokuqala ongabantu wawuye wazibonakalisa ungohlubukayo, uJehova uNkulunkulu wawuvumela ukuba uqhubeke uphila isikhathi esithile futhi uveze abantwana. (Genesise 3:14-19) Uye wavumela uSathane namademoni akhe ukuba bazame ukuveza ubuqiniso bohlangothi lwabo lwempikiswano enkulu futhi uye wavumela abantu ukuba bavivinywe ukuze kubonakale ukuthi bayokholelwa yini kuNkulunkulu oPhezukonke noma, ngenxa yezizathu zobugovu, bayomfulathela. Kuyiqiniso ukuthi sekuye kwadlula iminyaka cishe engu-6 000 kusukela leyompikiswano yaphakanyiswa okokuqala ngqá e-Edene. Kodwa iBhayibheli lisitshela ukuthi, kuNkulunkulu oPhakade, ‘iminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa.’ (2 Petru 3:8) Ngakho leminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ifana nezinsuku eziyisithupha nje kuphela kuYe. IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi isikhathi siyaphela nokuthi uSathane manje ‘unolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane’ esisasele ngaphambi kokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo sokumisa ukuhlubuka.—IHubo 90:2, 4; IsAmbulo 12:12.
NGOKHOLO OLUGCWELE THATHA ISINYATHELO MANJE
80. Kungani ungaqiniseka lapho uphendukela kuJehova ukuze uthole usizo?
80 Ngenxa yokubekezela, umusa nesihawu sikaNkulunkulu ngamunye wethu unikezwa ithuba lokubonisa ukuthi umi kuphi nokuthi uyokwethembela kubani. Uma ufisa ukukhululeka ebugqilini bemimoya engabonakali nasebulwembwini bamasiko nemikhuba eletha abantu ebugqilini obunjalo, khona-ke ungakungabazi ukucela manje usizo kuJehova, “uNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, . . . novamé ubumnene neqiniso,” ukuze uthole usizo. (Eksodusi 34:6) Isithunywa sikaNkulunkulu, uJesu Kristu, safundisa abalandeli baso ukuba bakhuleke: “Usikhulule komubi.” (Mathewu 6:13, NW) Ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyayizwa imikhuleko evela enhliziyweni ehlanzekile. “Amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo.”—1 Petru 3:12; IzAga 15:29.
81. Ukuze ukhululeke emimoyeni, yisiphi isinyathelo okumelwe usithathe? Ngani?
81 Lapho uqotho, uyosekela futhi izicelo zakho kuNkulunkulu ngokwenza ngokuvumelana nalokho okucelayo. Lokhu kusho ukuthini ngokuqondene namasiko nemikhuba ehlobene nemimoya? Umphostoli ophefumlelwe uPawulu uyaloba: “Angithandi ukuba nibe-nenhlanganyelo namademoni . . . ningelihlanganyele ifatula leNkosi kanye netafula lanamademoni.” (1 Korinte 10:20, 21) Kumelwe sikhethe phakathi kokukhonza uNkulunkulu nokukhonza amademoni, njengoba uJehova uNkulunkulu namademoni bayizitha. Uma sifuna ubungane nesivikelo sikaJehova kumelwe sinqamule bonke ubudlelwane nokuhlangana nemimoya ezimweni zayo eziningi. Lokho kuhlanganisa nokulahla noma yiziphi izinto ezihlobene nemimoya. Izinto ezinjalo beziyomane nje zisigcine singababambeke ebulwembwini bethonya lamademoni. Ukususwa noma ukuchithwa kwezinto ezinjalo kuyisinyathelo esibalulekile sokuya ekukhululekeni kulelothonya.
82. IZwi likaNkulunkulu likubonisa kanjani ukuthi akumelwe sesabe noma yini, njengesithombe?
82 Lapha futhi, iZwi likaNkulunkulu liwusizo olukhulu ekusinikezeni isibindi sokuthatha isinyathelo esinjalo. Lisibonisa ukuthi kungani kungamelwe sizesabe izinto ezinjalo, ngisho noma abanye abantu bengase bazibheke njengezithakathiwe noma njengezinamandla athile ayinqaba. Ngomprofethi wakhe uJeremiya, uJehova uNkulunkulu wanikeza lamazwi esikhuthazo: “Ningaweli ezindleleni zabezizwe . . . Ngokuba izithombe ezibaziweyo zezizwe zingamanga, ziwumuthi nje ogawulwe ehlathini, wabazwa ngeshizolo ngumbazi, uyawuhlobisa ngesiliva nangegolide, ekuhlanganisa ngesando nangezipikili ukuze kungahlukani. Azikwazi ukukhuluma njengoba sinjalo nesithusa-magwababa ensimini yamakhukhamba; kumelwe zithwalwe, ngoba azikwazi ukuhamba. Ningazesabi: azikwazi ukulimaza futhi azinamandla okwenza okuhle.” (Jeremiya 10:2-5, New English Bible) Umntwana omncane angase asesabe isithusa-magwababa esisensimini kodwa abantu abadala bazi kangcono. Futhi iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi, njengoba isithusa-magwababa singenakukhuluma noma ukuhamba noma ukusiza noma ukulimaza umuntu, kunjalo futhi nangezithombe abantu abazenzayo bese bethi zingcwele.
83. IBhayibheli likubonisa kanjani ukungabi nangqondo kokukhulekela komuntu noma yini eyenziwe yizandla zomuntu?
83 IBhayibheli libonisa indlela abangenangqondo ngayo abantu ababheka ezintweni ezithile ezenziwe ngezandla zomuntu njengokungathi zinamandla athile angaphezu kwawabantu kuzo. Ngokwesibonelo, isiprofetho esiphefumlelwe sikaIsaya silandisa ngomuntu ogawula umuthi omkhulu ehlathini, athathe ingxenye yawo abase umlilo abhake isinkwa abese esebenzisa enye ingxenye ekwenzeni isithombe abese ‘esikhothamela akhuleke kuso, athandaze kuso, athi: Ngophule; ungunkulunkulu wami.’ UJehova uNkulunkulu uthi ngabanjalo: “Abazi, abaqondi, ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi. Akakho okhumbulayo, nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe: Ngishisile inxenye yawo ngomlilo, ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo, ngosile inyama, ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube-yisinengiso, ngikhothamele umbhuku womuthi, na? Udla umlotha; . . . akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi: Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”—Isaya 44:14-20.
84. (a) Ingabe ucezu lokhuni, indwangu noma intambo ngokwakho kungasisiza noma kusilimaze? (b) Yini engasilimaza ngempela?
84 Ukhuni lusalokhu luwukhuni nje kungakhathaliseki ukuthi abantu bangahle balusebenze kangakanani. Yingakho nje isithombe sokhuni singashiswa futhi sibhujiswe njenganoma yiluphi olunye ucezu lokhuni. Asikwazi ukuzivikela ekubhujisweni. Kunjalo futhi nangendwangu noma intambo noma udaka noma itshe noma izimbewu noma yini enye abantu abangahle bayisebenzise ekwenzeni into ethile yokukhulekela imimoya. Kungabhujiswa konke ngandlela-thile. Uma lezizinto zingenakukwazi ukuzivikela, ngokuqinisekile ngeke zikwazi ukuvikela abanye. Kodwa ukulimala kwangempela kufika ekukholelweni ezintweni ezinjalo nokuvumela ngaleyondlela imimoya ekhohlisayo, engcolileyo, amademoni, ukuba isigqilaze ezintweni ezingamanga nezingelutho. IZwi likaNkulunkulu liyasibonisa indlela yokukhululeka emangeni anjalo.
85. AmaKristu athile ase-Efesu enzani?
85 IBhayibheli lisitshela ngabantu ababenokholo nesibindi sokushisa izimpahla ezithile zemimoya, ngisho nakuba lokhu kwakuyizindleko ezinkulu kubona. Ngemva kokuchaza ngokufakaza ngoNkulunkulu weqiniso okwenziwa umphostoli uPawulu emzini wase-Efesu, incwadi yeBhayibheli yezEnzo ithi: “Abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.” (IzE 19:19) Ake ucabange ngengcebo enkulu lokho okwakuyiyo! Nokho, ukuba nokuvunyelwa uNkulunkulu uMninimandla onke nokukhululeka ethonyeni lamademoni kwakuyinto enkulu kakhulu kubona kunemali.
86. (a) Yaba yini imiphumela yalokho okuhlangenwe nakho? (b) Okufanayo kuye kwenzeka kanjani kubantu abaningi namuhla?
86 Kungani ungaqalazi ekhaya lakho bese uzibuza ukuthi ingabe nawe ubonisa ukholo olufanayo futhi ulandele lesosibonelo, ususe noma yini ehlangene nokukhulekela imimoya? Imiphumela yalokho okuhlangenwe nakho kwase-Efesu yayingekhuthaza kakhulu: “Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.” (IzEnzo 19:20) Okunjalo kuye kwenzeka namuhla phakathi kwezinkulungwane zabantu abaye bafulathela imimoya baphendukela kuNkulunkulu weqiniso nasekukhulekeleni kwakhe. Amandla eqiniso leZwi likaNkulunkulu aye abashukumisela ukuba baqoqele ndawonye zonke izincwadi, amakhubalo, amabhande asesihlakaleni, izintambo “zesivikelo,” izingubo nazo zonke izinto ezihlobene nemimoya futhi bakubhubhisa.
87. Owesifazane waseningizimu yeAfrika wenzani, futhi waba yini umphumela?
87 Njengesibonelo esisodwa, owesifazane waseningizimu yeAfrika owayeyisangoma wamukela usizo olwanikezwa ngomunye woFakazi BakaJehova lokuba atadishe iBhayibheli. Ngenkathi befunda ukulandisa kweBhayibheli okucashunwe ngaphambili okuchaza indlela abantu abanhliziyo-ziqotho ekhulwini lokuqala leminyaka abashisa ngayo izincwadi zabo ezikhuluma ngemimoya, lowo wesifazane wabuza ukuthi ingabe naye kwakumelwe enze okufanayo. UFakazi wabonisa indlela lokhu okwakungaletha ngayo umusa kaNkulunkulu, futhi bavumelana ngosuku lokukwenza lokhu. Lapho efika, uFakazi wathola owesifazane esezilungiselele ephethe zonke izingubo zakhe zenkolo nezinto zemimoya kanye nophalafini. Babasa umlilo base bezishisa zonke lezozinto. Waba yini umphumela? Lona wesifazane wathola ukukhululeka ethonyeni lamademoni futhi manje ujabulela ilungelo elihle yena ngokwakhe lokusiza abanye ukuba bathembele kuNkulunkulu weqiniso.
88. Indoda esesigodini esifanayo yakhululeka kanjani ekukhulekeleni imimoya?
88 Ngokufanayo, indoda esigodini esifanayo yaqala ukuthola ukuqeqeshwa enyangeni edumile futhi yayiye yathuthuka ngokushesha, yaba uhlaka olukhulu lomfundisi wayo wezemimoya. Nokho, umkamfundisi, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngolunye usuku loluhlaka lwaba khona esifundweni. Kwaxoxwa ngemiBhalo ebonisa ukuthi uNkulunkulu uyakwenqabela ukuphuzwa noma ukufakwa kwegazi. (Levitikusi 17:10-14; Duteronomi 12:23, 24; IzEnzo 15:20, 29) Lokhu kwayihlaba umxhwele kakhulu lendoda. “Yayisizophothula” ezifundweni zayo “zemithi” nemilingo futhi yayazi ukuthi ukuphuzwa kwegazi kwakuzoba yingxenye yomcimbi “wokuphothula.” Yanqumani? Yafuna ukuthokozisa uMthombo wakho konke ukuphila, uJehova, kunokuzama ukuthola umusa wemimoya engabonakali ephikisayo. Ngakho-ke yakuyeka ngokushesha ukusebenzisa imimoya, yaqhubeka itadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi manje iyajabula ngenkululeko yayo ebugqilini bemimoya engabonakali enobugovu.
89. Yiziphi izinyathelo ezibalulekile okumelwe zithathwe ukuze kunqotshwe imimoya engabonakali?
89 Ukuze ugqashule emimoyeni enjalo engabonakali, kubalulekile ukuba ungakhulekeli nje kuphela usizo lukaJehova uNkulunkulu, kodwa ukuba ‘uqinisele njalo ekukhulekeni.’ (Roma 12:12) IZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi kubalulekile ukungayeki nje kuphela imikhuba yemimoya kodwa futhi nokuzihlanza kunoma yiziphi izinto zemimoya ezingahle zilondoloze ukuxhumana kwakho nokukhulekela imimoya engabonakali. Futhi, ukuze uzuze ukunqoba nokukhululeka lokhu okukulethayo, kumelwe uzenze utholakalele usizo lwabanye ukuze ungabhekani nezitha eziyimimoya uwedwa.
UKUHLANGANYELA NEZINCEKU ZIKANKULUNKULU WEQINISO
90. Kungani kubalulekile ukuhlanganyela nabantu bakaNkulunkulu?
90 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sihlangane ndawonye nabanye ukuze sakhiwe othandweni nasokholweni. (Heberu 10:24, 25) Ungakwenza nobani lokho? Amalungu amasonto eLobukholwa, nakuba ethi akholelwa eBhayibhelini, ngokuvamile aphakathi kwalabo abafuna izinkonzo zezangoma nezinyanga ezingxenyeni ezihlukahlukene zomhlaba. Nokho, oFakazi BakaJehova bathatha inkambo ehlukile. Bazigcina behlanzeke ngokuphelele kunoma yini engahle iholele ekulawulweni yimimoya engabonakali ekuphikisaneni nezimfundiso zeZwi likaNkulunkulu. Bayajabula ngokusiza noma ubani ukuba afunde iBhayibheli abese efunda ngeqiniso lalo elikhululayo. Futhi, njengoJesu nabafundi bakhe, bakwenza lokhu mahhala. Bayokujabulela ukukusiza uthole izimpendulo zemibuzo yakho ngesifundo esinjalo samahhala.
91, 92. Yiziphi izinzuzo eziyolethwa ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova?
91 Bahlangana futhi njalo ngenjongo yokuba nesifundo seqembu semibhalo ephefumlelwe yeZwi likaNkulunkulu, futhi nalemihlangano eyamahhala, akukho nkongozelo ethathwayo. Ukuba khona kuyo kuwusizo olukhulu ekulweni umphostoli uPawulu aloba ngakho ngenkathi ethi: “Sibambene . . . nawomoya bobubi emkhathini.” Lomphostoli ubuye aqhubeke esikhuthaza sonke ukuba ‘sihlome izikhali zonke zikaNkulunkulu,’ nokuba ‘sime siqinile, izinkalo zethu ziboshiwe ngeqiniso, sifakile isivikelo sesifuba sokulunga, . . . isihlangu sokukholwa, . . . isigqoko sensindiso, nenkemba kamoya eyizwi likaNkulunkulu.’—Efesu 6:12-17.
92 Ukukwazi ukusebenzisa lezizikhali ezingokomoya “nenkemba kaMoya” ngokuphumelelayo kungathatha isikhathi. Kodwa ukuhlangana kwakho nabanye abaye bazuza futhi abakuzuzayo ukunqoba empini yabo engokomoya kuyokusiza ukuba wenze intuthuko enhle. Njengoba ufunda ngokwengeziwe ngezinjongo zoMdali noMbusi weNdawo Yonke, uJehova uNkulunkulu, futhi ubona ukuhlakanipha kwemithetho yakhe nezimfuneko zakhe zokulunga, ukholo lwakho luyokhula. Uyozuza ithemba elimangalisayo lokuphila emhlabeni oyipharadesi, lapho abathobekileyo bomhlaba beyojabulela khona ukuphila okungenasiphelo, okungenakho ukugula nokuhlupheka, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu ngoKristu Jesu. Uyofunda ukuthi ungaba kanjani phakathi kwalabo abayophila baze babone isikhathi lapho uNkulunkulu ‘eyokwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.’—IsAmbulo 21:4; IHubo 37:10, 11; Mathewu 5:5.
93. Yiluphi ushintsho lobuntu oludingekile?
93 Ukuze sihlale sikhululekile ekulawulweni yimimoya engabonakali enobugovu kudingeka silandele iseluleko seBhayibheli sokuba ‘sikhumule ubuntu obudala obungokwenkambo yokuqala sembathe ubuntu obusha obadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’ (Efesu 4:22-24) Inkambo yethu yangaphambili yokuziphatha kungenzeka yayingabuswa yintando kaNkulunkulu, kodwa ngamasiko abantu bendawo yakithi. Kudingeka sihlole inkambo yethu ukuze sigweme zonke izinto ezinanoma yikuphi ukuhlangana namanga amademoni okuthi abafileyo bangasiza noma balimaze abaphilayo.—2 Korinte 13:5.
QHUBEKA ULWA UKULWA OKUHLE KOKUKHOLWA
94. Lapho sesikhululekile ebudemonini, yini edingekayo ukuze sihlale sikhululekile?
94 Uma nje usukhululekile ebudemonini kufanele ulwe kanzima ukuze uhlale ukhululekile. UJesu wathi kuphela “okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni oyakusindiswa.” (Mathewu 24:13) Usuku nosuku sidinga ukuqhubeka simelana nemizamo yokusidonsela emuva ebulwembwini bamasiko nemikhuba yobudemoni eyosiphuca isibusiso sikaNkulunkulu.
95. Yiziphi izindlela uSathane ngokuvamile azisebenzisayo ukuze asenze buthakathaka?
95 USathane namademoni akhe bangasebenzisa izindlela eziningi ezihlukahlukene zokuzama ukusenza buthakathaka. Bangase basebenzise izihlobo noma abangane ukuba basiphikise. Kuvamise ukuba njengoba uJesu abikezela: “Nezitha zomuntu kuyakuba-ngabendlu yakhe.” (Mathewu 10:36) Uma ufuna ukukhululeka kuyo yonke imikhuba yobudemoni ukuze ubonakalise uthando lwakho ngoNkulunkulu futhi ube ngoneqiniso ngasemiyalweni yakhe kungakhathaliseki ukuthi yini abanye abantu abangase bayisho noma bayenze, cabangela manje ezimbalwa zezilingo umuntu angase abhekane nazo.—1 Johane 5:3; Kolose 2:8.
LAPHO OTHILE EFA
96, 97. (a) Yiliphi isiko lomngcwabo elihlangene eduze nokukhulekelwa kwamademoni? (b) Uyini umbono wobuKristu ngemingcwabo?
96 Ezingxenyeni zeAfrika, kungokuvamile ukuhlelwa “komlindelo” lapho umuntu efa. Izihlobo nabangane bayahlangana ekhaya lofile noma “kwabo.” Kuba khona isililo, ukucula, ukushaywa kwezigubhu, ukuphuza kanye nokuqhutshwa kweminye imikhuba ngokwesiko lendawo. Ezimweni ezithile ofileyo, esegeziwe wagqokiswa izingubo zakhe ezinhle kakhulu, “uyembulwa” ukuze abangane nezihlobo bashaye uklele badlule embhedeni bese bembuka okokugcina ngaphambi kokuba ayongcwatshwa.
97 Kungokwemvelo ukudabuka ngemva kokufa komngane noma isihlobo. UJesu wadabuka ekufeni komngane wakhe uLazaru futhi waze wakhala izinyembezi. (Johane 11:33, 35) Nokho, izinyembezi zokudabuka kwangempela ziyinto ehlukile esililweni nasekukhaleni okuvamise ukuhambisana nemingcwabo eminingi emazweni athile. Kungokwemvelo ukukhala, mhlawumbe kuze kufike ephuzwini lokulila, ngenxa yokulahlekelwa othandekayo. (2 Samuweli 1:11, 12) Nokho, ukukhala nokulila ngenxa yokwesaba ukucasula imimoya engabonakali, noma ngenxa yokwesaba amanye amalungu omkhaya, kuphambene neZwi likaNkulunkulu. Ngokuvamile amazwi asetshenziswa phakathi nokulila nokucula aqondiswa kofileyo noma kwabanye okhokho ngomkhuleko noma ukunxusa. Ngempela, eminye imilindelo yenziwa ngokuphelele ngokwesaba abafileyo. Ngakho-ke nakuba kungeyona into engalungile ngomuntu owesaba uJehova ukuba aye emngcwabweni, kuhle ukukhumbula iseluleko ‘sokuzahlukanisa nokungathinti okungcolileyo.’ (2 Korinte 6:17) Singazithola izindlela zokubonisa uzwela lwethu nokunikeza induduzo yangempela ngaphandle kokuba nengxenye kunoma yimuphi umsebenzi ohlobene nokukhulekela imimoya. Futhi, abantu bakaJehova akumelwe bazivumele ngokwabo ukuba banqotshwe ukudabuka, njengoba benethemba lovuko. Yingakho nje iBhayibheli lithi: “Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi-nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.”—1 Thesalonika 4:13.
