Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ukwedelela Uhulumeni Kuke Kufaneleke?
SITHUNYWA sevangeli esingumKatolika esineminyaka engama-30 sathi: ‘lapho ubona abantu bakini bedlwengulwa futhi bebulawa, lapho ubona amadolobha eqothulwa ngokuphelele ngamasosha, nezingane zibuthelwa impi zikhishwa ngempoqo emakhaya, futhi lapho uqaphela ukuthi amaphesenti amabili abantu abakhile kakade balawula izingxenye ezintathu kwezine zomcebo, awunakucasha ngeBhayibhei futhi ungawanaki amaqiniso.”—Omalukeke sizenzele.
Uma wawuyilesithunywa sevangeli, yini owawungayenza? Ingabe wawuyohlanganyela ekubhikisheni kokuthula noma esitelekeni? Kuthiwani uma lokhu kungaluletha uguquko oludingekile? Khona-ke ingabe ubudlova bebungafaneleka? Ukuvukelwa kukahulumeni noma ukugumbuqelwa ngobudlova? Yini etuswa “abaholi abangokomoya” banamuhla? Phawula lemibiko:
◻ Umfundisi eNicaragua wathi ukhonza uNkulunkulu ngokukhonza abantu nokuketulwa kombuso ngendluzula.
◻ EPhilippines umfundisi waxoshwa ezweni ngenxa yokuphehla, izibhelu, zezombangazwe nokufanekisa uJesu njengembuka.
◻ Abapristi nezindelakazi baye bathatha uhlangothi nabashokobezi emzamweni wokugumbuqela uhulumeni waseMelika ephakathi.
Izenzo zabo zimemezela isigijimi esizwakalayo nesikhanyayo: Ukwedelelwa kukahulumeni kuyathethelela noma ngisho kubhekwa njengomsebenzi wobuKristu. Kodwa ingabe lokhu kuyiqiniso, ngisho noma izisusa nemigomo kuqotho futhi kuwukukhathalela kwehlalakahle yomuntu? Uyini umbono weBhayibheli?
Ingabe ‘Kuwukumelana NoNkulunkulul
uNkulunkulu unomthetho obekwe ngokucacile ngokuphathelene nohulumeni babantu noma iziphathimandla. lBhayibheli lithi: “Akukhomandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.” Yebo, uJehova uNkulunkulu unamandla adingekile okuphazamisa noma okuqeda noma yimaphi amandla ombuso akhona noma nini. Uma esebenza, kungenxa yokuthi uyawavumela.—Roma 13:1.
Ngemva kokuveza leliqiniso, umbhalo uyanezela: “Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa.” (Roma 13:2) Ngokucabangela lamazwi, ingabe umKristu angasho yini ngonembeza omhlophe ukuthi ‘ukhonza uNkulunkulu ngokusebenzela ukugumbuqela uhulumeni ngendluzula’? Ingabe umuntu ‘umelana noNkulunkulu’ ngokuhlanganyela, noma ngisho nangokusekela imisebenzi ebekela ngokuqondile amandla ombuso kahulumeni akhona inselele?
Ake sibheke umlando weBhayibheli ukuze sithole impendulo. Ngasekupheleni kwekhulu lesikhombisa leminyaka B.C.E., uJehova wayevumele uMbuso waseBabiloni ukuba ubuse uIsrayeli, enza usedekiya waseJerusalema ukuba abe yinkosi engaphansi kweBabiloni. Nokho, ngemva kweminyaka eyisishiyagalombili yokuzithoba, usedekiya wazizwa ephoqelekile ukuba amelane nelungiselelo elinjalo. Wacela usizo eGibithe. Wayengasenakuwuvumela umbuso wezizwe—wobuqaba nokwenza—ukuba ubuse abantu bakaNkulunkulu. Izisusa zakhe zabonakala zizinhle. Kodwa, uNkulunkulu wakubheka kanjani? Ingabe usedekiya wayezoba “umlweli wenkululeko” ovunyelwe ngokwaphezulu? Cha! Ngoba ngokuhlubuka eBabiloni, wayehlubuka futhi kuNkulunkulu. Ngenxa yalokhu kuvukela umbuso, uJehova wathi usedekiya wayeyokufa njengesithunjwa eBabiloni.—2 AmaKhosi 24:17-20; Hezekeli 17:15, 16.
Indaba kaSedekiya akuyona ewukuphela kwayo. Umlando uye wabonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi ukwedelela uhulumeni, nakuba kwenziwa ngenxa yezinhloso ezinhle, akunakuliletha. ikhambi elihlala njaio ezinkingeni zomuntu. Iqiniso liwukuthi izibhelu nokugumbuqela umbuso ngendluzula kuvame ukusenza sibe sibi kakhulu isimo. Ezimweni eziningi, ngemva kwempumelelo ebonakalayo yokugumbuqela umbuso ngendluzula, “abakhululi ngokwabo ekugcineni baba necala lonya nokucindezela. Ngokuhamba kwesikhathi, isizukulwane esisha sabantu abacindezelwe sifuna ukuvukela umbuso. Umjikelezo omubi kanjalo uye wabonakala emazweni amaningi. Ngokwesibonelo elinye Izwe eNingizimu Melika muva nje libone ukugumbuqelwa kombuso ngendluzula kwe-189 eminyakeni eyi-154!
Ukwehluleka Komuntu—Ngani?
Kungani abantu abaqotho bengenakusikhulula isintu ekuxhashazweni nasekucindezelweni? Kalula nje ngenxa yokuthi bantula izinto ezimbili —ukuhlakanipha namandla. Akumangalisi ukuthi iBhayibheli liyasixwayisa: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.”—IHubo 146:3.
Ngokwesibonelo, zicabange usesibhedlela ulindele ukuhlinzwa. Ukhaliswa izinhlungu nokungaphatheki kahle. Ngokushesha, umashanela uyakuzwa, uthatha ummese omncane wokuhlinza, futhi athembise ukusiza ukuze alethe inkululeko edingekile. Ubungamvumela ukuba akuhlinze? Yebo ubungeke! Ngani? Ngoba uthando lwakhe nozwela kukodwa akumenzi afanelekele umsebenzi onjalo onzima. Izenzo zakhe ziyokwenza kube kubi kakhulu ukugula kwakho, zikubeke ngisho nasengozini yokufa. Ukuziphatha okunjalo bekungaba ukugabadela nokwenza ngokungabangi nokungalinaki iqiniso lokuthi kuye kwabekwa isikhathi sokuba udokotela ohlinzayo ofanelekayo akuhlinze. Bekungaba ngcono kabi ngaye ukuba amane akuqinisekise ngokuthi usizo luyeza. Ngokufanayo, amaKristu eqiniso namuhla awahlanganyeli ekwedeleleni ohulumeni. Alindele usuku nehora lapho ukungenela okufanelekile kukaNkulunkulu kuyofika khona. Uyena kuphela onokuhlakanipha namandla okuletha ikhambi elihlala njalo esintwini. Ngomsebenzi wabo wokushumayela, oFakazi BakaJehova baqinisekisa labo abakhathazwa ukuphathwa kabi ngokuthi Inkululeko enjalo izofika ngokushesha.—Isaya 9:6, 7.
Okwamanje, singafuna noma iziphi izindlela ezingokomthetho nezinokuthula ezitholakalayo zokumisa nokulwela amalungelo ethu nokufuna inkululeko ekucindezelweni. Nokho, uma lezi zihluleka, kuyoba okungalungile ukuguqukela ekwedeleleni uhulumeni. Ngokufanelekile, umphostoli uPawulu uyaluleka: “Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli ninabathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.” AmaKristu oqobo nalalelayo asithatha ngokungathi sina lesiseluleko.—Roma 12:18, 19.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]
Reufirs/Betnan Newsphotos