Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ingabe Usukulungele Ukubhapathizwa?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • 3. Kungani kungafanele uvumele ukwesaba kukuvimbe?

      Abanye besaba ukuthi ngeke bakwazi ukwenza izinto abazithembise uJehova. Yiqiniso, ngezinye izikhathi uzowenza amaphutha, njengoba nje namadoda nabesifazane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini bawenza. Kodwa uJehova akalindele ukuba abantu abamkhonzayo bangawenzi amaphutha. (Funda iHubo 103:13, 14.) Uyajabula lapho wenza okusemandleni akho! Uzokusiza. Empeleni, uJehova usiqinisekisa ngokuthi akukho lutho ‘oluyosihlukanisa nothando [lwakhe].’​—Funda eyabaseRoma 8:38, 39.

  • Ungakwazi Ukukhuthazela Lapho Ushushiswa
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • Noma nini, wonke amaKristu azophikiswa aze ashushiswe nokushushiswa. Ingabe lokho kufanele kusethuse?

      1. Kungani sikulindele ukushushiswa?

      IBhayibheli lisho ngokucacile: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kuNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) UJesu washushiswa ngenxa yokuthi wayengeyona ingxenye yezwe likaSathane. Nathi asiyona ingxenye yezwe, ngakho asimangali lapho ohulumeni bezwe nezinhlangano zenkolo zisishushisa.​—Johane 15:18, 19.

      2. Singakulungiselela kanjani ukushushiswa?

      Kudingeka simethembe nakakhulu uJehova manje. Kufanele wenze isikhathi sokuthandaza nesokufunda ingxenye ethile yeBhayibheli usuku ngalunye. Yiba khona njalo emihlanganweni yebandla. Lezi zinto zizokunikeza amandla nesibindi ukuze ukwazi ukubhekana nokuphikiswa, ngisho noma uphikiswa abasekhaya. Umphostoli uPawulu, owayevame ukushushiswa, wabhala: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.”​—Hebheru 13:6.

      Isibindi singasithola nangokushumayela njalo. Ukushumayela kusifundisa ukuthembela kuJehova futhi singesabi muntu. (IzAga 29:25) Uma uba nesibindi sokushumayela manje, uyobe ukulungele ukuqhubeka ushumayela ngisho noma ohulumeni bebekela umsebenzi wethu imingcele.​—1 Thesalonika 2:2.

      3. Sizuza kanjani lapho sikhuthazelela ukushushiswa?

      Yiqiniso, asikujabuleli ukushushiswa kodwa uma silukhuthazelela ushushiso, nokholo lwethu luyaqina. Sisondela kakhulu kuJehova ngoba siyambona esisiza lapho sinomuzwa wokuthi amandla asephelile. (Funda uJakobe 1:2-4.) Kumzwisa ubuhlungu uJehova ukusibona sihlushwa, kodwa uyajabula lapho esibona sikhuthazela. IBhayibheli lithi: “Uma nikhuthazelela ukuhlupheka ngenxa yokwenza okuhle, lokhu kuyinto eyamukelekayo kuNkulunkulu.” (1 Petru 2:20) Umvuzo uJehova ayowunika bonke abakhuthazela ngokwethembeka uwukuphila okuphakade ezweni elingenabo abantu abaphikisa abamkhonzayo.​—Mathewu 24:13.

      FUNDA OKWENGEZIWE

      Funda ukuthi kungani sikwazi ukunamathela ngokwethembeka kuJehova naphezu kokushushiswa nokuthi uyosivuza kanjani.

      Owesifazane uya esifundweni seBhayibheli naphezu kokuphikiswa abazali bakhe.

      4. Ungakhuthazela lapho uphikiswa abasekhaya

      UJesu waveza obala ukuthi umndeni wethu ungase ungahambisani nesinqumo sethu sokukhonza uJehova. Fundani uMathewu 10:34-36, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Yini engenzeka lapho ilungu lomndeni linquma ukukhonza uJehova?

      Ukuze ubone isibonelo salokhu, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

      IVIDIYO: UJehova Wasamukela (5:13)

      • Yini ongayenza uma isihlobo noma umngane bezama ukukuyekisa ukukhonza uJehova?

      Fundani iHubo 27:10 noMarku 10:29, 30. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

      • Lesi sithembiso singase sikusize kanjani uma uphikiswa umndeni noma abangane bakho?

      5. Qhubeka ukhonza uJehova naphezu kokushushiswa

      Kudinga isibindi ukukhonza uJehova lapho abanye bezama ukusiyekisa. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

      IVIDIYO: Ukubonisa Isibindi Naphezu Kokushushiswa (6:27)

      • Yini ekuqinisayo ngezibonelo ezikule vidiyo?

      Fundani izEnzo 5:27-29 neyamaHebheru 10:24, 25. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

      • Kungani kubaluleke kangaka ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ngisho noma umsebenzi wokushumayela noma imihlangano ibekelwe imingcele?

      6. UJehova uzokusiza ukhuthazele

      OFakazi BakaJehova abangalingani ngeminyaka nabavela ezizindeni ezihlukahlukene, baye baqhubeka ngobuqotho bekhonza uJehova ngisho noma beshushiswa. Ukuze ubone ukuthi yini eyabasiza, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo olandelayo.

      IVIDIYO: UJehova UNkulunkulu Uzonginika Amandla (3:40)

      • Kule vidiyo, yini eyasiza lab’ oFakazi bakhuthazela?

      Fundani eyabaseRoma 8:35, 37-39 neyabaseFilipi 4:13. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

      • Lo mBhalo ukwenza kanjani uqiniseke ukuthi ungakwazi ukukhuthazelela noma yiluphi uvivinyo?

      Fundani uMathewu 5:10-12, bese nixoxa ngalo mbuzo:

      • Kungani ungajabula naphezu kokushushiswa?

      OFakazi BakaJehova banamuhla ababekhuthazelela ukushushiswa nokuboshwa ngenxa yokholo lwabo.

      Izigidi zabantu abakhonza uJehova ziye zakukhuthazelela ukuphikiswa. Nawe ungakhuthazela!

      ABANYE ABANTU BATHI: “Ey, ngeke ngikumele ukushushiswa.”

      • Yimiphi imiBhalo engabanika isibindi abasidingayo?

      UKUBUYEKEZA

      UJehova akayibukeli phansi imizamo yethu yokumkhonza naphezu koshushiso. Ngosizo lwakhe singakwazi ukukhuthazela!

      Ufundeni?

      • Kungani amaKristu kufanele akulindele ukushushiswa?

      • Yini ongayenza manje ukuze lapho ushushiso lufika, ube usululungele?

      • Yini engakusiza uzizwe unesibindi sokuthi ungamkhonza uJehova naphezu kwanoma yiluphi uvivinyo?

      Umgomo

      HLOLA OKWENGEZIWE

      Bukela umzalwane osemusha echaza ukuthi uJehova wamsiza kanjani ukuba akhuthazele lapho eboshelwe ukungathathi hlangothi.

      Ukukhuthazela Naphezu Kokushushiswa (2:34)

      Bukela ukuthi yini eyasiza indoda nomkayo bakhonza uJehova ngokwethembeka iminyaka eminingi naphezu kokuphikiswa.

      Ukukhonza UJehova Ngezikhathi Zezinguquko (7:11)

      Funda ukuthi ungaba kanjani nesibindi lapho uphikiswa.

      “Kulungele Manje Ukubhekana Noshushiso” (INqabayokulinda, Julayi 2019)

      Kufanele ube yini umbono wethu ngokuphikiswa abomndeni, futhi singabhekana kanjani nezinkinga ezihambisana nako?

      “Iqiniso Liletha Inkemba Hhayi Ukuthula” (INqabayokulinda, Okthoba 2017)

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela