Ukholo
Incazelo: “Ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.” (Heb. 11:1) Ukholo lweqiniso alukhona ukukholwa kokuthatheka, okungukuthi, ukusheshe ukholwe okuthile ngaphandle kobufakazi obuzwakalayo noma ngenxa nje yokuthi umuntu ufuna kube kanjalo. Ukholo loqobo ludinga ulwazi oluyisisekelo, ukujwayelana nobufakazi, kanye nokwazisa okusuka enhliziyweni ngalokho okuboniswa yilobobufakazi. Ngakho-ke, nakuba kungenakwenzeka ukuba nokholo lwangempela ngaphandle kolwazi oluqondile, iBhayibheli lithi umuntu ukholwa “ngenhliziyo.”—Roma 10:10.
Kungani abantu abaningi bengenalo ukholo?
Ukholo luyisithelo somoya kaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu unikeza umoya wakhe ngenjabulo kulabo abawufunayo. (Gal. 5:22; Luka 11:13) Ngakho abantu abangenalo ukholo abawufuni lowomoya, noma bawufuna ngenjongo engalungile noma baphikisana nokusebenza kwawo ekuphileni kwabo. Ziningi izinto ezibangela lokhu:
Ukuntuleka kolwazi oluqondile lweBhayibheli: IBhayibheli liwumkhiqizo womoya kaNkulunkulu, liphefumlelwe nguNkulunkulu. (2 Thim. 3:16, 17; 2 Sam. 23:2) Ukwehluleka ukulitadisha kukhubaza noma ikuphi ukukhula kokholo lweqiniso. Nakuba amalungu esonto engase abe nawo amaBhayibheli, uma eye afundiswa imiqondo yabantu esikhundleni seZwi likaNkulunkulu, ayontula ukholo lwangempela kuNkulunkulu nezinjongo zakhe. Ukuze axazulule izinkinga zokuphila, ayothambekela ekuthembeleni emiqondweni yawo naleyo yabanye abantu.—Qhathanisa noMathewu 15:3-9.
Ukudunyazwa inkolo: Abaningi baye badunyazwa ubuzenzisi bamasonto eLobukholwa, athi afundisa iZwi likaNkulunkulu kodwa ahluleke ukuphila ngokuvumelana nalokho elikushoyo. Abanye babengamalungu enkolo engebona ubuKristu, kodwa babona izithelo ezimbi zemikhuba yayo noma bathola ukuthi izinkolelo zabo azibasizi ngempela ukuba babhekane nezinkinga zokuphila. Ngokuntula ulwazi oluqondile lukaNkulunkulu weqiniso, abantu abanjalo bazehlukanisa nanoma yini ehlobene nenkolo.—Qhathanisa nabaseRoma 3:3, 4; Mathewu 7:21-23.
Abaqondi ngokuvumela kukaNkulunkulu ububi: Abantu abaningi abaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi ngakho-ke bayamsola ngazo zonke izinto ezimbi ezenzekayo. Abaqapheli ukuthi ukuthambekela komuntu ngasebubini akubangelwa intando kaNkulunkulu kodwa kungenxa yesono sika-Adamu. (Roma 5:12) Kungenzeka bangaqondi ngokuba khona kukaSathane uDeveli nethonya analo ezindabeni zezwe, ngakho-ke zonke izinto ezimbi ezikhuthazwa uSathane bathi ngezikaNkulunkulu. (1 Joh. 5:19; IsAm. 12:12) Uma ngezinga elithile beziqaphela lezinto, bangase babe nomuzwa wokuthi uNkulunkulu uyephuza ekuthatheni isinyathelo, ngoba abayiboni ngokukhanyayo impikiswano yobukhosi bendawo yonke futhi abaliqondi iqiniso lokuthi ukubekezela kukaNkulunkulu kuze kube yilesikhathi kubanikeza ithuba elingabafanele lokusindiswa. (Roma 2:4; 2 Pet. 3:9) Futhi, abaqapheli ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu unesikhathi esibekiwe lapho eyobhubhisa khona phakade bonke abenza ububi.—IsAm. 22:10-12; 11:18; Hab. 2:3.
Ukuphila kubuswa izifiso zenyama nemibono: Ngokuvamile, abantu abantula ukholo oluphila ngempela baye bazinikela ekuphishekeleni ezinye izithakazelo. Abanye bangase bathi bayalikholelwa iBhayibheli kodwa kungenzeka abakaze balitadishisise noma kungenzeka baye bahluleka ukuzindla ngokwazisa ngalokho abakufundayo, ngezizathu zakho, nokuthi kusebenza kanjani ekuphileni kwansuku zonke. (Qhathanisa neyoku-1 IziKronike 28:9.) Kwezinye izimo, baye bahluleka ukuthuthukisa ukholo abanalo, kunalokho, bavumela isifiso sezinto ezimbi ukuba sibuse ukuthambekela kwezinhliziyo zabo base bembalekela uNkulunkulu nezindlela zakhe.—Heb. 3:12.
Umuntu angaluthola kanjani ukholo?
Roma 10:17: “Ukukholwa kuvela ngokuzwa.” (Qhathanisa nezEnzo 17:11, 12; Johane 4:39-42; 2 IziKronike 9:5-8. Okokuqala umuntu kumelwe athole ukuthi iBhayibheli lithini, futhi uyoqinisa ukukholwa kwakhe uma elihlola ngokucophelela ukuze aqiniseke ngokuthembeka kwalo.)
Roma 10:10: “Umuntu ukholwa ngenhliziyo.” (Ngokuzindla ngezinto ezilungileyo ukuze akhe ukwazisa ngazo, umuntu uzigxilisa enhliziyweni yakhe engokomfanekiso.)
Ukholo luyaqina uma umuntu enza ngokwezithembiso zikaNkulunkulu abese ebona ubufakazi besibusiso sikaNkulunkulu kulokho akwenzileyo.—Bheka iHubo 106:9-12.
Umfanekiso: Mhlawumbe unomngane ongase uthi ngaye: ‘Ngiyamethemba lowomuntu. Ngingaqiniseka ukuthi uyoligcina izwi lakhe; futhi ngiyazi ukuthi uma nginenkinga, uyongisiza.’ Cishe akunakwenzeka ukuba usho lokho ngomuntu obuqala ukwazana naye izolo, akunjalo? Kumelwe kube umuntu osunesikhathi eside wazana naye, umuntu oye wabonisa ukwethembeka kwakhe ngokuphindaphindiwe. Kungokufanayo-ke nangokholo olungokwenkolo. Ukuze ube nokholo, kudingeka ube nesikhathi sokwazi uJehova nendlela yakhe yokwenza izinto.
Ukholo lokuthi ukhona uNkulunkulu
Bheka amakhasi 394-400, ngaphansi kwesihloko esikhulu esithi “UNkulunkulu.”
Ukholo ethembeni lesimiso sezinto esisha sokulunga
Uma umuntu ejwayelana kahle nombhalo wokusebenzelana kukaJehova nezinceku zakhe, uba nombono ofanayo nokaJoshuwa, owathi: “Niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.”—Josh. 23:14.
Izithembiso zeBhayibheli zempilo evuselelwe, ukuvuswa kwabafileyo, njalonjalo, ziqinisekiswa umbhalo wezimangaliso ezenziwa uJesu Kristu. Lezi azizona izinganekwane. Funda ukulandisa kwamaVangeli ubone ubufakazi bokuthi kunazo zonke izimpawu zokuba umlando onobufakazi. Izindawo ngokomumo womhlaba ziyashiwo; kunikezwa namagama ababusi bezwe bangalesosikhathi; kuye kwalondolozwa umlando wofakazi bokuzibonela abangaphezu koyedwa. Ukuzindla ngalobufakazi kungaluqinisa ukholo lwakho ezithembisweni zeBhayibheli.
Yiya emaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova nasemihlanganweni yabo emikhulu evamile, khona-ke ungazibonela ngokwakho ubufakazi bokuthi ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kuguqula ukuphila, ukuthi kwenza abantu bathembeke futhi babe qotho ngesimilo, nokuthi kungenza abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe bahlale futhi basebenze ndawonye ngomoya wobuzalwane boqobo.
Ingabe imisebenzi idingeke ngempela uma umuntu enokholo?
Jak. 2:17, 18, 21, 22, 26: “Nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho. Kepha omunye uyakuthi: Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi; ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami. UAbrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe uIsaka ealtare na? Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi. Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.”
Umfanekiso: Insizwa ingase ishele intombi, iyitshele ukuthi iyayithanda. Kodwa uma ingakaze iyicele ukuba bashade, ingabe ngempela ibonisa ukuthi uthando lwayo lungolweqiniso? Ngokufanayo, imisebenzi iyindlela yokubonisa ukuba yiqiniso kokholo lwethu nothando lwethu. Uma singamlaleli uNkulunkulu asimthandi ngempela noma asinalo ukholo ekufanelekeni kwezindlela zakhe. (1 Joh. 5:3, 4) Kodwa asinakuzenza sifanelekele ukusindiswa kungakhathaliseki ukuthi senza imisebenzi engakanani. Ukuphila okuphakade kuyisipho esivela kuNkulunkulu ngoJesu Kristu, akukhona ukukhokhelwa ngemisebenzi yethu.—Efe. 2:8, 9.