Ukuzithoba Kwethu Okulinganiselwe Emagunyeni Aphakeme
“Ngalokho kuswelekile uku[wa]thobela.”—ROMA 13:5.
1. Ikuphi okuhlangenwe nakho okunzima oFakazi BakaJehova ababa nakho ezandleni zamagunya aphakeme amaNazi, futhi ingabe lokhu kwakungenxa ‘yokwenza okubi’?
NGOJANUARY 7, 1940, uFranz Reiter nenye intsha eyisihlanu yaseAustria babulawa ngokunqunywa. BabengamaBibelforscher, oFakazi BakaJehova, futhi babulawa ngenxa yokuthi unembeza wabo wawungabavumeli ukuba basebenzise izikhali eMbusweni kaHitler. UReiter wayengomunye wezinkulungwane zoFakazi abafa ngenxa yokholo lwabo phakathi nempi yezwe yesibili. Abaningi ngokwengeziwe bakhuthazelela iminyaka eminingi emakamu okuhlushwa. Ingabe bonke laba babehlushwa “inkemba” yamagunya aphakeme amaNazi ngenxa ‘yokwenza okubi’? (Roma 13:4) Lutho neze! Amazwi kaPawulu aqhubekayo abonisa ukuthi lamaKristu ayelalela imiyalo kaNkulunkulu kumaRoma isahluko 13, ngisho nakuba ayehlupheka ezandleni zegunya.
2. Isiphi isizathu esibophayo sokuzithoba emagunyeni aphakeme?
2 KumaRoma 13:5, lomphostoli uyabhala: “Ngalokho kuswelekile uku[li]thobela, kungabi-kuphela ngenxa yolaka kodwa nangenxa kanembeza.” Ngaphambili, uPawulu uthe ukuphatha kwegunya “inkemba” kwakuyisizathu esihle sokuzithoba kulo. Nokho, manje unikeza isizathu esiqine ngokwengeziwe: unembeza. Silwela ukukhonza uNkulunkulu “ngonembeza omhlophe.” (2 Thimothewu 1:3) IBhayibheli lisitshela ukuthi sizithobe emagunyeni aphakeme, futhi siyalalela ngoba sifuna ukwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu. (Heberu 5:14) Ngempela, unembeza wethu oqeqeshwe ngeBhayibheli usishukumisela ukuba silalele igunya ngisho nalapho kungekho muntu osibhekile.—Qhathanisa nomShumayeli 10:20.
“Ngenxa Yalokho Nikhipha Intela”
3, 4. Yiliphi idumela oFakazi BakaJehova abanalo, futhi kungani amaKristu kumelwe akhokhe izintela?
3 Eminyakeni ethile edlule eNigeria, kwakunokubhikisha ngenxa yokukhokha izintela. Kwalahleka ukuphila okuningana, futhi iziphathimandla zabiza amasosha. Lamasosha angena eHholo LoMbuso kusaqhubeka umhlangano futhi afuna ukwazi injongo yalomhlangano. Lapho ethola ukuthi kwakuwumhlangano wokufunda iBhayibheli woFakazi BakaJehova, isikhulu esiphethe satshela lamasosha ukuba ahambe, sithi: “OFakazi BakaJehova ababona ababhikishi bokukhokha intela.”
4 LaboFakazi baseNigeria babenedumela lokuphila ngokuvumelana namazwi kaPawulu: “Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba [ayis]ikhonzi [s]ikaNkulunkulu e[s]ikhuthalela khona lokho.” (Roma 13:6) Lapho uJesu enikeza umthetho othi, “Nikani uKesari okukaKesari,” wayekhuluma ngokukhokha izintela. (Mathewu 22:21) Amagunya asemhlabeni alungiselela imigwaqo, ukuvikelwa amaphoyisa, imitapo yezincwadi, izimiso zezokuhamba, izikole, izinkonzo zeposi, nokunye okuningi. Sivame ukuwasebenzisa lamalungiselelo. Kumane nje kufanelekile ukuba siwakhokhele ngezintela esizikhokhiswayo.
“Nikani Bonke Okubafaneleyo”
5. Asho ukuthini amazwi athi “nikani bonke okubafaneleyo”?
5 UPawulu uyaqhubeka: “Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela; inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.” (Roma 13:7) Igama elithi “bonke” lihlanganisa lonke igunya lasemhlabeni eliyisikhonzi sasobala sikaNkulunkulu. Alikho elingahlanganisiwe. Ngisho nanoma siphila ngaphansi kwesimiso sezombangazwe ngokwethu esingasithandi, siyazikhokha izintela. Uma izinkolo kungamelwe zikhokhe izintela lapho esihlala khona, amabandla angakusebenzisa ngokunenzuzo lokhu. Futhi njengezinye izakhamuzi, amaKristu angasebenzisa noma imaphi amalungiselelo angokomthetho enziwayo ukuze anciphise izintela azikhokhayo. Kodwa akekho umKristu okumelwe abalekele ngokungemthetho ukukhokha izintela.—Qhathanisa noMathewu 5:41; 17:24-27.
6, 7. Kungani kufanele sikhokhe izintela ngisho noma leyomali isetshenziselwa ukukhokhela okuthile esingavumelani nakho noma ngisho igunya lisishushisa?
6 Nokho, ake sithi intela ibonakala ingekhona ukulunga. Noma kuthiwani uma ingxenye yemali yentela isetshenziselwa ukukhokhela izinto esingavumelani nazo, njengokukhishwa kwezisu kwamahhala, izindawo zokugcina igazi, noma izimiso ezimelene nemibono yethu yokungathathi-hlangothi? Noma kunjalo siyazikhokha izintela. Yigunya okumelwe lithathe umthwalo wemfanelo ngendlela elisebenzisa ngayo imali yentela. Asithunywanga ukuba sahlulele igunya. UNkulunkulu ‘unguMahluleli womhlaba,’ futhi ngesikhathi sakhe, uyokwenza ohulumeni balandise ngendlela abaye basebenzisa ngayo igunya labo. (IHubo 94:2; Jeremiya 25:31) Siyazikhokha izintela, kuze kube yilapho lokho kwenzeka.
7 Kuthiwani uma igunya lisishushisa? Sisazikhokha izintela ngenxa yezinkonzo zansuku zonke ezenziwayo. Ngokuqondene noFakazi abashushiswayo kwelinye lamazwe aseAfrika, iExaminer yaseSan Francisco yathi: “Ungase ubabheke njengezakhamuzi eziyisibonelo. Bakhokha izintela ngenkuthalo, banakekele abagulayo, balwisane nokungazi.” Yebo, laboFakazi ababeshushiswa babezikhokha izintela.
“Ukwesaba” ‘Nenhlonipho’
8. Kuyini “ukwesaba” esikunika igunya?
8 “Ukwesaba” okukhulunywa ngakho kumaRoma 13:7 akukhona ukwesaba kobugwala kodwa, kunalokho, kuwukuhlonipha igunya lasemhlabeni, ukwesaba ukwephula imithetho yalo. Lokhu kuhlonipha kunikezwa ngenxa yesikhundla esihilelekile, hhayi ngaso sonke isikhathi ngenxa yomuntu okulesosikhundla. IBhayibheli, lapho likhuluma ngokwesiprofetho ngombusi waseRoma uTiberiyu, limbiza ngokuthi “odelelekileyo.” (Daniyeli 11:21) Kodwa wayengumbusi, futhi njengoba ayenguye, umKristu kwakumelwe ambonise ukwesaba nenhlonipho.
9. Iziphi ezinye izindlela esinikeza ngazo amagunya abantu inhlonipho?
9 Ngokuqondene nenhlonipho, silandela umyalo kaJesu wokunganikezi iziqu ezisekelwe esikhundleni senkolo. (Mathewu 23:8-10) Kodwa lapho kuziwa emagunyeni asemhlabeni, siyajabula ngokuwabiza nganoma isiphi isiqu esingase sidingeke ukuze siwahloniphe. UPawulu wasebenzisa igama elithi “odumileyo” lapho ekhuluma nababusi bamaRoma. (IzEnzo 26:25) UDaniyeli wabiza uNebukadinesari ngokuthi “nkosi.” (Daniyeli 4:19) Namuhla, amaKristu angase asebenzise amazwi anjengathi “Wena Wasebukhosini” noma “Wena Wakomkhulu.” Angasukuma lapho umahluleli engena enkantolo noma aguqe phambi kombusi uma lokho kuwumkhuba.
Ukuzithoba Okulinganiselwe
10. UJesu wabonisa kanjani ukuthi kunemingcele kulokho igunya labantu elingakufuna kumKristu?
10 Njengoba oFakazi BakaJehova bezithoba egunyeni lomuntu, kungani uFranz Reiter nabanye abaningi kangaka bahlupheka njengoba kwaba njalo ngabo? Ngoba ukuzithoba kwethu kulinganiselwe, futhi igunya alikuqapheli ngaso sonke isikhathi ukuthi kunemingcele emiswe ngokweBhayibheli ngalokho elingakufuna. Uma igunya lifuna okuthile okulahlwa unembeza womKristu oqeqeshiwe, leqa umngcele walo eluwunikwe uNkulunkulu. UJesu wakubonisa lokhu lapho ethi: “Nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” (Mathewu 22:21) Lapho uKesari efuna okukaNkulunkulu, kumelwe sivume ukuthi ukulalela lokho uNkulunkulu akushoyo kuza kuqala.
11. Isiphi isimiso esamukelwa kabanzi esibonisa ukuthi kunemingcele kulokho igunya labantu elingakufuna?
11 Ingabe lokhu kuma kuwukuvukela noma kuwukukhohlisa? Lutho neze. Eqinisweni, kuwukuqhutshekiselwa phambili kwesimiso esiqashelwa izizwe eziningi eziphucukile. Ekhulwini le-15 leminyaka, umuntu mumbe okuthiwa uPeter von Hagenbach waquliswa icala lokuqalisa ukubusa okwesabekayo endaweni yaseYurophu ayenegunya phezu kwayo. Ukuzivikela kwakhe, kokuthi wayemane nje elandela iziyalo zenkosi yakhe, uMbusi Ophakeme WaseBurgundy, kwenqatshwa. Ukuthi umuntu owenza izenzo zonya ngeke alandise uma elandela iziyalo zegunya eliphakeme kuye kwashiwo izikhathi eziningi kusukela ngalesosikhathi—ngokuphawuleka kakhulu yiziboshwa zempi zamaNazi ngaphambi kweNkantolo Yezizwe Zonke eNuremberg. Lamazwi ngokuvamile aye enqatshwa. INkantolo Yezizwe Zonke yathi esahlulelweni sayo: “Abantu ngabanye banezibopho ezingokwezizwe zonke ezedlula izibopho zesizwe zokulalela ezimiswa umbuso ngamunye.”
12. Iziphi ezinye izibonelo ezingokomBhalo zezinceku zikaNkulunkulu ezenqaba ukulalela okwakufunwa igunya okungacabangeli?
12 Izinceku zikaNkulunkulu bezilokhu ziqaphela ukuthi kunemingcele ekuzithobeni okuvunyelwa unembeza okumelwe zikubonise amagunya aphakeme. Cishe ngesikhathi uMose azalwa ngaso eGibithe, uFaro wayala ababelethisi ababili abangamaHeberu ukuba babulale bonke abafana bamaHeberu abasanda kuzalwa. Nokho, lababelethisi bazivikela izingane zaqhubeka ziphila. Ingabe babenephutha lokungamlaleli uFaro? Cha, babelandela unembeza wabo abawunikwe uNkulunkulu, futhi uNkulunkulu wababusisa ngalokho. (Eksodusi 1:15-20) Lapho uIsrayeli ayesekuthunjweni eBabiloni, uNebukadinesari wafuna ukuba izikhulu zakhe, kuhlanganise namaHeberu angoShadiraki, uMeshaki, noAbedi-Nego, baguqe phambi kwesithombe ayesimise ethafeni laseDura. LamaHeberu amathathu enqaba. Ingabe ayenephutha? Cha, njengoba ukulalela umyalo wenkosi kwakuyosho ukungawulaleli umthetho kaNkulunkulu.—Eksodusi 20:4, 5; Daniyeli 3:1-18.
‘Lalela UNkulunkulu Njengombusi’
13. Isiphi isibonelo amaKristu okuqala asibeka endabeni yokulalela amagunya aphakeme ngokusesilinganisweni?
13 Ngokufanayo, lapho iziphathimandla zamaJuda ziyala uPetru noJohane ukuba bayeke ukushumayela ngoJesu, baphendula: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu.” (IzEnzo 4:19; 5:29) Babengenakukwazi ukuthula. Umagazini iChristian Century udonsela ukunakekela kokunye ukuma okuvunyelwa unembeza okwathathwa amaKristu okuqala lapho uthi: “AmaKristu angaphambili kakhulu awazange akhonze emabuthweni ahlomile. URoland Bainton uphawula ukuthi ‘kusukela ekupheleni kwenkathi yeTestamente Elisha kuya eshumini leminyaka lika-A.D. 170-180 akukho noma yibuphi ubufakazi bamaKristu esebuthweni’ (Christian Attitudes Toward War and Peace [Abingdon, 1960], kk. 67-8). . . . USwift uthi uJustin Martyr ‘ukuthatha njengokuyinto okumelwe yenziwe njalo ukuba amaKristu agweme izenzo zobudlova.’”
14, 15. Iziphi ezinye izimiso zeBhayibheli ezazibusa ukulalela amagunya abantu okulinganiselwe kwamaKristu okuqala?
14 Kungani amaKristu okuqala engazange akhonze njengamasosha? Ngokungangabazeki, ngamunye wayetadisha ngokunakekela iZwi likaNkulunkulu nemithetho yakhe futhi wazenzela isinqumo sakhe siqu ngesisekelo sikanembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ayengathathi-hlangothi, ‘engeyona ingxenye yezwe,’ futhi ukungathathi-hlangothi kwawo kwakuwenqabela ukuba akhethe uhlangothi ezimpini zalelizwe. (Johane 17:16; 18:36) Ngaphezu kwalokho, ayengawakaNkulunkulu. (2 Thimothewu 2:19) Ukubeka phansi ukuphila kwawo ngenxa yoMbuso walelizwe kwakuyokusho ukunika uKesari okukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ayeyingxenye yobuzalwane bezizwe zonke obuhlanganiswe othandweni. (Johane 13:34, 35; Kolose 3:14; 1 Petru 4:8; 5:9) Ngonembeza omuhle ayengeke asebenzise izikhali njengoba ayengase abulale umKristu akanye naye.
15 Ngaphezu kwalokhu, amaKristu ayengenakuhambisana nemikhosi ethandwayo yenkolo, njengokukhulekela umbusi. Ngenxa yalokho, ayebhekwa “njengabantu abaqembukayo nabayingozi, futhi bonke abantu ngokuvamile babewasola.” (Still the Bible Speaks, kaW. A. Smart) Nakuba uPawulu abhala ukuthi amaKristu kumelwe ‘abonise ukwesaba kofanele ukwesatshwa,’ awakukhohlwanga ukwesaba kwawo okukhulu, noma inhlonipho, ngoJehova. (Roma 13:7; IHubo 86:11) UJesu ngokwakhe wathi: “Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba [“eGehena,” NW].”—Mathewu 10:28.
16. (a) Kukuziphi izici amaKristu okumelwe alinganise ngokucophelela ukuthobela kwawo amagunya aphakeme? (b) Ibhokisi elisekhasini 27 libonisani?
16 NjengamaKristu, sibhekana nezinselele ezifanayo namuhla. Asinakuhlanganyela kunoma iluphi uhlobo lwanamuhla lokukhonza izithombe—kungaba izenzo zokukhulekela ezenziwa phambi kwesithombe noma emfanekisweni noma ukubheka insindiso kumuntu noma inhlangano ethile. (1 Korinte 10:14; 1 Johane 5:21) Futhi njengamaKristu okuqala, asinakuhlehla ekungathathini-hlangothi kwethu kobuKristu.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 10:4.
‘Umoya Wobumnene Nenhlonipho Ejulile’
17. Isiphi iseluleko uPetru asinikeza kulabo abahluphekayo ngenxa kanembeza?
17 Umphostoli uPetru wabhala ngokuma kwethu okuvunyelwa unembeza wathi: “Kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele.” (1 Petru 2:19) Yebo, kuvumelekile kuNkulunkulu lapho umKristu ema eqinile naphezu kokushushiswa, futhi kuba nenye inzuzo yokuthi ukholo lomKristu luyaqina futhi luhlungwe. (Jakobe 1:2-4; 1 Petru 1:6, 7; 5:8-10) UPetru futhi wabhala: “Noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki, kepha mngcweliseni uKristu abe-yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, kodwa kube-ngobumnene nangokwesaba.” (1 Petru 3:14, 15) Ngempela yiseluleko esisizayo!
18, 19. Isimo sengqondo senhlonipho ejulile nokucabangela singasiza kanjani uma igunya libekela inkululeko yethu yokukhulekela imingcele?
18 Lapho kuvela ukushushiswa ngenxa yokuba igunya likuqonda ngokungeyikho ukuma kobuKristu noma ngenxa yokuba abaholi benkolo beLobukholwa beye babamelela kabi oFakazi BakaJehova egunyeni, ukunikeza igunya amaqiniso kungase kuphumele ekunciphiseni ukucindezelwa. Njengoba enomoya wobumnene nenhlonipho ejulile, umKristu akaziphindiseleli ngokoqobo kubashushisi. Nokho, uyazisebenzisa zonke izindlela ezingokomthetho ezitholakalayo ukuze avikele ukholo lwakhe. Khona-ke ushiyela izindaba ezandleni zikaJehova.—Filipi 1:7; Kolose 4:5, 6.
19 Inhlonipho ejulile iholela futhi umKristu ukuba enze konke angakwenza, ngaphandle kokwephula unembeza wakhe, ukuba alalele igunya. Ngokwesibonelo, uma imihlangano yebandla inqatshelwe, amaKristu ayofuna indlela yomshoshaphansi yokuqhubeka edla etafuleni likaJehova. IGunya Eliphakeme Ukwedlula Wonke, uJehova uNkulunkulu, liyasitshela ngoPawulu: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye.” (Heberu 10:24, 25) Kodwa imihlangano enjalo ingaqhutshwa ngokuhlakanipha. Ngisho noma bembalwa nje kuphela abakhona, singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyawabusisa amalungiselelo anjalo.—Qhathanisa noMathewu 18:20.
20. Uma ukushunyayelwa obala kwezindaba ezinhle kunqatshelwa, amaKristu angabhekana kanjani nalesosimo?
20 Ngokufanayo, ezinye iziphathimandla ziye zenqabela ukushunyayelwa obala kwezindaba ezinhle. AmaKristu aphila ngaphansi kwazo ayakhumbula ukuthi, ngoJesu ngokwakhe, iGunya Eliphakeme Ukwedlula Wonke lathi: “Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.” (Marku 13:10) Ngakho, alalela iGunya Eliphakeme Ukwedlula Wonke kungakhathaliseki ukuthi kubizelani kuwo. Lapho kwakunokwenzeka khona, abaphostoli bashumayela obala nasendlini ngendlu, kodwa kunezinye izindlela zokufinyelela abantu, njengokufakaza ngokwethukela. (Johane 4:7-15; IzEnzo 5:42; 20:20) Ngokuvamile iziphathimandla ngeke ziphazamise umsebenzi wokushumayela uma kusetshenziswa iBhayibheli kuphela—okuqokomisa isidingo sokuba bonke oFakazi babe abaqeqeshwe kahle ekubonisaneni ngemiBhalo. (Qhathanisa nezEnzo 17:2, 17.) Ngokuba nesibindi, kodwa nenhlonipho, ngokuvamile amaKristu angayithola indlela yokulalela uJehova ngaphandle kokuzibizela intukuthelo yamagunya aphakeme.—Thithu 3:1, 2.
21. Uma uKesari ephikelela ekushushiseni kwakhe, iyiphi inkambo amaKristu okumelwe ayikhethe?
21 Nokho, ngezinye izikhathi igunya liyaphikelela nokushushisa amaKristu. Khona-ke, ngonembeza ohlanzekile, singakhuthazela kuphela ekwenzeni okulungile. UFranz Reiter osemusha wabhekana nokukhetha: alahle ukholo lwakhe noma afe. Njengoba ayengenakuyeka ukukhulekela uNkulunkulu, ngesibindi wabhekana nokufa. Ngobusuku bangaphambi kokuba afe, uFranz wabhalela unina: “Ngizobulawa kusasa ekuseni. Nginamandla avela kuNkulunkulu, njengoba kwakulokhu kunjalo ngawo wonke amaKristu eqiniso emuva lé esikhathini esidlule . . . Uma uzokuma uqinile kuze kube sekufeni, siyohlangana futhi ngesikhathi sovuko.”
22. Yiliphi ithemba esinalo, futhi kumelwe siqhubeke ngayiphi indlela okwamanje?
22 Ngolunye usuku sonke isintu siyoba ngaphansi komthetho owodwa kuphela, okaJehova uNkulunkulu. Kuze kube yilesosikhathi, kumelwe ngonembeza omuhle silalele ilungiselelo likaNkulunkulu futhi silondoloze ukuzithoba kwethu okulinganiselwe emagunyeni aphakeme kuyilapho ngesikhathi esifanayo silalela iNkosi yethu enguMbusi uJehova kukho konke.—Filipi 4:5-7.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Yisiphi isizathu esibophayo sokuzithoba emagunyeni aphakeme?
◻ Kungani kungamelwe singabaze ukukhokha izintela ezimiswa uKesari?
◻ Luhlobo luni lwenhlonipho okumelwe siyinikeze igunya?
◻ Kungani ukuzithoba kwethu kuKesari kungendlela elinganiselwe kuphela?
◻ Uma sishushiswa ngenxa yokuthi uKesari ufuna okukaNkulunkulu, kumelwe sisabele kanjani?
[Ibhokisi ekhasini 27]
Ukuhlonipha, hhayi ukukhulekela
Ngolunye usuku ekuseni ekilasini, uTerra, uFakazi kaJehova osemusha waseCanada, waqaphela ukuthi uthisha wakhe waphumela ngaphandle kwekilasi nayefunda naye isikhashana. Ngokushesha ngemva kwalokho, lothisha wacela uTerra buthule ukuba ahambe naye baye ehhovisi likathisha-nhloko.
Lapho befika khona, uTerra wabona ifulege laseCanada limboze itafula likathisha-nhloko. Uthisha watshela uTerra ukuba afele ifulege ngamathe! Wasikisela ukuthi njengoba uTerra ayengazange ahlabelele iculo lesizwe noma akhulekele ifulege, sasingekho isizathu sokuba angayenzi into enjalo. UTerra wenqaba, echaza ukuthi nakuba oFakazi BakaJehova bengalikhulekeli ifulege, bayalihlonipha.
Sebebuyele ekilasini, uthisha wamemezela ukuthi wayesanda kwenza ukuhlola. Wayethathe abafundi ababili oyedwa ngesikhathi ukuba baye ehhovisi likathisha-nhloko futhi wabayala ukuba bafele ifulege ngamathe. Owokuqala wayehlanganyela emikhosini yokushisekela izwe, kodwa walifela ngamathe ifulege lapho etshelwa ukuba enze kanjalo. Ngokuphambene, uTerra akazange ahlabelele iculo lesizwe noma akhulekele ifulege; nokho, wenqaba ukudelela ifulege ngalendlela. Lothisha waveza ukuthi uTerra uyena owayebonise inhlonipho efanelekile.—IYearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1990.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 23]
French Embassy Press & Information Division
USSR Mission to the UN