Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • “Vuthani Emoyeni”
    INqabayokulinda—2009 | Okthoba 15
    • 9. Kungani uPawulu eqhathanisa amaKristu azelwe ngomoya namalungu omzimba?

      9 Funda amaRoma 12:4, 5, 9, 10. UPawulu uqhathanisa amaKristu agcotshiwe namalungu omzimba akhonza ngobunye ngaphansi kweNhloko yawo, uKristu. (Kol. 1:18) Ukhumbuza amaKristu azelwe ngomoya ukuthi umzimba unamalungu amaningi anemisebenzi ehlukahlukene nokuthi nawo ‘nakuba emaningi, angumzimba owodwa omunye noKristu.’ Esebenzisa umfanekiso ofanayo, uPawulu wanxusa amaKristu agcotshiwe e-Efesu: “Masikhule ngothando kuzo zonke izinto sikhulele kuye oyinhloko, uKristu. Wonke umzimba ubangela ukukhula komzimba usuka kuye ukuze uzakhe othandweni, ngokuhlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo nangokwenziwa ukuba ubambisane ngawo wonke amalunga anikeza lokho okudingekayo, ngokokusebenza kwelungu ngalinye ngokuhluka kwalo ngesilinganiso esifanele.”—Efe. 4:15, 16.

  • “Vuthani Emoyeni”
    INqabayokulinda—2009 | Okthoba 15
    • 11. Ubunye bethu busekelwephi, futhi isiphi esinye iseluleko uPawulu asinikeza?

      11 Ubunye obunjalo busekelwe othandweni, ‘oluyisibopho esiphelele sobunye.’ (Kol. 3:14) KumaRoma isahluko 12, uPawulu uyakugcizelela lokhu, uthi uthando lwethu kufanele “lungabi nabuzenzisi” futhi uthi “othandweni lobuzalwane” kufanele ‘sithandane omunye nomunye.’ Lokhu kwenza ukuba sihloniphane. Lo mphostoli uthi: “Ekubonisaneni udumo nihole.” Yiqiniso, akumelwe sididanise uthando nozwela olungafanele. Kufanele senze konke esingakwenza ukuze sigcine ibandla lihlanzekile. Lapho enikeza iseluleko ngokuphathelene nothando, uPawulu unezela ngokuthi: “Yenyanyani okubi, bambelelani kokuhle.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela