Kungani Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane?
“IDwala, uphelele umsebenzi wakhe.”—DUTERONOMI 32:4.
1, 2. (a) Kungani ulazisa ithemba lokuphila phakade? (b) Yini eyenza abantu abaningi bangakholelwa kuNkulunkulu othembisa izinto ezimangalisayo ngekusasa?
INGABE uyakujabulela ukucabanga ngokuphila ePharadesi? Mhlawumbe uye uzibone uhlola le planethi emangalisayo futhi ufunda ngezinhlobonhlobo zezinto eziphila kuyo. Noma mhlawumbe uye ucabange ngokwaneliseka oyokuthola lapho usebenza nabanye ekunakekeleni umhlaba futhi usiza ekuwuguquleni ube ipaki. Noma uye ucabange ngamakhono ongaba nawo kwezobuciko, ukuklanywa kwezakhiwo, umculo, noma kwezinye izinto ongenaso isikhathi sazo ekuphileni kwanamuhla okumatasa. Kunoma ikuphi, uyalazisa ithemba lokuphila ukuphila iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ukuphila kwangempela”—ukuphila ngendlela uJehova ayehlose ukuba siphile ngayo, sinombono wengunaphakade.—1 Thimothewu 6:19.
2 Kuyinjabulo nelungelo eliyigugu ukuxoxa nabanye ngaleli themba elisekelwe eBhayibhelini, akunjalo? Nokho, abaningi bayalenqaba. Bathi liwutalagu, iphupho labantu abangothathekile. Bangase bakuthole kunzima ngisho nokukholelwa kuNkulunkulu othembisa ukuphila okuphakade ePharadesi. Ngani? Abanye bathiywa ukuba khona kobubi. Bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhona, enguMninimandla onke futhi enothando, asikho isizathu sobubi nokuhlupheka okukhona emhlabeni. Bathi akekho uNkulunkulu ongabekezelela ububi—noma uma ekhona, kuphakathi kokuthi akayena uMninimandla onke noma akasikhathaleli. Kwabanye, lo mcabango ubonakala unengqondo. Ngokuqinisekile, uSathane uye wazibonakalisa eyingcweti ekuphuphuthekiseni izingqondo zabantu.—2 Korinte 4:4.
3. Imuphi umbuzo onzima esingasiza abantu ukuba bathole impendulo yawo, futhi kungani kuyithina kuphela esisethubeni lokwenza lokho?
3 NjengoFakazi BakaJehova, yithina kuphela esisethubeni lokusiza abantu abakhohliswa uSathane nokuhlakanipha kwaleli zwe. (1 Korinte 1:20; 3:19) Siyaziqonda izizathu ezenza abaningi bangakholelwa ezithembisweni eziseBhayibhelini. Bamane nje abamazi uJehova. Kungenzeka ukuthi abalazi igama lakhe noma lokho elikushoyo, futhi cishe bazi okuncane noma abazi lutho ngezimfanelo zakhe nokuthi uyazigcina izithembiso zakhe. Thina sibusisekile ngokuba nalolo lwazi. Kuhle ukuba sihlale sihlale sibukeze indlela esingabasiza ngayo abantu ‘abasebumnyameni ngengqondo’ ukuba bathole impendulo yomunye wemibuzo enzima kakhulu abantu abayibuzayo, “Kungani uNkulunkulu evumela ububi nokuhlupheka?” (Efesu 4:18) Okokuqala sizocabangela indlela yokuphendula lo mbuzo ngokuphumelelayo. Kamuva sizoxoxa ngendlela izimfanelo zikaJehova ezibonakala ngayo endleleni aye wasingatha ngayo indaba yobubi.
Ukuthola Indlela Efanele
4, 5. Yini okungase kudingeke siyenze kuqala lapho umuntu ebuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Chaza.
4 Lapho umuntu ebuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka, siye siphendule kanjani? Singase sithambekele ekubeni sivele simchazele ngokuningiliziwe, siqale ngalokho okwenzeka ensimini yase-Edene. Kwezinye izimo, lokho kungase kufaneleke. Nokho, nakhu okudingeka sikukhumbule. Kungase kudingeke sibeke isisekelo esithile. (IzAga 25:11; Kolose 4:6) Ake sixoxe ngamaphuzu amathathu asemBhalweni esingase sithande ukuwazi ngaphambi kokumphendula.
5 Okokuqala, uma umuntu ekhathazwa ngokukhethekile ububi obudlangile emhlabeni, kungenzeka ukuthi yena noma abantu abathandayo baye baba izisulu zabo ngokuqondile. Ngakho, kungase kube ukuhlakanipha ukuqala ngokumbonisa ukuthi uzwelana naye ngobuqotho. Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu: “Khalani nabantu abakhalayo.” (Roma 12:15) Ukubonisa lowo muntu ububele, noma “uzwela,” kungase kumthinte. (1 Petru 3:8) Uma ebona ukuthi siyamkhathalela, cishe uyokulalela esifuna ukumtshela kona.
6, 7. Kungani kungase kufaneleke ukumtusa umuntu oqotho ngokubuza umbuzo okhathazayo ophathelene neBhayibheli?
6 Okwesibili, singase simtuse lowo muntu oqotho ngokubuza lowo mbuzo. Abanye abantu baphetha ngokuthi ukuhlushwa kwabo yileyo mibuzo kusho ukuthi abanalukholo noma abamhloniphi uNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi ngisho nabefundisi baye babatshela lokho. Nokho, lokho akulona iqiniso njalo. Empeleni, abantu abathembekile bangezikhathi zeBhayibheli bayibuza imibuzo efanayo. Ngokwesibonelo, umhubi uDavide wabuza: “O Jehova, kungani, uqhubeka umele kude? Kungani uzigcina uzifihlile ngezikhathi zokucindezeleka?” (IHubo 10:1) Nomprofethi uHabakuki wabuza: “O Jehova, kuyoze kube nini ngikhalela usizo, kodwa wena ungezwa? Kuyoze kube nini ngicela usizo kuwe ebudloveni, kodwa wena ungasindisi? Kungani ungenza ngibone okulimazayo, futhi uqhubeka ubheke inkathazo nje? Kungani phambi kwami kukhona ukuphanga nobudlova, futhi kungani kuba khona ukuxabana, kungani kuqhutshwa umbango?”—Habakuki 1:2, 3.
7 Lawa kwakungamadoda athembekile ayemhlonipha kakhulu uNkulunkulu. Ingabe wawasola ngokubuza le mibuzo ekhathazayo? Cha. Kunalokho uJehova wakubona kufaneleka ukuba imibuzo yawo eqotho ilotshwe eZwini lakhe. Namuhla, umuntu okhathazwa ububi obudlangile kungenzeka ukuthi empeleni ulambile ngokomoya—ulangazelela ukuthola izimpendulo ezingatholakala eBhayibhelini kuphela. Khumbula ukuthi uJesu wabancoma abantu abalambile ngokomoya, noma “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Yeka ukuthi kuyilungelo kanjani ukusiza abantu abanjalo ukuba bathole injabulo eyathenjiswa nguJesu!
8. Iziphi izimfundiso eziyindida eziye zenza abantu bakholelwa ukuthi nguNkulunkulu obangela ukuhlupheka, futhi singabasiza kanjani?
8 Okwesithathu, kungase kudingeke sisize lowo muntu ukuba abone ukuthi akuyena uNkulunkulu obangela ububi obudlange kangaka emhlabeni. Abantu abaningi bafundiswa ukuthi nguNkulunkulu obusa leli zwe esiphila kulo, ukuthi konke okwenzeka kithi wakuhlela kudala nokuthi unezizathu ezingaqondakali futhi ezingaphenyeki zokuletha usizi esintwini. Lezi zimfundiso zingamanga. Ziyamhlambalaza uNkulunkulu futhi zenza kube sengathi nguye obangela ububi nokuhlupheka okusemhlabeni. Ngakho kungase kudingeke ukuba sisebenzise iZwi likaNkulunkulu ukuze siqondise lezo zinto. (2 Thimothewu 3:16) Akuyena uJehova ongumbusi walesi simiso sezinto esonakele; nguSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) UJehova akazinqumeli kusengaphambili izidalwa zakhe ezihlakaniphile; unika ngasinye sazo inkululeko namathuba okukhetha phakathi kokuhle nokubi, okulungile nokungalungile. (Duteronomi 30:19) UJehova akalokothi abangele ububi; uyabuzonda ububi futhi uyabakhathalela abantu abahlupheka kungafanele.—Jobe 34:10; IzAga 6:16-19; 1 Petru 5:7.
9. Imaphi amanye amathuluzi “inceku ethembekileyo neqondayo” eye yawalungiselela ukuze isize abantu baqonde isizathu esenza uJehova uNkulunkulu avumele ukuhlupheka?
9 Ngemva kokubeka leso sisekelo, ungase uthole ukuthi isilaleli sakho sesikulungele ukuzwa isizathu esenza uNkulunkulu avumele ukuhlupheka kuqhubeke. Ukuze ikusize, “inceku ethembekileyo neqondayo” iye yalungiselela amathuluzi amaningana. (Mathewu 24:45-47) Ngokwesibonelo, eMhlanganweni Wesigodi Wango-2005/06 onesihloko esithi “Ukulalela UNkulunkulu” kwakhululwa ipheshana elithi Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane! Uma leli pheshana litholakala ngolimi lwakho, kungani ungazijwayezi elikuqukethe? Ngokufanayo, incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, manje etholakala ngezilimi ezingu-157, inesahluko sonke esidingida lo mbuzo obalulekile. Wasebenzise ngokugcwele la mathuluzi. Azichaza ngokucacile izenzakalo ezisemiBhalweni ezaholela empikiswaneni yobukhosi bendawo yonke eyaphakama e-Edene nezizathu ezabangela ukuba uJehova ayisingathe ngendlela enza ngayo. Khumbula nokuthi njengoba uxoxa ngale ndaba, wembulela isilaleli sakho ulwazi olubaluleke kunalo lonke—ulwazi ngoJehova nezimfanelo zakhe ezinhle kakhulu.
Gxila Ezimfanelweni ZikaJehova
10. Yini abantu abaningi abakuthola kunzima ukuyiqonda ngokuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka, futhi bangasizwa ukwazi ini?
10 Njengoba usiza abantu ukuba baqonde isizathu esiye senza uJehova wavumela abantu bazibuse bethonywa uSathane, zama ukuqokomisa izimfanelo zaKhe ezinhle. Abantu abaningi bayazi ukuthi uNkulunkulu unamandla; bajwayele ukuzwa ebizwa ngokuthi uMninimandla onke. Nokho, bangase bakuthole kunzima ukuqonda isizathu esenza angawasebenzisi amandla akhe amakhulu ukuze akuqede khona manje ukungabi nabulungisa nokuhlupheka. Cishe abaziqondi ezinye izimfanelo zikaJehova ezinjengobungcwele, ubulungisa, ukuhlakanipha nothando. UJehova ubonisa lezi zimfanelo ngendlela ephelele nenokulinganisela. Ngakho, iBhayibheli lithi: “Uphelele umsebenzi wakhe.” (Duteronomi 32:4) Ungaziqokomisa kanjani lezi zimfanelo njengoba uphendula imibuzo evame ukubuzwa ngale ndaba? Ake sixoxe ngezibonelo ezimbalwa.
11, 12. (a) Kungani u-Adamu no-Eva babengenakuthethelelwa lapho bona? (b) Kungani uJehova engeke asibekezelele unomphela isono?
11 Ingabe uJehova wayengenakumane abathethelele o-Adamu no-Eva? Cha, wayengenakubathethelela. Njengabantu abaphelele, u-Adamu no-Eva bakhetha ukubenqaba ngamabomu ubukhosi bukaJehova, esikhundleni sabo bamukele isiqondiso sikaSathane. Akumangalisi ukuthi lezi zihlubuki azibonisanga kuphenduka. Nokho, lapho abantu bebuza ngokungathethelelwa kwazo, kungenzeka ukuthi empeleni bazibuza isizathu esenza uJehova wangamane wehlisa izindinganiso zakhe futhi abekezelele ukuba khona kwesono nokuhlubuka. Impendulo ihlobene nemfanelo esemqoka ebuntwini bukaJehova—ubungcwele bakhe.—Eksodusi 28:36; 39:30.
12 IBhayibheli libugcizelela kaningi ubungcwele bukaJehova. Nokho, kuyadabukisa ukuthi bambalwa abantu abayiqondayo le mfanelo kuleli zwe elonakele. UJehova uhlanzekile, umsulwa futhi akanasono. (Isaya 6:3; 59:2) Uye wahlela indlela yokuhlawulela isono, asisule ngokuphelele, kodwa ngeke asibekezelele unomphela. Ukube uJehova wayezimisele ukubekezelela isono phakade, sasingeke sibe nethemba ngekusasa. (IzAga 14:12) Ngesikhathi sakhe esifanele, uJehova uzobuyisela yonke indalo esimweni sobungcwele. Lokhu kuzokwenzeka nakanjani, ngoba kuyintando yoNgcwele.
13, 14. Kungani uJehova engakhethanga ukuzibhubhisa izihlubuki e-Edene?
13 Ingabe uJehova wayengenakumane azibhubhise lezi zihlubuki e-Edene abese eqala kabusha? Ngokuqinisekile wayenawo amandla okwenza kanjalo; maduze uzosebenzisa lawo mandla ukuze abhubhise bonke ababi. Abanye bangase bazibuze, ‘Kungani engakwenzanga lokho lapho kwakusenezoni ezintathu kuphela endaweni yonke? Kwakungeke yini kuvimbele isono ukuba singasakazeki—nalo lonke usizi olusemhlabeni?’ Kakade, kungani uJehova engakhethanga ukwenza kanjalo? UDuteronomi 32:4 uthi: “Zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.” UJehova unomuzwa onamandla wobulungisa. Empeleni, “uJehova ungumthandi wobulungisa.” (IHubo 37:28) Ngenxa yokuthanda kwakhe ubulungisa, uJehova akazange azibhubhise lezi zihlubuki e-Edene. Kungani?
14 Ukuhlubuka kukaSathane kwaphakamisa umbuzo ngokuqondene nokufaneleka kobukhosi bukaNkulunkulu. Ubulungisa bukaJehova bafuna ukuba inselele kaSathane iphendulwe ngendlela enobulungisa. Nakuba kwakufaneleka ukuba lezi zihlubuki zibhujiswe ngokushesha, lokho kwakungeke kuyinikeze leyo mpendulo. Kwakuyonikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi uJehova unamandla amakhulu, kodwa akuwona amandla akhe ayebekelwe inselele. Ngaphezu kwalokho, uJehova wayeyishilo injongo yakhe ku-Adamu no-Eva. Kwakufanele babe nabantwana bagcwalise umhlaba, bawunqobe futhi babuse yonke indalo esemhlabeni. (Genesise 1:28) Ukube uJehova wavele wambhubhisa u-Adamu no-Eva, injongo yakhe ayeyishilo ngabantu yayiyoba yize. Ubulungisa bukaJehova babungenakulokotha buvumele lowo mphumela, ngoba injongo yakhe iyagcwaliseka njalo.—Isaya 55:10, 11.
15, 16. Singakwazi kanjani ukusiza abantu lapho beveza awabo “amakhambi” okusingatha inselele eyaphakama e-Edene?
15 Ukhona yini omunye endaweni yonke owayengasingatha lokhu kuhlubuka ngokuhlakanipha okudlula okukaJehova? Abanye abantu bangase baveze awabo “amakhambi” okusingatha ukuhlubuka kwase-Edene. Nokho, ngokwenza kanjalo, abasikiseli yini ukuthi bona babengacabanga izindlela ezingcono zokusingatha le ndaba? Lokhu bangase bangakwenzi ngesisusa esibi, kodwa abamazi uJehova nokuhlakanipha kwakhe okwesabekayo. Ebhalela amaKristu eRoma, umphostoli uPawulu wacubungulisisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, kuhlanganise ‘nemfihlo engcwele’ mayelana nenjongo kaJehova yokusebenzisa uMbuso kaMesiya ukuze ahlenge isintu esithembekile futhi angcwelise igama laKhe elingcwele. UPawulu wayezizwa kanjani ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu owasungula le njongo? Lo mphostoli waphetha incwadi yakhe ngala mazwi: “KuNkulunkulu, okunguye yedwa ohlakaniphileyo, makube yinkazimulo ngoJesu Kristu, kuze kube phakade. Amen.”—Roma 11:25; 16:25-27.
16 UPawulu wayeqonda ukuthi uJehova “nguye yedwa ohlakaniphileyo”—uhlakaniphe kunabo bonke abantu endaweni yonke. Imuphi nje umuntu ongaphelele ongaba nendlela engcono yokusingatha noma iyiphi inkinga—ingasaphathwa eyenselele enzima kunazo zonke eyabekelwa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu? Ngakho, kudingeka sisize abantu ukuba nabo bamesabe ngendlela esimesaba ngayo uNkulunkulu ‘onenhliziyo ehlakaniphile.’ (Jobe 9:4) Lapho sikuqonda kangcono ukuhlakanipha kukaJehova, siyoyethemba ngokwengeziwe indlela yakhe yokusingatha izinto, siqiniseka ukuthi iyona engcono kakhulu.—IzAga 3:5, 6.
Ukuqonda Imfanelo KaJehova Evelele
17. Ukuluqonda kangcono uthando lukaJehova kungabasiza kanjani labo abakhathazwa ukuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka?
17 “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) IBhayibheli liyiveza ngalawo mazwi amahle imfanelo kaJehova evelele ekhanga kunazo zonke nebaduduza kakhulu labo abakhathazwa ububi obudlangile. UJehova uye wabonisa uthando kuzo zonke izici zendlela aye wasingatha ngayo umphumela omubi wesono endalweni yakhe. Uthando lwashukumisela uJehova ukuba anikeze inzalo enesono ka-Adamu no-Eva ithemba, eyenzela indlela yokusondela kuYe nokuba nobuhlobo obuhle naye. Uthando lwashukumisela uNkulunkulu ukuba alungiselele isihlengo esasiyovula indlela yokuba abantu bathethelelwe izono ngokugcwele futhi babuyiselwe ekuphileni okuphelele nokuphakade. (Johane 3:16) Uthando luye lwamshukumisela nokuba asibekezelele isintu, enikeza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ithuba lokwenqaba uSathane bakhethe uJehova njengoMbusi wabo.—2 Petru 3:9.
18. Sibusiseke ngokuqonda ini, futhi yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?
18 Ngesikhathi umfundisi othile ekhuluma nezilaleli ezazizokhumbula abantu abafa ekuhlaseleni kwamaphekula okwabulala abantu abaningi, wathi: “Asisazi isizathu esenza uNkulunkulu avumele ububi nokuhlupheka kuqhubeke.” Kuyadabukisa lokhu! Asibusisekile yini thina ngokuthi siyayiqonda le ndaba? (Duteronomi 29:29) Njengoba uJehova ehlakaniphile, enobulungisa futhi enothando, siyazi ukuthi uzokuqeda maduze konke ukuhlupheka. Empeleni, uye wathembisa ukuthi uzokwenza lokho. (IsAmbulo 21:3, 4) Nokho, kuthiwani ngabo bonke abantu abaye bafa phakathi namakhulu eminyaka? Ingabe indlela uJehova asingatha ngayo le nselele e-Edene yababonelela? Yebo. Uthando luye lwamshukumisela ukuba abenzele okuthile nabo, ngovuko. Sizoxoxa ngale ndaba esihlokweni esilandelayo.
Ungaphendula Kanjani?
• Singamphendula kanjani umuntu obuza isizathu sokuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka?
• Ubungcwele nobulungisa bukaJehova bubonakala kanjani endleleni ayisingatha ngayo indaba yezihlubuki e-Edene?
• Kungani kufanele sisize abantu baluqonde kangcono uthando lukaJehova?
[Isithombe ekhasini 21]
Funa izindlela zokusiza abakhathazwa ukuhlupheka okukhona emhlabeni
[Izithombe ekhasini 23]
Amadoda athembekile uDavide noHabakuki abuza uNkulunkulu imibuzo eqotho