“Ningabuyiseli Muntu Okubi Ngokubi”
“Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu.”—ROMA 12:17.
1. Imuphi umkhuba ovamile?
LAPHO ingane ichilizwa ingane yakwabo, ngokuvamile nayo ivele iyichilize. Ngokudabukisayo, akuzona izingane zodwa ezinalo mkhuba wokuphindisela. Abantu abaningi abadala benza okucishe kufane. Lapho becasulwe umuntu othile, bafuna indlela yokuziphindiselela. Kuyavunywa ukuthi abaningi babo ngeke bamchilize ngempela umuntu obacasulile, kodwa baziphindiselela ngezindlela eziphansi. Mhlawumbe basakaza inhlebo elimazayo ngaye noma bathole izindlela zokumvimbela ukuba angaphumeleli. Kungakhathaliseki izindlela ezisetshenziswayo, inhloso iyefana—ukuziphindiselela.
2. (a) Kungani amaKristu eqiniso engavumi ukulawulwa umuzwa wokuziphindiselela? (b) Sizoxoxa ngamiphi imibuzo nangasiphi isahluko seBhayibheli?
2 Nakuba isifiso sokuziphindiselela sijulile, amaKristu eqiniso awasivumeli siwalawule. Kunalokho, alwela ukulandela iseluleko somphostoli uPawulu: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.” (Roma 12:17) Yini eyosishukumisela ukuba siphile ngokuvumelana nale ndinganiso ephakeme? Obani ngokukhethekile okungafanele siziphindiselele kubo ngokubi? Iziphi izinzuzo esiyozithola uma sigwema ukuziphindiselela? Ukuze siphendule le mibuzo, masicubungule umongo wamazwi kaPawulu sibone indlela amaRoma isahluko 12 asibonisa ngayo ukuthi ukugwema ukuziphindiselela kuyinkambo efanele, yothando nebonisa isizotha okumelwe ilandelwe. Sizoxoxa ngalezi zici ezintathu, sidingide esisodwa ngesikhathi.
“Ngenxa Yalokho Ngiyanincenga”
3, 4. (a) UPawulu ukhuluma ngani kusukela kumaRoma isahluko 12, futhi asho ukuthini amazwi athi “ngenxa yalokho”? (b) Ububele bukaNkulunkulu kwakufanele bube naliphi ithonya kumaKristu aseRoma?
3 Kusukela esahlukweni 12, uPawulu ukhuluma ngezindaba ezine ezihlobene ezithinta ukuphila komKristu. Ukhuluma ngobuhlobo bethu noJehova, nabantu esikholwa nabo, nabantu abangakholwa naneziphathimandla zikahulumeni. UPawulu ubonisa ukuthi kunesizathu esiyisisekelo sokumelana nokuthambekela okungalungile, kuhlanganise nomuzwa wokuziphindiselela, lapho ethi: “Ngenxa yalokho ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu.” (Roma 12:1) Phawula amazwi athi “ngenxa yalokho,” asho ukuthi “ngokwalokho osekushiwo.” Empeleni uPawulu uthi, ‘Ngokwalokho engisanda kunichazela kona, ngiyanincenga ukuba nenze lokhu engizonitshela kona.’ Wayewachazele ini lawo maKristu aseRoma?
4 Ezahlukweni zokuqala ezingu-11 zencwadi yakhe, uPawulu wadingida ithuba elimangalisayo elivulekele amaJuda nabeZizwe lokuba ababusi noKristu eMbusweni kaNkulunkulu, ithuba ama-Israyeli emvelo angazange alamukele. (Roma 11:13-36) Lelo lungelo eliyigugu lenziwa latholakala kuphela “ngobubele bukaNkulunkulu.” AmaKristu kwakufanele asabele kanjani kulo musa ongafanelwe omkhulu kangaka kaNkulunkulu? Kwakufanele izinhliziyo zawo zigcwale ukubonga okujulile aze ashukumiseleke ukuba enze lokho uPawulu akushoyo ngokulandelayo: “Ninikele imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.” (Roma 12:1) Nokho, lawo maKristu ayengazinikela kanjani ngempela ‘njengomhlatshelo’ kuNkulunkulu?
5. (a) Umuntu angazinikela kanjani ‘njengomhlatshelo’ kuNkulunkulu? (b) Isiphi isimiso okufanele sithonye ukuziphatha komKristu?
5 UPawulu uyaqhubeka echaza: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Kunokuvumela umoya wezwe ulolonge ukucabanga kwawo, kwakudingeka aguqule izingqondo zawo zicabange ngendlela kaKristu. (1 Korinte 2:16; Filipi 2:5) Leso simiso kufanele sithonye ukuziphatha kwansuku zonke kwawo wonke amaKristu eqiniso, kuhlanganise nathi namuhla.
6. Ngokwesizathu uPawulu asinikeza kumaRoma 12:1, 2 yini esishukumisela ukuba sigweme ukuziphindiselela?
6 Isizathu esinikezwa uPawulu kumaRoma 12:1, 2 sisisiza kanjani? Njengalawo maKristu aseRoma agcotshwe ngomoya, simbonga ngokujulile uNkulunkulu ngobubele bakhe asibonise bona ngezindlela eziningi futhi aqhubeka esibonisa bona nsuku zonke zokuphila kwethu. Ngenxa yalokho, izinhliziyo zethu ezigcwele ukubonga zisishukumisela ukuba sikhonze uNkulunkulu ngawo wonke amandla ethu, izinto esinazo namakhono. Leso sifiso esisuka enhliziyweni sisishukumisela nokuba senze konke okusemandleni ukuze sicabange njengoKristu, hhayi njengezwe. Ukuba nomqondo kaKristu kuthinta nendlela esibaphatha ngayo abanye—labo esikholwa nabo nalabo abangakholwa. (Galathiya 5:25) Ngokwesibonelo: Uma sicabanga njengoKristu, sishukumiseleka ukuba simelane nesifiso sokuziphindiselela.—1 Petru 2:21-23.
“Uthando Lwenu Malungabi Nabuzenzisi”
7. Hlobo luni lothando okukhulunywa ngalo kumaRoma isahluko 12?
7 Asigwemi ukubuyisela okubi ngokubi ngenxa nje yokuthi kuyinkambo efanele kodwa nangenxa yokuthi kuyinkambo yothando. Phawula indlela umphostoli uPawulu abe esedingida ngayo isisusa sothando. Encwadini yabaseRoma, uPawulu usebenzisa igama elithi “uthando” (a·gaʹpe ngesiGreki) izikhathi eziningana lapho ekhuluma ngothando lukaNkulunkulu nolukaKristu. (Roma 5:5, 8; 8:35, 39) Nokho, esahlukweni 12, uPawulu usebenzisa elithi a·gaʹpe ngendlela ehlukile—ukhuluma ngothando oluboniswa kwabanye abantu. Ngemva kokuphawula ukuthi iziphiwo ezingokomoya azifani nokuthi ngamaKristu athile anazo, uPawulu ukhuluma ngemfanelo okufanele ihlakulelwe yiwo wonke amaKristu. Uthi: “Uthando lwenu malungabi nabuzenzisi.” (Roma 12:4-9) Ukubonisana uthando kuwuphawu oluyisisekelo lwamaKristu eqiniso. (Marku 12:28-31) UPawulu usiyala ukuba siqiniseke ukuthi uthando esilubonisayo njengamaKristu ngolweqiniso.
8. Singalubonisa kanjani uthando olungenabuzenzisi?
8 Ngaphezu kwalokho, uPawulu uphawula indlela uthando olungenabo ubuzenzisi oluboniswa ngayo, ethi: “Yenyanyani okubi, bambelelani kokuhle.” (Roma 12:9) Elithi “enyanya” nelithi “bambelela” amagama anamandla. Elithi “enyanya” lingahunyushwa ngokuthi “zonda ngokwedlulele.” Kumelwe singazondi imiphumela yobubi kuphela kodwa nobubi kwabona. (IHubo 97:10) Igama elithi “bambelela” lihumusha isenzo sesiGreki ngokwezwi nezwi esisho “ukunamathisela.” UmKristu onothando lweqiniso unamathele ngokuqinile emfanelweni yobuhle kangangokuthi iba ingxenye engenakususwa yobuntu bakhe.
9. Isiphi iseluleko uPawulu asinikeza ngokuphindaphindiwe?
9 UPawulu ukhuluma ngokuphindaphindiwe ngenye yezindlela zokubonisa uthando. Uthi: “Qhubekani nibusisa labo abashushisayo; busisani ningaqalekisi.” “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.” “Ningaziphindiseleli, bathandekayo.” “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” (Roma 12:14, 17-19, 21) Amazwi kaPawulu asishiya singenakho ukungabaza mayelana nendlela okufanele sibaphathe ngayo abantu abangakholwa, ngisho nalabo abasiphikisayo.
“Qhubekani Nibusisa Labo Abashushisayo”
10. Singababusisa ngayiphi indlela abantu abasishushisayo?
10 Sisisebenzisa kanjani iseluleko sikaPawulu esithi: “Qhubekani nibusisa labo abashushisayo”? (Roma 12:14) UJesu watshela abalandeli bakhe: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” (Mathewu 5:44; Luka 6:27, 28) Ngakho enye indlela esibusisa ngayo abashushisi iwukubathandazela, sinxuse uNkulunkulu ukuthi uma bekhona kubo abaphikisa ngenxa yokungazi, abavule amehlo babone iqiniso. (2 Korinte 4:4) Kuyiqiniso ukuthi kungase kuzwakale kuyindida ukucela uNkulunkulu ukuba abusise umshushisi. Nokho, lapho umqondo wethu uqhubeka uvumelana nendlela kaKristu yokucabanga, siyokwazi ngokwengeziwe ukubonisa uthando nasezitheni zethu. (Luka 23:34) Yini engase ibe umphumela wokubonisa uthando olunjalo?
11. (a) Yini esingayifunda esibonelweni sikaStefanu? (b) Njengoba kwaboniswa ukuphila kukaPawulu, iyiphi inguquko engase yenzeke kwabanye abashushisi?
11 UStefanu wabathandazela ababemshushisa, futhi umthandazo wakhe wezwakala. Esikhathini esingengakanani ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., uStefanu waboshwa abaphikisi bebandla lobuKristu, wahudulelwa ngaphandle kweJerusalema wabe esekhandwa ngamatshe. Ngaphambi kokuba afe, wamemeza: “Jehova, ungababaleli lesi sono.” (IzEnzo 7:58–8:1) Omunye wabantu uStefanu abathandazela kwakunguSawulu, owayebukele futhi evumelana nokubulawa kukaStefanu. Kamuva, uJesu ovusiwe wabonakala kuSawulu. Lowo muntu owayengumshushisi waba umlandeli kaKristu futhi kamuva waba umphostoli uPawulu, umlobi wencwadi yabaseRoma. (IzEnzo 26:12-18) Ngokuvumelana nomthandazo kaStefanu, kusobala ukuthi uJehova wamthethelela uPawulu isono sokuba umshushisi. (1 Thimothewu 1:12-16) Shono uPawulu anxusa amaKristu: “Qhubekani nibusisa labo abashushisayo”! Wayazi ngokwenzeka kuye ukuthi abanye babashushisi bangagcina beyizinceku zikaNkulunkulu. Nasosukwini lwethu, ukuziphatha kwezinceku zikaJehova ngendlela enokuthula kuye kwenza abanye abashushisi baba amakholwa.
“Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”
12. Amazwi eseluleko esikumaRoma 12:9, 17 ahlobene kanjani?
12 Iseluleko sikaPawulu esilandelayo sendlela yokuphatha abakholwayo nabangakholwa yilesi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.” Kunengqondo ukuba la mazwi alandele lokho ayekusho ngaphambili, okungukuthi: “Yenyanyani okubi.” Kakade, umuntu angasho kanjani ukuthi uyakwenyanya ngempela okubi uma esebenzisa ububi ukuze aziphindiselele kwabanye? Ukwenza kanjalo kungaba okuphambene nokuba nothando ‘olungenabuzenzisi.’ UPawulu ube esethi: “Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu.” (Roma 12:9, 17) Siwasebenzisa kanjani lawo mazwi?
13. Siziphatha kanjani “emehlweni abo bonke abantu”?
13 Ngaphambili, encwadini ayibhalela abaseKorinte, uPawulu wabhala ngoshushiso abaphostoli ababebhekene nalo. Wathi: “Siye saba umbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni, nasezingelosini, nakubantu. . . . Lapho sethukwa, siyabusisa; lapho sishushiswa, siyabekezela; lapho sihlaziswa, siyancenga.” (1 Korinte 4:9-13) Nanamuhla izwe liwabhekile amaKristu eqiniso. Lapho labo abasibhekile bebona izinto ezinhle esizenzayo ngisho nalapho siphathwa ngokungenabulungisa, bangase bathambekele ekusamukeleni isigijimi sethu sobuKristu.—1 Petru 2:12.
14. Kufanele sikulwele ngezinga elingakanani ukwenza ukuthula?
14 Nokho, kufanele sikulwele ngezinga elingakanani ukuthuthukisa ukuthula? Ngezinga esingakwenza ngalo. UPawulu utshela abafowabo abangamaKristu: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) Inkulumo ethi, “uma kungenzeka,” nethi, “ngokusemandleni enu” zibonisa ukuthi kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi ukwenza ukuthula. Ngokwesibonelo, ngeke siphule umthetho kaNkulunkulu ukuze nje sibe nokuthula nomuntu. (Mathewu 10:34-36; Hebheru 12:14) Noma kunjalo, senza konke esingakwenza—ngaphandle kokuyekethisa ezimisweni zokulunga—ukuze sibe nokuthula “nabantu bonke.”
“Ningaziphindiseleli”
15. Isiphi isizathu sokungaziphindiseleli esitholakala kumaRoma 12:19?
15 UPawulu unikeza esinye isizathu esenza kungafaneleki ukuziphindiselela; kuyinkambo ebonisa isizotha. Uthi: “Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” (Roma 12:19) UmKristu ozama ukuziphindiselela uyagabadela. Uthatha umthwalo wemfanelo ongokaNkulunkulu. (Mathewu 7:1) Ngaphezu kwalokho, ngokuziphindiselela, ubonisa ukuthi akanalo ukholo kulesi siqinisekiso esisinikezwa uJehova: “Ngizobuyisela.” Ngokuphambene, amaKristu eqiniso ayethemba ukuthi uJehova “[uyobangela] ukuba benzelwe ubulungisa abantu bakhe abakhethiweyo.” (Luka 18:7, 8; 2 Thesalonika 1:6-8) Ngesizotha, akushiyela kuNkulunkulu ukuphindiselela ububi.—Jeremiya 30:23, 24; Roma 1:18.
16, 17. (a) Kusho ukuthini ‘ukunqwabelanisa amalahle avuthayo’ ekhanda lothile? (b) Ingabe sewake wayibona indlela umusa othambisa ngayo inhliziyo yomuntu ongakholwa? Uma kunjalo, nikeza isibonelo.
16 Ukuziphindiselela esitheni cishe kuyosenza sibe lukhuni, kodwa ukusiphatha ngomusa kungase kuyithambise inhliziyo yaso. Ngani? Phawula amazwi uPawulu awalobela amaKristu aseRoma. Uthi: “Uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza lokhu uyonqwabelanisa amalahle avuthayo phezu kwekhanda laso.” (Roma 12:20; IzAga 25:21, 22) Kusho ukuthini lokhu?
