Izwi LikaJehova Liyachuma “Ezweni Lokhozi”
“IZWE LOKHOZI.” Abantu base-Albania balibiza kanjalo izwe labo ngolimi lwabo. Leli zwe elibheke e-Adriatic Sea liseNhlonhlweni Yamazwe AseBalkan phakathi kweGrisi nezwe elaliyiYugoslavia. Nakuba ziziningi izinto ezishiwoyo ngemvelaphi yabantu base-Albania, izazi-mlando eziningi ziyavuma ukuthi abantu base-Albania nolimi lwabo bayisizukulwane sabantu base-Iliriku yasendulo, ababekhona kudala ngawo-2000 B.C.E. ngokusho kwe-Encyclopædia Britannica.
I-Albania yinhle ngezindlela eziningi. Enyakatho ekude kunezintaba ezimangelengele kanti eningizimu e-Adriatic kunodedangendlale wogu olunesihlabathi esimhlophe. Nokho, okuhle kakhulu kule ndawo abantu bakhona. Banomusa futhi bathanda abantu, banomdlandla futhi bayaxoxa, bayashesha ukubamba futhi uma bechaza into bayawushukumisa impela umzimba.
Bavakashelwa Isithunywa Sevangeli Esivelele
Akungabazeki ukuthi ubuntu obuhle babantu bendawo nezwe labo elihle kwakhanga isihambeli esithile esasinenjongo ehlukile emakhulwini eminyaka amaningi adlule. Cishe ngo-56 C.E., indoda eyayisiwuhambe impela umhlaba, umphostoli uPawulu yabhala: “Kuze kufike e-Iliriku ngizishumayele ngokuphelele izindaba ezinhle ngoKristu.” (Roma 15:19) Indawo eyayiseningizimu ye-Iliriku namuhla iyingxenye ephakathi nesenyakatho ye-Albania. UPawulu wabhala la mazwi eseKorinte, eGrisi, eningizimu ye-Iliriku. Ukuthi wayesezishumayele ngokuphelele izindaba ezinhle “kuze kufike e-Iliriku” kubonisa ukuthi mhlawumbe waze wafika emngceleni we-Iliriku noma wangena esifundeni sakhona. Kunoma ikuphi, washumayela endaweni manje ebizwa ngokuthi iningizimu ye-Albania. Ngakho singasho sithi umuntu wokuqala owaziwayo owashumayela ngoMbuso e-Albania uPawulu.
Kwadlula amakhulu eminyaka. Kwama imibuso yaze yawa. Ababusi bakwamanye amazwe bafika baze bahamba kule ndawo encane yaseYurophu kwaze kwaba yilapho i-Albania ithola uzimele geqe ngo-1912. Ngemva kweminyaka engaba yishumi, abantu base-Albania baphinde bezwa ngoMbuso kaJehova.
Isiqalo Esithakazelisayo Eminyakeni Yamuva
Ngawo-1920, idlanzana labantu base-Albania elalithuthele e-United States futhi elalingabaFundi BeBhayibheli Bomhlaba Wonke, njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova, labuyela e-Albania ukuze litshele abanye lokho elalikufundile. Phakathi kwalo kwakunoNasho Idrizi. Abanye abantu bazamukela izindaba ezinhle. Ukuze kunakekelwe abantu abaningi ababebonisa isithakazelo, ngo-1924 ihhovisi laseRomania labelwa ukuqondisa umsebenzi wokushumayela e-Albania.
UThanas Duli (Athan Doulis) wayengomunye walabo abafunda ngoJehova e-Albania ngaleyo minyaka. Wathi: “Ngo-1925 kwakunamabandla amathathu ahleliwe e-Albania, kuhlanganise nabaFundi BeBhayibheli nabantu abathakazelayo ababehlala ezindaweni ezihlukahlukene kulo lonke izwe. Babengeve bethandana uma ubaqhathanisa . . . nabantu ababephila nabo!”a
Kwakuba nzima kakhulu ukuhamba ngoba imigwaqo yayimibi. Noma kunjalo, abamemezeli abashisekayo bawamukela lo msebenzi. Ngokwesibonelo, u-Areti Pina, owayehlala ngasogwini oluseningizimu yeVlorë, wabhapathizwa ngo-1928 eneminyaka engu-18 ubudala. Wayehla enyuka ezintabeni ezimangelengele, eshumayela ephethe iBhayibheli. Wayeyilungu lebandla eliqinile eVlorë ngasekuqaleni kwawo-1930.
Ngo-1930 umsebenzi wokushumayela e-Albania wawuqondiswa ihhovisi legatsha lase-Athene, eGrisi. Ngo-1932 umbonisi ojikelezayo waseGrisi wahambela e-Albania ukuze akhuthaze futhi aqinise abazalwane. Abaningi ababefunda iqiniso leBhayibheli ngaleso sikhathi babenethemba lasezulwini. Ngenxa yokwaziwa njengabantu abahlanzekile nabaqotho bahlonishwa kakhulu yonke indawo. Umsebenzi walaba bafowethu abathembekile wathela kakhulu. Ngo-1935 nango-1936, kwahanjiswa izincwadi zeBhayibheli ezingu-6 500 e-Albania.
Ngolunye usuku, enkabeni yeVlorë, uNasho Idrizi wadlala enye yezinkulumo zikaJ. F. Rutherford kuyigilamafoni. Abantu bavala izitolo zabo beza bazolalela njengoba uMfoweth’ u-Idrizi ayeyihumusha. Intshiseko yalabo bafundisi beBhayibheli bokuqala abangakhathali yabusiswa. Ngo-1940 kwase kunoFakazi abangu-50 e-Albania.
Izwe Eliphika Ukuthi UNkulunkulu Ukhona
Ngo-1939, amaFascist ase-Italy alidla leli zwe. OFakazi BakaJehova abazange besabhekwa njengabasemthethweni futhi umsebenzi wabo wavinjelwa. Ngokushesha ngemva kwalokho, amasosha aseJalimane alihlasela leli zwe. Lapho kuphela iMpi Yezwe II, kwaba nomholi wezempi onamandla u-Enver Hoxha. Inhlangano yakhe yobuKhomanisi yaphumelela okhethweni lwango-1946, futhi waba undunankulu. Iminyaka eyalandela yaziwa ngokuthi isikhathi senkululeko, kodwa yayingeyona neze inkululeko kubantu bakaJehova.
Kancane kancane uhulumeni waphelelwa isineke ngenkolo. Ngenxa yokungathathi-hlangothi kwabo kobuKristu, oFakazi BakaJehova e-Albania benqaba ukulwa empini nokungena kwezombangazwe. (Isaya 2:2-4; Johane 15:17-19) Abaningi bafakwa emajele, belala ngendlala futhi bengenazo izidingo eziyisisekelo zokuphila. Ezimweni eziningi, babewashelwa bephekelwa odade ababengaphandle.
Isibindi Naphezu Koshushiso
Ngasekuqaleni kwawo-1940, uFrosina Xheka owayesanda kweva eshumini nambili ngaleso sikhathi futhi owayehlala eduze kwasePërmet, wezwa lokho umfowabo omdala ayekufundiswa uFakazi owayelungisa izicathulo, uNasho Dori.b Iziphathi-mandla zazilokhu ziqinisa isandla koFakazi BakaJehova, kodwa ukholo lukaFrostina lwaqina futhi abazali bakhe abakuthandanga neze lokho. “Babefihla izicathulo zami futhi bangishaye uma ngike ngaya esifundweni. Bazama ukungishadisa nomuntu ongakholwa. Lapho ngenqaba, bangixosha ekhaya. Lalikhithika ngalolo suku. UNasho Dori wacela uMfoweth’ uGole Flloko eGjirokastër ukuba angisize. Bahlela ukuba ngihlale kwakhe. Abafowethu baboshwa iminyaka emibili ngenxa yokungathathi-hlangothi. Sebededelwe, ngathuthela eVlorë ngayohlala nabo.
“Amaphoyisa azama ukungiphoqa ukuba ngibe nengxenye emisebenzini yezombangazwe. Ngenqaba. Angibopha, angifaka endlini ethile angikaka. Elinye lawo langesabisa: ‘Uyazazi izinto esingazenza kuwe?’ Ngaphendula: ‘Ningenza kuphela lokho uJehova anivumela ukuba nikwenze.’ Langithethisa: ‘Uyahlanya wena! Phuma la!’”
Abazalwane base-Albania baba nalowo moya wokuba qotho yonke leyo minyaka. Ngo-1957 kwafinyelelwa inani eliphakeme labamemezeli boMbuso abangu-75. Ngasekuqaleni kwawo-1960, indlunkulu yoFakazi BakaJehova yenza amalungiselelo okuba uJohn Marks wase-Albania owayesethuthele e-United States, ahambele iTiranë ukuze asize ekuhleleni umsebenzi wobuKristu.c Nokho, kungakabiphi uLuçi Xheka, uMihal Sveci, uLeonidha Pope nabanye abazalwane ababenemithwalo yemfanelo bathunyelwa emakamu okusebenza kanzima.
Inhlansi Yethemba
Zonke izinkolo zazingathandisiswa e-Albania kwaze kwaba ngo-1967. Ngemva kwalokho, zazingasavunyelwe nhlobo. Abapristi benkolo yamaKatolika, ama-Orthodox noma yamaSulumane babengavunyelwe ukuqhuba izinkonzo zabo. Amasonto avalwa noma ashintshwa aba izindawo zokuzivocavoca, iminyuziyamu noma izimakethe. Akekho owayevunyelwe ukuba neBhayibheli. Umuntu wayengavunyelwe nokuyiphatha nje eyokuthi ukholelwa kuNkulunkulu.
Kwakuyinto cishe engenzeki nhlobo ukushumayela nokuhlangana ndawonye. OFakazi benza konke okusemandleni ukukhonza uJehova naphezu kokuhlukaniswa. Kusukela ngawo-1960 kuya ko-1980, inani loFakazi lancipha kakhulu. Noma kunjalo babeqinile ngokomoya.
Ngasekupheleni kwawo-1980, kancane kancane kwaba noshintsho kwezombusazwe e-Albania. Ukudla nokokwembatha kwakuntuleka. Abantu babengajabule. Izinguquko ezazenzeka eMpumalanga Yurophu zafika nase-Albania ngasekuqaleni kwawo-1990. Ngemva kweminyaka engu-45 yokubusa kobushiqela, uhulumeni omusha wavumela abantu ukuba babe nenkolo abayithandayo.
Eqondiswa iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, amahhovisi amagatsha e-Austria naseGrisi ngokushesha aqala ukuthintana nabazalwane base-Albania. Abazalwane baseGrisi ababazi ulimi lwase-Albania baletha izincwadi zeBhayibheli ezazisanda kuhunyushwa eTiranë naseBerat. Abazalwane bendawo ababehlakazekile bagcwala injabulo lapho behlangana noFakazi baphesheya ngemva kweminyaka eminingi.
Amaphayona Ashisekayo Akwamanye Amazwe Ayahola Emsebenzini
Ngasekuqaleni konyaka ngo-1992, iNdikimba Ebusayo yahlela ukuba uMichael noLinda DiGregorio, umbhangqwana oyizithunywa zevangeli odabuka e-Albania, bathunyelwe e-Albania. Lo mbhangqwana wahambela abazalwane abakhulile abathembekile, wabasiza ukuba baphinde babe ingxenye yomkhaya ongokomoya womhlaba wonke. Iqembu elikhuthele lamaphayona akhethekile angu-16 avela e-Italy, noma abashumayeli besikhathi esigcwele, lafika ngo-November, kanye namaphayona amane avela eGrisi. Kwahlelwa ikilasi lokufunda ulimi lwendawo ukuze kusizwe la maphayona.
Ukuphila kwansuku zonke kwakunzima kula maphayona avela kwamanye amazwe. Ugesi wawuhlala uhlale uhambe. Ebusika amakhaza ayeshubisa umnkantsha futhi umoya unomswakama. Abantu babeshaya ujenga amahora ngamahora ukuze bathole ukudla nezinye izinto eziyizidingo ekuphileni. Kodwa inkinga enkulu kunazo zonke abazalwane ababa nayo ukuthola izakhiwo ezinkulu ngokwanele ukuhlalisa abantu abaningi ababesabela eqinisweni!
Amaphayona okwakunzima kuwo ukukhuluma isi-Albania azibonela ukuthi ukungalwazi kahle ulimi ngeke kuwenze angaphumeleli emsebenzini wawo. Umfundisi weBhayibheli ongumakad’ ebona wawatshela: “Akudingeki size sibeke wonke amagama ngokwendlela yemithetho yolimi ukuze simoyizelele abafowethu noma sibange. Abantu bazothintwa uthando olusuka ezinhliziyweni zenu, hhayi indlela enisebenzisa ngayo ulimi ngendlela eyiyonayona. Ningakhathazeki, bazonizwa.”
Ngemva kokuya ekilasini lokuqala lolimi, amaphayona ahamba ayosebenza eBerat, eDurres, eGjirokastër, eShkodër, eTiranë naseVlorë. Kwaqhibuka amabandla kulawo madolobha. U-Areti Pina, manje oseminyakeni yawo-80 nongasenampilo, wayesahlala eVlorë. Kwathunyelwa amaphayona akhethekile amabili ukuba ayoshumayela no-Areti. Abantu babemangala ukuthi abantu bakwelinye izwe bakhuluma ulimi lwase-Albania. Babethi: “Abantu bezinye izinkolo abahamba beshumayela ivangeli bafuna kube yithina esifunda isiNgisi noma isiNtaliyane uma sifuna ukucosha okuthile kubo. Kumelwe ukuba nisithanda ngempela futhi nisiphathele okuthile okubalulekile ngoba senize nafunda ukukhuluma ulimi lwethu!” Ngo-January 1994, u-Areti wayiphetha ngokwethembeka inkambo yakhe yasemhlabeni, ekhuthele emsebenzini wokushumayela kwaze kwaba inyanga yakhe yokugcina ephila. Intshiseko yena namaphayona abayibonisa yabusiswa. Ngo-1995, kwamiswa kabusha ibandla eVlorë. Namuhla, kunamabandla amathathu akhulayo ashumayela kulelo theku.
Ezweni lonkana, abantu babelamba ngokomoya futhi bengayixwayi inkolo. Babezithatha zonke izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ababezinikezwa oFakazi futhi bazifunde. Intsha eningi yaqala ukutadisha futhi yathuthuka ngokushesha.
Ezweni lonke amabandla namaqembu angaphezu kuka-90 ayaqhubeka “eqiniswa okholweni futhi anda ngesibalo usuku nosuku.” (IzEnzo 16:5) OFakazi abangu-3 513 e-Albania basenomsebenzi omkhulu okufanele bawenze. Ngo-March 2005, kwaba nabantu abangu-10 144 eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Emsebenzini wabo wokushumayela, oFakazi baba nezingxoxo nabantu bale ndawo abathanda abantu, ngakho kumanje kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-6 000. Kusobala ukuthi baningi abantu abazozuza kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha yesi-Albania esanda kukhululwa. Ngempela, izwi likaJehova liyachuma “eZweni Lokhozi” kube udumo kuJehova.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze ufunde ngendaba yokuphila kukaThanas Duli, bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-December 1, 1968.
b Ukuze ufunde ngendaba yokuphila kukaNasho Dori, bheka INqabayokulinda ka-January 1, 1996.
c Ukuze ufunde ngendaba yokuphila kwenkosikazi kaJohn Marks, uHelen, bheka INqabayokulinda ka-January 1, 2002.
[Ibhokisi ekhasini 20]
IZINGXABANO ZOBUZWE ZIYAPHELA EKOSOVO!
Izwe laseKosovo laliyindab’ egudwini ngasekupheleni kwawo-1990 lapho ukubanga imihlaba nenzondo enkulu yobuzwe kuvusa impi futhi kugcina kungenele amazwe omhlaba wonke.
Phakathi nempi yamazwe aseBalkan, oFakazi abaningi babalekela emazweni angomakhelwane. Lapho impi ingasemandla, iqembu elincane labuyela eKosovo liyoshumayela. Amaphayona akhethekile ase-Albania nawase-Italy athuthela eKosovo ngokuzithandela ukuze ayosiza abantu bakhona abangu-2 350 000. Amabandla amane namaqembu ayisithupha akhuthele, sekukonke okwenza abamemezeli abangaba ngu-130, akhonza uJehova kule nsimu.
Ngentwasahlobo yango-2003 kwaba nomhlangano okhethekile wosuku olulodwa ePriština futhi wethanyelwa abangu-252. Phakathi kwabo kwakukhona abase-Albania, e-Italy, eJalimane, eSerbia namaGypsy. Ekupheleni kwenkulumo yobhapathizo, isikhulumi sabuza imibuzo yobhapathizo emibili. Abathathu bama baphendula ngoyebo: umuntu wase-Albania, umuntu ongumGypsy nomuntu waseSerbia.
Izilaleli zenanela ngelikhulu ihlombe ngemva kokuzwa ababezobhapathizwa bevuma kanyekanye bethi: “Va!,” “Da!,” “Po!” Ababezobhapathizwa bangana. Manje sebeyazi ukuthi yini engaqeda izinkinga ezingaka zobuzwe ezikhungethe izwe labo.
[Ibalazwe ekhasini 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ULwandle IMedithera
I-ITALY
I-ALBANIA
IGRISI
[Isithombe ekhasini 18]
Intsha engoFakazi ilingisa intshiseko yoFakazi asebekhulile
[Isithombe ekhasini 18]
U-Areti Pina wakhonza ngokwethembeka kusukela ngo-1928 kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1994
[Isithombe ekhasini 19]
Iqembu lokuqala lamaphayona avela kwamanye amazwe lisekilasini lokufunda ulimi lwendawo
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
Eagle: © Brian K. Wheeler/VIREO