Umbono WeBhayibheli
Ingabe Kumelwe Ugcine IMiyalo Eyishumi?
KWAKUNGONYAKA ka-1513 B.C.E.a lapho umunwe kaNkulunkulu ubhala etsheni. Kusukela lapho iMiyalo Eyishumi iye yakopishwa ngabantu futhi yasakazeka kuwo wonke umhlaba. Amakhulu ezigidi zabantu aye ayifunda, futhi abaningi bayazi ngekhanda. Cishe alikho elinye iqoqo lemithetho eliye laqashelwa kabanzi kangaka. Umbuzo uwukuthi, njengoba ngo-1988 isineminyaka eyizi-3 500 ikhona: Ingabe iMiyalo Eyishumi isasebenza kangangokuthi kumelwe uyigcine?—Eksodusi 20:1-17; 31:18.
Yayihloselwe Obani?
UNkulunkulu wanikeza iMiyalo Eyishumi kubantu ababaziwa ngokuthi amaIsrayeli. Emazwini akhe okuqala, wakwenza kwakhanya ukuthi wayekhuluma nalesizwe esisodwa: “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.” Lokhu kubonisa ukuthi iMiyalo Eyishumi yayiklanyelwe ukuba ibe yingxenye yemithetho yesizwe.—Eksodusi 20:2.
Ingabe Yadluliselwa KumaKristu?
Nokho, ingabe iMiyalo Eyishumi yayingeyohlobo lwendawo yonke kangangokuthi ngaso sonke isikhathi yayiyosebenza futhi nakwabangewona amaIsrayeli? Cha. Emakhulwini eminyaka kamuva lapho kumiswa ibandla lobuKristu, loMthetho awuzange udluliselwe kulo. Ngani? Ngoba iBhayibheli lithi “Isiphetho somthetho nguKristu.” (Roma 10:4) Kusho ukuthini lokho?
Ngokwesibonelo, emuva ngo-1912 irekhodi lokweqa lomhlaba wonke lalingamamitha ayi-2, 01. Eminyakeni engamashumi ayisikhombisa nanhlanu kamuva, ngo-1987, lelirekhodi lalingamamitha ayi-2, 43. Nokho, kumelwe kube khona umkhawulo wokugcina wokuthi umuntu angeqa kangakanani phezu komgoqo ophaswe izinsika ezimbili. Umpetha ofinyelela lomkhawulo uyoqeda wonke amarekhodi okweqa omhlaba wonke. Futhi kungathiwa “uyisiphetho” sawo. Manje, lokhu kungasebenza kanjani eMiyalweni Eyishumi?
Lapho uNkulunkulu enza “uMthetho,” owawuhlanganisa iMiyalo Eyishumi kanye neminye imithetho engaphezu kwama-600, futhi ewunikeza amaIsrayeli, wamisa umgomo osekugcineni noma indinganiso yokuphelela. Singathi, wabeka umgoqo osesilinganisweni esiphakeme kunazo zonke. Lo Mthetho waphezulu wawungowendinganiso ephakeme yokuziphatha kangangokuthi umuntu ophelele kuphela owayengayifinyelela. UmShumayeli 7:20 uthi: “Akukho-muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.”
Ngakho umgoqo—indinganiso kaNkulunkulu yokulunga?—wawubekwe phezulu kakhulu kumaIsrayeli angaphelele, noma amaJuda. Ngani? Umphostoli uPawulu ongumKristu uyachaza: “[UMthetho] wenezelwa ngenxa yesiphambeko, kuze kufike inzalo [uMesiya, noma uKristu] enikiwe isithembiso.” (Galathiya 3:19) NgoMthetho, uNkulunkulu wabonisa amaJuda ukuthi onke ayeyizoni ezingaphelele, ezingakwazi ukufinyelela umgomo wokuba kuthiwe zilungile ngenxa yemisebenzi yazo siqu.
Kwakunoyedwa kuphela owayengeqa kulowomgoqo: uMesiya ozayo othenjisiwe, noma uKristu. Ngakho-ke, leyondinganiso ephakeme yabekwa phambi kwamaJuda njengokuthile okwakumelwe akujonge lapho ebheke phambili ‘kuMpetha’ wokugcina, uMesiya, ukuba aweqe kube kanye.
‘Iyisa KuKristu’
Ngokuvumelana nalokhu, uPawulu uyaqhubeka esahlukweni sesithathu kwabaseGalathiya, ivesi lama-24: “Njalo-ke umthetho sewabangumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa [kuye].” Umlayi ezikhathini zeBhayibheli wayephelezela umntwana amuse kuthisha wakhe futhi naye wayengayala futhi ajezise lowomntwana.
Ngaleyondlela iMiyalo Eyishumi, kanye nawo wonke uMthetho, yayilungiselela amaJuda ngenxa kaMesiya futhi iwaqondisa kuyena. Lapho uJesu efika, ephila phakathi kwawo, futhi efa ewugcina ngokuphelele uMthetho, waba “isiphetho somthetho.” Khona-ke kunjengokungathi uNkulunkulu wawususa lowomgoqo wanikeza amaJuda okuthile okungcono. Manje ekugcineni ‘ayengalungiswa ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.’—Roma 3:24.
UPawulu uthi futhi: “Aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa,” futhi, “Uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.”—Roma 6:14; Galathiya 5:18.
Okufanele Ukulalele
Manje, njengoba amaKristu engekho “phansi komthetho,” khona-ke ingabe akhululiwe kuyo yonke imingcele yokuziphatha. Lutho neze. Njengoba uPawulu abonisa, amaKristu aholwa umoya ongcwele kaNkulunkulu, futhi awuholeli muntu esonweni. Uwanxusa ukuba adede futhi ezonweni okukhulunywa ngazo eMiyalweni Eyishumi. Ngokwesibonelo, uma ufunda eyoku-1 Korinte 6:9, 10, uyothola imithetho yamaKristu eminingana efana neminye yeMiyalo Eyishumi. Inqabela ukukhonza izithombe, ukuphinga, ukweba, nokuhaha.
UKristu futhi wabeka uMthetho wakudala ngamafuphi, owawuhlanganisa iMiyalo Eyishumi, ngalezizaga ezimbili: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho,” nesithi, “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Mathewu 22:37-39) Ngokulwela ukuyigcina, ucela intethelelo lapho wona, futhi uba nokholo esihlengweni sikaKristu, uyowuthola umusa ongasifanele ovela kuNkulunkulu nokuvunyelwa nguYe ukuba uphile phakade.—2 Thesalonika 2:16.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka imininingwane encwadini yeWatch Tower Society ethi Aid to Bible Understanding, ikhasi 333.