Yisebenzise Ngokuhlakanipha Inkululeko Yakho YobuKristu
“Yibani njengabantu abakhululekile, kodwa nisebenzise inkululeko yenu . . . njengezigqila zikaNkulunkulu.”—1 PETRU 2:16, NW.
1. Iyiphi inkululeko eyalahlekela uAdamu, futhi uJehova uyobuyisela isintu kuyiphi inkululeko?
LAPHO abazali bethu bokuqala bona ensimini yase-Edene, balahlekisela abantwana babo ifa elikhazimulayo—ukukhululeka esonweni nokubhubha. Ngenxa yalokho, sonke sazalwa siyizigqila zokubhubha nokufa. Nokho, ngokujabulisayo uJehova uhlose ukubuyisela abantu abathembekile enkululekweni emangalisayo. Namuhla, abantu abanhliziyo-ziqotho balindele ngokulangazela “ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu,” okuyothi ngenxa yalokho ‘bakhululwe ebugqilini bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:19-21.
‘Bagcotshelwe Ukushumayela’
2, 3. (a) Bangobani “abantwana bakaNkulunkulu”? (b) Yikuphi ukuma okumangalisayo abakujabulelayo, okuletha muphi umthwalo wemfanelo?
2 Bangobani ‘labantwana bakaNkulunkulu’? Bangabafowabo bakaJesu abagcotshwe ngomoya abayoba ababusi kanye naye eMbusweni wasezulwini. Abokuqala balaba bavela phakathi nekhulu lokuqala leminyaka C.E. Bamukela iqiniso elikhululayo uJesu ayelifundisa, futhi kusukela ngePentekoste lika-33 C.E., bahlanganyela emalungelweni akhazimulayo uPetru akhuluma ngawo lapho ebabhalela: ‘Nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo.’—1 Petru 2:9a; Johane 8:32.
3 Ukuba abazuziweyo bakaNkulunkulu—yeka isibusiso esimangalisayo! Futhi insali yosuku lwanamuhla yalamadodana kaNkulunkulu agcotshiwe ijabulela ukuma okufanayo okubusisekile noNkulunkulu. Kodwa ilungelo elinjalo eliphakeme lihambisana nemithwalo yemfanelo. UPetru wadonsela ukunakekela komunye wayo lapho eqhubeka ethi: “Nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.”—1 Petru 2:9b.
4. AmaKristu agcotshiwe aye awufeza kanjani umthwalo wemfanelo ohambisana nenkululeko yawo yobuKristu?
4 Ingabe amaKristu agcotshiwe aye awufeza lomthwalo wemfanelo wokushumayela ubukhosi bukaNkulunkulu? Yebo. Ekhuluma ngokwesiprofetho ngabagcotshiwe kusukela ngo-1919, uIsaya wathi: “UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo, ngimemezele umnyaka womusa kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu.” (Isaya 61:1, 2) Namuhla, insali egcotshiwe, ilandela isibonelo sikaJesu, lowo lombhalo owasebenza kuye ngokuyinhloko, imemezela ngentshiseko kwabanye izindaba ezinhle zenkululeko.—Mathewu 4:23-25; Luka 4:14-21.
5, 6. (a) Yini eye yaba umphumela wokushumayela ngentshiseko kwamaKristu agcotshiwe? (b) Yimaphi amalungelo nemithwalo yemfanelo labo besixuku esikhulu abayijabulelayo?
5 Ngenxa yokushumayela kwayo ngentshiseko, isixuku esikhulu sezinye izimvu siye savela emhlabeni kulezinsuku zokugcina. Siye saphuma kuzo zonke izizwe ukuze sihlanganyele nabagcotshiwe ekukhonzeni uJehova, futhi naso iqiniso liye lasikhulula. (Zakariya 8:23; Johane 10:16) NjengoAbrahama kuthiwa silungile ngesisekelo sokholo futhi siye saba nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu. Futhi njengoRahabi ukuba kuthiwe silungile kusenza sibe sohlwini lwabayosinda—kusona, ukusinda eArmagedoni. (Jakobe 2:23-25; IsAmbulo 16:14, 16) Kodwa amalungelo anjalo aphakeme ahlanganisa futhi nomthwalo wemfanelo wokutshela abanye ngenkazimulo kaNkulunkulu. Kungakho uJohane asibona sidumisa uJehova obala, ‘simemeza ngezwi elikhulu, sithi: Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.’—IsAmbulo 7:9, 10, 14.
6 Ngonyaka odlule isixuku esikhulu, manje esibalelwa ngaphezu kwezigidi ezine, kanye neqembu elincane elisasele lamaKristu agcotshiwe, sasebenza amahora acishe abe yizigidi eziyinkulungwane simemezela ubukhosi bukaJehova. Lokhu kwakuwukusetshenziswa okungcono kakhulu kwenkululeko yaso engokomoya.
“Niyazise Inkosi”
7, 8. Yimuphi umthwalo wemfanelo egunyeni lezwe inkululeko yobuKristu ewuhlanganisayo, futhi ngokuphathelene nalokhu, yisiphi isimo sengqondo esingalungile okumelwe sisigweme?
7 Inkululeko yethu yobuKristu ihlanganisa neminye imithwalo yemfanelo. UPetru wabhekisela kweminye lapho ebhala: “Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.” (1 Petru 2:17) Isho ukuthini inkulumo ethi “niyazise inkosi”?
8 “Inkosi” imelela ababusi bezwe. Namuhla, kuye kwavela umoya wokungalihloniphi igunya ezweni, futhi lokhu kungawathonya kalula amaKristu. UmKristu angase azibuze ngisho nokuthi kungani kufanele ayazise “inkosi,” ngoba “izwe lonke limi ebubini.” (1 Johane 5:19) Ngenxa yalamazwi, angase azizwe ekhululekile ukungayilaleli imithetho emphazamisayo futhi agodle izintela uma kunendlela yokuba angabanjwa. Kodwa lokhu bekuyoba okuphambene nomyalo kaJesu oqondile ‘wokunika uKesari okukaKesari.’ Empeleni, bekuyoba ‘ukusebenzisa inkululeko yakhe njengesigubuzelo sokubi.’—Mathewu 22:21; 1 Petru 2:16.
9. Yiziphi izizathu ezimbili ezinhle zokulalela igunya lezwe?
9 AmaKristu anesibopho sokuba alazise igunya futhi alithobele—ngisho nakuba lokhu ekwenza ngendlela elinganiselwe. (IzEnzo 5:29) Ngani? Kweyoku-1 Petru 2:14, 15, uPetru ubhekisela ezizathwini ezintathu lapho ethi ababusi ‘bathunywe uNkulunkulu, ukuze bajezise abenza okubi, babonge abenza okuhle.’ Ukwesaba ukujeziswa kuyisizathu esanele sokulalela igunya. Yeka ihlazo obekuyoba yilo ngomunye woFakazi BakaJehova ukuba ahlawuliswe noma aboshwe ngenxa yokulimaza, ukweba, noma obunye nje ubugebengu! Cabanga nje ukuthi abanye bebengakujabulela kanjani ukusakaza into enjalo! Ngakolunye uhlangothi, lapho sihlakulela idumela lokulalela imithetho yomphakathi, sithola ukubongwa ngabaphathi abanesimo esihle sengqondo. Singase sinikezwe inkululeko eyengeziwe yokwenza umsebenzi wethu wokushumayela izindaba ezinhle. Futhi, ‘ngokwenza okuhle sithulisa ukungazi kwabantu abayiziwula.’ (1 Petru 2:15b) Lesi isizathu sesibili sokulalela igunya.—Roma 13:3.
10. Yisiphi isizathu esiqine kakhulu sokulalela igunya lezwe?
10 Kodwa kukhona isizathu esiqine ngokwengeziwe. Amagunya akhona ngemvume kaJehova. Njengoba uPetru esho, ababusi bezombangazwe ‘bathunywe’ uJehova, futhi ‘kuyintando kaNkulunkulu’ ukuba amaKristu ahlale ebathobela. (1 Petru 2:15a) Ngokufanayo, umphostoli uPawulu uthi: “Lawa [amagunya] akhona amiswé nguNkulunkulu.” Ngakho, unembeza wethu oqeqeshwe ngeBhayibheli usishukumisela ukuba siwalalele amagunya. Uma sinqaba ukuwathobela, ‘simelana nesimiso sikaNkulunkulu.’ (Roma 13:1, 2, 5) Ubani phakathi kwethu obengafuna ukumelana ngamabomu nesimiso sikaNkulunkulu? Yeka ukuthi lokho bekuyoba ukuyisebenzisa kabi kangakanani inkululeko yobuKristu!
“Nithande Abazalwane”
11, 12. (a) Yimuphi umthwalo wemfanelo esinawo kwesikholwa nabo ohambisana nenkululeko yethu yobuKristu? (b) Obani ngokukhethekile abafanelwe ukucabangela kwethu kothando, futhi ngani?
11 UPetru wathi futhi umKristu kufanele ‘athande abazalwane.’ (1 Petru 2:17) Lona omunye umthwalo wemfanelo ohambisana nenkululeko yobuKristu. Iningi lethu lingamalungu ebandla. Empeleni, sonke singamalungu enhlangano yezizwe zonke yabazalwane. Ukubonisa uthando ngabo kuwukuyisebenzisa ngokuhlakanipha inkululeko yethu.—Johane 15:12, 13.
12 Umphostoli uPawulu waliveza ngokuqondile iqembu lamaKristu elifanelwa uthando lwethu ngokukhethekile. Wathi: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.” (Heberu 13:17) Labo abaholayo ebandleni ngabadala. Yiqiniso, lamadoda awaphelele. Nokho, amiswa ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo. Ahola ngesibonelo nangokucabangela, futhi abelwe ukulinda imiphefumulo yethu. Yeka ukuthi yisabelo esisinda kanjani! (Heberu 13:7) Ngokujabulisayo, amabandla amaningi anomoya omuhle, wokubambisana, futhi kuyinjabulo ngabadala ukusebenzisana nawo. Kunzima kakhulu lapho abantu bengafuni ukubambisana. Umdala uyaqhubeka enza umsebenzi wakhe, kodwa njengoba uPawulu esho, uwenza ‘ngokububula.’ Ngokuqinisekile, asifuni ukwenza abadala babubule! Sifuna ukuba bawujabulele umsebenzi wabo ukuze bakwazi ukusakha.
13. Yiziphi ezinye izindlela esingabambisana ngazo nabadala?
13 Yiziphi ezinye izindlela esingabambisana ngazo nabadala? Enye iwukuba sisize ngokunakekela nokuhlanza iHholo LoMbuso. Enye iwukuba sibambisane nabo emsebenzini wokuhambela abagulayo nokusiza abakhubazekile. Ngaphezu kwalokho, singalwela ukuhlala siqinile ngokomoya, ukuze singabi umthwalo. Indawo ebalulekile edinga ukubambisana isekulondolozeni ukuhlanzeka okungokokuziphatha nokungokomoya kwebandla, kokubili ngokuziphatha kwethu siqu nangokubika amacala esono esingathi sína afika ekunakekeleni kwethu.
14. Kufanele sibambisane kanjani nesinyathelo sokujezisa esithathwa abadala?
14 Ngezinye izikhathi, ukuze kugcinwe ibandla lihlanzekile, abadala kudingeka basuse ekuhlanganyeleni umenzi wobubi ongaphenduki. (1 Korinte 5:1-5) Lokhu kuvikela ibandla. Futhi kungasiza umenzi wobubi. Ngokuvamile, isijeziso esinjalo siye sasiza isoni ukuba sicabangisise kahle. Nokho, kuthiwani uma lowo osuswe ekuhlanganyeleni ewumngane oseduze noma isihlobo? Ake sithi lomuntu ungubaba wethu noma umama noma indodana yethu noma indadakazi. Ingabe nakuba kunjalo siyasihlonipha isinyathelo esithathwe abadala? Yiqiniso, kungase kube nzima. Kodwa yeka ukusetshenziswa kabi kwenkululeko yethu obekuyoba yikho ukungabaza isinqumo sabadala futhi siqhubeke sihlanganyela ngokomoya nomuntu oye wabonakala eyithonya elonakalisayo ebandleni! (2 Johane 10, 11) Abantu bakaJehova bebonke kumelwe batuswe ngenxa yendlela ababambisana ngayo ezindabeni ezinjalo. Ngenxa yalokho, inhlangano kaJehova ihlala ingangcolisiwe kulelizwe elingcolile.—Jakobe 1:27, qhathanisa neNW.
15. Uma umuntu enza isono esingathi sína, yini okufanele ayenze ngokushesha?
15 Kuthiwani uma senza isono esingathi sína? INkosi uDavide yachaza labo uJehova abamukelayo lapho ithi: “Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na? Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.” (IHubo 24:3, 4) Uma ngesizathu esithile ‘singasenazo izandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo,’ kumelwe sithathe isinyathelo esiphuthumayo. Ukuphila kwethu okuphakade kusengozini.
16, 17. Kungani umuntu onecala lokwenza izono ezingathi sína kungafanele azame ukuzixazululela indaba ngokwakhe?
16 Abanye baye balingeka ukuba bafihle izono ezingathi sína, mhlawumbe becabanga: ‘Ngisivumile isono kuJehova futhi ngaphenduka. Ngakho kungani kumelwe ngihilele abadala?’ Umenzi wobubi kungenzeka unamahloni noma wesaba lokho abadala abangakwenza. Nokho, kufanele akhumbule ukuthi nakuba kunguye yedwa uJehova ongasihlanza esonweni, uye wabeka umthwalo wemfanelo wobumsulwa bebandla ngokuyinhloko kubadala. (IHubo 51:2) Balapho ukuze baphilise, babuyise ‘abangcwele.’ (Efesu 4:12, qhathanisa neNW) Ukungayi kubona lapho sidinga usizo olungokomoya kufana nokungayi kudokotela lapho sigula.
17 Abanye abazama ukuzisingathela izinto bebodwa bathola ukuthi ezinyangeni noma eminyakeni ethile kamuva, unembeza wabo usabakhathaza kakhulu. Okubi nakakhulu, abanye abafihla isiphambeko esingathi sína bawela esonweni ngokwesibili ngisho nangokwesithathu. Lapho indaba ekugcineni ifika ekunakekeleni kwabadala, sekuyindaba yokwenziwa kobubi ngokuphindaphindiwe. Yeka indlela okungcono ngayo ukulalela iseluleko sikaJakobe! Wabhala: “Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi.” (Jakobe 5:14) Yiya kubadala lapho sisekhona isikhathi sokuphulukiswa. Uma silinda isikhathi eside ngokweqile, singase sigxile enkambweni yesono.—UmShumayeli 3:3; Isaya 32:1, 2.
Ukubukeka Nokuzilibazisa
18, 19. Kungani umpristi othile aphawula kahle ngoFakazi BakaJehova?
18 Eminyakeni emihlanu edlule, kumagazini othile wenkolo, umpristi ongumKatolika eItaly wakhuluma kahle ngoFakazi BakaJehova.a Wathi: “Mina ngokwami, ngiyabathanda oFakazi BakaJehova; lokho ngikuvuma obala. . . . Labo engibaziyo banemikhuba emihle ngokungenakusoleka, bakhuluma ngezwi elipholile . . . [futhi] bayanxenxa kakhulu. Siyokuqonda nini ukuthi iqiniso lidinga intshumayelo eyamukelekayo? Ukuthi labo abamemezela iqiniso akumelwe babe abangenasithakazelo, abanephunga elibi, abanesiphithiphithi, abagqoka ngokunganaki?”
19 Ngokwalamazwi, lompristi wahlabeka umxhwele, phakathi kokunye, ngendlela oFakazi ababegqoka ngayo nababekhuluma ngayo. Ngokusobala, labo ahlangana nabo babelalele iseluleko ebesinikezwa “yinceku ethembekileyo neqondayo” phakathi neminyaka. (Mathewu 24:45) IBhayibheli lithi izingubo zokugqoka zabesifazane kufanele ‘zifaneleke futhi zihlonipheke.’ (1 Thimothewu 2:9) Kulesikhathi sokonakala, lesoseluleko siyadingeka futhi nasemadodeni. Ingabe akunangqondo yini ukuthi abameleli boMbuso kaNkulunkulu kufanele babonakale behlonipheka kwabangaphandle?
20. Kungani umKristu kufanele aqaphele indlela agqoka ngayo ngazo zonke izikhathi?
20 Abanye bangase bavume ukuthi emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini, kufanele baqaphele indlela abagqoka ngayo, kodwa bangase babe nomuzwa wokuthi izimiso zeBhayibheli azisebenzi ngezinye izikhathi. Nokho, ingabe sikhona isikhathi esingabi ngaso abameleli boMbuso kaNkulunkulu? Yiqiniso, izimo ziyehlukahluka. Uma sisiza ekwakheni iHholo LoMbuso, siyogqoka ngendlela ehlukile kunalapho siya emhlanganweni kulo leloHholo LoMbuso. Lapho siziphumulele nje, cishe siyogqoka ngendlela ekhululeke ngokwengeziwe. Kodwa nomaphi lapho sibonwa khona ngabanye abantu, ukugqoka kwethu kufanele ngaso sonke isikhathi kufanele kuhleleke futhi kube nesizotha.
21, 22. Siye savikelwa kanjani ekuzilibaziseni okulimazayo, futhi kungayiphi indlela okufanele sibheke ngayo iseluleko ezindabeni ezinjalo?
21 Enye indawo eye yathola ukunakwa okukhulu iwukuzilibazisa. Abantu—ikakhulukazi intsha—bayakudinga ukuzilibazisa. Akusona isono noma ukuchitha isikhathi ukuhlelela umkhaya isikhathi sokuphumula. Ngisho noJesu wamema abafundi bakhe ukuba ‘baphumule ingcosana.’ (Marku 6:31) Kodwa qaphela ukuba ukuzilibazisa kungavuli umnyango oholela ekungcoleni okungokomoya. Siphila ezweni lapho ukuzilibazisa kuqokomisa khona ukuziphatha okubi ngokobulili, ubudlova obubi, ukwesaba, nokukhulekela imimoya. (2 Thimothewu 3:3; IsAmbulo 22:15) Inceku ethembekileyo neqondayo iziphaphamele izingozi ezinjalo futhi njalo iyasixwayisa ngazo. Ingabe unomuzwa wokuthi lezikhumbuzo ziphazamisa inkululeko yakho? Noma ingabe uyabonga ngokuthi inhlangano kaJehova inendaba ngokwanele ngawe ngokuletha izingozi ezinjalo ngaso sonke isikhathi ekunakekeleni kwakho?—IHubo 19:7; 119:95, qhathanisa neNW.
22 Ungalokothi ukhohlwe ukuthi nakuba inkululeko yethu ivela kuJehova, siyolandisa ngendlela esiyisebenzisa ngayo. Uma singazinaki izeluleko ezinhle bese senza izinqumo ezingalungile, asinakusola omunye umuntu. Umphostoli uPawulu uthi: “Yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12; Heberu 4:13.
Lindela Inkululeko Yabantwana BakaNkulunkulu
23. (a) Yiziphi izibusiso esizijabulelayo manje ngokuphathelene nenkululeko? (b) Yiziphi izibusiso esizilindele ngokulangazela?
23 Ngempela singabantu ababusisiwe. Sikhululekile enkolweni yamanga nasekukholelweni ezeni. Ngenxa yomhlatshelo wesihlengo, singasondela kuJehova ngonembeza ohlanzekile, sikhululekile ngendlela engokomoya ekubeni yizigqila zesono nokufa. Futhi ngokushesha kuzofika “ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.” EArmagedoni, abafowabo bakaJesu besenkazimulweni yabo yasezulwini bayokwambulwa kubantu njengababhubhisi bezitha zikaJehova. (Roma 8:19; 2 Thesalonika 1:6-8; IsAmbulo 2:26, 27) Ngemva kwalokho, labantwana bakaNkulunkulu bayokwambulwa njengemizila yezibusiso ezigeleza zisuka esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu ziza esintwini. (IsAmbulo 22:1-5) Ekugcineni, lokhu kwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu kuyophumela ekubusisweni kwesintu esithembekile ngenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu. Ingabe uyasilangazelela lesosikhathi? Khona-ke sebenzisa inkululeko yakho yobuKristu ngokuhlakanipha. Yiba yisigqila sikaNkulunkulu manje, bese ujabulela leyonkululeko emangalisayo phakade!
[Umbhalo waphansi]
a Kamuva lompristi wakuhoxisa lokhu kutusa, ngokusobala ngenxa yokucindezelwa.
Ibhokisi Lokubukeza
◻ Abagcotshiwe nezinye izimvu bamkhazimulise kanjani uJehova?
◻ Kungani amaKristu kufanele alazise igunya lezwe?
◻ Kungaziphi izindlela umKristu angabambisana ngazo nabadala?
◻ Ngokuphathelene nokugqoka, kungani oFakazi BakaJehova bevelele njengabahlukile kunabaningi ezweni?
◻ Yini okufanele siyigweme lapho kuziwa ekuzilibaziseni?
[Isithombe ekhasini 17]
Abadala balufanelekela ngokukhethekile uthando lwethu nokubambisana
[Izithombe ekhasini 18]
Ukugqoka komKristu kufanele kuhleleke kahle, kube nesizotha, futhi kufanelekele lesosenzakalo