Sihlukaniselwe Ukuba Abadumisi Abajabulayo Emhlabeni Wonke
“Haleluya! Dumisani nina-zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova.”—IHUBO 113:1.
1, 2. (a) Ngokuvumelana neHubo 113:1-3, ubani ofanelekela ukuba simdumise ngentshiseko? (b) Yimuphi umbuzo okufanelekile ukuba siwubuze?
UJEHOVA UNKULUNKULU unguMdali wezulu nomhlaba Omkhulu Kakhulu, uMbusi wethu weNdawo Yonke kuze kube ngunaphakade. Ukufanelekela ngokugcwele ukuba simdumise ngentshiseko. Yingakho iHubo 113:1-3 lisiyala: “Haleluya! Dumisani nina-zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova. Malibongwe igama likaJehova kusukela kulesisikhathi kuze kube-phakade. Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube-sekushoneni kwalo igama likaJehova malidunyiswe.”
2 NjengoFakazi bakaNkulunkulu, siyakujabulela ukwenza lokhu. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuthi maduze nje uJehova uNkulunkulu uzokwenza ukuba lengoma yokudumisa yenjabulo esiyihlabelelayo namuhla igcwale wonke umhlaba! (IHubo 22:27) Ingabe iphimbo lakho liyazwakala kuleli qembu labahlabeleli elikhulu lomhlaba wonke? Uma kunjalo, yeka ukuthi kumelwe ukuba kukujabulisa kangakanani ukuhlukaniswa nalelizwe elingenabunye nelingenanjabulo!
3. (a) Yini eyenza abantu bakaJehova bahluke, bavelele? (b) Sihluke ngaziphi izindlela?
3 Ukudumisa kwethu uJehova ngobunye ngokuqinisekile kusenza sihluke, sivelele. Sikhuluma futhi sifundise ngokuvumelana futhi sisebenzisa izindlela ezifanayo zokumemezela ‘ubuhle bukaJehova obukhulu.’ (IHubo 145:7) Yebo, njengabantu bakaJehova abazinikezele, sihlukaniselwe inkonzo kaNkulunkulu wethu, uJehova. UNkulunkulu watshela abantu bakhe basendulo abazinikezele, u-Israyeli, ukuba bazigcine behlukile ezizweni ezibazungezile futhi bangangcoliswa imikhuba yalezo zizwe. (Eksodusi 34:12-16) Wanikeza abantu bakhe imithetho yokubasiza benze lokhu. Ngokufanayo namuhla, uJehova uye wasinikeza iZwi lakhe eliNgcwele, iBhayibheli. Isiqondiso salo sisibonisa indlela esingahlala ngayo sihlukile kulelizwe. (2 Korinte 6:17; 2 Thimothewu 3:16, 17) Asihlukanisiwe ngokuba sihlale sodwa ezigodlweni zezindela nezindelakazi, njengezindela nezindelakazi zeBabiloni Elikhulu. Njengoba silandela isibonelo sikaJesu Kristu, singabadumisi bakaJehova basobala.
Lingisa UMdumisi KaJehova Oyinhloko
4. UJesu wasibeka kanjani isibonelo ekudumiseni uJehova?
4 UJesu akakaze achezuke enjongweni yakhe yokudumisa uJehova. Futhi lokhu kwamenza wahluka ezweni. Emasinagogeni nasethempelini eJerusalema, wadumisa igama likaNkulunkulu elingcwele. Kungakhathaliseki ukuthi kusesiqongweni sentaba noma ogwini lolwandle, nomaphi lapho izixuku zazibuthana khona, uJesu washumayela amaqiniso kaJehova obala. Wathi: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba.” (Mathewu 11:25) Ngisho nalapho esecaleni phambi kukaPontiyu Pilatu, uJesu wafakaza: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) UJesu wayekwazisa ukubaluleka komsebenzi wakhe. Nomaphi lapho ekhona, uJesu wafakazela uJehova futhi wamdumisa obala.
5. IHubo 22:22 lisebenza kubani, futhi kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo?
5 KumaHubo 22:22, sithola lamazwi angokwesiprofetho ngokuqondene noMdumisi kaJehova Oyinhloko: “Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho, ngikudumise phakathi kwebandla.” Futhi kumaHeberu 2:11, 12, umphostoli uPawulu ukhulumela lamavesi njengasebenza eNkosini uJesu nakulabo uJehova uNkulunkulu abangcwelisele inkazimulo yasezulwini. Njengaye, abanamahloni okudumisa igama likaJehova ebandleni. Ingabe sinalesi simo sengqondo esifanayo lapho sisemihlanganweni yethu yebandla? Ukuhlanganyela kwethu ngentshiseko emihlanganweni, ngokulalela nangamazwi, kudumisa uJehova. Kodwa ingabe ukudumisa kwethu ngenjabulo kugcina lapho?