98. Yimaphi amanye amasiko angase ahlobane nobudemoni?
98 Yebo, amasiko ahlobene nokufa, imingcwabo nokuvinjelwa okuthile okwenzelwa izihlobo ezishonelwe kuhlukahluka kakhulu kuye ngezinkolelo zendawo namasiko. Kodwa ngokuvamile asekelwe enkolelweni yokuthi abafileyo bayakwazi ukubona abaphilayo, futhi ahilela imikhuba eminingi ephambene neZwi likaNkulunkulu. Inceku kaNkulunkulu yeqiniso ngeke ifune ukuzingcolisa ngawo. Ezindaweni ezithile eAfrika, ekupheleni konyaka ngemva kokufa komuntu, imininingwane yamasiko akhethekile iyenziwa ‘ukuze kubuyiswe umuntu ofileyo eze ekhaya.’ Kunenkolelo yokuthi ekufeni umphefumulo awuyi ngaso lesosikhathi ‘ezweni lemimoya’ kodwa ukuthi ungena esimweni sokungasebenzi kuze kwenziwe umcimbi wesiko womngcwabo wesibili bese-ke ngalesosikhathi ukwazi ukungena ‘ezweni lemimoya.’ Kwezinye izindawo kuvamise ukuba kuhlatshwe isilwane bese kunikelwa okuphuzwayo emngcwabweni njengomhlatshelo owenzelwa amadlozi. Abalandeli kokubili bamasonto eLobukholwa nawobuSulumane baba nengxenye emigidingweni enjalo.
99, 100. (a) Kungani amaKristu kumelwe aqaphe ezehlakalweni ezinjalo? (b) Yini uJehova angenakuyibekezelela?
99 Nokho, into ebalulekile iyilokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngemikhuba enjalo. Ngokwesibonelo, iHubo 106:28, 29 likhuluma ngamaIsrayeli angathembekile aqala ukukhulekela kwamanga futhi aqala ‘ukudla okuhlatshelwe abafileyo.’ Liyabonisa ukuthi “amcunula” uNkulunkulu ngezenzo ezinjalo futhi alahlekelwa umusa wakhe. Sesiye safunda kakade eBhayibhelini ukuthi lapho umuntu efa, uNkulunkulu kuphela ongabangela onjalo ukuba aphile futhi ngovuko.—Bheka izigaba 33 kuya ku-36.
100 Yebo, ukufa, imingcwabo, imishado, ukukhulelwa, ukuzala, ukusoka, konke lokhu kuyizimo okumelwe siqaphe kuzo. IZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Phaphamani! nilinde! Isitha senu udeveli, njengebhubesi elibhodlayo, siyahambahamba sifuna othile esingamshwabadela.” (1 Petru 5:8, New English Bible) Kulula kakhulu ukunqotshwa ukucindezelwa bese umuntu efaka “umuthi” omncane nje njengekhubalo. Kodwa umuntu ofuna ukuvunyelwa uNkulunkulu uyokhumbula ukuthi uJehova “unguNkulunkulu ofuna ukuzinikela okukhethekile.” (Eksodusi 20:4-6, NW) Akakubekezeleli ukukhulekela kwamanga okusekelwe emangeni futhi ngeke abusise noma yiziphi izinceku zakhe uma ‘zisivivi’ ngemiyalo yakhe.—IsAmbulo 3:16.
IZIKHATHI ZOKUGULA
101. Iyiphi ingozi engahle ibe khona “emithini yesintu”?
101 Ngezikhathi zokugula abanye abantu baye bazama odokotela abaningana bezibhedlela kodwa bangathola kusinda. Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi kumelwe baphendukele kulokho okubizwa kwezinye izindawo ngokuthi “imithi yesintu,” okungukuthi usizo lomelaphi onikeza amakhambi. Abaningi “balabodokodela” basebenzisa amakhambi neminye imithi yokwelapha yemvelo, leyo yona ngokwayo, engase ingabi nangozi neze. Kodwa ingozi isekutheni abaphathi bamakhambi abanjalo noma “odokotela besintu” bangase bahlanganise imimoya nokusebenzisa kwabo amakhambi neminye imithi. EBhayibhelini, igama elithi “imimoya” njengoba litholakala kuyiNew World Translation kusAmbulo 21:8 livela egameni lesiGreki elithi phar·ma·kiʹa, ngokwezwi nezwi elisho “imithi.” Lokhu kungenxa yokuthi ezikhathini zasendulo ababhuli abaningi nabanye abaqhuba imimoya babesebenzisa imithi emikhubeni yamasiko ababeyenza.
102. Imimoya ingahileleka kanjani “ekwelapheni” okusikiselwayo?
102 Abelaphayo bangase basebenzise imimoya ekwelapheni kwabo ngokusebenzisa umhlatshelo (inyoni noma isilwane esilungiselelwa ngumuntu ogulayo), ngokusebenzisa imilingo, noma ngokwenza iziphonso. Ezweni elithile lasentshonalanga yeAfrika, indoda ethile yayalelwa kowesifazane wesizwe ukuze iyothola ikhambi lokwelapha ubuhlungu bezinyo. Lapho eyinikeza umuthi, lona wesifazane wayitshela ukuba ingawubheki. Lapho ebuzwa ukuthi ngani, waphendula ngokuthi umuthi ‘wawuzolahlekelwa amandla awo’ uma iwubheka. Kodwa ikhambi noma umuthi kungazi kanjani ukuthi ‘kuyabhekwa?’ Ingabe izinto ezinjalo zinamehlo? Ngokukhanyayo akunjalo, ngakho kuyakhanya ukuthi owelaphayo wayekholelwa ukuthi amandla emimoya ayeyosebenza ngomuthi, eqinisweni awunikeze amandla angokomlingo.
103. Yini abanye “odokotela besintu” abaphendukela kuyo emkhubeni wabo?
103 Abanye “odokotela besintu” bangase bazisholo nokuthi bayayihlonipha imithetho kaNkulunkulu emelene nemimoya, kanti eqinisweni baphendukela emilingweni emikhubeni yabo. Bangase basebenzise isithobo esimanzi noma amakhubalo ngezinjongo zokwelapha. Kodwa, lapho besusa isithobo, baveza into ethile, mhlawumbe itshe noma ingubo endala, bese bethi lokhu yikhona okubangela ukugula abathi sebekususile emzimbeni.
104. Yini engashiwo ngemihlatshelo ehlangene “nemithi yesintu”?
104 Sesifundile kakade ngalokho uNkulunkulu uMninimandla onke akucabangayo ngalabo abenza imilingo nokubhula nangendlela ababheka ngayo ‘njengabayisinengiso.’ (Duteronomi 18:10-12; bheka izigaba 58 kuya ku-61.) “Imithi yesintu” ngokuvamile isebenzisa imigidingo engamasiko kanye nemihlatshelo ukuze kunxuswe ‘onkulunkulu.’ Ngakho-ke, uma abanye “odokotela besintu” bebengase bakucele ukuba uze nenkukhu noma imbuzi yokuhlatshwa, lokhu bekungasho ukuthini? Lesosilwane besiyohlatshelwa bani ngempela? Umphostoli ophefumlelwe uPawulu uthi: “Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe-nenhlanganyelo namademoni.”—1 Korinte 10:20-22.
105. Uma thina noma abantwana bethu singelapheki ngemva kokusebenzisa zonke izindlela ezifanelekile, yini okumelwe siyenze?
105 Uma sesiye sakhululeka ekugqilazweni yithonya lamademoni, ngeke sizivumele ukuba sidonselwe emuva ebulwembwini bemikhuba yamanga namasiko futhi siqhubeke sikhululekile. Kodwa kuthiwani uma siye sazama zonke izindlela ezifanelekile zokwelashwa ekuguleni futhi singazange siphumelele? IBhayibheli liyasitshela: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa.” (IHubo 55:22) Khuleka kuye, ungakhulekeli ukuba uphiliswe ngesimangaliso esithile, kodwa ukuze ube nokuhlakanipha kokukhetha ukwelashwa okuhlakaniphile nokufanelekile, futhi ngaphezu kwakho konke, ukuze ukwazi ukuhlala uphilile futhi uqinile ngokomoya, uhlale unokholo oluqinile nesimo sokujabula, kungakhathaliseki ukuthi isikhathi sokugula kwakho side noma singesingathi sína kangakanani. Ungabeka futhi kuJehova abantwana bakho. Bakuthola kuYe ukuphila. Angabalondoloza futhi, kodwa hhayi ngezinto ezifana “nemithi eyisivikelo” noma izintambo, imihlatshelo, imikhuba yamasiko noma eminye imigidingo.
106. Yiliphi ithemba eliqinisa izinceku zikaNkulunkulu ezigulayo nezingase zife?
106 Siyazi ukuthi abantu abenza izinqubo zemimoya, kuhlanganise nabaphilisi “nodokotela besintu,” bayagula futhi bafe ngezikhathi ezithile ngenxa yezimbangela ezihlukahlukene. Ngisho nakuba izinceku zeqiniso zikaNkulunkulu nabantwana bazo abahlala bekhululekile ekusebenziseni imimoya bengase bagule isikhathi esithile noma ngisho bahlushwe ukugula okuthile okungelapheki, banethemba elimangalisayo lokubaqinisa. Bayazi ukuthi uJehova uNkulunkulu unesikhathi asimisile lapho eyosusa konke ukugula nokufa. Labo abahlala bethembekile kuNkulunkulu ngalesosikhathi bayokwazi ukwamukela amalungiselelo anikeza ukuphila, afanekiselwa “umfula wamanzi okuphila” okukhona kuwo imithi emaqabunga ayo ‘angawokuphulukisa izizwe.’ (IsAmbulo 22:1, 2) Ngakho-ke, ngisho nakuba sibhekene nokufa, singakhumbula amazwi kaJesu: “Yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.” (Mathewu 16:25) Kunokuzama ukusindisa ukuphila kwethu ngokuphendukela ezinqubweni ezingcolile zemimoya, singabheka emandleni kaNkulunkulu uMninimandla onke bese sethemba ukuthi uyosibuyisa kwabafileyo ngokuvuselwa ekuphileni ezweni lakhe elisha elinempilo.
AMAPHUPHO
107, 108. (a) Kungani uJehova engawasebenzisi amaphupho ukuze asiqondise namuhla? (b) Ukuncika emaphusheni kunaliphi ithonya elibi?
107 Isitha somoya esingabonakali, uSathane singase futhi sisebenzise amaphupho ukuze siphambukise izinceku zikaNkulunkulu ekukhulekeleni okuhlanzekile. Abantu abaningi bawabheka njengabaluleke kakhulu amaphupho. Ezimweni ezimbalwa abonakala ebikezela izinto okuthi kamuva zenzeke. Futhi kuyiqiniso ukuthi ezikhathini zasendulo ezimbalwa zezinceku zikaNkulunkulu, njengendodana ethandekayo kaJakobe uJosefa, zasetshenziswa ukuba zibikezele izehlakalo ezithile ngamaphupho. Nokho, kudingeka sikhumbule ukuthi kulezozinsuku zazingenayo yonke imibhalo yeBhayibheli ukuze izinikeze ukuqondisa okuphelele. Namuhla sinayo. Ngaleyomibhalo siyafunda: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu . . . ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
108 IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lingumqondisi wethu OPHELELE kuyo yonke imisebenzi emihle. Kusukela uNkulunkulu elibangela ukuba lilotshwe lilonke, leloZwi eliphefumlelwe, futhi hhayi amaphupho, liye laba yindlela kaNkulunkulu yokuqondisa izinceku zakhe zeqiniso, kuze kube sosukwini lwanamuhla. Eqinisweni, iZwi lakhe lisixwayisa ngamaphupho ahlangene nokubhula nokukhulekela kwamanga, lithi: “Nababhuli baboné okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho.” (Zakariya 10:2; Duteronomi 13:1-3) IZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe liyosiqondisa ezindleleni eziqondile. Kodwa labo abanciké emaphusheni ngokuqinisekile bayoholeleka ezindleleni ezingamanga, basuke ekukhulekeleni okuhlanzekile.—Jeremiya 23:25-27, 32; 27:9, 10.
IKUSASA ELIKHAZIMULAYO NGABAKHULEKELI BEQINISO
109. IZwi likaNkulunkulu lisebenza kanjani njengesibusiso sakho nesivikelo?
109 Esikhundleni sokwethembela emaphusheni phendukela eziprofethweni ezimangalisayo ezitholakala eZwini likaNkulunkulu. Lelozwi alikukhohlisi kodwa likutshela iqiniso ngokukhulekela imimoya engabonakali nangesimo sangempela sabafileyo. Ngokukubonisa ukuthi abafileyo abezwa futhi abakwazi ukusiza noma ukulimaza abaphilayo, liyakukhulula ekwesabeni okugqilazayo. Liyakuvikela ngokudalula amademoni njengemimoya ekhohlisayo engazenza sengathi ingabafileyo futhi ngaleyondlela idlale ngabantu abaningi. Ngakolunye uhlangothi, uma usebenzisa izimfundiso zeBhayibheli ekuphileni kwakho, uyothola ukuthi zinikeza izinzuzo ezinkulu, njengokuthula kwengqondo nokujabula kwenhliziyo. Futhi ungabona ukuthi iziprofetho zeBhayibheli zigcwaliseka kanjani ngokunembile namuhla.
110. “IBabiloni Elikhulu” limelelani?
110 Leziprofetho zisitshelani ngesikhathi esizayo? Zibikezela ukuthi masinyane konke ukukhulekela kwamanga, kuhlanganise nokukhulekelwa kwemimoya engabonakali enobugovu namasiko nezinqubo zakho zemimoya, kuyobhujiswa ngokuphelele. EBhayibhelini zonke izinkolo zamanga zezwe lonke, kuhlanganise nezinkolo zamanga zeLobukholwa, zimelelwa owesifazane ongcolile ongokomfanekiso obizwa ngokuthi “iBabiloni Elikhulu.” Ufanekiswa njengomuzi owumbuso omkhulu ‘ohlezi phezu kwamanzi amaningi’ futhi lawomanzi “angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi.”—IsAmbulo 17:1, 5, 15, 18.
111. Kungani uJehova exwayisa abantu bakhe ukuba baphume eBabiloni Elikhulu?
111 Singabona indlela inkolo yamanga enhlobonhlobo eye yawakha ngayo umbuso ogqilaza futhi ucindezele abantu kuzo zonke izingxenye zomhlaba kuze kube yilolusuku. Kulowomuzi ongokomfanekiso, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho.” (IsAmbulo 18:23) Ngenxa yokuthi inkolo yamanga isetshenziswa yimimoya engabonakali enobugovu ekudukiseni abantu nokubafulathelisa ekukhulekeleni okuhlanzekile, uNkulunkulu uyayizonda. Ngombuso wenkolo yamanga, iBabiloni Elikhulu elingokomfanekiso, iBhayibheli lithi: “Liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.” Nakuba amademoni nombusi wawo uSathane benamandla angaphezu kwawabantu, babuthakathaka uma beqhathaniswa noJehova uNkulunkulu namabutho akhe ayizingelosi. Leyomimoya engabonakali enobugovu ngeke neze ikwazi ukusindisa labo abahlanganyela emikhubeni ephambene neZwi likaNkulunkulu, lapho isikhathi sikaNkulunkulu sifika sokubhubhisa umbuso wezwe wenkolo yamanga, iBabiloni Elikhulu. Yingakho nje uNkulunkulu esixwayisa: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo.”—IsAmbulo 18:4, 8.
112. Iyiphi-ke impi eyolandela? Obani abayosinda kuyo?
112 Lokho kubhujiswa kwenkolo yamanga kuyolandelwa masinyane ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ Khona-ke, njengommeleli kaNkulunkulu, uKristu Jesu okhazinyulisiwe uyohola amabutho anobukhosi ayizingelosi zasezulwini ngokumelene nazo zonke izitha zikaNkulunkulu emhlabeni. Ngalendlela uNkulunkulu uyohlanza umhlaba kubo bonke ububi ngendlela elula efana nokuhlanza kowesifazane ikhaya lakhe. (IsAmbulo 16:14-16) Ingabe bayoba khona abayosinda? IBhayibheli lithi “abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” (IzAga 2:21, 22) Yebo, “abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:10, 11, 29; IzAga 12:7.
113. Yiliphi ikusasa elikhazimulayo eliphambi kwethu?
113 Ungacabanga yini uphila emhlabeni oguqulwe ipharadesi elihle onabantu abathobeke ngempela nabanothando njengabangane bakho, hhayi ngaphansi kwanoma yisiphi isimiso sezombangazwe esinobugovu nesicindezelayo, kodwa ngaphansi kukahulumeni ophelele nolungile? (Daniyeli 2:44; Isaya 65:17, 21, 22, 25) Ubungathanda yini ukuphila ngesikhathi esinjalo lapho intando kaNkulunkulu yenziwa emhlabeni njengasezulwini nalapho abantu bengasayikuphinde bafunde ukulwa khona? (2 Petru 3:13; Mathewu 6:10; Mika 4:3, 4) Akukho-kugula, ubuhlungu noma ukwesaba ukufa okuyoba lapho! Okunye okwengeziwe, bona kanye labo abaye babangela ukuhlupheka okungaka emhlabeni ngemimoya, okungukuthi, uDeveli namademoni akhe, bayobhujiswa phakade! Yeka ithemba elikhazimulayo iZwi likaNkulunkulu elilinikezayo: Ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi ngokuthula, ukulondeka nempilo!—IsAmbulo 21:3, 4; 20:10.
114, 115. Khona-ke yini okumelwe uyenze?
114 Uma ukuthanda ukuphila, khona-ke qhubeka ukhula olwazini ngoNkulunkulu uMninimandla onke nezinjongo zakhe. UJesu Kristu emthandazweni wakhe oya kuYise wasezulwini wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
115 Nokho kuyodingeka wenze umzamo wangempela. “Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa,” kusho umphostoli uPawulu. Ngayiphi injongo? Ukuze “ubambelele ekuphileni okuphakade.” (1 Thimothewu 6:12) Yebo, gqashula ebulwembwini obubambayo obuletha ebugqileni bemimoya engabonakali enobugovu. Khona-ke qhubeka ‘umelana noSathane, khona uyakukubalekela; sondela kuNkulunkulu, khona uyakusondela kuwe.’ (Jakobe 4:7, 8) Yiba nokholo oluqinile. Futhi kwangathi “uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke” angakunikeza ukunqoba nenjabulo yokumkhonza phakade ezweni lakhe elisha lokulunga.—2 Korinte 1:3.
[Umbhalo waphansi]
a Obunye ubufakazi bokuba yiqiniso kweBhayibheli bungatholakala ezincwadini IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? nethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.”
[Isithombe ekhasini 5]
Ngokukholelwa ukuthi imimoya engabonakali ingamsiza umntanakhe, lona wesifazane uya “enyangeni”
[Isithombe ekhasini 16]
Izithombe ezimelele imimoya yamadlozi ziyenziwa ngenkolelo eyiphutha yokuthi labokhokho bayaphila ezweni lemimoya
[Isithombe ekhasini 17]
Izinhlanzi, izinyoni nezilwane kubizwa ngokuthi “imiphefumulo” eBhayibhelini, njengoba kunjalo ngomuntu. Kodwa akukho kulokhu okungafi
[Isithombe ekhasini 20]
Phakathi nokubusa okuzayo kukaJesu Kristu kweminyaka eyinkulungwane, abantu abafileyo bayobuyiselwa ekuphileni
[Isithombe ekhasini 30]
KuIsrayeli wasendulo, uNkulunkulu wayala ukuba noma ubani owayesebenzisa imimoya kwakumelwe akhandwe ngamatshe aze afe
[Isithombe ekhasini 34]
Imithi ethile, amadwala amakhulu, imifula, izimpophoma, izintaba noma ezinye izindawo zibhekwa ngabanye abantu njengezindawo zokuphumula imimoya engabonakali
[Isithombe ekhasini 37]
Izinkolelo eziyiphutha zibamba abantu abaningi “ebulwembwini” bokwesaba
[Isithombe ekhasini 42]
Njengoba nje isithusa-magwababa singenakuhamba, ukukhuluma, ukusiza noma ukulimaza noma ubani, kunjalo futhi nanganoma yiziphi izithombe abantu abazenzayo
[Isithombe ekhasini 43]
Ingabe isithombe esenziwe ngabantu sinawo amandla angaphezu kwawemvelo? Lesisithombe senziwe ngomuthi ofanayo okuvela kuwo izinkuni umuntu azibasayo ukuze apheke ukudla kwakhe. Njengoba izithombe zingashiswa ngumuntu kalula njengezinkuni zokubasa, ingabe zingaba nawo amandla okusiza noma okulimaza abantu?
[Isithombe ekhasini 45]
Izinkulungwane zabantu ziye zayifulathela imimoya futhi zachitha izinto ezihlobene nayo
[Isithombe ekhasini 48]
Ngokuhlangana njalo ukuze kufundwe iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, singalwa ngokuphumelelayo “nawomoya bobubi emkhathini”
[Isithombe ekhasini 61]
Emhlabeni oyipharadesi, bonke abantu nezilwane bayophila ngokuthula okuphelele, futhi ngeke kusaba khona indlala, usizi, ukugula noma ukufa