“Wale Izinganekwane Ezingcolileyo”
IBHAYIBHELI ligcwele okuhlangenwe nakho nezindaba eziphathelene nabantu. Asijabuleli ukukufunda nje kuphela kodwa siyazuza kukho. Umphostoli uPawulu wabhalela ibandla lamaKristu eRoma: “Konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba.”—Roma 15:4.
UPawulu ngokwakhe wahlanganyela ekulandiseni okuhlangenwe nakho. IBhayibheli lithi ngoPawulu noBarnaba ekupheleni kohambo lwabo lokuqala lwezithunywa zevangeli: “Kwathi ukuba bafike [e-Antiyokiya yase-Siriya], balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo.” (IzEnzo 14:27) Akungabazeki ukuthi lokhu okuhlangenwe nakho kwabakhuthaza kakhulu abazalwane.
Nokho, akukhona konke okuhlangenwe nakho okwakhayo. Ngaphansi kokuphefumlelwa, uPawulu waxwayisa uThimothewu: “Wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi.” (1 Thimothewu 4:7) Futhi wabhalela uThithu ukuthi amaKristu athembekile kufanele ‘anganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso.’—Thithu 1:14.
Zaziyini lezizindaba ezingamanga, noma izinganekwane? Womabili lamagama avela egameni lesiGreki elithi myʹthos (“inganekwane”). I-International Standard Bible Encyclopaedia ithi leligama lichaza “indaba (engokwenkolo) engahlobene neqiniso.”
Izwe langosuku lukaPawulu laligcwele izindaba ezinjalo. Isibonelo salokho yincwadi yendaba eqanjiwe kaTobit, cishe eyabhalwa eminyakeni engaphezu kwamakhulu amabili ngaphambi kwesikhathi sikaPawulu. Lendaba ikhuluma ngoTobit, umJuda oshisekayo, owaba yimpumputhe lapho indle yenyoni iwela emehlweni akhe. Kamuva, uthumela indodana yakhe, uTobias, ukuba iyolanda isikweleti. Endleleni, eqondiswa yingelosi, uTobias uthola inhliziyo, isibindi, nenyongo yenhlanzi. Ngokulandelayo uthola umfelokazi, okuthi nakuba eseshade izikhathi eziyisikhombisa, usalokhu emsulwa ngoba indoda ngayinye yayibulawa umoya omubi ngobusuku bomshado. Eshukunyiswa yingelosi, uTobias uyamshada futhi uxosha lelidemoni ngokushisa inhliziyo nesibindi senhlanzi. Kamuva, uTobias wenza ukuba uyise abone ngenyongo yenhlanzi.
Ngokusobala, lendaba ayilona iqiniso. Ngaphandle kokuba kwayo nobukhazikhazi nokuthambekela kwenkolelo-ze, inephutha. Ngokwesibonelo, ukulandisa kuthi uTobit wazibonela ngawakhe ukuhlubuka kwezizwe zase-nyakatho nokudingiselwa kwama-Israyeli eNinive, izenzakalo ezihlukaniswa iminyaka engu-257 emlandweni ka-Israyeli. Nokho, lendaba ithi uTobit wayeneminyaka engu-112 ubudala lapho efa.—Tobit 1:4, 11; 14:1, The Jerusalem Bible.
Izinganekwane ezinjalo azifaneleki ‘esibonelweni samazwi aphilayo’ ayiqiniso amenyezelwa izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile. (2 Thimothewu 1:13) Ziwumkhiqizo wokucabangela, ophambene neqiniso elingokomlando, into elandiswa izalukazi ezingamesabi uNkulunkulu. Lezi yizindaba okwakufanele zenqatshwe ngamaKristu.
Ukuvivinya Amazwi Eqiniso
Kunenqwaba yezindaba ezinjalo namuhla. UPawulu wabhala: “Kuyakuba-khona isikhathi [abantu] abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha . . . bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.” (2 Thimothewu 4:3, 4) Ezingxenyeni ezithile zomhlaba, izindaba eziphathelene nabantu abanamandla angaphezu kwawemvelo zisakazeke kakhulu futhi ziyathandwa. Ngakho-ke, ngokuhlakanipha amaKristu ‘avivinya amazwi’ ezindaba ezingokwenkolo ukuze abone ukuthi ayavumelana yini neBhayibheli.—Jobe 12:11.
Ngokusobala, eziningi azivumelani nalo. Ngokwesibonelo, ezingxenyeni eziningi zomhlaba, kuvamile ukuzwa izindaba ezisekela umbono wokuthi umphefumulo womuntu awufi. Lezizindaba zichaza indlela umuntu afa ngayo, naphinde avele ngayo njengosana olusanda kuzalwa, umoya, isilwane, noma njengomuntu kwenye indawo.
Nokho, iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi imiphefumulo yabantu ayiyona engafi; imiphefumulo iyafa. (Hezekeli 18:4) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithi abafileyo abaphili ethuneni, abakwazi ukucabanga, ukukhuluma, noma ukwenza noma yini. (UmShumayeli 9:5, 10; Roma 6:23) Ngakho, labo abakhohliswa izindaba ezingamanga ezithuthukisa umbono wokuthi umphefumulo awufi, ‘baphambukisiwe esifundisweni esiphilayo’ seBhayibheli, njengoba kusho uPawulu.
Izindaba Zabantu Abanamandla Angaphezu Kwawemvelo
Ezinye izindaba zibhekisela ezenzweni zabathakathi nabalumbi. Ngokwesibonelo, ezingxenyeni ezithile ze-Afrika kuthiwa lezizithunywa zobubi zihlonyiswa ngamandla amakhulu, zikwazi ukuzishintsha ngokwazo noma abanye babe izilwane ezihuquzelayo, izinkawu, nezinyoni; ziyakwazi ukundiza emoyeni ukuze zifeze imisebenzi yazo; ziyakwazi ukuvela futhi zinyamalale; ziyakwazi ukudlula phakathi kwezindonga; futhi ziyakwazi ukubona izinto ezigqitshwe ngaphansi komhlaba.
Ukwanda okukhulu kwezindaba ezinjalo, kanye nokukholelwa kuzo, kungase kuthonye abanye ebandleni lobuKristu ukuba nabo bakholwe ukuthi ziyiqiniso. Bangase bacabange ukuthi njengoba abantu abavamile bengenakuzenza izinto ezinjalo, labo abathola amandla angaphezu kwawemvelo ezidalweni zomoya, amademoni, bangazenza. Okubonakala kuyisisusa sokuphetha ngaleyondlela eyesi-2 Thesalonika 2:9, 10, ethi: “Lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.”
Nakuba kuyiqiniso ukuthi lombhalo ubonisa ukuthi uSathane uyakwazi ukwenza imisebenzi yamandla, ubuye uveze ukuthi uSathane ungumthombo ‘wezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,’ kanye ‘nenkohliso yokungalungi.’ IBhayibheli libonisa ngokuvumelanayo ukuthi uSathane ungumkhohlisi omkhulu “odukisa izwe lonke.” (IsAmbulo 12:9) Uyingcweti yokwenza abantu bakholelwe izinto ezingelona iqiniso.
Ngenxa yalokhu, ngisho ubufakazi nokuvuma kwalabo abaye bahileleka ekusebenziseni imimoya nobuthakathi ngokuvamile akulula ukukwethemba. Abantu abanjalo bangase bakholelwe ngobuqotho ukuthi baye babona, bezwa, noma baba nokuhlangenwe nakho kwezinto ezithile; kuyilapho, eqinisweni, bengazange. Ngokwesibonelo, kunalabo abacabanga ukuthi bake bakhuluma nemimoya yabantu abafile. Kodwa banephutha, bakhohlisiwe, bayizisulu zokukhohlisa kobusathane. IBhayibheli lithi abafileyo ‘behlela ekuthuleni.’—IHubo 115:17.
Ngenxa yomlando kaDeveli wokukhohlisa, ukuba yiqiniso kwezindaba eziphathelene namandla angaphezu kwawemvelo kufanele kungathenjwa ngokuphelele. Eziningi zazo zisungulwe zisuselwa ekucabangeni okuyinkolelo-ze, kuye kweqiswa ngokulandiswa okuphindaphindiwe.
Ukuphindaphinda izinganekwane ezinjalo kuthuthukisa izithakazelo zikayise wamanga, uSathane uDeveli. (Johane 8:44) Kuvusa isithakazelo emikhutsheni yokulumba eyisinengiso kuJehova. (Duteronomi 18:10-12) Zibamba abantu ogibeni lokwesaba nenkolelo-ze. Akungamalisi-ke ukuthi uPawulu weluleka amaKristu ukuba ‘anganaki izinganekwane.’—1 Thimothewu 1:3, 4.
Ukwenqaba Ubufakazi Bamademoni
Nokho, kuthiwani uma lezizindaba zibonakala ziyiqiniso? Ngezinye izikhathi kulandiswa okuhlangenwe nakho kwemimoya noma abasebenzisa imimoya bevuma ukuphakama kukaJehova nokuba neqiniso koFakazi bakhe. Ingabe amaKristu kufanele aphindaphinde lezizindaba?
Cha, akufanele. IBhayibheli lithi lapho imimoya emibi imemeza ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, ‘wayiyalisisa ukuba ingamzwakalisi.’ (Marku 3:12) Ngokufanayo, lapho idemoni lobungoma lishukumisela intombazane ethile ukuba ichaze uPawulu noBarnaba ‘njengezinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke’ nabamemezeli ‘bendlela yensindiso,’ uPawulu waxosha lomoya kuyo. (IzEnzo 16:16-18) UJesu, uPawulu, nanoma yimuphi wababhali beBhayibheli abazange bawavumele amademoni ukuba afakazele injongo kaNkulunkulu noma izinceku zakhe ezikhethiwe.
Kuyaphawuleka futhi ukuthi, uJesu Kristu waphila endaweni yomoya ngaphambi kokuza emhlabeni. Wayemazi ngokoqobo uSathane. Nokho, uJesu akazange alibazise abafundi bakhe ngezindaba eziphathelene nemisebenzi kaSathane, futhi akazange anikeze imininingwane yalokho uDeveli angakwenza nalokho angenakukwenza. USathane namademoni akhe babengebona abangane bakaJesu. Babexoshiwe, beyizihlubuki, abazonda okungcwele, nezitha zikaNkulunkulu.
IBhayibheli lisitshela lokho okudingeka sikwazi. Liyachaza ukuthi angobani amademoni, indlela adukisa ngayo abantu, nendlela esingawagwema ngayo. Libonisa ukuthi uJehova noJesu banamandla ngaphezu kwamademoni. Futhi lisifundisa ukuthi uma sikhonza uJehova ngokwethembeka, imimoya emibi ayinakusibangela ingozi ehlala njalo.—Jakobe 4:7.
Khona-ke, ngesizathu esihle amaKristu ayazenqaba izindaba ezingamanga, izindaba ezimane zithuthukise izithakazelo zalabo abaphikisana noNkulunkulu. Njengoba uJesu ‘afakazela iqiniso,’ kungokufanayo nangabalandeli bakhe namuhla. (Johane 18:37) Ngokuhlakanipha balalela umyalo weBhayibheli: “Konke okuyiqiniso . . . zindlani ngalokho.”—Filipi 4:8.
[Isithombe ekhasini 31]
AmaKristu eqiniso kumelwe akugweme ngokuphelele konke ukubonakaliswa kwemisebenzi yokulumba