Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ungubani UNkulunkulu?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • 4. UJehova ufuna ulazi igama lakhe futhi ulisebenzise

      Yini ebonisa ukuthi uJehova uyafuna ulazi igama lakhe? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

      IVIDIYO: Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?​—Isiqeshana (3:11)

      Isithombe esithathwe kuyividiyo ethi ‘Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?​—Isiqeshana.’ Indoda ihlola igama likaNkulunkulu elithi Jehova encwadini yeHubo 83:18 ku-‘King James Version’ ka-1611.
      • Ucabanga ukuthi kungani uJehova efuna laziwe igama lakhe?

      UJehova ufuna abantu balisebenzise igama lakhe. Fundani eyabaseRoma 10:13, bese nixoxa ngale mibuzo:

      • Kungani kubalulekile ukusebenzisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova?

      • Uzizwa kanjani wena lapho umuntu ekhumbula igama lakho futhi elisebenzisa?

      • Ucabanga ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho usebenzisa igama lakhe?

  • Izinkolo Zamanga Zimmelela Kabi UNkulunkulu
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
    • 1. Izinkolo zamanga zimmelela kabi kanjani uNkulunkulu ngezimfundiso zazo?

      Izinkolo zamanga ‘zikhethe ukukholelwa emangeni kunaseqinisweni likaNkulunkulu.’ (Roma 1:25) Ngokwesibonelo, izinkolo eziningi azibafundisi abalandeli bazo igama likaNkulunkulu. Kodwa iBhayibheli lona lithi igama likaNkulunkulu kumelwe lisetshenziswe. (Roma 10:13, 14) Lapho kwenzeka izinto ezimbi abanye abaholi benkolo bathi yintando kaNkulunkulu. Kodwa amanga lawo. UNkulunkulu akalokothi abangele izinto ezimbi. (Funda uJakobe 1:13.) Kuyadabukisa ukuthi amanga afundiswa izinkolo enza abantu baqhele kuNkulunkulu.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela