Induduzo Ngabagcina Ubuqotho
“Ngenxa yobuqotho bami ungisekelile.”—IHUBO 41:12, NW.
1. Kungani abantu bakaJehova bedinga induduzo?
OFAKAZI bakaJehova abagcina ubuqotho badinga induduzo ngoba bayizisulu zokushushiswa. Yebo, kumelwe bakulindele ukulingwa okunjalo, ngoba uJesu Kristu watshela abalandeli bakhe: “Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela.” (Johane 15:20) Ikakhulukazi kumanje lapho abantu bakaJehova bedinga induduzo khona. Kungani? Ngoba owokuqala owephula ubuqotho, uSathane uDeveli, uye wehliselwa emhlabeni, futhi isikhathi sakhe sifushane. Ngakho-ke, usebhukule okokugcina njengolwa noNkulunkulu nezinceku zaKhe.—IsAmbulo 12:7-9, 17.
2. AmaKristu azizwa kanjani ngokuhlupheka kwabakholwa kanye nawo?
2 Njengezinceku zikaJehova, sibathandazela ngokungaphezi abafowethu nodadewethu okumelwe basebenze ngaphansi kokuvinjelwa noma abasongelwayo futhi baphathwe ngonya abashushisi. (IzEnzo 12:1; 2 Thesalonika 1:4) Siyawatusa lawomaKristu akukhuthazelela ngokwethembeka ukuthukwa izihlubuki nabanye. (Mathewu 5:11) Banokukhathalela kothando ngesikholwa nabo abaphikiswa yizihlobo noma abaphila emikhayeni ehlukene ngokwenkolo. (Mathewu 10:34-36) Futhi sibazwela ngokusuka enhliziyweni abagcina ubuqotho ababuthakathaka nabanokugula kwesikhathi eside. Kodwa kungani kunalokhu kuhlupheka okungaka? Futhi iyiphi induduzo ekhona ngamadoda nabesifazane bobuqotho?
Khumbula Isizathu NeSiphephelo
3. USathane usebenzisa ushushiso emzamweni wokwenzani?
3 Kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa abantu noma amademoni, uDeveli ufuna ‘ukugwinya’ amaKristu. (1 Petru 5:8) Yebo, uSathane usebenzisa ukushushiswa nobunye ubunzima ekuzameni ukonakalisa ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu, ukuze asenze sibe abephula ubuqotho abangathembekile. Kodwa kukho konke lokhu, ingabe asinaso isivikelo? Phinde!
4. Lapho bebhekene nokushushiswa nezinye izinhlupheko, yini abagcina ubuqotho abangaqiniseka ngayo?
4 UJehova uyoba isiphephelo sethu uma silufuna ngomthandazo usizo lwakhe. Lapho sihlushwa ukushushiswa nezinye izinhlupheko, singamnxusa njengoba kwenza umhubi uDavide: “Yiba-nomusa kimi, Nkulunkulu: yiba-nomusa kimi. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe; ngifuna ukukhosela ethunzini lamaphiko akho, zize zidlule izinhlupheko.” (IHubo 57:1) Njengabagcina ubuqotho, singaqiniseka ngokuthi, ngesikhathi esifanele, ukukhululwa kuyovela kuJehova, isiphephelo sethu. Futhi singaqiniseka njengoDavide lapho ethandaza kuNkulunkulu: “Ngenxa yobuqotho bami ungisekelile, futhi uyongibeka phambi kobuso bakho kuze kube-phakade.”—IHubo 41:12, NW.
5. Iyiphi imfanelo amaKristu ashushiswayo ayidingayo, futhi iliphi ithemba esinalo?
5 Nokho, njengoba ukuvivinywa kungase kuthathe isikhathi esithile, sidinga ukuhlakulela ukukhuthazela. Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu angamaHeberu ukuba ‘akhumbule izinsuku zakuqala okwathi ngazo . . . akhuthazela empini enkulu yezinhlupheko.’ Wabuye wabhala: “Nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.” (Heberu 10:32-36) NgamaKristu agcotshiwe, ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu kuyoletha umvuzo wokuphila okuphakade ezulwini. Kodwa ‘ngesixuku esikhulu,’ kunethemba lokuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni. (IsAmbulo 7:9; Luka 23:43) Ngempela, ukusindela ekuphileni okuphakade kunokwenzeka ngabo bonke abakhuthazela kuze kube sekupheleni njengabagcina ubuqotho.—Marku 13:13.
6. Kungani abanye phakathi koFakazi BakaJehova benesidingo esikhethekile sokukhuthazela, futhi iluphi usizo abanalo?
6 Emashumini eminyaka, oFakazi BakaJehova emazweni athile baye ‘baba nesidingo sokukhuthazela’ esikhethekile. Kungani? Ngoba kuye kwadingeka baqhube inkonzo yabo engcwele ensimini elukhuni noma bebhekene nobunzima obuhlukahlukene, kuhlanganise nokuvinjelwa uhulumeni. Mhlawumbe wena ngokwakho kumelwe ukhuthazelele impilo ebuthakathaka noma ukuphikisa komkhaya imigomo yakho yobuKristu. Ukuvivinywa okunjalo kungabayekisa labo abathembele emandleni nje omuntu, kodwa akubayekisi oFakazi BakaJehova ngoba ‘usizo lwabo luvela kuJehova, uMenzi wezulu nomhlaba.’—IHubo 121:1-3.
7. (a) Ukuvivinywa okuqhubekayo kusinikeza liphi ithuba? (b) Kungani singase sikukholelwe okwashiwo uPawulu kwabaseFilipi 4:13?
7 Ezinye izimo zingase zidinge ukukhuthazelelwa kuze kube sekupheleni kwalesimiso sezinto. Kodwa ukuvivinywa okuqhubekayo kusinikeza ithuba lokubonakalisa ubuqotho bethu kuNkulunkulu nokuthokozisa inhliziyo yakhe. (IzAga 27:11) Ngesikhathi esifanayo, uJehova usinikeza amandla adingekayo ukuze sikhuthazele ekwethembekeni. Umphostoli uPawulu wabhala: “Nginamandla okwenza konke ngaye ongiqinisayo.” (Filipi 4:13) Ungaba nokuwakholelwa lawomazwi aqinisekisayo, ngoba abonakala njalo eyiqiniso endabeni ‘yabazalwane benu abasezweni.’—1 Petru 5:9, 10.
Abagcina Ubuqotho Bayasikhuthaza
8. Bonisa ukuthi abagcina ubuqotho abasemikhayeni ehlukeneyo bangabusiswa kanjani.
8 Kungumthombo wesikhuthazo esikhulu ukubona ubuqotho bugcinwa ‘abazalwane bethu abasezweni.’ Abanye babo baye bavuzwa ngokucebile ngokugcina ubuqotho babo kuJehova emikhayeni ehlukeneyo. Ngokwesibonelo, lapho kuqaliswa isifundo seBhayibheli nowesifazane ongumKatolika eIreland, umyeni wakhe baphikisana naye kanzima futhi wasongela ukumdivosa. Nokho, udade waqhubeka nesifundo sakhe, futhi ngelinye ilanga wanikeza umyeni wakhe incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Wahlatshwa umxhwele ukuba kwayo ngecacile, ukungagwegwesi, nemifanekiso emihle. Ngokushesha indoda yayisitadisha iBhayibheli ngosizo lwalencwadi. Yayeka ukubhema, futhi ngokushesha ngemva kwalokho lombhangqwana wesula eSontweni lamaKatolika futhi wabhubhisa lokho owawukubiza ngokuthi izithombe ezingcwele. Ngokushesha, owesifazane wabhapathizwa futhi wahlanganyela emsebenzini wobuphayona obusizayo, kuyilapho umyeni wakhe enza intuthuko enhle enkonzweni. Okuhlangenwe nakho okunjalo kungaba yisikhuthazo sangempela kulabo abasemikhayeni ehlukene ababekezelayo njengabagcina ubuqotho.—1 Korinte 7:12-16.
9. Abagcina ubuqotho ababuthakathaka bangabasiza kanjani abanye?
9 Abanye abagcina ubuqotho baye bazibonakalisa bethembekile naphezu kobuthakathaka. EBrithani, omunye umKristu okhubazekile okumelwe asebenzise isihlalo sabakhubazekile nokho uthola ukwaneliseka enkonzweni yakhe. Wabhala: “Nakuba bengiswele umsebenzi wokuziphilisa kusukela ngo-1949, uJehova ubethokoziswa ukungisebenzisa sonke lesikhathi. Ngakho iminyaka iye yadlula ngokushesha. Ngiye ngathola ukuthi ngisho nomuntu okhubazeke kabuhlungu angaba usizo olukhulu kwabanye. Mina nomkami siye safana nensika kubantu abahlukahlukene ebandleni. Ngenxa yezimo zethu sihlala sikhona, sitholakala ngaso sonke isikhathi.” Yebo, makungabikho mKristu okhubazekile odumazekayo, ngoba angaba umthombo wesikhuthazo kwabanye.
10. Ngokunganqotshwa ukushushiswa, abagcina ubuqotho bangabasiza kanjani abakholwa nabo?
10 Abagcina ubuqotho abanqotshwa ukushushiswa. Eboshelwe ukulondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu, omunye umzalwane wathi: “Ukushaywa . . . kwaba yingxenye evamile yokuphila kwami, kwakulokhu kwanda futhi kuba nzima. Ngangiba buthakathaka usuku nosuku, njengoba babevame ukungincisha ukudla. Ngathandaza kuJehova ngokungaphezi, futhi ngingasho ukuthi akazange angishiye. Lapho bengishaya kakhulu, kuyilapho ngangizwa kancane.” Nakuba aboshwa iminyaka engaphezu kwemibili, loFakazi kaJehova walondoloza ukungathathi-hlangothi kwakhe. (Isaya 2:2-4; Johane 15:19) Abanye abaningi abagcina ubuqotho baye bathatha ukuma okufanayo. Ngokuqinisekile, ukugcina ubuqotho okunjalo kunikeza isibonelo esikhuthazayo esingashukumisela esikholwa nabo ukuba bathembeke.
Induduzo Engahluleki
11. Isiphi isiqinisekiso senduduzo esingokomBhalo amaKristu anaso?
11 Lokhu okungenhla kumane kungokuhlangenwe nakho okumbalwa kokuningi okubonisa ukuthi uJehova unabantu bakhe abathembekile. ‘Unguyise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’ (2 Korinte 1:3, 4) Yebo, ‘uNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.’ (IHubo 46:1-3) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uyosisekela thina nesikholwa nabo osizini lwethu lonke!
12. Inkambo kaPawulu yokugcina ubuqotho yawathinta kanjani amaKristu ayekanye nawo?
12 Singathola isibindi ngokubona abakhulekeli bakaJehova esikanye nabo bekhuthazela njengamaKristu athembekile naphezu kobunzima obuhlukahlukene. Yilokho okwenzeka lapho abanye bephawula ukwethembeka komphostoli uPawulu. Wabhala: “Lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli, kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke . . . nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.”—Filipi 1:12-14.
13. Ukugcina ubuqotho kwethu siqu kungaba namuphi umphumela?
13 Yebo, uma sazi ukuthi abanye ofakazi bakaJehova bagcina ubuqotho kuye lapho bebhekene nokushushiswa, siyaqiniswa ukuba sihlale sithembekile. Ngakolunye uhlangothi, lapho thina ngokwethu sigcina ubuqotho ngaphansi kokuvivinywa, sikhuthaza abanye ukuba bakhulume izwi likaNkulunkulu ngokungesabi. Futhi ngokuqinisekile singathola ukwaneliseka ngokwazi ukuthi ukwethembeka kwethu kungumthombo wesikhuthazo nesibusiso kubo.
14. Yiziphi ezimbili zezindlela uJehova asiduduza ngazo?
14 UJehova usisekela ngomoya wakhe ongcwele. Eqinisweni, njengoba uPetru abhala, ‘uma sithukwa ngenxa yegama lika-Kristu, siyajabula, ngoba umoya wenkazimulo, ngisho nomoya kaNkulunkulu, uhlezi phezu kwethu.’ (1 Petru 4:12-16) UNkulunkulu futhi uyasiduduza thina nabahluphekayo esikholwa nabo ngokuphendula imithandazo yethu. “Ningakhathazeki ngalutho,” kubhala uPawulu, “kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ingabe nawe unethemba elifanayo ‘kozwayo imikhuleko’?—IHubo 65:2.
Ukuthola Induduzo EZwini LikaNkulunkulu
15. Ungakubonisa kanjani ukuba yiqiniso kwabaseRoma 15:4?
15 IZwi likaNkulunkulu elingcwele nalo lingumthombo wenduduzo enkulu. Njengoba umphostoli uPawulu aphawula: “Konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba.” (Roma 15:4) Ngokwesibonelo, lapho sifunda ngokukhululwa okuyisimangaliso kwamaIsrayeli eGibithe noma ukusindiswa kwamaJuda ngosuku lweNdlovukazi uEsteri, ingabe lokhu akuqinisi ukuthembela kwethu kuJehova njengoMkhululi ongenakufaniswa? Kuthiwani ngomlando kaJobe wokugcina ubuqotho lapho ebhekene nokuhlupheka okukhulu? Ngokuqinisekile, lokhu kubonisa indlela izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla ezingakhuthazelela ngayo ukuhlupheka ngamandla uNkulunkulu awanikezayo. ‘Induduzo yemiBhalo’ ngempela ingagcwalisa abagcina ubuqotho ngethemba nangesibindi.
16. Iziphi iziqinisekiso eziduduzayo ezitholakala kweyoku-1 Petru 5:6, 7 nakweyoku-1 Korinte 10:13?
16 Kodwa kuthiwani uma izinkinga zethu zisenza sizizwe sicindezelekile? Ngokuqinisekile, iziqinisekiso eziduduzayo ezingokomBhalo zingasenza sizizwe silondekile ekunakekeleni kukaJehova futhi zingasisiza ukuba sinqobe ukucindezeleka kwethu. Umphostoli uPetru wabhala: “Zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.” (1 Petru 5:6, 7) Yebo, uJehova “uyanikhathalela.” Yeka umqondo oduduzayo! Ayikho into engenzeka angayiboni noma angenakuyilawula. Ngokungaphezulu, uPawulu wanikeza lesisiqinisekiso: “UNkulunkulu athembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe-namandla okukuthwala.” (1 Korinte 10:13) Njengomuntu ozimisele ukuba ogcina ubuqotho, ungaqiniseka ngalokho!
17. Imaphi amanye amalungiselelo akhona asinikeza induduzo?
17 Ukutadisha ngosizo lomthandazo iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zobuKristu ezilungiselelwa “inceku ethembekileyo neqondayo” kungaletha induduzo ngezikhathi zokucindezeleka. (Mathewu 24:45-47; IHubo 119:105) Ngokufanayo nangeseluleko esinengqondo esingokomBhalo esivela kubadala abanomusa ebandleni. Phakathi kwezinye izinto, kudingeka ‘bathokozise abadanileyo, basekele ababuthakathaka, bababekezelele bonke.’—1 Thesalonika 5:14.
18. Uma sinokuncane ngokwezinto ezibonakalayo, iyiphi induduzo esinayo?
18 Kodwa iyiphi induduzo ekhona uma sinokuncane ngokwezinto ezibonakalayo? Ngokuqinisekile kuyaduduza ukwazi ukuthi kuyoba nezindawo zokuhlala ezinhle, inala yokudla, nezinye izibusiso ezibonakalayo oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu. (IHubo 72:16; 2 Petru 3:13; qhathanisa noIsaya 65:17-25.) Kodwa ngisho kwamanje ukuphila kobuKristu akukuvumeli ukusaphaza imali ekubhemeni okulimazayo. ukuzitika ngokweqile ophuzweni oludakayo, ukugembula, nokunye. Umuntu owonga imali kulokho angayisebenzisa ekuzuziseni umkhaya wakhe. Ukulandela iZwi likaNkulunkulu nakho kungasisiza ukuba saneliswe okuncane ngokwezinto ezibonakalayo. UPawulu wayenjalo, ngoba wathi: “Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu, ngokuba asilethanga-lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.” (1 Thimothewu 6:6-8; Filipi 4:11, 12) Ukugxila emalungelweni ethu enkonzweni kaJehova kuphumela ezibusisweni eziningi ezisenza sicebe ngempela.—IzAga 10:22.
19. Kungabekezelelwa kanjani ukugula kwesikhathi eside?
19 Nokho, kuthiwani uma kumelwe sikhuthazelele ukugula kwesikhathi eside? Lokhu kuyabekezelelwa ngosizo nenduduzo kaJehova etholakala ngeZwi lakhe. Ngokwesibonelo, umhubi uDavide wathi: “Ubusisiwe onakekela ohluphekayo . . . UJehova uyakumphasa ecansini egula.” (IHubo 41:1-3) Lesi akusona isikhathi sokuphilisa ngokuyisimangaliso. Kodwa uJehova unikeza amaKristu agulayo ukuhlakanipha namandla adingekayo ukuze abhekane nokugula kwawo njengoba ebeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni.—Mathewu 6:33; 2 Korinte 12:7-10.
20. Singabhekana kanjani nokudabuka lapho othandekayo efa?
20 Singabhekana kanjani nokudabuka okuba khona lapho othandekayo efa? Induduzo ingatholakala ethembeni leBhayibheli lovuko. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Ngakho, nakuba sidabuka ngenxa yokufa kothandekayo, ‘asidabuki njengabanye abangenalo ithemba.’ (1 Thesalonika 4:13) Yeka induduzo ithemba lovuko eliyilethela abagcina ubuqotho!
Hlala Unethemba KuNkulunkulu Wenduduzo
21. Ngokuvamile kuphumelaphi ukushushiswa okubekezelelwe?
21 Qiniseka ngokuthi uJehova “uNkulunkulu wenduduzo yonke,” akasoze abashiya abantu bakhe abazinikezele nabathembekile. (2 Korinte 1:3; IHubo 94:14) Kunosizo futhi ukukhumbula ukuthi ukushushiswa okukhuthazelelwa amaKristu kungadumisa, noma kukhazimulise, uNkulunkulu. Ukuphathwa okunjalo kuletha ukunakekela kubantu bakhe nasemsebenzini wabo wokushumayela ngoMbuso, futhi lokhu ngokuvamile kuphumela ekwandeni okukhulu kwesibalo sabadumisa uJehova.—Qhathanisa nezEnzo 8:4-8; 11:19-21.
22. Ngokuqondene nobuqotho, kumelwe kube yini ukuzimisela kwethu?
22 Ngakho-ke, ngosizo lukaNkulunkulu, masizimisele ukunganqotshwa amacebo kaSathane okwephula ubuqotho bethu. Ngokubonisa ukholo, kwangathi singaqhubeka sithemba uJehova. Masingalokothi sibhekele phansi izindlela eziningi asibusisa, asisekele, futhi asiduduze ngazo njengezinceku zakhe. Kwangathi singabonakalisa ukuzinikela kwethu kuye nasezimisweni zakhe zokulunga, sisekele ubukhosi bakhe. Khumbula futhi, ukuthi lena ngempela indaba yomuntu siqu. Qhubeka wenza intando yaphezulu njengoba wena usebenza nenhlangano kaJehova kulezinsuku ezinzima. Lijabulele ilungelo lakho lokujabulisa inhliziyo kaJehova ngokuhlala uthembekile kuye, futhi ungalokothi ukhohlwe ukuthi unikeza induduzo engahluleki ngabo bonke abagcina ubuqotho.
Iyini Impendulo Yakho?
◻ Kungani izinceku zikaJehova ziyidinga ngokukhethekile induduzo?
◻ Kungani uSathane esebenzisa ushushiso kumaKristu?
◻ Abagcina ubuqotho bangasikhuthaza kanjani?
◻ Singayithola kanjani induduzo eZwini likaNkulunkulu?
◻ Yini esiqinisekiswa ngayo kweyoku-1 Petru 5:6, 7 nakweyoku-1 Korinte 10:13?
[Isithombe ekhasini 16]
USathane ufuna ukugwinya izinceku zikaJehova, kodwa asisibo neze abangenaso isivikelo
[Isithombe ekhasini 18]
UJehova uyayiphendula imithandazo yabagcina ubuqotho. Ingabe uthandaza njalo?