Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ‘O Ukujula Kokuhlakanipha KukaNkulunkulu!’
    INqabayokulinda—2011 | Meyi 15
    • 17. Lokho uJehova akwenza ‘kwakuphambene kanjani nemvelo’?

      17 UJehova wenza into abaningi ababeyoyibheka njengengalindelekile neze. UPawulu uchaza lokho okwenzeka ‘njengokuphambene nemvelo.’ (Roma 11:24) Kwenzeka kanjani lokhu? Phela bekungabonakala kungajwayelekile futhi empeleni kuphambene nemvelo, ukuxhumelela igatsha lomuthi wasendle emthini otshaliwe; nokho, yilokho kanye abanye abalimi ababekwenza ekhulwini lokuqala.b Ngendlela ethi ayifane, uJehova wenza into engajwayelekile. Ngokombono wamaJuda, abeZizwe babengenakukwazi ukuveza izithelo ezamukelekayo. Nokho, uJehova wenza bona labo bantu baba ingxenye ‘yesizwe’ esaveza izithelo zoMbuso. (Math. 21:43) Kwaqala ngokugcotshwa kukaKorneliyu—oweZizwe wokuqala ongasokile owaphenduka—ngo-36 C.E., ukuba abangemaJuda abangasokile bavulelwe ithuba lokuba baxhunyelelwe kulo muthi womnqumo ongokomfanekiso.—IzE. 10:44-48.c

      18. Iliphi ithuba amaJuda emvelo aba nalo ngemva kuka-36 C.E.?

      18 Ingabe lokhu kusho ukuthi ngemva kuka-36 C.E., amaJuda emvelo ayengasenalo nhlobo ithuba lokuba ingxenye yenzalo ka-Abrahama? Akunjalo. UPawulu uyachaza: “Nabo [amaJuda emvelo] futhi, uma bengahlali ekuntuleni kwabo ukholo, bayoxhunyelelwa; ngoba uNkulunkulu uyakwazi ukuphinde abaxhumelele. Ngoba uma wena wanqunywa emnqumweni wasendle ngokwemvelo waxhunyelelwa emnqumweni otshaliwe, okuyinto ephambene nemvelo, yeka ukuthi laba abangabemvelo bayoxhunyelelwa kangakanani-ke emnqumweni wabo siqu!”d—Roma 11:23, 24.

  • ‘O Ukujula Kokuhlakanipha KukaNkulunkulu!’
    INqabayokulinda—2011 | Meyi 15
    • d Olimini lokuqala lapha kumaRoma 11:24 kusetshenziswe isiphongozo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “otshaliwe” ukuze kuboniswe ukuthi lo muthi ‘wawumuhle, umuhle kakhulu’ noma “wawuyifanelekela kahle injongo yawo.” Sisetshenziselwa ikakhulu izinto ezigcwalisa injongo ezenzelwe yona.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela