Isahluko 11
Abayosinda Kumelwe ‘Bangabi Yingxenye Yezwe’
UJESU wayesho ukuthini uma ethi abalandeli bakhe “basezweni,” kodwa kumelwe ‘bangabi yingxenye yezwe’? (Johane 17:11, 14, NW) Ukuze sibe phakathi kwalabo abayosindela ukuphila oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu, kudingeka sikuqonde lokhu.
2 Okokuqala cabangela ukuthi ‘ukungabi ingxenye yezwe’ akusho ukuthini. Akusho ukuthi siyazehlukanisa njengemihlala yodwa emigedeni noma ukuthi sizifihla esigodlweni noma kwenye indawo engenamuntu. Ngokuphambene, ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe uJesu wathandazela abafundi bakhe kuYise, ethi: “Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi. Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.”—Johane 17:15, 16.
3 Kunokuba bazifihle kubantu, abafundi bakaJesu ‘bathunyelwa ezweni’ ukuba bazise iqiniso. (Johane 17:18) Ngokwenza kanjalo, basebenza ‘njengokukhanya kwezwe,’ benza ukukhanya kweqiniso kukhanye ukuze abantu bakwazi ukubona indlela iqiniso likaNkulunkulu elithinta ngayo ukuphila kwabantu ngokwenzuzo enhle.—Mathewu 5:14-16.
4 AmaKristu athintana nabantu abaningi njengoba esebenza ukuze azondle ngokwawo nemikhaya yawo nanjengoba eletha izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kubantu. Ngakho-ke, njengoba umphostoli uPawulu ebonisa, awalindelekile ukuba ‘aphume ezweni’ ngokomzimba. Awanakukwazi ukuba ‘angahlangani’ ngokuphelele nabantu balelizwe. Kodwa angakwazi futhi kumelwe abalekele imikhuba engalungile yeningi lesintu.—1 Korinte 5:9-11.
5 Isimo singesifanayo naleso sosuku lukaNowa lapho uJehova aphawula khona ukuthi “bonke abantu babephila ukuphila okonakele phezu komhlaba.” (Genesise 6:12, The New English Bible) Kodwa uNowa nomkhaya wakhe babephila ngokuhlukile. Ngokwenqaba ukuzihlanganisa nokonakala okwakubazungezile nangokushumayela ukulunga, uNowa “walahla izwe.” Walibonisa njengelingavumelani nentando kaNkulunkulu ngokungenakuthethelelwa. (Heberu 11:7; 2 Petru 2:5) Kungakho yena nomkhaya wakhe basinda, lapho uZamcolo wembulunga yonke ubhubhisa abantu abangamesabi uNkulunkulu. ‘Babesezweni’ kodwa ngesikhathi esifanayo ‘bengesibo abezwe.’—Genesise 6:9-13; 7:1; Mathewu 24:38, 39.
Yiluphi Uthando Olufanelekile Ngabantu Bezwe?
6 Ingabe ukungabi ‘yingxenye yezwe’ kusho futhi ukuba ngozonda abantu? Ukwenza kanjalo bekungamxabanisa umuntu noJehova uNkulunkulu, lowo, iNdodana yakhe uJesu yathi, “walithanda izwe [lesintu] kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” Ngakho-ke umusa kaNkulunkulu nozwela ngakubantu bazo zonke izinhlobo usibekela isibonelo sokusilandela.—Johane 3:16; Mathewu 5:44-48.
7 Kodwa umphostoli uJohane akasitsheli yini ukuthi, “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye”? Uma uNkulunkulu ngokwakhe alithanda izwe, kungani umphostoli asho lokhu?—1 Johane 2:15.
8 IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uthanda izwe lesintu kuphela njengabantu abasesimweni sokungapheleli, sokufa nabaludinga ngempela usizo. Ngakolunye uhlangothi, uSathane uye wahlela iningi lesintu ukuba liphikisane noNkulunkulu. ‘Yilelozwe’—umphakathi wesintu odediselwe kude noNkulunkulu nongaphansi kokulawulwa uSathane—lelo amaKristu eqiniso okumelwe ahluke kulo. (Jakobe 1:27) IZwi likaNkulunkulu lixwayisa ngokuthanda izifiso ezimbi nezenzo zalelozwe: “Konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:15-17.
9 Yebo, lezozinkanuko zenyama nezamehlo nesifiso sokuziphakamisa ‘zivela ezweni.’ Ziyilokho okwaqala kubazali bokuqala besintu zabaholela ekubeni bafune ukukhululeka kuNkulunkulu ukuze bakwazi ukulandela izithakazelo zobugovu. Ukulandela lezifiso zobugovu zezwe kwaholela ekwephuleni imithetho kaNkulunkulu.—Genesise 3:1-6, 17.
10 Cabangela okubona eduze kwakho. Ingabe abantu abaningi abakheli ukuphila kwabo ezinkanukweni zenyama nezamehlo “nokuzigabisa ngalokhukuphila”? Akuzona yini lezizinto ezilolonga amathemba abo nezithakazelo, zibuse indlela abenza ngayo nabasebenzelana ngayo? Ngenxa yalokhu, umlando wesintu uwumbhalo owodwa omude wokungezwani nempi, ukuziphatha okubi nobugebengu, ubugovu bezentengiselwano nokucindezeleka, isifiso sokuzazisa, nokulwela udumo negunya.
11 Khona-ke, singabona ukuthi ukuthanda izwe njengoba uNkulunkulu elithanda kwehluke kakhulu ekuthandeni izifiso zalo ezimbi nemikhuba, lokho akulahlayo. Uthando lukaNkulunkulu ngesintu luye lwavula indlela eya ekukhululekeni kulezozinkanuko zesono nemiphumela yazo emibi, kuhlanganise nokufa ngokwakho. Walubonisa loluthando ngokunikela ngeNdodana yakhe ukuba ihlenge isintu. Kodwa uma noma ubani ewenqaba lowomhlatshelo futhi aqhubeke nokungalaleli, iBhayibheli lithi “intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”—Johane 3:16, 36; Roma 5:6-8.
Ukukhululeka Ekuphathweni “Umbusi Walelizwe”
12 Kuthiwani-ke, ngathi? Ingabe ‘siyabathanda’ abantu bezwe ngengqondo yokufuna ngobuqotho ukubasiza bathole indlela eya ekuphileni ekuvunyelweni uNkulunkulu? Noma ingabe sithanda zona kanye izinto ezibavimbelayo ekubeni babe izinceku zikaNkulunkulu—umoya wabo wokuzibusa, ukubukisa kwabo ngezinto abanazo, ukuzethemba bona ngokwabo nangodumo lwabo? Uma sithanda ukuba nabantu ngenxa yezimfanelo ezinjalo, khona-ke ‘sithanda izwe’ ngendlela umphostoli ayisola.
13 Abantu abaningi ngosuku lukaJesu babethanda izindlela zezwe. Ngakho bakugwema ukuthatha isinyathelo esiqondile njengabafundi bakaJesu. Babengafuni ukulahlekelwa udumo lwabo nesikhundla phakathi kwabantu emphakathini wabo nasenkolweni. Babethanda ukudunyiswa ngabantu ngaphezu kokwamukelwa uNkulunkulu. (Johane 12:42, 43) Kuyiqiniso, abanye babenza imisebenzi yokuphana nezinye izenzo ezingokwenkolo. Kodwa babenza kanjalo ngokuyinhloko ngenxa yokuba befuna ukuphakanyiswa ngabanye. (Mathewu 6:1-6; 23:5-7; Marku 12:38-40) Ingabe awubaboni abantu bebonisa loluthando olufanayo ngenkambo yezwe ephambukile namuhla? Nokho iBhayibheli libonisa ukuthi loluhlobo ‘lothando’ lungaholela kuphela ekubhujisweni.
14 INdodana kaNkulunkulu uqobo yayingaphansi kokulingwa okufanayo. Kwenziwa umzamo wokuba kuvuswe inkanuko yobugovu kuyo ukuba ibukise ngenakho ukuze ikhange abantu—ibe njengezwe. Yanikezwa ngisho nokubusa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba kanye nenkazimulo yazo. Kodwa yakwenqaba ngokuphelele lokho kuyengelwa ezifisweni zobugovu. Kwakuvela kulowo owabekela ubukhosi bukaJehova uNkulunkulu inselele kwasekuqaleni, uSathane uDeveli.—Luka 4:5-12.
15 Ukwazi ngesipho sikaSathane sokubusa kuJesu kubalulekile ukuze siqonde ukuthi kungani kumelwe ‘singabi yingxenye yezwe.’ Kuyabonisa ukuthi izwe lesintu sisonke, kuhlanganise nemibuso yalo, umbusi walo ongabonakali iSitha sikaNkulunkulu. UJesu ngokwakhe wakhuluma ngoSathane ‘njengombusi walelizwe.’ (Johane 12:31; 14:30; 2 Korinte 4:4) Umphostoli uPawulu naye wabhekisela ‘kwabawomoya bobubi,’ amademoni angaphansi kokuqondiswa uSathane, ‘njengababusi bezwe balobubumnyama’ abangabonakali. UPawulu waxwayisa amaKristu ngesidingo sezikhali ezingokomoya ukuze azivikele ‘kulababusi.’—Efesu 6:10-13.
16 Yingcosana kuphela eye yahlala ikhululekile ekuphathweni umbusi ongabonakali namabutho akhe. Ngaleyondlela-ke “izwe,” okungukuthi, uquqaba lwesintu esidediselwe kude noNkulunkulu, “limi ebubini.” Ngethonya lamademoni ‘udukisa izwe lonke,’ kuhlanganise nababusi balo basemhlabeni, ebashukumisela ukuba bamelane noNkulunkulu noMbuso wakhe.—1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:9; 16:13, 14; 19:11-18.
17 Lokhu kungase kuzwakale kunzima ukukukholelwa. Nokho, ingabe abantu abaningi balelizwe ababonisi yini ngokusobala isimo nemisebenzi yeSitha sikaNkulunkulu? Emhlabeni wonke sibona ukuqamba amanga, inzondo, ubudlova, nokubulala okubonakalisa labo ‘abangabakaSathane,’ abanaye ‘njengoyise’ ongokomoya. (1 Johane 3:8-12; Johane 8:44; Efesu 2:2, 3) Ngokuqinisekile lomoya awuveli kuMdali Onothando.
18 Futhi, inani elikhulu labantu alithembeli yini emacebweni abantu ukuba alethe ukuthula nokulondeka? Bangaki abantu obaziyo ababheka kuNkulunkulu noMbuso wakhe ngempela ngekhambi lezinkinga zesintu? Nokho ukuthembela kwabo ezimisweni zezombangazwe zesintu kuwukweduka, njengoba uJesu asho: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe.” ‘Umthombo’ woMbuso wakhe awukho kulelizwe, ngoba awumiswa ngabantu noma bawugcine usebenza. Uyilungiselelo likaNkulunkulu ngokwakhe. (Johane 18:36; Isaya 9:6, 7) Ngakho-ke, ukuze sibe phakathi kwalabo abanethemba lokusinda lapho lowoMbuso ufika ulwa nezitha zawo, sidinga ukuqaphela iqiniso elimsulwa lokuthi uSathane ubusa lelizwe nezimiso zalo. Lokho kuhlanganisa amalungiselelo alo ezombangazwe njengeZizwe Ezihlangene. Sidinga ukuhlala sikhululekile kukho konke lokhu ngokuma siqinile simelela uhulumeni kaJehova wokulunga ngoKristu Jesu.—Mathewu 6:10, 24, 31-33.
19 Umlando ubonisa ukuthi amaKristu akuqala ayeyizakhamuzi ezinenhlonipho, ezigcina umthetho. Kodwa ayezimisele ukuba ‘angabi yingxenye yezwe,’ ngisho nakuba lokhu kwaletha ukushushiswa kuwo. Sifunda izinkulumo ezinjengalezi:
“UbuKristu bakuqala babungaqondwa kahle futhi babubhekwa njengobungathandeki kulabo ababebusa izwe lobuhedeni. . . . AmaKristu enqaba ukuhlanganyela emisebenzini ethile yezakhamuzi zamaRoma. . . . Ayengazithathi izikhundla zombangazwe.”—On the Road to Civilization, A World History.57
“Enqaba ukuthatha noma iyiphi ingxenye ekubuseni kwezwe noma emabuthweni okuvikela umbuso. . . . Kwakuyinto engenakwenzeka ukuba amaKristu athathe isimo sokuba ngamasosha, izimantshi, noma sokuba ngamakhosi, ngaphandle kokushiya umsebenzi ongcwele.”—History of Christianity.58
“UOrigen [owayephila ngekhulu lesibili nelesithathu leSikhathi Esivamile] . . . uphawula ukuthi ‘iBandla lobuKristu alinakuzifaka empini lilwe nanoma isiphi isizwe. Baye bafunda kuMholi wabo ukuthi bangabantwana bokuthula.’ Ngalesosikhathi amaKristu amaningi abulawelwa ukholo ngokwenqaba ukuhlanganyela empini.”—Treasury of the Christian World.59
20 Ngokuzigcina zikhululekile ekuhilelekeni ezindabeni zezwe, izinceku zikaJehova azinangxenye ebuzweni bazo obuhlukanisayo, ukubandlululana kwezinhlanga, noma izimpi zalo zezenhlalo. Isimo sazo esiqondiswa uNkulunkulu sikhuthaza ukuthula nokulondeka phakathi kwabantu bazo zonke izinhlobo. (IzEnzo 10:34, 35) Abayosinda “osizini olukhulu” oluzayo, eqinisweni, bayovela “kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi.”—IsAmbulo 7:9, 14.
Izihlobo Zezwe Noma Izihlobo ZikaNkulunkulu?
21 UJesu watshela abafundi bakhe: “Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda. . . . Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela.” (Johane 15:19, 20) Iqiniso elisobala liwukuthi okuwukuphela kwendlela yokuba umngane wezwe kuwukuba njengalo—ukuhlanganyela izinkanuko zalo, izifiso, ubandlululo, ukujabulela ukucabanga kwalo nokuhlakanipha kwalo, nokulandela imikhuba yalo nezindlela zalo. Kodwa abasekeli balelizwe abathandi ukuba amaphutha abo adalulwe noma ukuxwayiswa ngezingozi inkambo yabo eholela kuzo. Kungakho nje, uma umuntu elandela izimfundiso zeBhayibheli ngokuziphatha nangendlela yokuphila futhi ekhuluma kahle ngalo, akukwazi ukuba izwe lingamzondi.—Johane 17:14; 2 Thimothewu 3:12.
22 Ngakho-ke, iBhayibheli libonisa ukuthi sinokukhetha okusobala. KuJakobe 4:4 siyafunda: “Anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.” UNkulunkulu futhi unezindinganiso zakhe zobuhlobo, futhi azivumelani nalezo zezwe lesintu esinesono.—IHubo 15:1-5.
23 Ukuba kwethu ngabahlobo bakaNkulunkulu kuxhomeke kokungaphezulu kakhulu kokuba kwethu ngabezinhlangano ezithile zalelizwe noma ukungabi yibo. Uma sibonakalisa umoya walelizwe, sivumelana nombono walo wokuphila, khona-ke sizibonakalisa njengabahlobo bezwe, hhayi abakaNkulunkulu. Umoya wezwe uveza “imisebenzi yenyama” ‘njengobufebe, ukungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo.’ IBhayibheli lisho ngokusobala ukuthi “abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” Ngakolunye uhlangothi, uma singabahlobo bakaNkulunkulu, siyoba nomoya wakhe kanye nezithelo zawo, “eziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.”—Galathiya 5:19-23.
24 Umoya kabani-ke thina esiwubonakalisayo? Lokho kuyosisiza ukuba sibone ukuthi singabahlobo bakabani ngempela. Njengoba siphila kulelizwe lamanje elibi, singaphansi kwamathonya alo, akumelwe simangale uma sithola kunesidingo sezinguquko ekuphileni kwethu ukuze sijabulise uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, abantu bezwe baphakamisa futhi badumise labo abazifiso zabo zibaholela engcebweni enkulu, amandla, noma udumo. Abantu bazifanisa nabanjalo osaziwayo bezwe nezithixo, bebalingisa ngokukhuluma, ukuziphatha, ukubonakala, nokugqoka. Uyathanda yini ukubhekwa njengothanda abantu abanjalo? Ukuphumelela kwabo kungokuphambene nalokho iZwi likaNkulunkulu elisikhuthaza ukuba sikwenze imigomo yethu ekuphileni. IBhayibheli lisiqondisa engcebweni engokomoya namandla kanye nodumo lokukhonza njengabameleli bakaNkulunkulu nabakhulumeli bakhe emhlabeni. (1 Thimothewu 6:17-19; 2 Thimothewu 1:7, 8; Jeremiya 9:23, 24) Ithonya lezwe lezentengiselwano liphendulela abantu ekuthandeni izinto ezibonakalayo, ekukholelweni ukuthi injabulo incike ekubeni nezinto. Ngakho-ke lezi bazibheka njengezibaluleke kakhulu kunezinto ezingokomoya. Yebo, ukulandela inkambo yezwe kuyokuzuzisa ubuhlobo nezwe. Kodwa kuyokususa ebuhlotsheni bukaNkulunkulu. Ikuphi-ke okubalulekile kuwe? Ikuphi okuyoholela enjabulweni enkulu nehlala njalo?
25 Kulula ukuzivumela ulandele indlela yezwe. Futhi, ngenxa yomoya walo omubi, abasekeli balelizwe bayocasuka uma uthatha inkambo ehlukile. (1 Petru 4:3, 4) Kuyolethwa ukucindezela kuwe ukuba uhambisane nalo, uvumele umphakathi wabantu bezwe ukulolonge ufane nawo. Ukuhlakanipha kwezwe, ulwazi lwalo ngalokho okuletha impumelelo ekuphileni, kuyosetshenziswa ngomzamo wokulawula ukucabanga kwakho. Ngakho-ke, kudinga umzamo wangempela nokholo ‘ukuguqula isimo sengqondo yakho’ ukuze ubone izinto ngokombono kaNkulunkulu, uqonde ukuthi kungani ‘ukuhlakanipha kwalelizwe kungubuwula kuyena.’ (Roma 12:2; 1 Korinte 1:18-20; 2:14-16; 3:18-20) Ngokutadisha ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu singakwazi ukubona ngalé kokuhlakanipha kwamanga kwalelizwe. Singase sibone ukulimala kakade osekungumphumela ‘wokuhlakanipha’ okunjalo, nesiphelo esibhubhisayo okumelwe kuholele kuso. Khona-ke singase futhi sikuqonde ngokugcwele ukuhlakanipha kwendlela kaNkulunkulu nezibusiso eziqinisekile okuzithembisayo.
Akusizi Lutho Ukunikela Ngokuphila Namandla Ezweni Elidlulayo
26 Abanye bangase bathi: ‘Kodwa izinhlangano eziningi zezwe zenza okuhle, zisebenzela ukuvikeleka, impilo, imfundo, nenkululeko yabantu.’ Kuyiqiniso, ezinye izinhlangano ziyayinikeza inkululeko yesikhashana kwezimbalwa zezinkathazo zabantu. Kodwa zonke ziyingxenye yezwe elidediselwe kude noNkulunkulu. Futhi ziphendulela ukunaka kwabantu ekusekeleni isimiso samanje sezinto. Ayikho kuzona esekela uhulumeni kaNkulunkulu ngalomhlaba, uMbuso wakhe ngeNdodana yakhe. Kakade, ngisho nezigebengu zingaba nemikhaya, ziyinakekele, zenze imisebenzi yomusa emphakathini. Kodwa ingabe lezizinto zingakwenza kufaneleke ukusekela kwethu izinhlangano zezigebengu nangayiphi indlela?—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 6:14-16.
27 Singalubonisa yini ngempela uthando lweqiniso ngesintu ngokuhlanganyela nanoma iliphi lamacebo ezwe, sinikele isikhathi sethu namandla kuwona? Uma ufuna ukusiza othile ogulayo noma onesifo, ubungenza kanjalo ngokusondelana kakhulu naye kangangokuba uze ungenwe ukugula okufanayo noma isifo? Noma ubungeke yini ube usizo olukhulu kakhulu uma uzigcina uphilile wena ngokwakho futhi uzame ukusiza lowomuntu ukuba aphile? Umphakathi wesintu wamanje uyagula ngokomoya futhi unesifo. Akekho kithina ongawusindisa, ngoba iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi ukugula kwawo kuholela ekufeni kwawo. (Qhathanisa noIsaya 1:4-9.) Kodwa singabasiza abantu ngabanye emhlabeni ukuba bathole indlela yempilo engokomoya nokuba basindele oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu—uma thina ngokwethu sizigcina sihlukile ezweni. (2 Korinte 6:17) Khona-ke, ngokuhlakanipha gwema ukuhileleka emacebweni alelizwe. Lwela ukuba ugweme ukungenwa umoya wezwe nokulingisa izindlela zalo ezingalungile. Ungalokothi ukhohlwe: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17.
[Imibuzo Yesifundo]
1, 2. (a) UJesu wathini ngokuqondene nobuhlobo babafundi bakhe nezwe? (b) Lokho akusho ukuthini, futhi ngani?
3, 4. (a) Kukumiphi imisebenzi lapho kudingeke khona ngamaKristu ukuba athintane nabantu bezwe? (b) Kodwa yini okumelwe ayigweme?
5. Ukwehluka ezweni okudingekayo kufanekiswe kanjani endabeni kaNowa nomkhaya wakhe?
6. Ingabe kufanelekile ukubonisa noma iluphi uthando kubantu bezwe?
7, 8. (a) IBhayibheli lithini ngokuthanda izwe? (b) Iliphi izwe okumelwe sihluke kulo? (c) Kungani kumelwe sibalekele izwe nezinkanuko zalo?
9, 10. (a) Kungashiwo kanjani ukuthi lezizinkanuko ‘zivela ezweni’? (b) Imuphi umphumela lezizinkanuko eziye zaba nawo esintwini?
11. Khona-ke, kungani ukuthanda kukaNkulunkulu izwe kungekhona okungavumelani nalokho okulahlwa yiZwi lakhe?
12. Singahlaziya kanjani ukuthi uthando esingase sibe nalo ngabantu bezwe luyathokozisa kuNkulunkulu noma cha?
13. Ukuthanda izwe kungase kumvimbele kanjani umuntu ekukhonzeni uNkulunkulu?
14. Ubani owalinga uJesu ngesikhathi esemhlabeni, futhi waba yini umphumela?
15. Bonisa ngeBhayibheli lakho ukuthi ungubani “umbusi walelizwe.”
16. Ingxenye engakanani yezwe eye yadukiswa uSathane futhi engaphansi kwamandla akhe?
17. (a) Isimo esiboniswa yizwe sifakazelani ngokuqondene nalowo ohola isintu? (b) Bekungamthokozisa yini uMdali uma sibonisa umoya onjalo?
18. Isimo sethu ngokuqondene nokubusa sibonisa kanjani ukuthi sikhululekile yini ekulawulweni “umbusi walelizwe” noma cha?
19. Njengoba kuye kwafakazelwa umlando, kungaziphi izindlela amaKristu okuqala abonisa ngazo ukuthi ‘ayengesiwo awezwe’?
20. Ukuze sihlale sikhululekile ekulawulweni “umbusi walelizwe,” imiphi imisebenzi yalelizwe ehlukanisayo izinceku zikaJehova eziyibalekelayo?
21. Kungani umuntu olandela iBhayibheli engenakulindela futhi ukuthandwa yizwe?
22. Yikuphi ukukhetha ngokuqondene nobuhlobo ngamunye wethu abhekene nakho?
23. (a) Yini eyobonisa ukuthi umuntu ungumhlobo wezwe? (b) Singabonisa kanjani ukuthi singabahlobo bakaNkulunkulu?
24. (a) Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukuba ngabalingisi babantu abadunyiswa yilelizwe? (b) Isimo sethu ngasezintweni ezibonakalayo sibonisa kanjani ukuthi sifuna ukuba ngabahlobo bakabani?
25. (a) Yini okumelwe siyilindele kulelizwe uma sishiya izindlela zalo? (b) Yini eyosenza sikwazi ngempela ‘ukuguqula izingqondo zethu’ ukuze sibheke izinto njengoba uNkulunkulu enza?
26. Kungaba ukuhlakanipha yini ukuhileleka emsebenzini wezinhlangano zezwe zokusiza abantu ngombono wokwenza ngcono izimo?
27. Iyiphi okuwukuphela kwendlela esingasiza ngayo abantu kulelizwe ukuze babe phakathi kwabayosindela oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu?