Isahluko 12
Ukuhlonipha Igunya Kudingekile Ukuze Kube Nenhlalo Enokuthula
UMOYA wokuzibusa ugcwele lonke izwe lanamuhla. Kuye kwaba khona isimo esivamile sokungalethembi igunya, ikakhulukazi phakathi kwalabo abazalwa kusukela ngeMpi Yezwe II. Ngani? Ngoba abazali babo baye babona ukucindezeleka okusesilinganisweni esingakaze sibonwe, kanye namasu obudlova futhi onakele alabo abaphetheyo. Baye baba nombono ofiphele ngegunya. Ngalokho, abaningi babo, lapho beba ngabazali, abazange bayifake inhlonipho ngegunya ezinganeni zabo. Nokungalungi okungokomthetho okubonwa yizingane akuzange kusilungise isimo. Ngenxa yalokho, ukungalihloniphi igunya kuye kwaba okuvamile.
2 Lokho kuntuleka kwenhlonipho kubonakala ngezindlela eziningi. Ngezinye izikhathi kungokuthanda uhlobo lokugqoka noma lokuzilungisa olubonisa ukwenqaba izindinganiso ezamukelekayo. Kungase kuhilele ukwedelela ngokusobala amaphoyisa, noma ngisho nobudlova nokuchitheka kwegazi. Kodwa akugcini kulokhu kuphela. Naphakathi kwabantu, abangavezi imibono yabo ngalezindlela ezibonakalayo, abaningi abayinaki noma bayayeqa imithetho uma bengavumelani nemithetho enjalo noma uma beyithola ingahambisani nabo.
3 Lesisimo siye sawuthinta ngokujulile umoya emakhaya, ezikoleni, emisebenzini, nasekuthintaneni nezikhulu zikahulumeni. Ngokwandayo, abantu abafuni muntu ozobatshela okumelwe bakwenze. Balwela ukufinyelela lokho abakholelwa ukuthi kuyinkululeko enkudlwana. Ubhekene nalesisimo, yini oyoyenza?
4 Inkambo yakho iyobonisa ukuthi umiphi empikiswaneni yobukhosi bukaJehova bendawo yonke. Ingabe umhlonipha ngempela uJehova njengoMthombo wokuthula kweqiniso nokulondeka? Ingabe ekuphileni kwakho uyofuna futhi usebenzise lokho iZwi lakhe elikuqondisayo? Noma ingabe uyohambisana nalabo abazenzela izinqumo zabo siqu ngokuqondene nokuhle nokubi?—Genesise 3:1-5; IsAmbulo 12:9.
5 Ulwazi oluqondile lweBhayibheli lungakuvikela ekubeni udukiswe yilabo abathi nakuba ‘bethembisa inkululeko, bona ngokwabo babe beyizigqila zokubhubha.’ Ukulandela ukuhola kwabantu abanjalo kuyomane kukubeke esimweni esifanayo sobugqila. (2 Petru 2:18, 19) Inkululeko yeqiniso ingatholakala kuphela ngokufunda nokwenza intando kaNkulunkulu. Umthetho wakhe waphezulu ‘ungumthetho opheleleyo wenkululeko.’ (Jakobe 1:25) Lokhu kungashiwo ngoba uJehova akasicindezeli ngokungadingekile, akasibiyeli ngemithetho engenayo injongo ewusizo. Kodwa umthetho wakhe unikeza uhlobo lwesiqondiso oluletha inkululeko, ukuthula, nokulondeka okusekelwe ebuhlotsheni obuqondile noNkulunkulu nabantu esikanye nabo.
6 UNkulunkulu ulazi kangcono ngaphezu kwanoma ubani izinga lokonakala komuntu nokusetshenziswa kabi kwegunya. Futhi uye wanikeza iZwi lakhe ukuze kuthi noma bangaphakama kangakanani labo ababangela ukucindezeleka, bakwazi ukulandisa kuye. (Roma 14:12) Ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, “ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” (IzAga 2:22) Kodwa ngeke kube nomphumela omuhle kithi uma siphelelwa ukubekezela siziphathele umthetho ngezandla zethu.—Roma 12:17-19.
7 Ngobusuku bokukhashelwa nokuboshwa kwakhe, uJesu wakugcizelela lokhu kubaphostoli bakhe. Ngenxa yezimo ezazikhona ezweni, kuhlanganise nokuba khona kwezilo zasendle, abantu babevame ukuphatha izikhali. Ngakho-ke ngalesosikhathi kwakunezinkemba ezimbili phakathi kwabaphostoli bakaJesu. (Luka 22:38) Yini eyenzeka? Phela, babona ukweqiwa komthetho kobudlova lapho uJesu eboshwa ngaphandle kwesizathu. Ngakho-ke umphostoli uPetru wahosha inkemba yakhe ngokubhuduzela wagenca indlebe yenye yalawomadoda. Kodwa uJesu wayibuyisela indlebe eyayinqanyuliwe wayeseluleka uPetru: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Abantu abaningi, ngisho nasosukwini lwethu, babengase basindiswe ekufeni kungakabi yisikhathi ngokulandela lesiseluleko.—IzAga 24:21, 22.
Umbono Ofanele Ngegunya Lasemhlabeni
8 Lapho ebhalela amaKristu eRoma, umphostoli uPawulu waphefumlelwa uNkulunkulu ukuba axoxe ngendlela okwakumelwe aziphathe ngayo ngokuqondene neziphathimandla zasemhlabeni. Wabhala: “Akube-yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho-mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswé [“ezikhundleni zawo zokungazimeli ngokuphelele,” NW] nguNkulunkulu. Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa.” (Roma 13:1, 2) Ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu oye wabeka lababusi bomhlaba emandleni okubusa? IBhayibheli liphendula ngokuqondile ngokuthi cha! (Luka 4:5, 6; IsAmbulo 13:1, 2) Kodwa bakhona ngokuvunyelwa nguye. Futhi ‘lesisikhundla sokungazimeli ngokuphelele’ abaye baba kuso emlandweni sanqunywa nguNkulunkulu. Siyini lesosikhundla?
9 Umbhalo osanda kucashunwa uthi ‘esokubusa.’ Ngakho-ke izikhulu zikahulumeni azifanele ziphathwe ngokungenanhlonipho. Imithetho eziyibekayo akumelwe inganakwa. Lokhu akusho ukuthi uphakamisa abantu ngabanye, noma ukuthi uvumelana nanoma ikuphi ukonakala abangase bakwenze. Kodwa inhlonipho iboniswa ngokufanelekile ngenxa yesikhundla abakuso.—Thithu 3:1, 2.
10 Ngesilinganiso esikhulu, imithetho yasemhlabeni isebenzela inzuzo yokuhle. Iyasiza ukuba kube nokuhleleka futhi iqinisekisa isilinganiso esithile sesivikelo kubantu nempahla yabo. (Roma 13:3, 4) Futhi, ohulumeni ngokuvamile balungiselela imigwaqo, ukunakekela ezempilo, ukuvikela umlilo, imfundo, nezinye izinkonzo ezizuzisa abantu. Ingabe kumelwe bakhokhelwe ngalezinkonzo? Kumelwe sikhokhe intela? Lombuzo ngokuvamile uvusa imizwa enamandla ngenxa yezintela eziphakeme nokusetshenziswa kabi okuvamile kwemali yomphakathi. Nangesikhathi sikaJesu, lombuzo wawuthintene nezombangazwe. Kodwa uJesu akazange abe nombono wokuthi isimo esikhona sasigunyaza noma ikuphi ukwenqaba ukukhokha. Ebhekisela emalini eyayigxotshwe uKesari wamaRoma, wathi: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” (Mathewu 22:17-21; Roma 13:6, 7) Cha, uJesu akazange avumele umqondo wokuba noma ubani aziphathele umthetho ngokwakhe.
11 Nokho, uJesu wabonisa ukuthi “uKesari,” umbuso wasemhlabeni, wawungekuphela kwegunya okwakumelwe licatshangelwe. “Amandla ombuso” awaphakeme kunoNkulunkulu noma awalingani nokulingana naye. Ngokuphambene, aphansi kakhulu kuye. Ngakho-ke igunya lawo lilinganiselwe, aliphelele neze. Ngenxa yalokhu, amaKristu ngokuvamile aye abhekana nesinqumo esibucayi. Isinqumo nawe okumelwe ubhekane naso. Uma abantu abaphethe befuna ukuba lokho okungokukaNkulunkulu kube ngokwabo, yini oyoyenza? Uma benqabela lokho uNkulunkulu akuyalayo, ubani oyomlalela?
12 Abaphostoli bakaJesu bachaza isimo sabo ngenhlonipho kodwa ngokuqinile emalungwini enkantolo ephakeme yaseJerusalema: “Asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo. . . . Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.” (IzEnzo 4:19, 20; 5:29) Ohulumeni ngezinye izikhathi baye bamisa imithetho evimbelayo ngezikhathi ezibucayi, futhi lokhu kuyaqondakala. Ngezinye izikhathi imithetho evimbelayo yohulumeni ingase iklanyelwe ukuphazamisa ukukhulekela kwethu uNkulunkulu ikwenze kungenzeki ukugcwalisa isibopho esisinikwe uNkulunkulu. Kuthiwani-ke? IZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe liyaphendula: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.”
13 Nakuba ukuhlonipha lesibopho esinaso kuNkulunkulu kungase kungqubuzane nalokho okufunwa “uKesari,” lokhu kuhluke kakhulu ekwephuleni ngokuzibusa imithetho esingavumelani nayo. Kuyiqiniso ukuthi, ngokombono womuntu siqu, imithetho ethile ingase ibonakale ingadingekile noma ibopha ngokweqile. Kodwa lokho akukwenzi kufaneleke ukungayinaki imithetho engangqubuzani nemithetho kaNkulunkulu. Bekungathiwani uma bonke abantu bebelalela kuphela imithetho abayicabangela njengenenzuzo kubo? Bekungaholela esiphithiphithini kuphela.
14 Ngezinye izikhathi umuntu angase abe nomuzwa wokuthi akanakulinaka igunya, enze akuthandayo ngoba cishe akanakubanjwa noma ajeziswe. Kodwa kunengozi enkulu kulokhu. Lapho ukungawunaki umthetho okokuqala kungase kuhilele izinto ezincane, ukungajeziswa komuntu kungase kumnike isibindi sokwenza izinto ezinkulu ezimbi. Njengoba umShumayeli 8:11 esho: “Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.” Kodwa ingabe isizathu sangempela sokulalela umthetho simane siwukwesaba ukujeziswa ngokungalaleli? NgomKristu, kumelwe kube khona okuphoqelela kakhulu kunalokho. Umphostoli uPawulu wakubiza ngokuthi “okuswelekile”—isifiso sikanembeza ohlanzekile. (Roma 13:5) Umuntu onembeza wakhe uye waqeqeshwa ngezimiso ezingokomBhalo uyakwazi ukuthi ukulandelela inkambo yokungabi namthetho kuyoba ukumelana “nesimiso sikaNkulunkulu.” Kungakhathaliseki noma abanye abantu bayakwazi esikwenzayo, uNkulunkulu uyazi, futhi amathemba ethu okuphila kwesikhathi esizayo ancike kuye.—1 Petru 2:12-17.
15 Kungokufanayo ngesimo somuntu omusha ngakuthisha wakhe wesikole nesimo somuntu omdala ngakumqashi wakhe. Iqiniso lokuthi abantu abaningi abasizungezile benza izinto ezingalungile akumelwe libe yinto yokunquma. Ukuthi uthisha noma umqashi uyakwazi esikwenzayo akumelwe kwenze umehluko. Umbuzo uwukuthi, Yikuphi okulungile? Yini ethokozisa uNkulunkulu? Nalapha futhi, uma esicelwa ukuba sikwenze kungangqubuzani nomthetho kaNkulunkulu noma izimiso zokulunga, sibambisana nakho. Othisha besikole ngokuvamile bangabameleli bohulumeni basemhlabeni, ngakho-ke bangamanxusa “amandla ombuso,” ngalokho-ke kufanele sibahloniphe. Ngokuqondene nabaqashi basemhlabeni, isimiso seBhayibheli kuThithu 2:9, 10 singase sisetshenziswe, ngisho nakuba uPawulu lapho ayeloba ngobuhlobo obuhlukile, lobo bezinceku kubaninizo. UPawulu wathi: “Zikholeke ezintweni zonke, . . . zibonakalise konke ukwethembeka okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.” (Thithu 2:9, 10) Ngaleyondlela, sigwema ithonya likaSathane, omoya wakhe “osasebenza kubantwana bokungalaleli,” futhi sakha ubuhlobo obunokuthula nabantu esikanye nabo.—Efesu 2:2, 3.
Igunya Lasekhaya
16 Umkhaya ungenye indawo lapho inhlonipho ngegunya ingase ibangele ubuhlobo obunokuthula. Ngokuvamile inhlonipho enjalo ephilileyo iyantuleka, kuphumele ekuwohlokeni kobuhlobo bomkhaya futhi ngokuvamile kube ukwehlukana komkhaya. Yini engenziwa ekuthuthukiseni isimo? Isimiso sobunhloko, njengoba sihlelwe kweyoku-1 Korinte 11:3, siyimpendulo: “Inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.”
