Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 | Ungaziphindiseleli
    INqabayokulinda (Yomphakathi)—2022 | No. 1
    • IBhayibheli Lithi:

      “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabo bonke abantu. Ningaziphindiseleli, . . . ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘“Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina,” kusho uJehova.’”​—ROMA 12:17-19.

      Lokho Okukushoyo:

      Nakuba kungokwemvelo ukucasuka lapho siphathwe kabi, uNkulunkulu akafuni ukuba siziphindiselele. Kunalokho, uyasinxusa ukuba simlinde ngoba maduzane uzoqeda konke ukungabi nabulungisa.​—IHubo 37:7, 10.

  • 2 | Ungaziphindiseleli
    INqabayokulinda (Yomphakathi)—2022 | No. 1
    • U-Adrián waqala ukufunda iBhayibheli lapho eneminyaka engu-16. Uyenezela: “Njengoba ngangithuthuka ekufundeni kwami iBhayibheli, ngabona isidingo sokwenza izinguquko ebuntwini bami.” Kwadingeka ukuba ahlukane nenzondo futhi ayeke ukuba nobudlova. Wakuthanda kakhulu akufunda emBhalweni wabaseRoma 12:17-19 mayelana nokuyeka ukuziphindiselela. Uthi: “Ngaqala ukuqonda ukuthi uJehova uzokulungisa ukungabi nabulungisa ngendlela yakhe nangesikhathi sakhe. Kancane kancane ngayeka ukuphila ngobudlova.”

      Ngobunye ubusuku, u-Adrián wahlaselwa yintsha eyayiseqenjini elaliyizitha zakhe zangaphambili. Umholi walelo qembu wamemeza: “Phindisela!” U-Adrián uyavuma: “Nganginesifiso esinamandla sokuziphindiselela.” Kunokuba aziphindiselele, wenza umthandazo omfushane kuJehova wabe esesuka lapho.

      U-Adrián uyaqhubeka: “Ngosuku olulandelayo ngahlangana nomholi waleli qembu ehamba yedwa. Ngazizwa ngithukuthela ngifuna ukuziphindiselela, kodwa ngaphinde ngancenga uJehova ngenhliziyo ukuba angisize ngizibambe. Ngamangala kabi lapho lo mfana esondela kimi futhi ethi: ‘Ngicela ungixolele ngokwenzeke izolo. Eqinisweni ngifisa ukufana nawe. Ngifuna ukufunda iBhayibheli.’ Ngajabula ngokuthi ngangikwazile ukuzibamba! Ngenxa yalokho, naye waqala ukufunda iBhayibheli.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela