-
Funda Ukuhlale Ulindile Kubaphostoli BakaJesuINqabayokulinda—2012 | Januwari 15
-
-
4, 5. UPawulu nayehamba nabo bakubona kanjani ukuqondisa komoya ongcwele?
4 Okokuqala nje, abaphostoli babehlale belindele isiqondiso sokuthi bashumayele kuphi. Kokunye ukulandisa, sifunda indlela uJesu asebenzisa ngayo umoya ongcwele, uJehova ayemnike wona, ukuze aqondise umphostoli uPawulu nayehamba nabo phakathi nohambo olungavamile neze. (IzE. 2:33) Ake sihambisane nabo.—Funda izEnzo 16:6-10.
-
-
Funda Ukuhlale Ulindile Kubaphostoli BakaJesuINqabayokulinda—2012 | Januwari 15
-
-
7 Kuleli qophelo, la madoda enza isinqumo esingase sibonakale sixakile. Ivesi 8 lisitshela lokhu: “Badlula eMisiya behlela eTrowa.” Lokhu kusho ukuthi labo bashumayeli balibhekisa entshonalanga, bahamba amakhilomitha angu-563, badlula imizi eminingi baze bafika echwebeni laseTrowa, isango lemvelo elingena eMakedoniya. Kule ndawo, uPawulu nayehamba nabo bangqongqoza okwesithathu, kodwa kulokhu, umnyango wavuleka gengelezi! Ivesi 9 libika okwabe sekwenzeka: “Phakathi nobusuku kwabonakala umbono kuPawulu: indoda ethile yaseMakedoniya yayimile imncenga ithi: ‘Welela eMakedoniya usisize.’” Ekugcineni, uPawulu wayesazi ukuthi kwakumelwe ashumayele kuphi. Ngaphandle kokulibala, la madoda awelela eMakedoniya ngomkhumbi.
-