Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Qapha Inhliziyo Ekhohlisayo
    UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya
    • 7 UmKristu angase enze iphutha acabange ukuthi inhliziyo yakhe ngeke imkhohlise, njengoba abaningi ngosuku lukaJeremiya babecabanga kanjalo. Ngokwesibonelo, indoda ingase ithi, ‘Kumelwe ngingawuyeki umsebenzi ukuze ngisekele umkhaya wami,’ kube kufanele. Kuthiwani uma lokho kuyenza icabange, ‘Kudingeka ngithole imfundo yokwenezela ukuze ngithole noma ngilondoloze umsebenzi okahle’? Nalokho kungabonakala kunengqondo, kuyenze iphethe ngokuthi, ‘Izikhathi zishintshile futhi ukuze uziphilise namuhla kudingeka uthole imfundo yasekolishi noma yaseyunivesithi ukuze ungalahlekelwa umsebenzi.’ Yeka indlela okungaba lula ngayo ngomuntu ukuba aqale ukusibukela phansi iseluleko esihlakaniphile nesilinganiselayo sesigaba senceku ethembekile neqondayo ngemfundo yokwenezela, bese eqala ukulahlekelwa imihlangano! Kule ndaba, abanye baye bathonywa kancane kancane ukucabanga nemibono yezwe. (Efe. 2:2, 3) IBhayibheli lisixwayisa kufanele: “Ningalivumeli izwe elinizungezile linifake ngenkani efolomeni lalo.”—Roma 12:2, Phillips.a

      Izithombe ekhasini 46

      Ingabe inhliziyo yakho isikwenza uphuthe emihlanganweni?

  • Qapha Inhliziyo Ekhohlisayo
    UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya
    • a I-NET Bible (2005) ifundeka kanje: “Ningenziwa ukuba nifane naleli zwe lamanje.” Umbhalo waphansi uthi: “Kuyathakazelisa ukuthi isenzo esihunyushwe ngokuthi ‘ukwenziwa ukuba ufane’ nezwe lamanje sisempambosini yokwenziwa, njengoba kungase kusikisele ukuthi kwenzeka [kuwe], ngokwengxenye, unganakile. Ngesikhathi esifanayo, . . kungenzeka ukubone lokhu lapho kwenzeka kuwe. Ezimweni eziningi, lokhu kwenzeka kokubili.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela