Kungani Kuthathe Isikhathi Eside Kangaka Ukuxazulula Lempikiswano?
EMINYAKENI ecishe ibe ngu-6 000 edlule, ubukhosi bukaNkulunkulu babungeyona impikiswano. Lapho eqeda imisebenzi yakhe emangalisayo yendalo, “uNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Wabe esengena enkathini ende ‘yokuphumula’; yebo, hhayi ngoba wayekhathele emzimbeni. Kunalokho, waphumula ngokuthi wakhawuka emisebenzini yakhe yokudala emhlabeni, eqiniseka ngokuthi injongo yakhe enhle ngokuqondene nalemisebenzi yayiyophumelela ngokuphelele.—Genesise 2:1-3; Isaya 55:11.
Yayiyini leyonjongo? UJehova wabeka umbhangqwana wokuqala wabantu endaweni ebizwa ngokuthi insimu yase-Edene. Umthwalo wawo wemfanelo wokuqala kwakuwukuba unakekele ikhaya lawo eliyipharadesi, kuhlanganise nezinhlobonhlobo eziningi zezilwane eziphilayo ezikulo. Futhi, kwakumelwe uzale abantwana futhi ubakhulise. Ngokuhamba kwesikhathi, njengoba umkhaya wawo ukhula, kwakumelwe unwebele iPharadesi emikhawulweni yomhlaba ulalela umyalo kaNkulunkulu othi ‘ninqobe umhlaba.’ Ngakho, ekugcineni umhlaba wawuyoba ikhaya elihle, eligcwele umkhaya ojabulayo, onobunye okhonza uBaba wawo wasezulwini. Leyo kwakuyinjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni.—Genesise 1:27, 28; 2:8, 15, 20-22.
Ingabe uAdamu noEva babeyohlanganyela ekugcwaliseni lenjongo enhle kuze kube sesiphelweni sayo? Lokho kwakuxhomeke ekuqhubekeni kwabo bebambisana nayo ngokulalela uMdali wabo. Ukulalela kwabo kwakungenakuba okobumpumputhe, okokungacabangi. Banikezwa inkululeko yokuzikhethela, ngoba uNkulunkulu wayefuna bamkhonze ngezinhliziyo ezinokwazisa. Njengesikhumbuzo esibonakalayo sobukhosi bakhe obufanele, walungiselela uvivinyo olulula. Babengadla noma yini eyayilungiselelwe ensimini ngaphandle kokukodwa. Kwakunomuthi wezithelo uNkulunkulu athi ngawo: “Mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”—Genesise 2:16, 17.
Lamazwi asitshela ukuthi uAdamu noEva babengadalelwanga ukuba baguge futhi bafe. Ukufa kwakuyofika kuphela uma babengawulaleli lomyalo olula. Ukuba uAdamu noEva baqhubeka belalela uNkulunkulu, ngabe basaphila emhlabeni nanamuhla njengabazali bomkhaya womhlaba wonke wabantwana abaphelele.—Bheka isimiso esishiwo kuyiHubo 37:29.
Nokho, esinye sezidalwa zikaNkulunkulu esiyingelosi, manje esibizwa ngokuthi uSathane, sagxeka indlela uNkulunkulu abusa ngayo. Sanxusa uEva ukuba adle isithelo esinqatshelwe, ngokukhohlisa sisikisela ukuthi uma ekhululeka ebukhosini bukaNkulunkulu, wayeyophila kangcono. Nokho, isisusa sikaSathane sangempela kwakuyisifiso sokuba abe unkulunkulu wababezoba umkhaya wesintu.—Genesise 3:1-5; Mathewu 4:8, 9; Johane 8:44.
Njengoba uJehova ayenikeze umbhangqwana wokuqala ongabantu yonke into owawuyidinga, uEva kwakufanele asekele ubukhosi bakhe futhi enqabe ukusikisela kukaSathane okungamanga. Nokho, ngokudabukisayo waphula umthetho kaNkulunkulu. Kamuva, uAdamu wakhetha ukuhlanganyela nomkakhe enkambweni yakhe yobuwula. Ngakho lombhangqwana ozenzela intando yawo, kanye noSathane, bahlubuka kuNkulunkulu, futhi kwaphakamisa impikiswano yobukhosi baphezulu.—Genesise 3:6.
Kwadingeka Isikhathi Ukuze Kuxazululwe Izimpikiswano Ezibalulekile
UJehova wayengazibhubhisa lezihlubuki ezintathu ngaso lesosikhathi. Kodwa lokho kwakungeke kuyiphendule ngendlela engunqamula-juqu imibuzo eyaphakanyiswa ukuhlubuka kwazo. Ingabe umuntu wayengazibusa ngokuphumelelayo ngaphandle kukaNkulunkulu? Ingabe kwakuwukulunga ngoNkulunkulu ukuba afune ukuba kuthotshelwe ubukhosi bakhe? Ngaphezu kwalokho, ngokucabangela ukuziphatha kombhangqwana wokuqala, ingabe bakhona abantu ababeyokhetha ngokungenabugovu ukukhonza uNkulunkulu ngokuzithandela—ngisho nalapho bevivinywa uSathane? (Jobe 1:7-11; 2:4) Kwakuyothatha isikhathi ukuphendula lemibuzo. Futhi, kwakuyothatha isikhathi ukunqoba imiphumela yalokho kuhlubuka kokuqala nokugcwalisa injongo kaNkulunkulu yokwenza umhlaba ube yipharadesi elihlalwa uhlanga lwesintu olungenasono. Namanje sisalindele ukuxazululwa kokugcina kwalezimpikiswano.
Ngokuvumelana nomthetho wakhe, uNkulunkulu walihoxisa ilungelo lokuphila phakade kuAdamu noEva. Babengasakufanelekele ukuhlanganyela ekugcwalisekeni kwenjongo yakhe enkulu. Nokho, ngaphambi kokuba bafe, bavunyelwa ukuba bazale abantwana futhi babakhulise. Yiqiniso, uAdamu noEva babengasenakudlulisela ukuphila kobungqabavu, obungenasono enzalweni yabo. (Roma 5:12) Kodwa ngisho nakuba izizukulwane ezalandela zazalwa zingaphelele futhi zinesijeziso sokufa, abantu abaningi bathola ithuba lokubonisa ukuthi bamiphi ngokuqondene nalempikiswano enkulu yobukhosi.
Ukuxazulula Impikiswano
UNkulunkulu uyozixazulula kanjani lezindaba ezihlobene nobukhosi bakhe? Ngomqondo owodwa imibuzo eyaphakanyiswa emuva e-Edene manje isiphenduliwe. Izinkulungwane zeminyaka yomlando wesintu ziye zakwenza kwabonakala kabuhlungu ukuthi kwakungamanga ukugomela kukaSathane kokuthi uEva wayengaphila kangcono ngaphandle kukaNkulunkulu. Ukubusa komuntu okumshaya indiva uNkulunkulu kuye kwehluleka ngokuqhubekayo. Njengoba iBhayibheli lisho: ‘Umuntu ubusa omunye kube ngukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
Ngakolunye uhlangothi, kuye kwafakazelwa izinto eziningi ezinhle phakathi neminyaka eminingi kusukela uAdamu noEva bona. Abaningi esintwini baye babonisa ukunamathela okungenakwephulwa ebukhosini bukaJehova, isibonelo esivelele kakhulu ‘iNdodana yomuntu,’ uJesu Kristu ngokwakhe. (Mathewu 20:18; Heberu 11:1–12:3) Labo abaye balandela imithetho kaNkulunkulu futhi baqaphela ubukhosi bakhe baye bathola ukuthi ngempela lokhu kuyindlela engcono kakhulu. Baye babubona ubuqiniso balesisaga: “Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.” (IzAga 10:22) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yelungiselelo lovuko, ekugcineni bayohlanganyela ekugcwalisekeni kwenjongo enhle kaNkulunkulu.—Johane 5:28, 29.
UJehova akakayikhohlwa injongo yakhe yasekuqaleni. Labo abenqaba ubukhosi bakhe ngeke bavunyelwe ukuba babuse emhlabeni kuze kube phakade, futhi iBhayibheli lixwayisa ngokuthi ngokushesha uNkulunkulu uyothatha isinyathelo ngokumelene nabo. Siyafunda: “Intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu.” (Roma 1:18) Lokhu kubonakaliswa kwentukuthelo kaNkulunkulu okuzayo, iBhayibheli elikubiza ngokuthi iArmagedoni, kuyobonisa ngaphandle kokungabaza ukuthi ukhona ngempela. Yilabo abemukela ubukhosi bakhe kuphela abayosinda kulesosenzakalo. “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni.”—IzAga 2:21, 22.
Impikiswano Enkulu Kanye Nawe
Ngenxa yalamaqiniso, ngamunye wethu—njengoAdamu noEva—kumelwe akhethe. Ingabe siyozama ukuziphilela ngaphandle kukaNkulunkulu? Noma ingabe siyozithoba ebukhosini bakhe? Khumbula, lena impikiswano ebaluleke kakhulu ebhekene nawe namuhla. Ezinye izimpikiswano, ezingabonakala zibalulekile, ziphathelene nokuphila kwakho kwamanje. Lena iphathelene nokuphila okuphakade. Isinqumo osenzayo siyothinta ikusasa lakho laphakade.
Ungakubonisa kanjani ukuthi wamukela ubukhosi bukaNkulunkulu? Ngokulifunda ngenkuthalo iZwi lakhe, iBhayibheli, futhi ufune ukulalela intando yakhe uhlanganyela namanye amaKristu eqiniso. (Zefaniya 2:2, 3) Uma wenza kanjalo, uyoba nethemba elijabulisayo lokubona ukugcwaliseka kwenjongo enhle kaNkulunkulu. Uyobona ukugcwaliseka kwalesithembiso esimangalisayo: “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho . . . Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:10, 11) Yeka umphumela omangalisayo oyoba ngowabazithobayo ebukhosini bukaNkulunkulu! Yeka isizathu esinamandla sokunquma ngokuhlakanipha kulendaba ebaluleke kakhulu!