6. Yimuphi umyalo uJesu awunika abafundi bakhe, futhi abathandi bokukhanya bamkhazimulisa kanjani uNkulunkulu?
6 NgokukaMathewu 5:14-16, iNkosi uJesu yayala nabalandeli bayo ukuba benze ukukhanya kwabo kukhanye ukuze nabanye badumise uJehova. Yathi: “Nina niwukukhanya kwezwe. . . . Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” Abathandi bokukhanya bakhazimulisa uNkulunkulu. Ingabe lokhu bakwenza nje ngokusho nangokwenza izinto ezinhle, zobuntu? Cha, kunalokho bakwenza ngokukhazimulisa uJehova ngobunye. Yebo, abathandi bokukhanya bazinikezela kuNkulunkulu babe abadumisi bakhe abajabulayo. Usuye wasithatha yini lesi sinyathelo esijabulisayo?
Injabulo Yokudumisa UJehova
7. Kungani abadumisi bakaJehova bejabula kangaka, futhi babenayiphi injabulo ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E.?
7 Kungani abadumisi bakaJehova bejabula kangaka? Ngoba injabulo iyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu. KweyabaseGalathiya 5:22, ibalwe ngemva nje kothando. Abafundi bakaJesu ekhulwini lokuqala basibonisa lesi sithelo somoya kaJehova. Phela ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., lapho uNkulunkulu ethulula umoya wakhe kubafundi bakaJesu abangaba ngu-120, bonke baqala ukudumisa uJehova ngezilimi ezihlukahlukene. AmaJuda ayezokhulekela eJerusalema evela ezizweni eziningi ‘adideka futhi amangala.’ Ababaza: “Sibezwa bekhuluma ngezilimi zethu ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu”! (IzEnzo 2:1-11) Waba yini umphumela walokhu kudunyiswa kukaJehova ngezilimi eziningi okumangalisayo? AmaJuda namaproselithe angamaJuda angaba ngu-3 000 amukela izindaba ezinhle zoMbuso mayelana noMesiya. Abhapathizwa, amukela umoya ongcwele futhi anezela amaphimbo awo ngentshiseko njengabadumisi bakaJehova abajabulayo. (IzEnzo 2:37-42) Yeka isibusiso okwaba yiso!
8. Ngemva kwePhentekoste, amaKristu enzani ukuze andise injabulo yawo?
8 Umbiko uyaqhubeka: “Usuku nosuku babeba khona njalo ethempelini nganhliziyonye, futhi babedlela emakhaya futhi bedla ngokujabula okukhulu nangobuqotho benhliziyo, bedumisa uNkulunkulu futhi bethola umusa kubo bonke abantu. Ngesikhathi esifanayo uJehova waqhubeka enezela kubo nsuku zonke labo abasindiswayo.” (IzEnzo 2:46, 47) Ingabe ukuhlangana kwabo ndawonye nokuhlanganyela ekudleni kuphela okwabalethela injabulo enkulu? Cha, ngokuyinhloko babejatshuliswa ukudumisa uJehova uNkulunkulu nsuku zonke. Futhi injabulo yabo yanda lapho bebona izinkulungwane zisabela esigijimini sabo sensindiso. Kunjalo nangathi namuhla.
Abadumisi Abajabulayo Ezizweni Zonke
9. (a) UNkulunkulu waqala nini futhi kanjani ukunikeza abantu bazo zonke izizwe ithuba lokuzwa izindaba zakhe ezinhle? (b) Kungani umoya ongcwele wathululelwa kuKorneliyu nabangane bakhe ngaphambi kokuba babhapathizwe?
9 UJehova wayengafuni ukuba umsebenzi wokunikeza ukukhanya wezinceku zakhe ugcine esizweni esisodwa. Ngakho-ke, kusukela ngo-36 C.E., wanikeza abantu bazo zonke izizwe ithuba lokuzwa izindaba zakhe ezinhle. Ngesiqondiso sikaNkulunkulu, uPetru waya emzini wenduna yebutho labeZizwe eKesariya. Lapho, wathola uKorneliyu enabangane bakhe abaseduze nomkhaya wakhe. Njengoba belalelisisa amazwi kaPetru, babonisa ukholo kuJesu ezinhliziyweni zabo. Sazi kanjani? Ngoba umoya ongcwele kaNkulunkulu wehlela kulawo makholwa abeZizwe. Ngokuvamile, isipho somoya kaNkulunkulu sasehliswa kuphela ngemva kobhapathizo, kodwa ngaleso sikhathi uJehova wabonisa ukuthi uyabamukela laba abangewona amaJuda ngaphambi kokuba bacwiliswe. Ukube uJehova wayengakwenzanga lokho, uPetru wayengeke aqiniseke ukuthi uNkulunkulu manje wayesebamukela abeZizwe njengezinceku zaKhe nokuthi babekufanelekela ukubhapathizwa emanzini.—IzEnzo 10:34, 35, 47, 48.
10. Kwabikezelwa kanjani kusukela ezikhathini zasendulo ukuthi abantu bazo zonke izizwe babeyodumisa uJehova?
10 Kusukela ezikhathini zasendulo, uJehova wabikezela ukuthi abantu bazo zonke izizwe babeyomdumisa. Wayezokuba nabadumisi abajabulayo kuwo wonke amazwe. Ukuze afakazele lokhu, umphostoli uPawulu wacaphuna iziprofetho ezisemiBhalweni yesiHeberu. Watshela ibandla lamaKristu lomhlaba wonke eRoma: “Yamukelanani, njengoba nje noKristu asamukela, ninombono wokuba kube inkazimulo kuNkulunkulu. Ngoba ngithi uKristu eqinisweni waba isikhonzi salabo abasokile ngenxa yokuba neqiniso kukaNkulunkulu, ukuze aqinisekise izithembiso azenza kokhokho babo, nokuba izizwe zikhazimulise uNkulunkulu ngesihe sakhe. Njengoba nje kulotshiwe [kumaHubo 18:49]: ‘Kungakho ngizokuvuma obala phakathi kwezizwe futhi ngizohubela igama lakho.’ Futhi ubuye athi [kuDuteronomi 32:43]: ‘Thokozani, nina zizwe, nabantu bakhe.’ Abuye athi futhi [kumaHubo 117:1]: ‘Dumisani uJehova, nonke nina zizwe, futhi bonke abantu mabamdumise.’”—Roma 15:7-11.
11. UNkulunkulu uye wabasiza kanjani abantu bazo zonke izizwe ukuba bafunde amaqiniso akhe, futhi uye waba yini umphumela?
11 Abantu abanakumdumisa ngobunye uJehova uma bengabeki ithemba labo kuJesu Kristu, omiswe uNkulunkulu ukuba abuse abantu bazo zonke izizwe. Ukuze abasize bazise amaqiniso aKhe aholela ekuphileni okungunaphakade, uNkulunkulu uye wahlela isimiso sokufundisa somhlaba wonke. Unikeza isiqondiso ngesigaba sakhe sesigqila esikholekile. (Mathewu 24:45-47) Uyini umphumela? Amaphimbo ajabulayo angaphezu kwezigidi ezinhlanu ahlabelela izindumiso zikaJehova emazweni angaphezu kuka-230. Futhi izigidi ezengeziwe zibonisa isithakazelo sokwenza okufanayo. Ake ubheke ukuthi bangaki ababa khona eSikhumbuzweni ngo-1996: 12 921 933. Kuyamangalisa!
Isixuku Esikhulu Sabadumisi Abajabulayo Sabikezelwa
12. Yimuphi umbono oshukumisayo umphostoli uJohane awubona, futhi ugcwaliseka kanjani ngokoqobo?
12 Embonweni, umphostoli uJohane wabona “isixuku esikhulu” siphuma kuzo zonke izizwe. (IsAmbulo 7:9) Sithini isihloko sezindumiso lesi sixuku esikhulu esizihlabelela nensali kaNkulunkulu egcotshiwe? UJohane uyasitshela: “Insindiso yethu ivela kuNkulunkulu wethu, ohlezi esihlalweni sobukhosi, nakulo iWundlu.” (IsAmbulo 7:10) Lokhu kumenyezelwa ngesibindi kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Njengoba siphakamisa amagatsha esundu, ngomqondo ongokomfanekiso, sidumisa uNkulunkulu njengoMbusi Wendawo Yonke ngobunye futhi sivuma ngenjabulo phambi kwezulu nomhlaba ukuthi insindiso yethu “ivela” kuye naseNdodaneni yakhe, iWundlu, uJesu Kristu. Oh, yeka ukuthi umphostoli uJohane wakujabulela kanjani ukubona lombono oshukumisayo wesixuku esikhulu! Futhi yeka ukuthi kusijabulisa kanjani namuhla ukubona, nokuba ingxenye yokugcwaliseka okungokoqobo kwalokho uJohane akubona!
13. Yini eyenza abantu bakaJehova bahluke ezweni?
13 Njengezinceku zikaJehova, siyaziqhenya ngokubizwa ngegama lakhe. (Isaya 43:10, 12) Ukuba kwethu oFakazi BakaJehova kusenza sihluke kulelizwe. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuphatha igama likaNkulunkulu elikhethekile nokwenza umsebenzi wakhe waphezulu ube umgomo wethu ekuphileni! Injongo kaJehova enkulu yokungcwelisa igama lakhe elingcwele nokulwela ubukhosi bakhe bendawo yonke ngoMbuso iye yenza ukuphila kwethu kwaba nenjongo. Futhi uye wasisiza ukuba sibe nendawo enjongweni yakhe yaphezulu ngokuphathelene negama lakhe noMbuso wakhe. Lokhu uye wakwenza ngezindlela ezintathu.
Ukuphathiswa Iqiniso
14, 15. (a) Iyiphi enye yezindlela uNkulunkulu asisize ngayo ukuba sibe nendawo enjongweni yakhe yaphezulu ngokuqondene negama lakhe noMbuso wakhe? (b) UMbuso owamiswa ngo-1914 C.E. uhluke kanjani kulowo owagumbuqelwa ngo-607 B.C.E.?
14 Okokuqala, uJehova uye waphathisa abantu bakhe iqiniso. Isambulo esijabulisa kakhulu ukuthi uMbuso wakhe waqala ukubusa ngo-1914. (IsAmbulo 12:10) Lohulumeni wasezulwini uhlukile embusweni waseJerusalema ongokomfanekiso, lapho amakhosi ohlu lozalo lukaDavide ayevame ukubekwa khona esihlalweni sobukhosi. Lowo mbuso wagumbuqelwa, futhi kusukela ngo-607 B.C.E., iJerusalema laba ngaphansi kokubusa kwemibuso yezwe yabeZizwe ngokuphelele. UMbuso omusha uJehova awumisa ngo-1914 uwumbuso wasezulwini ongeke ube ngaphansi kwanoma ubani ngaphandle kukaJehova, futhi ongeke uchotshozwe. (Daniyeli 2:44) Futhi ukubusa kwawo kuhlukile. Kanjani? IsAmbulo 11:15 siyaphendula: “Kwaba khona amazwi amakhulu ezulwini, ethi: ‘Umbuso wezwe ngempela uye waba umbuso weNkosi yethu nokaKristu wayo, futhi iyobusa njengenkosi kuze kube phakade naphakade.’”
15 “Umbuso weNkosi yethu nokaKristu wa-yo” unegunya phezu kwaso sonke isintu. Lokhu kubonakaliswa okusha kobukhosi bukaJehova, okuhlanganisa neNdodana yakhe enguMesiya nabafowabo bakaJesu abangu-144 000, abaningi babo manje asebevuselwe enkazimulweni yasezulwini, akuyona nje into ethakazelisayo kwezemfundo—okuthile okucatshangelwayo abafundi abangathanda ukuxoxa ngakho. Cha, loMbuso wasezulwini uwuhulumeni ongokoqobo. Futhi ithemba lethu elijabulisayo lokuphila phakade siphelele ngenxa yokubusa kwawo lisinika isizathu esanele sokuqhubeka sijabula. Ukuphathiswa amaqiniso anjalo eZwi likaJehova kusishukumisela ukuba sikhulume kahle ngalo ngaso sonke isikhathi. (IHubo 56:10) Ingabe ukwenza njalo lokhu ngokutshela wonke umuntu ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya manje uyabusa emazulwini?
Ukusizwa Umoya Ongcwele Nobuzalwane Bomhlaba Wonke
16, 17. Iyiphi indlela yesibili neyesithathu uNkulunkulu aye wasisiza ngayo ukuba sibe nendawo enjongweni yakhe yaphezulu?
16 Indlela yesibili uNkulunkulu aye wasisiza ngayo ukuba sibe nendawo enjongweni yakhe yaphezulu iwukusinikeza umoya wakhe ongcwele, osenza sikwazi ukukhiqiza izithelo zawo ezinhle ekuphileni kwethu futhi samukeleke kuye. (Galathiya 5:22, 23) Ngaphezu kwalokho, uPawulu wabhalela amaKristu agcotshiwe: ‘Samukele umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa.’ (1 Korinte 2:12) Ngokusabela kwethu emoyeni kaJehova, sonke manje sesingazazi futhi siziqonde izinto ezinhle asinikeze zona ngomusa kulesi sikhathi—izithembiso zakhe, imithetho, izimiso nokunye.—Qhathanisa noMathewu 13:11.
17 Ngokuqondene nendlela yesithathu uNkulunkulu asisiza ngayo, sinobuzalwane bethu bomhlaba wonke nelungiselelo likaJehova lenhlangano elijabulisayo lokukhulekela. Umphostoli uPetru wakhuluma ngalo lapho esinxusa ukuba ‘sibe nothando ngayo yonke inhlangano yabafowethu.’ (1 Petru 2:17) Umkhaya wethu onothando womhlaba wonke wabafowethu nodadewethu usisiza ukuba sikhonze uJehova ngenhliziyo ejabula kakhulu, njengoba iHubo 100:2 liyala: “Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo.” Ivesi lesine liqhubeka lithi: “Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe.” Ngakho kungakhathaliseki ukuthi sishumayela obala noma siba khona emihlanganweni yethu, singaba nenjabulo. Yeka ukuthula nokulondeka esiye sakuthola emagcekeni amahle ethempeli likaJehova elingokomoya!
Dumisa UJehova Ngenjabulo!
18. Kungani singajabula ngokudumisa uJehova naphezu kokushushiswa noma ezinye izinkinga ezisehlelayo?
18 Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo ezinzima, ukushushiswa, noma ezinye izinkinga ezingase zisehlele, masijabule ngokuthi sisendlini kaJehova yokukhulekela. (Isaya 2:2, 3) Khumbula ukuthi injabulo iyimfanelo yenhliziyo. Abafowethu nodadewethu bangaphambili babengabadumisi bakaJehova abajabulayo naphezu kobunzima obuningi nokulahlekelwa ababhekana nakho. (Heberu 10:34) Esikholwa nabo namuhla banjengabo.—Mathewu 5:10-12.
19. (a) Yimiphi imiyalo ephindaphindwayo esishukumisela ukuba sidumise uJehova? (b) Ukuphila kwethu okungunaphakade kuxhomeke kuphi, futhi kuyini ukuzimisela kwethu?
19 Sonke thina esikhonza uJehova siyakujabulela ukulalela imiyalo yeBhayibheli yokumdumisa. Ngokuphindaphindiwe incwadi yesAmbulo yenza izikhawu zenkulumo ezindumisweni zikaNkulunkulu ngamazwi athi “Dumisani uJah!” (IsAmbulo 19:1-6) Emavesini ayisithupha eHubo 150, sitshelwa izikhathi ezingu-13 ukuba sidumise uJehova. Lokhu ukunxusa komhlaba wonke okubhekiswe kuyo yonke indalo ukuba ihlanganyele ekuhlabeleleni ngenjabulo indumiso kaJehova. Ukuphila kwethu okungunaphakade kuxhomeke ekuhlanganyeleni kwethu kulengoma enkulu kaHaleluya! Yebo, okuwukuphela kwabantu abayophila phakade yilabo abadumisa uJehova ngokungaphezi. Ngakho-ke, sizimisele ukunamathela ngokuseduze ebandleni lakhe elithembekile lomhlaba wonke njengoba ukuphela kusondela. Khona-ke, singaba nethemba lokubona amazwi okuphetha eHubo 150 egcwaliseka ngokuphelele: “Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!”
Ungaphendula Kanjani?
◻ Yini eyenza abantu bakaJehova bahluke, bavelele?
◻ Kungani izinceku zikaJehova zijabula kangaka?
◻ Yini esenza sihluke ezweni?
◻ Yiziphi izindlela ezintathu uNkulunkulu aye wasisiza ngazo ukuba sibe nendawo enjongweni yakhe yaphezulu?
[Isithombe ekhasini 17]
Nomaphi lapho ayekhona, uJesu wafakazela uJehova futhi wamdumisa obala