Yini Oyoyidela Ukuze Uqhubeke Uphila?
“Yini umuntu angayinikeza ukuze enane umphefumulo wakhe?”—MATH. 16:26.
1. Kungani uJesu engavumanga lapho uPetru emkhuza?
UMPHOSTOLI UPETRU akazange akukholelwe ayekuzwa. UMholi amthandayo, uJesu Kristu, wayebatshela “ngokungagunci” ukuthi maduze wayezohlupheka futhi afe! Ephendula, uPetru—ngokungangabazeki enezisusa ezinhle—wakhuza uJesu, ethi: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi; ngeke neze ube nalesi siphetho.” UJesu wamfulathela wabheka abanye abafundi. Cishe nabo babenombono ofanayo oyiphutha. Wabe esethi kuPetru: “Yana emva kwami, Sathane! Uyisikhubekiso kimi, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu.”—Marku 8:32, 33; Math. 16:21-23.
2. UJesu wakuchaza kanjani lokho okulindeleke kumfundi weqiniso?
2 Kungenzeka ukuthi amazwi kaJesu alandelayo asiza uPetru ukuba abone isizathu sokuba uJesu aphendule ngamazwi aqatha lapho emkhuza. UJesu “wabizela isixuku kuye kanye nabafundi bakhe” futhi wathi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo. Ngoba noma ubani ofuna ukusindisa umphefumulo wakhe uyolahlekelwa yiwo; kodwa noma ubani olahlekelwa ngumphefumulo wakhe ngenxa yami nezindaba ezinhle, uyowusindisa.” (Marku 8:34, 35) Lapha, uJesu wasebenzisa igama elithi “umphefumulo” esho “ukuphila.” Kusobala ukuthi akukhona nje ukuthi wayesezonikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo kodwa futhi wayelindele ukuba labo ababemlandela bakulungele ukunikela ngokuphila kwabo enkonzweni kaNkulunkulu. Uma bekwenza lokho, babeyothola umvuzo ocebile.—Funda uMathewu 16:27.
3. (a) Imiphi imibuzo uJesu ayibuza izilaleli zakhe? (b) Umbuzo kaJesu wesibili kungenzeka wazikhumbuzani izilaleli zakhe?
3 Kuleso senzakalo esifanayo, uJesu wabuza imibuzo emibili eshukumisayo: “Kunanzuzoni ukuba umuntu azuze izwe lonke kodwa alahlekelwe ngumphefumulo wakhe?” nothi “Yini ngempela umuntu angayinikeza ukuze azuze umphefumulo wakhe?” (Marku 8:36, 37) Impendulo yombuzo wokuqala isobala. Akumzuzisi ngalutho umuntu ukuzuza izwe lonke uma elahlekelwa ukuphila kwakhe, umphefumulo wakhe. Izinto ezibonakalayo ziyinzuzo kuphela uma umuntu ephila ukuze azijabulele. Umbuzo kaJesu wesibili othi: “Yini ngempela umuntu angayinikeza ukuze azuze umphefumulo wakhe?” kungenzeka ukuthi wakhumbuza izilaleli zakhe ngokugomela kukaSathane ngesikhathi sikaJobe: “Umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yomphefumulo wakhe.” (Jobe 2:4) Amazwi kaSathane angase abe yiqiniso kwabanye abantu abangamkhulekeli uJehova. Abaningi bangenza noma yini, baphule noma iziphi izimiso, ukuze nje baqhubeke bephila. Kodwa amaKristu abheka izinto ngendlela ehlukile.
4. Kungani imibuzo kaJesu inencazelo ejulile kumaKristu?
4 Siyazi ukuthi uJesu akezelanga ukuzosinika impilo enhle, ingcebo nokuphila isikhathi eside kuleli zwe. Wezela ukuzovula ithuba lokuphila phakade ezweni elisha futhi ithemba lalokho kuphila yilo esilazisa kakhulu. (Joh. 3:16) UmKristu uyoqonda umbuzo kaJesu wokuqala njengosho ukuthi, “Kunanzuzoni ukuba umuntu azuze izwe lonke kodwa alahlekelwe ithemba lakhe lokuphila phakade?” Impendulo ithi, Akunanzuzo nhlobo. (1 Joh. 2:15-17) Ukuze sikwazi ukuphendula umbuzo kaJesu wesibili, singase sizibuze, ‘Kungakanani engizimisele ukukudela ukuze ithemba lami lokuphila ezweni elisha lifezeke?’ Impendulo yethu kulowo mbuzo, njengoba iboniswa indlela esiphila ngayo, yembula ukuthi lelo themba liqine kangakanani ezinhliziyweni zethu.—Qhathanisa noJohane 12:25.
5. Singasithola kanjani isipho sokuphila okuphakade?
5 Yiqiniso, uJesu wayengasho ukuthi ukuphila okuphakade kuyinto esingayithola njengomholo. Ukuphila—ngisho nalokhu kuphila kwethu okufushane kakhulu kulesi simiso sezinto—kuyisipho. Asinakukwazi ukukuthenga noma senze noma yini ukuze sikufanelekele. Okuwukuphela kwendlela esingathola ngayo ukuphila okuphakade iwukuba ‘sibe nokholo kuKristu Jesu’ nakuJehova, “umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Gal. 2:16; Heb. 11:6) Noma kunjalo, ukholo kumelwe lubonakaliswe ngezenzo, ngoba ‘ukholo ngaphandle kwemisebenzi lufile.’ (Jak. 2:26) Ngakho, lapho siqhubeka sizindla ngombuzo kaJesu, siyobe senza kahle ngokucabanga ngokungathí sina ngokuthi kungakanani esizimisele ukukudela kulesi simiso sezinto nangalokho esizimisele ukukwenza enkonzweni kaJehova ukuze sibonise ukuthi ukholo lwethu luyaphila ngempela.
‘UKristu Akazijabulisanga Yena’
6. Yini eyayiza kuqala kuJesu?
6 Esikhundleni sokuphishekela lokho izwe losuku lwakhe elalingamnika khona, uJesu wagxila ezintweni ezibalulekile futhi akazange avume lapho elingwa ngezinto ezibonakalayo ezazizozuzisa yena. Waphila ukuphila kokuzidela nokulalela uNkulunkulu. Kunokuba azijabulise yena wathi: ‘Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezijabulisa uNkulunkulu.’ (Joh. 8:29) Kungakanani uJesu akwenza ukuze ajabulise uNkulunkulu?
7, 8. (a) UJesu wazidela kanjani, futhi wavuzwa kanjani? (b) Imuphi umbuzo okufanele sizibuze wona?
7 Ngesinye isikhathi uJesu wathi kubafundi bakhe: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Math. 20:28) Ngaphambili, lapho uJesu eqala ukuxwayisa abalandeli bakhe ngokuthi maduzane ‘wayezonikela umphefumulo wakhe,’ uPetru wamnxusa ukuba abe nomusa kuye. Nokho, uJesu akazange aphambukiswe. Ngokuzithandela, wanikela ngomphefumulo wakhe, ukuphila kwakhe okuphelele njengomuntu, ngenxa yesintu. Ngenxa yenkambo yakhe yokuzidela, uJesu waqinisekisa ikusasa lakhe. Wavuswa futhi “waphakanyiselwa kwesokunene sikaNkulunkulu.” (IzE. 2:32, 33) Ngakho, waba isibonelo esihle kakhulu kithi.
8 Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu aseRoma ukuba ‘angazijabulisi’ wona futhi wawakhumbuza ukuthi “ngisho noKristu akazijabulisanga yena.” (Roma 15:1-3) Ngakho, siyosisebenzisa ngezinga elingakanani lesi seluleko somphostoli futhi sizidele silingisa uKristu?
UJehova Ufuna Simnike Okungcono Kakhulu
9. UmKristu usuke enzani lapho ezinikezela kuNkulunkulu?
9 Kwa-Israyeli wasendulo, uMthetho KaMose wathi izigqila ezingamaHebheru kwakumelwe zikhululwe ebugqilini ngonyaka wesikhombisa noma ngonyaka weJubili. Nokho, kwakunelinye ilungiselelo. Uma isigqila sesiyithanda inkosi yaso, sasingakhetha ukuqhubeka siyisigqila kuleyo ndlu ukuphila kwaso konke. (Funda uDuteronomi 15:12, 16, 17.) Nathi senza ukukhetha okufanayo lapho sizinikezela kuNkulunkulu. Sivuma ngokuzithandela ukwenza intando kaNkulunkulu, hhayi okuthandwa yithi. Ngokwenza lokhu, sibonisa ukuthi simthanda ngokujulile uJehova nokuthi sifisa ukumkhonza kuze kube phakade.
10. Siyimpahla kaNkulunkulu ngayiphi indlela, futhi lokho kufanele kuyithinte kanjani imicabango nezenzo zethu?
10 Uma njengamanje ufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ushumayela izindaba ezinhle, futhi uba khona emihlanganweni yamaKristu, wenza kahle. Sethemba ukuthi maduze uyoshukumiseleka ukuba uzinikezele kuJehova nokuba ubuze umbuzo umTopiya awubuza uFiliphu: “Yini engivimbela ukuba ngibhapathizwe?” (IzE. 8:35, 36) Uma wenza kanjalo ubuhlobo bakho noNkulunkulu buyofana nobamaKristu uPawulu awabhalela: “Anibona abenu, ngoba nathengwa ngentengo.” (1 Kor. 6:19, 20) Kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lasezulwini noma lasemhlabeni, uma siye sazinikezela kuJehova, unguMnikazi wethu. Ngakho, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukulwa nezifiso zobugovu futhi ‘siyeke ukuba yizigqila zabantu’! (1 Kor. 7:23) Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuba yinceku eqotho uJehova angayisebenzisa ngendlela athanda ngayo!
11. AmaKristu anxuswa ukuba anikele ngamuphi umhlatshelo, futhi empeleni lokhu kusho ukuthini njengoba kuboniswe imihlatshelo eyayenziwa ngaphansi koMthetho KaMose?
11 UPawulu wayala amakholwa ayekanye nawo: “Ninikele imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.” (Roma 12:1) Kungenzeka ukuthi lawo mazwi akhumbuza amaKristu angamaJuda ngemihlatshelo eyayiyingxenye yokukhulekela kwawo ngaphambi kokuba abe abalandeli bakaJesu. Ayazi ukuthi ngaphansi koMthetho KaMose, izilwane ezinikelwa e-altare likaJehova kwakumelwe zibe ezekhethelo. Okungaphansi kwalokho kwakungamukeleki. (Mal. 1:8, 13) Kungokufanayo nalapho sinikela ngemizimba yethu ‘njengomhlatshelo ophilayo.’ Sinikeza uJehova okungcono kakhulu, hhayi nje izinsalela lapho sesanelise zonke izifiso zethu. Lapho sizinikezela kuNkulunkulu, simnika ngokungagodli ‘imiphefumulo’ yethu, okungukuthi ukuphila kwethu—okuhlanganisa amandla, impahla namakhono ethu. (Kol. 3:23) Singakwenza kanjani lokhu ngokoqobo?
Sebenzisa Isikhathi Sakho Ngokuhlakanipha
12, 13. Iyiphi enye indlela esinganika ngayo uJehova okungcono kakhulu esinakho?
12 Enye indlela esinika ngayo uJehova okungcono kakhulu esinakho iwukusebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha. (Funda eyabase-Efesu 5:15, 16.) Lokhu kudinga ukuzithiba. Amathonya ezwe nokungapheleli esikuzuze ngefa kusenza sithambekele ekusebenziseni sonke isikhathi ekuzijabuliseni noma ezintweni zethu siqu. Yiqiniso, “kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into,” kuhlanganise nesokuphumula okuqabulayo nesomsebenzi wokuziphilisa ukuze sikwazi ukufeza izibopho zethu zobuKristu. (UmSh. 3:1) Nokho, umKristu ozinikezele kudingeka ahlale elinganisela futhi asebenzise isikhathi sakhe ngokuhlakanipha.
13 Lapho uPawulu evakashele e-Athene, waphawula ukuthi “bonke abase-Athene nabezinye izizwe ababengabafokazi lapho babechitha isikhathi sabo esikhululekile bengenzi lutho ngaphandle kokuxoxa noma ukulalela okuthile okusha.” (IzE. 17:21) Namuhla, abaningi bachitha isikhathi sabo benza okucishe kufane. Izithikamezo zanamuhla zihlanganisa ukubuka ithelevishini, ukudlala imidlalo ye-video nokuphuma ungena ezingosini ze-Internet. Ziyanda izithikamezo ezidla isikhathi sethu. Uma sizivumela, singase sidebeselele izidingo zethu ezingokomoya. Singaze sikholelwe nawukuthi simatasa kakhulu ukuba sinake ‘izinto ezibaluleke kakhulu’—eziphathelene nokukhonza uJehova.—Fil. 1:9, 10.
14. Imiphi imibuzo okufanele siyicabangele ngokungathí sina?
14 Ngakho-ke, njengenceku kaJehova ezinikezele, zibuze, ‘Ingabe esimisweni sami sansuku zonke nginaso isikhathi sokufunda iBhayibheli, ukuzindla nokuthandaza?’ (IHu. 77:12; 119:97; 1 Thes. 5:17) ‘Ingabe ngiyazibekela isikhathi sokulungiselela imihlangano yobuKristu? Ngiyabakhuthaza yini abanye ngokuphendula emihlanganweni?’ (IHu. 122:1; Heb. 2:12) IZwi likaNkulunkulu lithi uPawulu noBarnaba bachitha “isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngokugunyazwa uJehova.” (IzE. 14:3) Ingabe ungazilungisa izimo zakho ukuze ube nesikhathi esengeziwe, ngisho ‘nesikhathi eside,’ emsebenzini wokushumayela, mhlawumbe ukhonze njengephayona?—Funda amaHebheru 13:15.
15. Abadala basisebenzisa kanjani isikhathi sabo ngokuhlakanipha?
15 Lapho umphostoli uPawulu noBarnaba bevakashela ibandla lamaKristu e-Antiyokiya, “bachitha isikhathi esiningi benabafundi” ukuze babakhuthaze. (IzE. 14:28) Ngokufanayo, namuhla abadala abanothando basebenzisa isikhathi sabo esiningi ukuze baqinise abanye. Ngaphandle kwenkonzo yasensimini, abadala bayazikhandla belusa umhlambi, befuna izimvu ezilahlekile, besiza ezigulayo futhi benakekela neminye imithwalo yemfanelo eminingi ebandleni. Uma ungumzalwane obhapathiziwe, ingabe izimo zakho ziyakuvumela ukuba ulwele ukufinyelela la malungelo enkonzo engeziwe?
16. Yiziphi ezinye izindlela ‘esingenza ngazo okuhle kulabo abahlobene nathi okholweni’?
16 Abaningi baye bathola injabulo ngokusiza labo abaye balahlekelwa kakhulu ngenxa yezinhlekelele zemvelo noma ezibangelwe umuntu. Ngokwesibonelo, omunye udade osevile eminyakeni engu-60 okhonza eBethel, wahamba amabanga amade izikhathi eziningana eyosiza labo ababevelelwe inhlekelele. Kungani asebenzisa isikhathi sakhe seholidi ngaleyo ndlela? Uthi: “Nakuba ngingenamakhono akhethekile, kwakuyilungelo ukwenza noma yini eyayidingeka. Kwangikhuthaza kakhulu ukubona ukholo oluqinile lwabafowethu nodadewethu ababelahlekelwe izinto zabo eziningi ezibonakalayo.” Ngaphezu kwalokho, izinkulungwane emhlabeni wonke zisiza ekwakheni amaHholo OMbuso namaHholo OMhlangano. Ngokuhlanganyela emisebenzini efana nale, ‘senza okuhle’ ngokungenabugovu “kulabo abahlobene nathi okholweni.”—Gal. 6:10.
“Nginani Izinsuku Zonke”
17. Yini wena ongayidela ukuze uthole ukuphila okuphakade?
17 Umphakathi wesintu ohlukaniswe noNkulunkulu usuzodlula. Asazi ngokuthé ngqo ukuthi lokho kuyokwenzeka nini. Esikwaziyo ukuthi “isikhathi esesisele sinciphile” nokuthi “isimo saleli zwe siyashintsha.” (Funda eyoku-1 Korinte 7:29-31.) Lokhu kwenza lo mbuzo kaJesu ubaluleke nangokwengeziwe: “Yini ngempela umuntu angayinikeza ukuze azuze umphefumulo wakhe?” Ngokuqinisekile, siyokwenza noma ikuphi ukuzidela uJehova asicela ukuba sikwenze ukuze sizuze “ukuphila kwangempela.” (1 Thim. 6:19) Ngempela, kubalulekile ukulalela iseluleko sikaJesu ‘sokumlandela njalo’ ‘nokufuna kuqala umbuso.’—Math. 6:31-33; 24:13.
18. Yini esingaqiniseka ngayo, futhi ngani?
18 Kuyavunywa, ukulandela uJesu akulula ngaso sonke isikhathi, futhi njengoba nje uJesu axwayisa, abanye baye bafa kulesi simiso sezinto ngenxa yokumlandela. Noma kunjalo, njengoJesu, siyasigwema isilingo ‘sokuba nomusa kithi.’ Sinokholo esiqinisekisweni asinika abalandeli bakhe abagcotshiwe bangekhulu lokuqala: “Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:20) Ngakho-ke, masisebenzise isikhathi namakhono ethu kakhulu ngangokunokwenzeka enkonzweni engcwele. Lapho senza kanjalo, sibonisa ukuthi siyaqiniseka ukuthi uJehova uyosilondoloza phakathi nosizi olukhulu noma ukuthi uyosivusa ezweni elisha. (Heb. 6:10) Ngaleyo ndlela, siyobe sibonisile ukuthi sisazisa kakhulu kangakanani isipho sokuphila.
Ungaphendula Kanjani?
• UJesu wakubonisa kanjani ukuzimisela okuvelele ukukhonza uNkulunkulu nabantu?
• Kungani kufanele sizidele, futhi lokhu singakwenza kanjani?
• Kwa-Israyeli wasendulo, yiminikelo enjani eyayamukeleka kuJehova, futhi lokho kusinikeza siphi isiqondiso namuhla?
• Iziphi izindlela esingasebenzisa ngazo isikhathi sethu ngokuhlakanipha?
[Izithombe ekhasini 26]
Ngaso sonke isikhathi uJesu wayenza izinto ezijabulisa uNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 28]
Ama-Israyeli anokwazisa ayenikela ngekhethelo ekusekeleni ukukhulekela kweqiniso
[Izithombe ekhasini 29]
Sijabulisa uNkulunkulu ngokusisebenzisa ngokuhlakanipha isikhathi sethu