17 Inkulumo ethi ‘ukunqwabelanisa amalahle avuthayo ekhanda laso’ iyisifengqo esisuselwa enqubweni yangezikhathi zeBhayibheli yokuncibilikisa insimbi. Umkhando wensimbi wawufakwa esithandweni somlilo kubekwe amalahle ngaphansi nangaphezulu kwawo. Amalahle avuthayo ayesuke enqwatshelaniswe ngaphezulu ayenezela ukushisa ukuze insimbi eqinile incibilike kusuke amanyela emkhandweni wensimbi. Ngendlela efanayo, ngokwenza izenzo zomusa kumuntu ophikisayo, singase ‘sincibilikise’ ubulukhuni bakhe bese kuvela izimfanelo zakhe ezinhle. (2 AmaKhosi 6:14-23) Empeleni, amalungu amaningana ebandla lobuKristu aqala ukudonsekela ekukhulekeleni kweqiniso ngenxa yezenzo zomusa azenzelwa izinceku zikaJehova.
Isizathu Esenza Singaziphindiseleli
18. Kungani ukungaziphindiseleli kuyinkambo efanele, yothando nebonisa isizotha?
18 Kule ngxoxo emfushane yamaRoma isahluko 12, sibone izizathu ezibalulekile eziningana zokuba ‘singabuyiseli muntu okubi ngokubi.’ Okokuqala, ukugwema ukuziphindiselela kuyinkambo efanele okumelwe siyilandele. Ngenxa yobubele uNkulunkulu asibonise bona, kuyinto efanele nenengqondo ukuba sizinikele kuJehova futhi silalele imiyalo yakhe ngokuzithandela—kuhlanganise nomyalo wokuthanda izitha zethu. Okwesibili, ukwenqaba ukubuyisela okubi ngokubi kuyinkambo yothando okumelwe siyilandele. Ngokungaziphindiseleli nangokuthuthukisa ukuthula, sisuke ngothando sinethemba lokusiza ngisho nabanye babaphikisi abanonya ukuba babe abakhulekeli bakaJehova. Okwesithathu, ukugwema ukubuyisela okubi ngokubi kuyinkambo okumelwe siyilandele ngoba ibonisa isizotha. Ukuziphindiselela kungaba ukugabadela, ngoba uJehova uthi: “Impindiselo ingeyami.” IZwi likaNkulunkulu lixwayisa nangokuthi: “Ingabe kufike ukugabadela? Khona-ke kuzofika ihlazo; kodwa ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) Uma ngokuhlakanipha sikushiyela kuNkulunkulu ukuphindiselela ububi siyobe sibonisa ukuthi sinesizotha.
19. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 UPawulu ufingqa ingxoxo yakhe yendlela okufanele siphathe ngayo abanye abantu ngokuyala umKristu ngamunye: “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” (Roma 12:21) Imaphi amandla obubi esibhekene nawo namuhla? Singawanqoba kanjani? Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngezimpendulo zale mibuzo neminye ehlobene nayo.
Ungachaza?
• KumaRoma isahluko 12, isiphi iseluleko esivela ngokuphindaphindiwe?
• Yini eyosishukumisela ukuba singaziphindiseleli?
• Iziphi izinzuzo thina nabanye esiyozithola uma ‘singabuyiseli okubi ngokubi’?
[Ibhokisi ekhasini 22]
AmaRoma isahluko 12 adingida ubuhlobo bomKristu
• noJehova
• namanye amakholwa
• nabantu abangakholwa
[Isithombe ekhasini 23]
Incwadi uPawulu ayibhalela abaseRoma inikeza amaKristu iseluleko esiwusizo
[Isithombe ekhasini 25]
Yini esingayifunda esibonelweni somfundi uStefanu?