17 Phawula ukuthi lenkulumo yelungiselelo likaJehova ayikhombi kuqala ebunhlokweni bendoda. Kunalokho, idonsela ukunakekela eqinisweni lokuthi kunothile indoda okumelwe ifune ukuqondiswa kuye, othile osibonelo sakhe kumelwe isilandele. Lowo othile nguJesu Kristu. Uyinhloko yendoda. Futhi ekusebenzelaneni kwakhe nebandla lakhe, elifaniswa nomlobokazi, uKristu wabonisa indlela yokwenza ubunhloko bendoda buphumelele. Isibonelo sakhe esihle sabangela ukusabela kokuzimisela kubalandeli bakhe. Lapho ehola, kunokuba ‘ubasi,’ ukuba nokhahlo nokufuna ngenkani kubalandeli bakhe, uJesu ‘wayemnene ethobile ngenhliziyo,’ okwenza bathola impumuzo yemiphefumulo yabo. (Mathewu 11:28-30) Ingabe wabagxeka ngokushiyeka kwabo? Ngokuphambene, wabeluleka ngothando futhi waze wabeka phansi ukuphila kwakhe ukuze abahlanze ezonweni. (Efesu 5:25-30) Yeka isibusiso okuyiso kunoma imuphi umkhaya ukuba nendoda ezama ngobuqotho ukulandela lesosibonelo!
18 Uma kunobunhloko obunjalo ekhaya, akunzima ngowesifazane ukuba athembele kumyeni wakhe. Futhi ukulalela kuvele kwenzeke kalula nje kubantwana. Kodwa futhi kunokuningi umkayo nabantwana abangakunikela enjabulweni yomkhaya. Ngokukhuthala kwakhe ekunakekeleni umkhaya nangomoya wakhe wokubambisana, umkayo ubonisa ukuthi ‘unenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.’ Ingabe kunjalo emkhayeni wakho? (Efesu 5:33; IzAga 31:10-15, 27, 28) Ngokuqondene nezingane, ukubalalela ngokuzimisela bobabili uyise nonina kubonisa ukuthi ziyabahlonipha abazali bazo, njengoba uNkulunkulu efuna. (Efesu 6:1-3) Ngeke yini kube nokuthula okwengeziwe nomuzwa omkhulu wokulondeka komuntu siqu emkhayeni onjalo kunakulowo lapho inhlonipho ngegunya intuleka khona?
19 Ungasiza ekwenzeni ikhaya lakho libe yindawo enjalo. Kungakhathaliseki ukuthi amanye amalungu omkhaya akhetha ukusekela izindlela zikaJehova noma cha, ungakwenza lokho. Amanye angasabela esibonelweni sakho esihle. (1 Korinte 7:16; Thithu 2:6-8) Ngisho noma engasabeli, okwenzayo kuyoba njengobufakazi bokulunga kwezindlela zikaNkulunkulu, futhi lokho akuyona neze into encane.—1 Petru 3:16, 17.
20 Khumbula ukuthi sonke isimiso segunya emkhayeni sivela kuNkulunkulu. Kungakho amadoda kumelwe azithobe kuKristu, abafazi kubayeni babo “njengokufanele eNkosini,” nezingane kubazali bazo “ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.” (Kolose 3:18, 20; 1 Korinte 11:3) Ngakho uNkulunkulu akanakushiywa ngaphandle, akunjalo? Lokhu kusho ukuthi igunya lendoda kumkayo, nelabazali ezinganeni zabo, lingelilinganiselwe. Okungukuthi, umngane ongumKristu nezingane kumelwe bazithobe kuNkulunkulu noKristu kuqala, balalele iseluleko sabo. Kubangane abangakholwa noma abazali lowomqondo okokuqala ungase ungajabulisi. Kodwa eqinisweni usebenzela inzuzo yabo, ngoba uyosiza ekwenzeni umngane okholwayo nezingane bathembeke ngokwengeziwe futhi bahloniphe.
21 Nokho, kuthiwani uma indoda ifuna ngenkani ukuba umkayo enze okuthile okungekhona “okufanele eNkosini”? Akwenzayo kuyobonisa noma ngempela ‘uyamesaba uNkulunkulu weqiniso’ noma cha. (UmShumayeli 12:13) Kungokufanayo uma izingane sezikhule ngokwanele ukuba ziqonde futhi zilalele iZwi likaNkulunkulu. Uma abazali bazo bengahambisani nesifiso sazo sokukhonza uJehova, izingane kumelwe zinqume noma ziyothembeka kuNkulunkulu noma ziyohlanganyela isono sabazali abangakwenzi lokho. (Mathewu 10:37-39) Kodwa ngaphandle kwesibopho sazo sokuqala kuNkulunkulu, izingane kumelwe zithobeke “ezintweni zonke,” ngisho noma kusho ukwenza izinto ezingazithandi. (Kolose 3:20) Lenkambo yokuziphatha ingase ikhange ngisho nabazali emalungiselelweni kaJehova ensindiso. Ngempela “kuyathandeka eNkosini” uma isisusa somuntu siwukwethembeka kuJehova nezindlela zakhe zokulunga, kunokungalaleli okubangelwa umoya wokuzibusa.
Ebandleni LobuKristu
22 Ukwethembeka okufanayo kuJehova kumelwe kubonakale esimweni sethu sengqondo ngasebandleni lakhe lobuKristu nalabo abalinakekelayo. UJehova uye walungiselela ababonisi ukuba baluse “umhlambi.” Akukho holo abalitholayo kodwa bazinikela ngenxa yokukhathalela koqobo ngabafowabo nodadewabo abangamaKristu. (1 Petru 5:2; 1 Thesalonika 2:7-9) Basiza ibandla ukuba lifeze umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Futhi, ngokukhathalela ilungu ngalinye lebandla, bayawasiza ukuba afunde indlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwawo. Futhi, uma noma iliphi ilungu lebandla liphambuka ngaphandle kokukuqaphela ngokugcwele, kwenziwa umzamo wokulibuyisa. (Galathiya 6:1) Uma ilungu lingasinaki iseluleko esingokomBhalo kodwa liphikelela ekoneni okungathi sína, ababonisi bayalixosha. Ngaleyondlela ibandla liyavikeleka ethonyeni lalo elonakalisayo.—1 Korinte 5:12, 13.
23 Ngokwazisa ngalelilungiselelo likaJehova lothando lokuqiniseka ngokuthula phakathi kwabantu bakhe, kumelwe sigcine iseluleko esitholakala kumaHeberu 13:17: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu [njengabazakulandisa] ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.”
24 IBhayibheli ligcizelela ukuthi isizathu esiyinhloko sokuba lababonisi noma abadala bafanelwe inhlonipho siwukuthi bafundisa “izwi likaNkulunkulu.” (Heberu 13:7; 1 Thimothewu 5:17) Futhi ngokuqondene namandla ‘alelozwi,’ amaHeberu 4:12, 13 athi: “Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika-nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo; futhi akukho-nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.”
25 Ngaleyondlela amaqiniso aseZwini likaJehova aveza umehluko phakathi kwalokho umuntu angase abonakale eyikho nalokho ayikho ngokoqobo. Uma enokholo lweqiniso kuNkulunkulu nesifiso esiqotho sokuthokozisa uMdali wakhe, isisusa sakhe siyobonisa ngokufanelekile “inkazimulo kaNkulunkulu” ngisho nalapho engabonakali kubadala bebandla. (Roma 3:23) Ngeke ahileleke ekuziphatheni okungafanele ngokombhalo ngenxa nje yokuthi akukho phakathi kokona okungathi sína umuntu angase asuselwe khona ebandleni. Ngakho-ke, uma noma ubani ethambekele ekuthatheni kalula noma isiphi iseluleko esitholakala eZwini likaNkulunkulu, kumelwe ahlolisise ukuthi isimo sakhe sengqondo ngakuNkulunkulu sinjani ngempela. Ingabe uba njengalowomuntu iHubo 14:1 elithi ngaye: “Isiwula sithi”—cha, hhayi obala—kodwa “enhliziyweni yaso: Akekho uNkulunkulu”?
26 Lapho elingwa nguDeveli, uJesu wathi: ‘Umuntu uyakuphila ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ (Mathewu 4:4) Ingabe uyakholelwa ukuthi ‘onke amazwi’ kaJehova abalulekile, ukuthi awekho okumelwe anganakwa? Ukulalela ezinye izimfuneko zikaJehova, ube ubheka ezinye njengezingabalulekile, akwanele. Kusekutheni sisekela ukufaneleka kobukhosi bukaJehova noma sithatha uhlangothi lukaDeveli lwempikiswano ngokuzimisela eyethu indinganiso yokuhle nokubi. Bayajabula labo ababonisa ukuthi bawuthanda ngempela umthetho kaJehova.—IHubo 119:165.
27 Abantu abanjalo ababanjwa umoya ohlukanisayo walelizwe. Futhi abazitiki ekuziphatheni okudabukisayo kwalabo abalahla ukuzibamba kokuziphatha okuhle. Inhlonipho ejulile ngoJehova nezindlela zakhe zokulunga iyakuqinisa ukuphila kwabo. Inhlonipho enjalo ngoJehova nezindlela zakhe ibenza babe nenhlonipho efanele ngeziphathi-mandla zasemhlabeni, okuyinto edingekayo ukuze kube nokuphila okunokuthula.
[Imibuzo Yesifundo]
1-3. (a) Yini eye yabangela ukwenqatshwa okwandile kwegunya osukwini lwethu? (b) Kungaziphi izindlela ezihlukahlukene lesisimo esiboniswa ngazo? (c) Izwakalaphi imiphumela?
4. Ngalokho esikwenzayo kulendaba, sibonisa isimo sethu kuyiphi impikiswano?
5. (a) Yini ngokuvamile engumphumela wokulandela ukuhola kwabantu abathembisa “inkululeko”? (b) Ukhululeke kangakanani umuntu owenza intando kaNkulunkulu?
6, 7. (a) Ubani osesimweni esingcono kakhulu sokwenza okuthile ngokusetshenziswa kabi kwegunya? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi kwenzekani kubantu abaziphathela ngokwabo umthetho?
8. (a) Njengoba kuphawulwe kwabaseRoma 13:1, 2, amaKristu kumelwe ababheke kanjani ababusi basemhlabeni? (b) Kushiwoni ngenkulumo ethi “amiswé [ezikhundleni zawo zokungazimeli ngokuphelele] nguNkulunkulu”?
9. Ngisho noma abaphethe benza imikhuba engalungile, kungani singabahlonipha?
10. Ukukhokhwa kwentela kumelwe kubhekwe kanjani, futhi ngani?
11, 12. (a) ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi kunelinye igunya okumelwe licatshangelwe? (b) Yini obungayenza uma ababusi basemhlabeni bekhipha iziyalezo ezingqubuzana nezimfuneko zikaNkulunkulu, futhi ngani?
13, 14. (a) Kumelwe siqaphele kangakanani ukungawulaleli umthetho wasemhlabeni ngenxa yezizathu zomuntu siqu? (b) Bonisa izizathu zalokhu ngokusuka emiBhalweni.
15. (a) Yini okumelwe iqondise umuntu esimweni sakhe sengqondo ngakuthisha noma umqashi? (b) Ngalendlela sigwema ukuthonywa umoya kabani?
16. Iyiphi imfuneko yokuphila komkhaya okunobunye ephawulwe kweyoku-1 Korinte 11:3?
17. (a) Ngokuqondene nobunhloko, siyini isikhundla sendoda? (b) Isiphi isibonelo esihle esabekwa uKristu mayelana nobunhloko bendoda?
18. (a) Kungaziphi izindlela umfazi angabonisa ngazo ukuthi uyalihlonipha igunya lomyeni wakhe? (b) Izingane kumelwe ziyibonise kanjani inhlonipho ngabazali bazo, futhi ngani?
19. Uma kunguwe kuphela emkhayeni ozama ukuqondiswa yiZwi likaNkulunkulu, yini okumelwe uyenze?
20, 21. (a) IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi igunya lendoda nelabazali lingelilinganiselwe? (b) Khona-ke, isiphi isinqumo umfazi ongumKristu noma izingane ezikholwayo ezingase zibhekane naso, futhi yini okumelwe ibashukumise?
22, 23. (a) Ababonisi abangamaKristu bawakhonza kanjani amalungu ebandla? (b) Ngakho-ke, isiphi isimo eyamaHeberu 13:17 ethi kumelwe sibe naso ngakubo?
24, 25. (a) Lokho okufundiswa ngabadala kumelwe kuyithonye kanjani indlela esibabheka ngayo? (b) Kunini futhi kuphi lapho kumelwe sisebenzise esikufundiswa yiBhayibheli? Ngani?
26, 27. (a) Kungani kubalulekile ukuwathatha ngokungathi sína “amazwi onke” kaJehova? (b) Ukuphila kwethu kuthinteka kanjani uma sibonisa inhlonipho ngegunya?
[Isithombe ekhasini 134]
Abaphostoli bakaJesu batshela inkantolo ephakeme: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu”