“UIsrayeli Wonke Uyakusindiswa”
“Kanjalo uIsrayeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe.”—ROMA 11:26.
1. (a) Ngokuqondene namaRoma 11:26, imiphi imibuzo ephakanyiswayo? (b) Kungani iRepublic yakwaIsrayeli ingeyena uIsrayeli ‘oyosindiswa’?
ISIPHI isizwe okukhulunywa ngaso lapha? Sisindiswa kanjani? Futhi zonke ezinye izizwe zithinteka kanjani ngokusindiswa kwaso? Nokho, lapho ukuphatha kwamaNgisi iPalestina kuphela ngo-1948, amaJuda athatha ingxenye yaleyondawo futhi amisa iRepublic yakwaIsrayeli. Ngokunqoba amabutho ama-Arabu empini yezinsuku eziyisithupha ka-1967, elakwaIsrayeli landisa imingcele yombuso walo. Kodwa kusukela ekumisweni kweRepublic yakwaIsrayeli, kuye kwadingeka ukuba ime ngamandla ezikhali. Kungakhathaliseki noma elakwaIsrayeli wanamuhla linamabhomu enyukliya anqwatshelelwe ukuvikela isizwe noma cha, ngokuqinisekile alithembele kunoma imuphi ‘umhlangulisi ovela eSiyoni.’ Phela, kanye neZizwe zabezizwe, lelizwe lezombangazwe elincane ngokulinganiswa liyingxenye yeZizwe Ezihlangene! Ngokusobala, lombuso awuwona ongokwasezulwini, njengesizwe sakwaIsrayeli ngezinsuku zikaMose, emuva ngo-1513 B.C.E.
2. Ukumiswa kweRepublic yakwaIsrayeli kwehluke kanjani ekubuyiselweni kwamaJuda ezweni lakubo ngo-537 B.C.E.?
2 UmIsrayeli waseAustria uTheodor Herzl, umsunguli weNhlangano Yezwe YamaZayoni ngo-1897, wathi amaJuda ayeyisizwe futhi wafuna ukuba kube nendawo ebekelwe eceleni yokumiswa kombuso wamaJuda. Kodwa akukho lutho kuzo zonke lezizenzakalo ezihilela iRepublic yakwaIsrayeli okuhambelana nokubuyiselwa kwamaJuda ezweni lakubo ngo-537 B.C.E., unyaka wokuqala wombusi wasePheresiya uKoresi oMkhulu. Lokho kubuyiselwa kwasendulo kwagcwalisa injongo eyayimenyezelwe kaNkulunkulu kaIsrayeli, uJehova, njengoba yabikezelwa kuIsaya 45:1-5. (2 IziKronike 36:22, 23; Ezra 1:1-4) Kodwa ekumisweni kweRepublic yakwaIsrayeli asibonanga nkambo yokuthula eyathathwa ngokholo olugcwele kuNkulunkulu kaIsrayeli wasendulo. Ngakho lokhu akunakuchazwa njengokugcwaliseka kweziprofetho zemiBhalo yesiHeberu; futhi akubona ubufakazi bokuthi ukuza kukaMesiya wamaJuda kuseduze.
3. Ukusindiswa ‘kukaIsrayeli wonke’ kwake kwabhekwa kanjani AbaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke, kodwa yini eyenzeka maqondana nalokhu ngo-1932?
3 Kuze kube ngonyaka ka-1929 amalungu eNhlangano Yabafundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke acabanga ukuthi amaJuda emvelo ayesengabantu abakhethiwe bakaNkulunkulu, ukuthi ayeyoqoqelwa emuva ePalestina ngokungenakukholeka, nokuthi ayeyoguqulelwa kuJesu Kristu njengeNzalo ka-Abrahama ethenjisiwe, nokuthi khona-ke ayeyoba isizwe sasemhlabeni esiholayo ekubusisweni kwaso sonke isintu. Ngo-1932, nokho, lokhu kwaboniswa ukuthi kwakuwukuqondwa kabi kwesiprofetho seBhayibheli, kuhlanganise namazwi amaRoma 11:26 ngokusindiswa ‘kukaIsrayeli wonke.’—Bheka isiFundo VIII sencwadi Thy Kingdom Come, copyright 1891 yiWatch Tower Bible and Tract Society.
Obani Abenza “UIsrayeli Wonke”?
4. Iziphi izimo namuhla ezibonisa ukuthi iRepublic yakwaIsrayeli ayiyena “uIsrayeli kaNkulunkulu”?
4 Lokho umbhali ongumJuda wamaRoma 11:26 akubiza ngokuthi “uIsrayeli wonke” wakubiza ngokuthi “uIsrayeli kaNkulunkulu” kwabaseGalathiya 6:16. Kodwa uma amaJuda emvelo eRepublic yakwaIsrayeli nakuyo yonke imbulunga engamenzi “uIsrayeli wonke,” obani abangamalungu akhe? Lombuzo ungobalulekile, njengoba amaJuda emvelo anamuhla engazi ukuthi angawasiphi isizwe ezizweni eziyi-12 zakwaIsrayeli. AnoRabi kodwa abekho abapristi, akekho umpristi omkhulu emhlabeni, alikho ithempeli eJerusalema futhi alikho ialtare lapho lokunikela imihlatshelo ngokoMthetho uNkulunkulu awanikeza wona ngoMose. Konke lokhu kuye kwaphela kusukela amaRoma abhubhisa iJerusalema ngo-70 C.E. Futhi akukho bufakazi bokuthi uNkulunkulu ogama lakhe enqaba ukulibiza usenawo njengesizwe. Kodwa, uJehova uNkulunkulu unaye uIsrayeli emhlabeni, ngisho nakulelikhulu lama-20. Ngakho angobani amalungu akhe?
5, 6. UPawulu wabonisa kanjani ukuthi ukuba “uIsrayeli kaNkulunkulu” akuxhomekile ezimweni ezingokwemvelo nezingokwenyama?
5 UmJuda wemvelo uSawulu waseTarsu, owaba nelungelo lokuba umphostoli uPawulu ongumKristu, unikeza impendulo eyanelisayo. Cishe ngonyaka ka-56 C.E. wabhala incwadi ende ebhalela “bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele.” (Roma 1:1, 7) Kuleyoncwadi, uPawulu wachaza labo ababhekwa uNkulunkulu njengamaIsrayeli eqiniso—hhayi amaIsrayeli ngokwenyama kodwa ngokomoya. UPawulu wabhala:
6 “Ngokuba asibo bonke abavela kuIsrayeli abangabakwaIsrayeli; nakuba beyinzalo ka-Abrahama, bonke abasibo abantwana, kodwa kuthiwa: Ngolsaka iyakubizwa inzalo yakho. Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama abangabantwana bakaNkulunkulu labo, kodwa abantwana besithembiso bathiwa inzalo. . . . UIsaya umemeza ngoIsrayeli, uthi: Nokuba umumo wabantwana bakwaIsrayeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa, ngokuba iNkosi iyakufeza izwi layo emhlabeni, iliphelelise, ikhawuleze, njengalokho washo uIsaya ngaphambili ukuthi: Uma iNkosi-Sebawoti ibingasishiyelanga inzalo besiyakuba-njengeSodoma, sifane neGomora.”—Roma 9:6-9, 27-29.
7, 8. Kungani amaIsrayeli emvelo ehluleka ukugcwalisa zonke izindawo njengamagatsha omnqumo ongokomfanekiso ochazwe kumaRoma isahluko 11?
7 Kamuva, kumaRoma isahluko 11, uPawulu wafanisa isizwe sakwaIsrayeli nomnqumo ohlanganiswe “nomhlobo kaNkulunkulu,” inzalamizi uAbrahama. (Jakobe 2:23) Ngemva kokuba ‘lowomhlobo’ ebonise ukulalela kwakhe, uNkulunkulu wamtshela: “Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.” (Genesise 22:18) Ngenxa yokuthi iningi lamaJuda emvelo alibonisanga ukholo lukakhokho walo uAbrahama lalalela uNkulunkulu, lawomaIsrayeli angakholwa asuswa emnqumweni ongokomfanekiso owawugxiliswe kuAbrahama oMkhulu, uJehova uNkulunkulu. Izindawo zawo zathathwa abezizwe abakholwayo, noma abangewona amaJuda, ukuze umuthi ongokomfanekiso ube nenani lawo eligcwele lamagatsha. Labo abathatha izindawo zamaIsrayeli emvelo baba “inzalo ka-Abrahama” njengamaproselithe, noma amaIsrayeli ngokuthathwa uNkulunkulu, ongomkhulu kunoAbrahama. (Galathiya 3:26-29) Baba amaIsrayeli ngengqondo engokomoya, okungukuthi, amaIsrayeli angokomoya. Kungakho uPawulu aqhubeka wathi:
8 “Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi lemfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi ingxenye kaIsrayeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo; kanjalo uIsrayeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe. Yilesi isivumelwano sami nabo, lapho ngisusa izono zabo.”—Roma 11:25-27.
9. Nakuba “izikhathi ezimisiwe zabeZizwe” zaphela ngo-1914, siyini isimo seRepublic yakwaIsrayeli mayelana noMlamuleli wesivumelwano esisha?
9 Siyaphawula ukuthi uPawulu akasho ukuthi, ‘kuze kube yilapho izikhathi zabeZizwe sezigcwalisekile.’ Kunalokho, uthi, “kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo,” noma, “kuze kube yilapho inani eligcwele labantu bezizwe selingenile.” IZikhathi zabeZizwe, noma ‘izikhathi ezimisiwe zabezizwe,’ zaphela ngo-1914, unyaka okwagqashuka ngawo iMpi Yezwe I. (Luka 21:24) Nokho, namuhla, ngemva kweminyaka engama-70, iRepublic yakwaIsrayeli namaJuda emvelo kuwo wonke umhlaba abasho ukuthi basesivumelwaneni esisha uJehova athi uyosimisa nendlu yakwaIsrayeli. (Jeremiya 31:31-34) Ngaphezu kweminyaka engamakhulu ayi-19 edlule, ngoNisan 14, 33 C.E., ngobusuku bePhasika lamaJuda, uMlamuleli owayelindelwe walesosivumelwano wanikeza abaphostoli bakhe abathembekile isitsha sewayini wayesethi: “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.” (Luka 22:20) Kodwa ngemva kwaso sonke lesisikhathi iRepublic yakwaIsrayeli ayimqapheli uJesu Kristu njengoMlamuleli wesivumelwano esabikezelwa esiprofethweni sikaJeremiya.
10. AmaJuda emvelo akholwayo enza ingxenye engakanani ‘yenzalo’ ka-Abrahama eyayiyobusisa sonke isintu, futhi kwaba namuphi umphumela?
10 Ngokwabantu bakwaIsrayeli, “uMhlangulisi” akakaveli eSiyoni. (Isaya 59:20; Roma 11:26) Kodwa ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E., insali kaIsrayeli wasendulo yamamukela uJesu njengoMesiya. Lensali khona-ke yaqala ukwamukela umoya ongcwele othenjisiwe futhi yalethwa esivumelwaneni esisha esasibikezelwe. Kodwa, insali yayingenele ukuba yayingenza amalungu agcwele “omlobokazi” ongokomoya kaKristu, ayizi-144 000. (IsAmbulo 7:1-8; 14:1-3; 21:9) Kanjalo ayengenelanga amaIsrayeli emvelo aba yingxenye yomnqumo ongokomfanekiso ogxile kuAbrahama oMkhulu, owathembisa ukuthi “inzalo” yenzalamizi yasendulo iyoletha izibusiso kuyo yonke imindeni yasemhlabeni, yamaJuda neyabangesiwo amaJuda.
11, 12. “UIsrayeli wonke” ubhekisela kumuphi uIsrayeli, futhi lokhu kungafakazelwa kanjani ngokomBhalo?
11 Khona-ke, kwakuzokwenzeka kanjani ukuba “uIsrayeli wonke” “asindiswe” ‘ngoMhlangulisi’ othenjisiwe? Siza uphawule ukuthi uPawulu wabhala incwadi yakhe kwabaseRoma cishe ngo-56 C.E., ngemva kokuba ebhalele abaseGalathiya (cishe ngo-50-52 C.E.). Ngakho-ke, abaseRoma 11:25-27 babhalwa ngamazwi akhe kwabaseGalathiya 6:16 ‘ngoIsrayeli kaNkulunkulu.’ Lowo Israyeli yilowo okwakwenziwe naye isivumelwano esisha ngoJesu Kristu, hhayi umprofethi uMose. UJesu wayenguMlamuleli kaIsrayeli ongamaKristu, uIsrayeli ongokomoya, owazalwa njengesizwe ngosuku lwePentekoste, lika-33 C.E., lapho kuthululelwa umoya ongcwele kumaJuda emukela uJesu Kristu njengoMlamuleli wesivumelwano esisha.
12 Owayekhona ngalesosikhathi kwakungumphostoli uPetru ongumJuda. Kamuva, wabhalela ‘abakhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu’ futhi wathi: “Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, . . . ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu.” (1 Petru 1:1, 2; 2:9, 10) Lokhu kuqinisekisa iqiniso lokuthi uIsrayeli “wonke” ‘owayeyosindiswa’ akekho embusweni wakwaIsrayeli wanamuhla noma kumaIsrayeli emvelo ahlakazeke nembulunga yonke. “UIsrayeli wonke” ‘owayeyosindiswa’ kwakunguIsrayeli ongokomoya owazalwa ngePentekoste lika-33 C.E. ngokuba uzalwe ngomoya kaNkulunkulu okhiqizayo. ‘KwakukuloIsrayeli kaNkulunkulu’ uMhlangulisi othenjisiwe owayezokuza kuye.
13. (a) Kukanjani futhi kunini lapho uMhlangulisi othenjisiwe avela eSiyoni? (b) Ngesikhathi esifanele, “uIsrayeli kaNkulunkulu” wahlanganisa obani ebulungwini bakhe?
13 LoMhlangulisi wafika ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E. Kanjani? Ngokuthululwa komoya ongcwele kaJehova kubafundi abangaba yi-120 ekamelweni eliphezulu lenhlokodolobha yesizwe yaseJerusalema. Kanjalo labobafundi baba yisigaba sokuqala ‘sikaIsrayeli kaNkulunkulu’ esazalelwa ekuphileni okungokomoya sinethemba lokuphila okuphakade endaweni yomoya phezulu. LoIsrayeli ongokomoya ekugcineni wahlanganisa abangewona amaJuda abakholwa kuMhlangulisi othenjisiwe. Kwakunini lokhu? Ekuphendukeni kwabaseSamariya—futhi kamuva kwabeZizwe boqobo ekuphendukeni kwenduna yekhulu yamaRoma uKomeliyu nomkhaya wakhe nabangane ngo-36 C.E.—uJehova, uAbrahama oMkhulu, wabathatha bonke laba abakholwayo abangewona amaJuda wabaletha eNdodaneni yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu, isiqu esingokomfanekiso somnqumo ongokomfanekiso. Kanjalo laba abangewona amaJuda bathatha izindawo zamaJuda angenalukholo lawo ayenqunyiwe kulowomnqumo “onamagatsha” ayizi-144 000.—IzEnzo, isahluko 10; IzE 15:14-21.
Umsebenzi Wokuhlumelela Manje Usufeziwe
14. Njengamanje kunobufakazi obuhle bokubonisani maqondana ‘noIsrayeli wonke’?
14 Sekudlule iminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amane nesishiyagalombili kusukela kulowonyaka ophawulekayo ka-36 C.E. Khona-ke, ngokunengqondo njengamanje umsebenzi kaNkulunkulu uMninimandla onke wokusindisa “uIsrayeli wonke” uye wafezwa kahle. Leso kwakuyisikhathi eside kakhulu kunenkathi yobuJuda yomusa waphezulu okhethekile kusukela ngo-1513 B.C.E., ngosuku lukaMose, kuya ku-36 C.E., ekuphendukeni kokuqala kwabangasokiwe abangewona amaIsrayeli, noma abeZizwe. Ngokungangabazeki, lesisikhathi eseluliwe sanikeza isikhathi esanele sokusindisa “uIsrayeli wonke,” mayelana nokuveza inani elanele. Manje kunobufakazi obuhle balokhu.
15. Esiprofethweni sikaJesu mayelana ‘nesibonakaliso’ ‘sokuphela kwesimiso sezinto,’ wathi “abakhethiweyo” babeyoqoqwa kanjani?
15 UJesu Kristu wabhekisela kulesosikhathi uma enikeza isiprofetho ‘sokuba-khona’ kwakhe komoya okungabonakali ‘nesiphelo sesimiso sezinto’ futhi wathi: “Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese-zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube-komunye.” (Mathewu 24:3, 30, 31) Kwaqala nini “ukuba-khona” kukaJesu Kristu?
16, 17. “Ukuba-khona” kukaJesu Kristu kwaqala nini, futhi iziphi izenzakalo eziphawulekayo ezalandela mayelana nokuqoqwa ‘kwabakhethiweyo’?
16 “Ukuba-khona” kukaJesu kwaqala ekupheleni ‘kwezikhathi eziyisikhombisa’ zabeZizwe ekwindla ka-1914. (Daniyeli 4:23-36) Ngalesosikhathi uJesu Kristu okhazinyulisiwe waphendulela ukunaka kwakhe ekusebenziseni amandla akhe emhlabeni ohlukaniswe yimpi. Amaqiniso omlando abonisa ukuthi onyakeni ongemva kwempi ka-1919 iNkosi ebusayo uJesu Kristu yathumela izingelosi zayo zasezulwini ukuba zibuthele ndawonye “abakhethiweyo” kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ngaphansi kokuqondisa kweWatch Tower Bible and Tract Society, baqoqelwa ndawonye ebunyeni bomhlaba wonke, ukuba bahlanganise imizamo yabo kusukela lapho ekufezeni ukuqondisa kukaJesu okungokwesiprofetho okulotshwe kuMathewu 24:14: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”
17 Emhlanganweni wezizwe zonke wabantu bakaNkulunkulu ngo-1931, bamukela ngobunye igama elisha, ukuze baziwe ngokuthi oFakazi BakaJehova. Lokhu kwalandelwa kamuva ukukhishwa kwencwadi yeNhlangano iJehovah, eyayiqokomisa igama likaNkulunkulu ababejabulela ukubizwa ngalo. Ngokujabula, oFakazi BakaJehova bamukela leyoncwadi entsha ngonyaka ka-1934, lapho uMholi wamaNazi, uAdolf Hitler, ephumele ukuqeda oFakazi eYurophu ephakathi.
18. Ngesikhathi esifanele, isiphi isenzakalo esabonisa ukuthi inani eligcwele ‘labakhethiweyo’ lase liqoqiwe?
18 Okwalandela kwabonisa ukuthi ukubuthwa ‘kwabakhethiweyo’ abazinikezele futhi babhapathizwa ngenxa yoMbuso wasezulwini kwase kufeziwe. Kanjani? Ngoba ngonyaka ka-1935 ukunaka nemizamo yalabo “abakhethiweyo” kwaqondiswa “esixukwini esikhulu” esaboniswa kusAmbulo 7:9-17. ‘Lesi sixuku esikhulu,’ sasakhiwe obani? Abantu ababeyobhekisa udumo nenkazimulo kuJehova uNkulunkulu nakuJesu Kristu futhi ababeyovuzwa ngokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi abayodlulela kuwo ngaphandle kokufa naphezu ‘kosizi olukhulu’ kuwo wonke umlando wesintu. Labantu abathola umusa babeyoboniswa ‘njengezinye izimvu’ zasemhlabeni zikaMalusi Omuhle, uJesu Kristu. Ngokujabulisayo, babezokwenziwa babe “mhlambi-munye” nensali ‘kaIsrayeli wonke’ eyayizobe isaphila emhlabeni.—Johane 10:16.
Ithini Impendulo Yakho?
□ Kungani iRepublic yakwaIsrayeli ingeyena uIsrayeli oshiwo kumaRoma 11:26?
□ Kungani amaIsrayeli emvelo ehluleka ukugcwalisa zonke izindawo njengamagatsha omnqumo ongokomfanekiso?
□ Ubani uMhlangulisi othenjisiwe, futhi wavela nini eSiyoni futhi kanjani?
□ Obani abenza “uIsrayeli wonke,” futhi inani labo laphelela nini?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]
Ngo-1935 ‘ezinye izimvu’ ezazihlanganyela nensali “kaIsrayeli wonke” zachazwa ‘njengesixuku esikhulu’
[Isithombe ekhasini 12]
Lapho uJesu emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, yini eyayimelelwe “isitsha”?
[Isithombe ekhasini 14]
Izilaleli ezazigcwele emhlanganweni ka-1935 waseWashington, D.C.