Jabulani Ethembeni
UJOE wayebangwa nezibi, enomdlavuza obulalayo. Umkakhe, uKirsten, kanye nabangane abambalwa babehlezi eceleni kombhede wakhe bexoxa. UKirsten wabuka umyeni wakhe wayeseqaphela ukuthi uyakhala. Ekuqaleni, wayecabanga ukuthi uJoe uzwa izinhlungu. Mhlawumbe kwakunjalo, kodwa watshela umkakhe ukuthi kulokhu wayengakhaliswa izinhlungu.
UKirsten uthi: “Kule nkathi enzima, uJoe wayehaqwe abangane abaseduze ababezomhlalisa. Ngaphezu kwalokho, wayenethemba eliyigugu ayeseqiniseka ngalo kakhulu manje ukuthi selizogcwaliseka kunanoma yisiphi esinye isikhathi ekuphileni kwakhe, futhi wayazi ukuthi akekho owayengamephuca lona. Wangitshela ukuthi empeleni wayekhaliswa injabulo. Kamuva ngalobo busuku, uJoe washona.”
Yiliphi leli themba elaqinisa uJoe njengoba isifo sakhe sasibelesele? Kwakuyisithembiso sikaJehova uNkulunkulu sokuphila phakade engumqemane emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:10, 11, 29) IsAmbulo 21:3, 4 sithi: “Itende likaNkulunkulu likanye nabantu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili [kuhlanganise nezinkinga eziningi zanamuhla] zidlulile.”
Ithemba Ngisho Nangabafileyo
KuJoe, ukugcwaliseka kwethemba lakhe kuyosho ukubuya emathuneni. Ngempela, wayeduduzwa isithembiso sikaJesu sokuthi “bonke abasemathuneni”—abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu—bayovuka ebuthongweni bokufa. (Johane 5:28, 29) Ingabe udumele ngenxa yokushonelwa ilungu lomkhaya noma umngane? Uma kunjalo, ithemba lovuko lingakuqabula nawe. Yiqiniso, leli themba aliwuqedi umuzwa ojulile wokulahlekelwa esiba nawo lapho sishonelwa esimthandayo. UJesu ngokwakhe “wakhala izinyembezi” lapho kushona umngane wakhe uLazaru. Kodwa ithemba esinalo liyazidambisa izinhlungu zethu.—Johane 11:14, 34, 35; 1 Thesalonika 4:13.
UKirsten uthi: “Lapho uJoe ebulawa yilo mdlavuza, ngaba nomuzwa wokuthi ngeke ngiphinde ngiyithole injabulo yangempela. Ngisho namanje, ngemva kweminyaka embalwa ashona, ngiyaqaphela ukuthi ukuphila kwami kulesi simiso ngeke kusafana nakuqala. UJoe washiya igebe elingasoze lavalwa muntu. Noma kunjalo, ngingasho kugcwale umlomo ukuthi senginakho futhi ukuthula kwengqondo nokwaneliseka.”
Amazwi kaKirsten asikhumbuza ukuthi asinakulindela ukujabula ngokuphelele kulesi simiso sezinto. Izimo zokuphila ziyashintshashintsha. Futhi kukhona izikhathi lapho kusuke kufanele ukuba sidabuke, lapho sehlelwe izimo ezingavumi nhlobo ukuba sename. (UmShumayeli 3:1, 4; 7:2-4) Abanye bethu bangase bashikashikane nokucindezeleka, okungabangelwa izinto ezihlukahlukene. Noma kunjalo, izithembiso zeBhayibheli ziwumthombo wenduduzo enkulu, futhi ukuhlakanipha okungenakuqhathaniswa esikuthola eBhayibhelini kungasisiza ukuba sigweme izingibe eziningi ezingasibangela ukuba singajabuli. UNkulunkulu uthi: “Kepha ongilalelayo, uyohlala ngokulondeka angaphazanyiswa yingebhe yenhlekelele.”—IzAga 1:33.
Yebo, uJehova uyikhathalela ngokujulile inhlalakahle yethu. Ufuna sibe nenjabulo—hhayi yokuzenzisa, kodwa esuka ekujuleni kwenhliziyo, futhi hhayi iminyakana nje embalwa, kodwa phakade! Shono iNdodana yakhe yakhuluma la mazwi angaphelelwa isikhathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Siyobe sibonisa ukuhlakanipha uma siwalalela.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
Izici Eziyisishiyagalolunye Zokuthola Injabulo
1. Ukuba nombono ongokomoya ekuphileni.—Mathewu 5:3.
2. Ukwaneliseka nokugwema “uthando lwemali.”—1 Thimothewu 6:6-10.
3. Ukugcina ukuzijabulisa kusendaweni yako.—2 Thimothewu 3:1, 4.
4. Ukupha nokulwela ukwenza izinto ezijabulisa abanye.—IzEnzo 20:35.
5. Ukubonga nokubala izibusiso zakho.—Kolose 3:15.
6. Ukuba nomoya wokuthethelela.—Mathewu 6:14.
7. Ukukhetha abangane bakho ngokuhlakanipha.—IzAga 13:20.
8. Ukunakekela umzimba wakho nokugwema imikhuba emibi.—2 Korinte 7:1.
9. ‘Ukujabula ethembeni’ elitholakala eBhayibhelini.—Roma 12:12.
[Izithombe ekhasini 8, 9]
Ithemba elisekelwe eBhayibhelini lokuphila ezweni elisha liwumthombo wenduduzo enkulu