Khazimulisani UNkulunkulu “Ngamlomo Munye”
“Nikhazimulise uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu ngamlomo munye.”—ROMA 15:6.
1. Yisiphi isifundo esimayelana nokusingatha imibono engafani uPawulu asifundisa amakholwa ayekanye naye?
AKUWONA wonke amaKristu akhetha noma athanda izinto ezifanayo. Nokho, wonke kumelwe ahambe ebambene ngezandla endleleni eya ekuphileni. Kungenzeka yini lokho? Yebo, uma singabangi izinto eziwubala. Yileso isifundo umphostoli uPawulu asifundisa amakholwa ayekanye naye ngekhulu lokuqala. Walichaza kanjani leli phuzu elibalulekile? Futhi singasisebenzisa kanjani iseluleko sakhe esiphefumulelwe namuhla?
Ukubaluleka Kobunye BobuKristu
2. UPawulu wasigcizelela kanjani isidingo sobunye?
2 UPawulu wayazi ukuthi bubalulekile ubunye bobuKristu, futhi wanikeza iseluleko esihle ukuze asize amaKristu abekezelelane ngothando. (Efesu 4:1-3; Kolose 3:12-14) Naphezu kwalokho, ngemva kokumisa amabandla amaningi nokuhambela amanye phakathi nenkathi yeminyaka engaphezu kwengu-20, wathola ukuthi kungaba inselele ukugcina ubunye. (1 Korinte 1:11-13; Galathiya 2:11-14) Ngakho wakhuthaza amakholwa ayekanye nawo ayehlala eRoma: “Kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha . . . ukuba nganhliziyonye nikhazimulise uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu ngamlomo munye.” (Roma 15:5, 6) Ngokufanayo, nathi namuhla kumelwe sikhazimulise uJehova uNkulunkulu “ngamlomo munye” njengeqembu labantu bakhe elinobunye. Senza kanjani kulesi sici?
3, 4. (a) AmaKristu aseRoma ayenaziphi izizinda ezingefani? (b) AmaKristu aseRoma ayeyokwazi kanjani ukukhonza uJehova “ngamlomo munye”?
3 AmaKristu amaningi eRoma ayengabangane bakaPawulu. (Roma 16:3-16) Yize izizinda zabo zazingafani, uPawulu wabamukela bonke abafowabo “njengabathandekayo bakaNkulunkulu.” Waloba: “Ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngokuphathelene nani nonke, ngoba ukholo lwenu kukhulunywa ngalo kulo lonke izwe.” Ngokusobala, abaseRoma babeyizibonelo ngezindlela eziningi. (Roma 1:7, 8; 15:14) Ngesikhathi esifanayo, amalungu athile ebandla ayengaboni ngaso linye kwezinye izinto. Njengoba amaKristu namuhla enezizinda namasiko ahlukahlukene, ukutadisha iseluleko sikaPawulu esiphefumulelwe sendlela yokusingatha ukungaboni ngaso linye kungawasiza ukuba akhulume “ngamlomo munye.”
4 ERoma kwakukhona amakholwa angamaJuda naweZizwe. (Roma 4:1; 11:13) Kuyacaca ukuthi amanye amaKristu angamaJuda awazange awayeke amasiko athile ayewenza ngaphansi koMthetho KaMose, yize kwakufanele ngabe aqaphela ukuthi imikhuba enjalo yayingadingeki ukuze athole insindiso. Ngakolunye uhlangothi, amaKristu amaningana angamaJuda akwamukela ukuthi umhlatshelo kaKristu wawuwakhululile emithethweni ayeyigcina engakabi amaKristu. Ngenxa yalokho, ayishintsha eminye yemikhuba namasiko awo. (Galathiya 4:8-11) Noma kunjalo, njengoba uPawulu asho, wonke ‘ayengabathandekayo bakaNkulunkulu.’ Wonke ayengadumisa uNkulunkulu “ngamlomo munye” uma ebhekana ngesimo sengqondo esifanele. Nathi namuhla kungenzeka ukuthi sinemibono ehlukahlukene ngezinto ezithile, ngakho kuhle siyicabangele ngokucophelela indlela uPawulu asichaza ngayo leso simiso esibalulekile.—Roma 15:4.
“Yamukelanani”
5, 6. Kungani kwakunemibono engafani ebandleni laseRoma?
5 Encwadini ayibhalela abaseRoma, uPawulu ukhuluma ngesimo esasiphakamise imibono ehlukahlukene. Uyaloba: “Omunye umuntu unokholo lokuthi angadla zonke izinto, kodwa umuntu obuthakathaka udla imifino.” Kwakudalwa yini lokho? Phela, ngaphansi koMthetho KaMose ingulube kwakungafanele idliwe. (Roma 14:2; Levitikusi 11:7) Kodwa ngemva kokufa kukaJesu lowo Mthetho wawungasasebenzi. (Efesu 2:15) Kwathi ngemva kweminyaka emithathu nesigamu uJesu efile, ingelosi yatshela umphostoli uPetru ukuthi ngokubheka kukaNkulunkulu akukho kudla okwakufanele kubhekwe njengokungcolile. (IzEnzo 11:7-12) Ecabanga ngala maphuzu, kungenzeka ukuthi amanye amaKristu angamaJuda aba nomuzwa wokuthi angayidla ingulube—noma okunye ukudla okwakukade kwenqatshelwe ngaphansi koMthetho.
6 Nokho, kungenzeka ukuthi kwakucabanga nje ngokudla loko kudla okwakungcolile ngaphambili kwakwenyanyeka kwamanye amaKristu angamaJuda. Abantu abanjalo abasheshe bakhubeke kungenzeka babevele baphatheke kabi lapho bebona abafowabo kuKristu abangamaJuda bedla loko kudla. Ngaphezu kwalokho, amaKristu athile angabeZizwe, okungenzeka ukuthi inkolo ayekade ekuyo yayingenamithetho enqabela ukudla, cishe amangala nje ukuthi kunabantu abangabanga indaba yokudla. Yiqiniso, umuntu wayengenzi iphutha uma engakudli ukudla okuthile, inqobo nje uma engamile kwelokuthi loko kuyadingeka ukuze kutholakale insindiso. Noma kunjalo, le mibono engafani yayingalususa kalula udweshu ebandleni. AmaKristu aseRoma kwakuzodingeka aqiniseke ukuthi imibono enjalo ephikisanayo ayiwathiyi ekubeni akhazimulise uNkulunkulu “ngamlomo munye.”
7. Yimiphi imibono engafani eyayikhona ngodaba lokugcina usuku olukhethekile lwesonto ngalinye?
7 UPawulu unikeza isibonelo sesibili: “Omunye umuntu wahlulela olunye usuku njengolungaphezu kolunye; omunye umuntu wahlulela olunye usuku njengazo zonke ezinye.” (Roma 14:5a) Ngaphansi koMthetho KaMose kwakungamelwe kwenziwe msebenzi ngeSabatha. Ngisho nokuthatha uhambo olude kwakungavunyelwe ngalolo suku. (Eksodusi 20:8-10; Mathewu 24:20; IzEnzo 1:12) Kodwa lapho uMthetho usuqediwe, leyo mithetho enqabelayo yayingasasebenzi. Noma kunjalo, kungenzeka ukuthi kwakungavumi kumaKristu athile angamaJuda ukuba enze noma iluphi uhlobo lomsebenzi noma ahambe ibanga elide ngosuku ayekade elubheka njengolungcwele ngaphambili. Ngisho nalapho esengamaKristu, kungenzeka ukuthi ayelubekele eceleni usuku lwesikhombisa ukuze afeze izinjongo ezingokomoya kuphela, yize ngokubheka kukaNkulunkulu umthetho weSabatha wawungasasebenzi. Ayenephutha yini ngokwenza kanjalo? Cha, uma nje ayengamile kwelokuthi uNkulunkulu ufuna kugcinwe iSabatha. Ngakho, ecabangela unembeza wabafowabo abangamaKristu, uPawulu waloba: “Yilowo nalowo muntu makaqiniseke ngokugcwele engqondweni yakhe.”—Roma 14:5b.
8. Nakuba amaKristu eRoma ayengabacabangela onembeza babanye, yini okwakungamelwe ayenze?
8 Noma kunjalo, nakuba abakhuthaza kahle abafowabo ukuba babe nesineke ngalabo ababelwisana nezindaba zikanembeza, uPawulu wabakhuza ngamazwi aqatha labo ababezama ukuphoqa amanye amakholwa ukuba agcine uMthetho KaMose njengemfuneko yokuthola insindiso. Ngokwesibonelo, cishe ngo-61 C.E. uPawulu wabhala incwadi yamaHebheru, incwadi eshubile eyayiya kumaKristu angamaJuda echaza ngokukhanyayo ukuthi ukugcina uMthetho KaMose kwakungasizi ngalutho ngoba amaKristu ayenethemba elihle kakhulu elisekelwe emhlatshelweni kaJesu wesihlengo.—Galathiya 5:1-12; Thithu 1:10, 11; Hebheru 10:1-17.
9, 10. Yini okufanele amaKristu ayiyeke? Chaza.
9 Njengoba sesibonile, uPawulu uveza ukuthi ukukhetha izinto ezingafani akudingeki kusongele ubunye uma nje kungekho zimiso zobuKristu eziphulwayo. Yingakho uPawulu ebuza amaKristu anonembeza obuthakathaka: “Kungani wahlulela umfowenu?” Abese ebuza abaqinile (mhlawumbe labo abanembeza wabo uyabavumela ukuba badle ukudla okuthile okwakwenqatshelwe ngaphansi koMthetho noma ukwenza umsebenzi wokuziphilisa ngeSabatha): “Kungani futhi umbukela phansi umfowenu?” (Roma 14:10) NgokukaPawulu, amaKristu anonembeza obuthakathaka kumelwe ayeke ukwahlulela abafowabo abanombono ovulekile. Ngesikhathi esifanayo, amaKristu aqinile akumelwe abukele phansi labo abanembeza wabo usesebuthaka ezicini ezithile. Bonke kufanele bahloniphe izisusa ezifanele zabanye futhi ‘bangazicabangi bebakhulu kunalokho okudingeke ukuba bakucabange.’—Roma 12:3, 18.
10 UPawulu wawuchaza kanje umbono olinganiselayo: “Odlayo makangambukeli phansi ongadli, nongadli makangamahluleli odlayo, ngoba uNkulunkulu umamukele lowo.” Uyaqhubeka athi: “NoKristu [w]asamukela, ngombono wokuba kube yinkazimulo kuNkulunkulu.” Njengoba kokubili abaqinile nababuthakathaka bamukeleka kuNkulunkulu nakuKristu, nathi kufanele sibe nesimo sengqondo esivuleke ngendlela efanayo futhi ‘samukelane.’ (Roma 14:3; 15:7) Ubani ongaba nesizathu sokukuphikisa lokho?
Uthando Lobuzalwane Luveza Ubunye Namuhla
11. Yisiphi isimo esingavamile esasikhona ngosuku lukaPawulu?
11 Encwadini ayibhalela abaseRoma, uPawulu wayekhuluma ngesimo esingavamile. UJehova wayesanda kuqeda esinye isivumelwano wamisa esisha. Abanye babekuthola kunzima ukuzivumelanisa naso. Asikho isimo esifana nse naleso namuhla, kodwa zingaphakama izimpikiswano ezifanayo ngezikhathi ezithile.
12, 13. Yiziphi ezinye zezimo amaKristu namuhla angabonisa kuzo ukuthi ayawucabangela unembeza wabafowabo?
12 Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi owesifazane ongumKristu wayeke waba senkolweni egcizelela ukuthi umuntu angazihlobisi uma egqoka futhi angazifaki izimonyo. Lapho ethola iqiniso, angase akuthole kunzima ukuzivumelanisa nokuthi akwenqatshelwe ukugqoka izingubo ezizothile nezinemibala egqamile ngezikhathi ezifanele noma ukugcoba kahle izimonyo. Njengoba kungekho simiso seBhayibheli esihilelekile, ngeke kufaneleke ukuba noma ubani azame ukushoshozela lowo muntu wesifazane ongumKristu ukuba aphikisane nonembeza wakhe. Ngesikhathi esifanayo, naye uyaqaphela ukuthi akufanele agxeke abesifazane abangamaKristu abanembeza wabo uyabavumela ukuba bazilungise kanjalo.
13 Cabanga nangesinye isibonelo. Kungenzeka ukuthi owesilisa ongumKristu ukhulele endaweni ekuxwayayo ukuphuza utshwala. Ngemva kokuthola ulwazi lweqiniso, ufunda umbono weBhayibheli wokuthi iwayini liyisipho esivela kuNkulunkulu futhi lingase liphuzwe ngokulinganisela. (IHubo 104:15) Uyawamukela lowo mbono. Noma kunjalo, ngenxa yesizinda sakhe, ukhetha ukungabuthinti nhlobo utshwala, kodwa akabagxeki labo ababuphuza ngokulinganisela. Ngaleyo ndlela usebenzisa amazwi kaPawulu: “Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.”—Roma 14:19.
14. Kukuziphi izimo lapho amaKristu engasebenzisa khona isimiso seseluleko sikaPawulu kwabaseRoma?
14 Kuye kuphakame ezinye izimo ezifuna kusetshenziswe isimiso seseluleko sikaPawulu kwabaseRoma. Ibandla lobuKristu lakhiwe abantu abaningi futhi bathanda izinto ezingafani. Ngenxa yalokho, bangase bakhethe izinto ezingafani—ngokwesibonelo, endabeni yokugqoka nokuzilungisa. Yiqiniso, iBhayibheli linezimiso ezicacile azilandelayo wonke amaKristu aqotho. Akukho namunye kithina okufanele agqoke noma alungise izinwele ngendlela exakile noma engenasizotha noma emfanisa nabantu baleli zwe abangathandeki. (1 Johane 2:15-17) AmaKristu ayakhumbula ukuthi ngazo zonke izikhathi, ngisho noma eziphumulele, ayizikhonzi ezimelele uMbusi Wendawo Yonke. (Isaya 43:10; Johane 17:16; 1 Thimothewu 2:9, 10) Nokho, ezicini eziningi zikhona izinto eziningi ezamukelekayo amaKristu angakhetha kuzo.a
Gwema Ukukhuba Abanye
15. Kunini lapho umKristu, ngokwenzuzo yabafowabo, engase ayeke ukusebenzisa amalungelo akhe?
15 Kunesimiso sokugcina esibalulekile uPawulu asiqaphelisa sona eselulekweni sakhe kumaKristu aseRoma. Ngezinye izikhathi umKristu ononembeza oqeqeshwe kahle angase anqume ukungayenzi into avumelekile ukuyenza. Ngani? Ngoba eqaphela ukuthi ukwenza kwakhe into ethile kungase kulimaze abanye. Kuleso simo, yini okufanele siyenze? UPawulu uthi: “Kuhle ukungayidli inyama noma ukungaliphuzi iwayini noma ukungenzi noma yini umfowenu akhubeka ngayo.” (Roma 14:14, 20, 21) Ngakho, “thina esiqinile kufanele sithwale ubuthakathaka balabo abangaqinile, singazijabulisi thina. Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe ngento ezomakha.” (Roma 15:1, 2) Uma unembeza womunye umKristu ungase ulinyazwe yilokho esikwenzayo, uthando lobuzalwane luyosenza sibe abacabangelayo futhi singazenzi izinto ezizobakhuba. Isibonelo salokhu kungaba ukuphuza utshwala. UmKristu uvunyelwe ukuphuza iwayini ngokulinganisela. Kodwa uma ukuliphuza kungakhuba umfowabo, ngeke aphike ngokuthi unelungelo lokuliphuza.
16. Singabonisa kanjani ukuthi siyabacabangela labo abasensimini yethu?
16 Lesi simiso singasebenza nalapho sisebenzelana nabantu ngaphandle kwebandla lobuKristu. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi sihlala endaweni lapho iningi labantu lisenkolweni efundisa abalandeli bayo ukuba babheke usuku olulodwa lwesonto njengosuku lokuphumula. Ngenxa yaleso sizathu, ukuze singabakhubi omakhelwane bethu futhi singawubekeli izithiyo umsebenzi wokushumayela, siyokugwema ngangokunokwenzeka ukwenza noma yini ngalolo suku eyocunula omakhelwane bethu. Okunye okungenzeka, umKristu omi kahle angase athuthe ayokhonza lapho kunendingeko enkulu khona phakathi kwabantu abahluphekayo. Angase akhethe ukubonisa ukubacabangela omakhelwane bakhe abasha ngokungagqoki izingubo zikanokusho noma ngokwehlisa izinga lokuphila yize enayo imali.
17. Kungani kunengqondo ukucabangela abanye ekukhetheni esikwenzayo?
17 Kunengqondo yini ukulindela ukuba labo “abaqinile” benze ushintsho olunjalo? Awucabange ngalo mfanekiso: Njengoba sihamba ngemoto emgwaqweni omkhulu, sibona izingane zizongena emgwaqweni. Ingabe siyaqhubeka sihamba ngejubane elikhulu ngenxa nje yokuthi sinelungelo elingokomthetho lokuhamba ngalelo jubane? Cha, siyalehlisa ijubane ukuze singazishayisi izingane. Ngezinye izikhathi nathi kudingeka sizimisele ngendlela efanayo ukwehlela ngezansi, noma sivumele imibono yabanye, ebuhlotsheni bethu nesikholwa nabo noma abanye. Kungenzeka ukuthi senza into esinalo lonke ilungelo lokuyenza. Akukho zimiso zeBhayibheli eziphulwayo. Noma kunjalo, uma singakhuba abanye noma silimaze abanonembeza obuthakathaka, uthando lobuKristu luyosishukumisela ukuba senze ngokuqapha. (Roma 14:13, 15) Ukulondoloza ubunye nokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso kubaluleke ngaphezu kokusebenzisa amalungelo ethu.
18, 19. (a) Ekuboniseni ukuthi siyabacabangela abanye, sisilandela kanjani isibonelo sikaJesu? (b)Kukuphi lapho kungekho khona nokuncane ukwehluka, futhi kuzoxoxwa ngani esihlokweni esilandelayo?
18 Uma senza kanje, silandela isibonelo esihle kakhulu. UPawulu uthi: “Ngisho noKristu akazijabulisanga yena; kodwa njengoba nje kulotshiwe: ‘Isihlamba sababekuhlambalaza sehlele phezu kwami.’” UJesu wayezimisele ukudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Ngokuqinisekile nathi sizimisele ukudela amanye amalungelo ethu uma lokho kuyokwenza “labo abangaqinile” bakhazimulise uNkulunkulu ngobunye kanye nathi. Ngempela, ukubonisa isimo sengqondo sokuwamukela ngezandla ezivulekile amaKristu anonembeza obuthakathaka—noma ukuziyeka ngamabomu ezinye zezinto esinelungelo lokuzenza kanye nokungagabi ngamalungelo ethu—kubonisa ‘isimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.’—Roma 15:1-5.
19 Nakuba imibono yethu ezindabeni ezingahileli izimiso zemiBhalo ingase yehlukahluke ngandlela-thile, ezindabeni zokukhulekela akukho nokuncane ukwehluka. (1 Korinte 1:10) Ngokwesibonelo, ubunye obunjalo bubonakala endleleni esisabela ngayo kulabo abaphikisa ukukhulekela kweqiniso. IZwi likaNkulunkulu libabiza ngokuthi izihambi abaphikisi abanjalo futhi lisixwayisa ngokuthi siliqaphele “izwi lezihambi.” (Johane 10:5) Singazibona kanjani lezo zihambi? Kufanele sisabele kanjani kuzo? Le mibuzo izophendulwa esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Izingane ezisencane ziqondiswa izifiso zabazali bazo endabeni yokugqoka.
Ungaphendula Uthini?
• Kungani kungeke kubusongele ubunye ukuba nemibono engafani ezindabeni zomuntu siqu?
• Kungani thina njengamaKristu kufanele sibonise ukucabangelana kothando?
• Yiziphi ezinye zezindlela esingasebenzisa ngazo iseluleko sikaPawulu sobunye namuhla, futhi yini eyosishukumisela ukuba senze kanjalo?
[Isithombe ekhasini 9]
Iseluleko sikaPawulu ngobunye sasibalulekile ebandleni
[Isithombe ekhasini 10]
AmaKristu anobunye naphezu kwezizinda zawo ezingafani
[Isithombe ekhasini 12]
Yini okufanele ayenze lo mshayeli manje?