-
Esikufundayo Ngokuvumela KukaNkulunkulu UbubiKhulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
-
-
8. Yiziphi izici uPawulu asinxusa ukuba sizicabangele?
8 Encwadini ayibhalela abaseRoma, umphostoli uPawulu uphakamisa lo mbuzo: “Ingabe kukhona ukungabi nabulungisa kuNkulunkulu?” Uphendula ngokuqiniseka: “Kwangathi kungelokothe kube njalo lokho!” Ube esegcizelela isihe sikaNkulunkulu abhekisele nakulokho uJehova akusho mayelana nokuvumela uFaro ukuba aphile isikhathi esithile. UPawulu ubonisa nokuthi thina bantu sinjengobumba ezandleni zombumbi. Ube esethi: “Manje, uma uNkulunkulu, nakuba ethanda ukubonisa ulaka lwakhe nokwenza amandla akhe aziwe, azibekezelela ngokubhekakade okukhulu izitsha zolaka ezenziwe zafanelwa ukubhujiswa, ukuze enze yaziwe ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zesihe, azilungiselela inkazimulo kusengaphambili, okuwukuthi, thina, asibiza hhayi kumaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe, pho kunani?”—Roma 9:14-24.
-
-
Esikufundayo Ngokuvumela KukaNkulunkulu UbubiKhulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
-
-
10. Kungani uJehova eye wabekezelela ababi kule minyaka engu-1 900 edlule?
10 Phakathi neminyaka engaphezu kuka-1 900 kusukela uJesu avuswa, uJehova uye waqhubeka ebekezelela “izitsha zolaka,” ebambe ukubhujiswa kwazo. Ngani? Phakathi kokunye, ngenxa yokuthi ubelungiselela labo abayohlanganiswa noJesu Kristu eMbusweni wakhe wasezulwini. Inani labo lingu-144 000, futhi ‘bayizitsha zesihe’ umphostoli uPawulu akhuluma ngazo. Ekuqaleni, kwamenywa abantu phakathi kwamaJuda ukuba bakhe lesi sigaba sasezulwini. Kamuva, uNkulunkulu wamema abantu beZizwe. UJehova akabaphoqi ukuba bamkhonze. Kodwa phakathi kwalabo abalamukela ngokwazisa ilungiselelo lakhe lothando, wanika abanye ilungelo lokuba ababusi kanye neNdodana yakhe eMbusweni wasezulwini. Ukulungiselelwa kwaleso sigaba sasezulwini sekusondela ekupheleni.—Luka 22:29; IsAmbulo 14:1-4.
-