Ukushisekela “Umsebenzi WeNkosi”
“Yibani-ngabagxilile, abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi.”—1 Kor. 15:58.
1. Kungani ithemba lovuko kumelwe libe nencazelo engokoqobo kithi sonke?
ITHEMBA lovuko kumelwe ngaso sonke isikhathi libe amandla ashukumisayo komunye nomunye wethu. Ngoba isitha esiwukufa sithinta ukuphila komuntu ngamunye ngokuqondile noma ngokungaqondile nganoma isiphi isikhathi. Lapho othandekayo wethu efa, singase sigxile enjongweni enhle kakhulu kaJehova, ukuze ‘singadabuki njengabanye abangenalo ithemba.’ Singase sibe nalo ithemba lokuthi abafileyo bayobuye bavuswe, njengoba uJesu avuka kwabafileyo. (1 Thes. 4:13, 14) Futhi silindele ngokuqiniseka ukuthi uma kungenzeka sife, uJehova uyosikhumbula ovukweni, kuphela nje uma siye saba abathembekile ekuqhubeni ukuzinikezela kwethu kuye.—Joh. 5:28, 29; 6:40
2. NgokukamShumayeli 9:11 kumelwe sibe yini isimo sethu ngokuphila?
2 Njengoba le“zinsuku zokugcina” zisondela ngokushesha emvuthwandaba wazo, iningi lethu lithemba ukusinda “osizini olukhulu” lingazange likuzwe ukufa. (Math. 24:21; 2 Thim. 3:1) Nokho, ngisho nabanejubane, abanamandla, abahlakaniphileyo nabaqondayo—“bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” Ukugula okungalindelekile, ingozi noma inhlekelele ingase isehlele. Esehlakalweni esinjalo yeka indlela okuthandeka ngayo uma besikade sizinikezela enkonzweni kaNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, ingqondo namandla! Ngoba ukwamukelwa nguye nokuhlanganyela kwethu ovukweni kuyoba okuqinisekile. Futhi, ukugcina kwethu ubuqotho kuyoba isikhuthazo nesibusiso kwabanye abebesibuka futhi besilalela, ukuze nabo basindiswe ngethemba lovuko.—UmSh. 9:11; Marku 12:30; 1 Thim. 4:15, 16.
UKUQINISWA ITHEMBA LOVUKO
3. (a) Amehlo ethu kumelwe agxile kumuphi umgomo, futhi ngani? (b) Kungayiphi indlela ithemba lovuko okumelwe liqinise ngayo amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi agcotshiwe noma ngawe“sixuku esikhulu”?
3 Umphostoli uPawulu waluleka: “Uma singabathembela kuKristu kulokhukuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.” Ukholo lwethu lungaba yize, nokushumayela kwethu kube yize. Kodwa amehlo ethu agxiliswe emgomweni oqinisekile wokuphila ohlelweni olusha lukaJehova—kungakhathaliseki ukuthi sikuzuza ngokusinda eHar-Magedoni, noma njengasesimweni sabanye, ngokuvuswa kuqala kwabafileyo. Osukwini lwakhe, uPawulu wayekhuluma namaKristu ayegcotshwe ngomoya kaNkulunkulu, futhi okwakumelwe athole ukubhapathizelwa ekufeni, njengoba kwatholwa uJesu phakathi nezinsuku ezintathu nengxenye kuze kube sekubulaweni kwakhe eKhalvari. Ngakho-ke uPawulu ubuza umbuzo: “Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenjongo yokuba abanjalo?” Yebo, ithemba lovuko lawaqinisa lawomaKristu lawenza akwazi ukubekezelela izilingo eziningi, futhi lingawaqinisa amaKristu namuhla, kungakhathaliseki ukuthi ithemba lawo lingelokuphila okuphakade embusweni wasezulwini noma—elenani elikhulu—lokuphila engxenyeni yasemhlabeni yalowombuso.—1 Kor. 15:13-19, 29 NW.
4. Kungenxa yaziphi izizathu kumelwe sigweme ulwazi olonakalisayo lwama-Epikhuru?
4 Lapho eloba ngesimo osukwini lwakhe, uPawulu uqhubeka athi: “Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na? Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke. Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.” Ekumemezeleni “izindaba ezinhle” ezazigxile kuKristu ovusiwe, uPawulu wathola izingozi eziningi nokushushiswa, futhi kulezi wathola isivikelo sikaNkulunkulu nesibusiso. Uma uvuko lwalumane nje luyihlaya, konke lokho kwakungaba yize. Uma kunjalo-ke, njengezazi zama-ePikhuru nabalandeli bazo, uPawulu nabafowabo baseKorinte babengazitika ekutamaseni.—1 Kor. 15:30-32.
5. (a) Kumelwe libe ngokoqobo kangakanani ithemba lovuko kithi? (b) Iziphi izibonelo ezinhle zosuku lwanamuhla esinazo njengoba senza uMbuso umgomo wethu?
5 Nokho, ithemba lovuko nombuso wobuMesiya kungokoqobo. Kuhlangene nenjongo kaNkulunkulu yaphakade. Njengoba nje amaKristu ezikhathini zabaphostoli aqiniswa yilelothemba, ngokufanayo ayaqiniswa namuhla. Umlando wanamuhla woFakazi BakaJehova ugcina izibonelo zezigidigidi zamaKristu aye abhekana nokufa ngokungazamazami, azi ukuthi ubuqotho bawo buwaqinisekisela uvuko lokuqala ‘ezulwini elisha’ noma ‘emhlabeni omusha.’ Kukhona amakhulu oFakazi abanqunywa, badutshulwa, babulawa ngendlala noma bashaywa baze bafa emakamu okuhlushwa kaHitler wobuKatolika. Muva nje, abaningi baye babekezelela izingozi nokushushiswa emazweni athile obukhomanisi nasathuthuka. Kodwa ngaso sonke isikhathi ukuthembela kwabo kuye kwaba sembusweni kaNkulunkulu ozayo. Lokhu kuye kwaba umgomo wabo, kungakhathaliseki ukuthi bayolondolozwa ngokusinda “osizini olukhulu” noma ngovuko. Kumelwe kube umgomo wethu ngabanye manje!—IsAm. 21:1-4.
6. Isiphi isibonelo esivela eAfrika esiqukethe isikhuthazo kubabonisi ukuze bazinikezele ngesibindi?
6 Ake sithathe ngokwesibonelo izwe laseAfrika eZimbabwe, lelo eminyakeni eminingi ebelihlukaniswe umbango wezakhamuzi. OFakazi BakaJehova bebengabavelele ekungathathini-hlangothi kwabo, nasekuqhubekeni kwabo beshumayela uMbuso phakathi naleyonkathi yobudlova. (Joh. 17:16) Kwakuyingozi ngokukhethekile ngababonisi abajikelezayo ukuqhubeka nokuvakashela kwabo okwakhayo emabandleni. Kodwa baqhubeka ukuphila kwabo kusengozini. Ngezinye izikhathi labazalwane abathembekile babethunjwa ngenkathi besuka kwelinye ibandla beya kwelilandelayo. Babethweswa icala lokuba abafokazi nezinhloli endaweni, futhi ukuphila kwabo kwakusongelwa. Omunye umbonisi wesifunda wabulawa futhi isidumbu sakhe sashiywa eduze kwebhayisikili lakhe njengesixwayiso kwabadlulayo. Nokho, abanye ababonisi besifunda baqhubeka ngaphandle kokwesaba enkonzweni yabo. Kwaze kwafika inkathi enokuthula eyabakhulula kulolohlobo lwengozi. Uma kungadingeka sibhekane nezimo ezifanayo, sengathi singaqhubeka ne‘nkonzo yethu engcwele’ kuNkulunkulu singesabi!—Luka 12:4-7; Roma 12:1, 2.
7. Abazalwane bethu e-El Salvador baye babusiswa kanjani ngokubambelela ethembeni labo?
7 Namuhla, kukhona usizi olufanayo e-El Salvador, lapho umbango wezakhamuzi uye wasakazeka kulo lonke izwe. Futhi, oFakazi BakaJehova abathathi-hlangothi ngokuphelele ngokuphathelene nobudlova. Nakuba kunjalo, abanye babo baye babulawa ngokudutshulwa. Kodwa abadala abathembekile baye baqhubeka bekhonza amabandla namaqembu angawodwa, bewakhuthaza futhi bewaqinisa. (Qhathanisa noIsaya 32:1, 2.) Abanye babo baye basinda ngokulambisa ekufeni kodwa bazimisele ukuqhubeka ekufundiseni kwabo nasemsebenzini wokwelusa, ngisho nasengozini yokuphila kwabo eqhubekayo. (1 Pet. 5:1-4) Amabandla aqhuba imihlangano ngaphambi kwezikhathi ezenqatshelwe, futhi uJehova uye wababusisa ngokucebile ngokwanda kwabamemezeli ngamaphesenti angama-22 phakathi no-1981. Labamemezeli bombuso abayizi-8 242 babeqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya eziyizi-13 948 nabantu abasha abathakazelayo njengoba unyaka wenkonzo usondela ekupheleni kwawo. Yeka indlela uNkulunkulu wethu abusisa ngayo ngokumangalisayo bonke abaqhubeka ngaphandle kokwesaba “engozini yemizuzu yonke”!
8, 9. (a) Abanye emazweni acebile baye badukiswa kanjani? (b) Kumelwe sisabele kanjani, futhi ngani?
8 Nokho, abanye emazweni acebile nabonakala “elondekile” baye badukiselwa endleleni yokuphila eyingozi ngokomoya. Bacabanga ukuthi bangahambisana nezwe futhi batamase ngendlela yama-Epikhuru, kodwa ngesikhathi esifanayo olunye unyawo belufake enhlanganweni kaNkulunkulu. Kungase ukuba bathonywe abangani abangahlakaniphile abahlubukayo, abanjalo babaholela ekufiphaleni kokwazisa ilungelo labo elivamile, nenkonzo eshisekayo yoMbuso. Yeka indlela okuwubuwula ngayo! UPawulu usho ngokuqondile kwabanjalo ukuthi: “Ningadukiswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.” Imikhuba ewusizo yokuya emihlanganweni nenkonzo kuNkulunkulu kuthathelwa isikhundla kalula ukuzitika nezinjabulo zezwe eliphambukile. Umbono wohlelo olusha lukaNkulunkulu uyafiphala, kanye nethemba lovuko. Izinto ezifanayo zenzeka kuHimenewu, noAleksandru, noFilethu osukwini lukaPawulu. Futhi, kuyadabukisa ukuthi, izinto ezinjalo ziyenzeka kwabanye namuhla.—1 Kor. 15:33; 1 Thim. 1:18-20; 2 Thim. 2:15-19.
9 Kuyadabukisa nganoma ngubani, lowo, kulelihora lokugcina, ozisusa ekusekeleni ngomphefumulo wonke inhlangano kaJehova nenkonzo yayo! Izwe lanamuhla liyendayenda onqenqemeni. Kungokuma ‘ezindabeni ezinhle,’ nango‘kubambelela,’ lapho ‘nathi singasindiswa’ khona. Kubalulekile ukuba siqhubeke futhi sandise ulwazi ngoNkulunkulu. Ngokufanelekileyo, uPawulu ukhuluma nalabo abahluleka kulokhu ethi: “Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe-namahloni.”—1 Kor. 15:1, 2, 34.
“YIBANI NGABAGXILILE’’
10. (a) Isiphi isimo kokubili uPawulu nesigaba sanamuhla se“nceku” abanaso ‘ngabazalwane babo abathandekayo’? (b) Isihloko sethu sonyaka ka-1982 sivumelana kanjani nalokhu?
10 UPawulu uphetha impikiswano yakhe ngokusekela ithemba elimangalisayo lovuko ngendlela efudumele enokunxusa. Uthi, “Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo.” Ufuna ukuba abafowabo abangokomoya bafinyelele umgomo wabo. Ngokufanayo, namuhla, “inceku ethembekileyo neqondayo” ikhathalela ngokujulile inhlalakahle engokomoya yalezozigidi, ezweni lonke, ezinesithakazelo embusweni kaJehova ozayo. “Inceku” ifuna ukubona sonke “isixuku esikhulu” sifanelekela ukuphila emhlabeni walowombuso. Lokhu bakwenza ‘ngokuhlanza izingubo zabo’ nokukhonza uNkulunkulu, ukuze baphume bengenamyocu “osizini olukhulu.” (Math. 24:45-47; IsAm. 7:9, 14) Lowomgomo ungafinyelelwa kanjani? Kungokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wenkosi yethu uJesu Kristu. Ngakho-ke uPawulu ubonisa ngalamazwi, ayisihloko sonyaka soFakazi BakaJehova ngo-1982:
“Yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi.”—1 Kor. 15:58.
11. Kusho ukuthini ukuba “ngabangaxegiyo”?
11 Imfanelo yokuba ogxilile ibalulekile kulabo abafisela ukungena ohlelweni olusha lukaJehova. Ukuba ogxilile kusho ukuba oqinile, onganyakazi, ongazamazami. Lolo uhlobo lokholo okumelwe sibe nalo, silindela ngokuqiniseka izinto esingaziboni ezingaphambili, kodwa lezo ngokutadisha kwethu imiBhalo, eziye zaba ezingokoqobo kithi njengokungathi zilapha phambi kwethu.—Heb. 11:1.
12. Iziphi izizathu esinazo zokuba abangantengantengi enkonzweni yethu?
12 Siyazi ukuthi umbuso wobuMesiya usondele, uye wamiswa emazulwini ngo-1914. Siye sasibona “isibonakaliso” ‘sokuba-khona kukaKristu’ enkazimulweni yoMbuso ezehlakalweni zesiyaluyalu emhlabeni kulezi“nsuku zokugcina.” Siye sabona ukuqondisa kwezingelosi abantu bakaNkulunkulu njengoba beshumayela ngentshiseko yobuvangeli “kuwo wonke umhlaba,” nezigidigidi ezingokoqobo zabantu zilalela “izindaba ezinhle.” Ukucindezela okuvela ezweni likaSathane ngokungangabazeki kuyokhula, kodwa ingabe lokhu kuyisizathu sokuntengantenga kweyethu “inkonzo engcwele,” inkonzo yethu eyigugu kuMbusi wokuphila kwethu, uJehova uNkulunkulu? Akunjalo neze!—Math. 24:3-14; 25:31-34; IsAm. 7:15; 14:6, 7.
“YIBANI . . . ABANGAXEGIYO”
13. Kukanjani, njengoJobe, singazibonisa ngokwethu ukuba “abangaxegiyo”?
13 UPawulu usiyala futhi ukuba sibe “abangaxegiyo.” Lokhu kuyahambisana nokuba ogxilile. Kusho ukuthi ekugcineni imithetho kaNkulunkulu, akumelwe neze sizamazame ebuqothweni bethu. Leso kwakuyisimo sikaJobe oyisibonelo sokugcina ubuqotho, owathi ngoNkulunkulu wakhe nomaHluleli: “Esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.” Ingabe singakuveza ukuqiniseka okunjalo? Singakusho, uma sikwazi ukusho ngoJehova njengoba kwenza uJobe. “Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe angiphambukanga. Angichezukanga emiyalweni yezindebe zakhe; ngizibekela amazwi akhe kunezimiso zami.” (Jobe 23:10-12) Uma thina, njengoJobe, singeqa ngalé kwalokho okuhlelelwe imihlangano evamile, simbe ekujuleni ezincwadini zeWatch Tower Society ukuze sithole ukukhanyiselwa ngokusebenza kweZwi likaNkulunkulu osukwini lwanamuhla, siyosizwa ngempela, ekuhlaleni sigxilile, singanyakazi eqinisweni.
14. (a) IThe Watch Tower iye yakuletha kanjani ngokuthuthukayo ukukhanya kubantu abaqotho, futhi namiphi imiphumela? (b) Isiphi isixwayiso eye yasikhipha, futhi abaningi baye basabela kanjani?
14 Sekuphele iminyaka eyikhulu manje, INqabayokulinda Ememezela Umbuso KaJehova yakha, ngokuqhubekayo, amaqiniso ahlobene nesihlengo sikaJesu, ithemba lovuko nombuso ozayo kaNkulunkulu wethu. Ngamakhasi ayo, iye yabangela ukuba iBhayibheli liphile ezingqondweni nasezinhliziyweni zezigidi zabantu abaqotho. Iye yasiza laba ukuba babone amaphutha afundiswa izinkolo zeLobukholwa futhi eqinisweni kuwo wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga—“IBABILONI ELIKHULU.” Iye yadonsela ukunakekela ekuweni okukhulu okungokomoya kwe“BABILONI ELIKHULU,” futhi iye yakhipha umyalo ongokwesiprofetho wengelosi: “Phumani kulo bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo.” (IsAm. 17:1, 5, 15, 18; 18:2, 4) Abaningi baye basizwa ukuba benze lokho, futhi baye baba abasekeli abathembekile bombuso kaJehova wobuMesiya.
15, 16. (a) Yini abanye abaye bahluleka ukuyiqaphela? (b) Ubani “leyonceku” kaMathewu 24:46? (c) Maqondana ne“nceku,” kunini futhi kukanjani lapho yabonakala ngokusobala ukuthi yayiwukuphela kwendlela esetshenziswa uNkulunkulu ekusakazeni iqiniso?
15 Nokho, ngaso sonke isikhathi kuye kwaba khona labo esikhundleni sokuhlala benganyakazi ekusekeleni ngokwethembeka uMbuso, abafuna ukuhlehlela emuva ezinkolelweni nasezindleleni zenkolo yamanga. Laba abakwazisi ukuthi iNkosi, uKristu Jesu, isebenzisa indikimba egcotshiwe yabalandeli bayo emhlabeni njenge“nceku ethembekileyo neqondayo” ekwabeni ukudla okungokomoya.—Math. 24:45-47.
16 Okokuqala kwakungo-1895 lapho abangane beZion’s Watch Tower basikisela ukuba lomagazini uhlangene ‘naleyonceku.’ (Math. 24:46) Izitha zavusa ukumelana okunonya naleliphuzu labangani abanjalo, kangangokuba iThe Watch Tower kaOctober 1, 1909, yathi:
“Abangani bethu baphikelela ngokuthi lomBhalo ubonisa ukuthi ekupheleni kwalenkathi yeVangeli iNkosi ayinakusebenzisa izindlela eziningi ekusakazeni iQiniso, kodwa indlela eyodwa . . . Babambelela ekuthini bonke bamukela ulwazi lwabo lweQiniso Elikhona Manje ngokuqondile livela ezincwadini zeWatch Tower Bible and Tract Society, noma ngokungaqondile ngalabo abaye bamukela ukukhanyiselwa ngalendlela. Bayajabula ngokubambisana njenge‘zinceku kanye nabo’ emsebenzini weNhlangano, bekholelwa ukuthi kanjalo balandela ukuhola koMlungiseleli waPhezulu, kanye neziyalo zeZwi laPhezulu.”
17. (a) Esikhathini esedlule namanje, abanye baye bazama kanjani ukufiphaza iqiniso? (b) Kungani kumelwe sijabule ngokuhlala ‘singabangaxegiyo’ ekuhlanganyeleni ne“nceku”?
17 Khona-ke, lapho ibhekisela kulezozitha zeqiniso, iThe Watch Tower yathi:
“Bazama ukuguqulela izingqondo zabakhanyiselwe ngakolunye uhlangothi ngokubatshela ukuthi ‘ngamunye kumelwe ambe’ amagugu eQiniso laPhezulu ngokwakhe: ngokuthi izincwadi zeNhlangano zimane zibanikeza isiqalo okumelwe ukuba manje basithuthukise ukuze ekugcineni izimfundiso zayo zibe semuva. Lezi‘nceku ezikanye nabo’ ezingathembekile zisikisela ngokuqhubekayo ukuthi kukhona ingozi yokukhulekela iNhlangano nokuthi ukuze kugwenywe lokho kudingeke ngokoqobo ukuyikhahlela noma ukuyifulathela. Bathi, masibe nesifundo seBhayibheli, kodwa singasebenzisi izincwadi zeNhlangano!”
Lokho kwalotshwa eminyakeni engama-72 edlule, futhi kuze kube namuhla bambalwa abangazama ukunyathelela phansi amaqiniso uJehova aye wawakha ngokuthuthukayo, esebenzisa indlela yakhe eyodwa. Njengoba ukukhanya kweqiniso kuya kukhula, yeka indlela okumelwe sijabule ngayo ngokuhlala ‘singanyakaziswa’ ebuhlotsheni bethu ‘nenceku ethembekileyo’ yeNkosi!—Kol. 1:21-23.
“ABAVAME NJALO EMSEBENZINI WENKOSI”
18. (a) Liyini ilungiselelo lokuzigcina siphilile ngokomoya, futhi izAga zikubonisa kanjani lokhu? (b) Ziyini izindlela zokuba “abavame njalo emsebenzini weNkosi”?
18 Yebo, “abavame njalo,” hhayi ‘ekwenzeni into yabo,’ kodwa emsebenzini weNkosi uJesu Kristu. Yileyo indlela yokuzigcina siphilile ngokomoya. Ukuvilapha ngokomoya kungase kuholele ekungabazeni. Kungase kubulale, njengoba izAga 19:15 zibonisa: “Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima, nesidenge siyalamba.” Endabeni yokuqhubeka nobuvila obungokomoya, ukulamba okungokomoya nokufa kungaba umphumela. Khona-ke asibe matasa—sishumayele njalo endlini ngendlu (ngisho nasemasimini alukhuni), sishumayele ngokwethukela ngawo wonke amathuba, senze izimpindelo kubantu abanjengezimvu futhi siqhube nabo njalo izifundo zeBhayibheli zasekhaya ngenye yezincwadi zeNhlangano. Abanye bethu bangase bakwazi ukukhonza njenga“maphayona,” noma abamemezeli besikhathi esigcwele boMbuso, kulomsebenzi weNkosi uJesu, lowo, ngempela, “oyiphayona” lokholo lwethu.—Heb. 12:2, Moffatt; Isaya 6:8-10.
19. Imuphi umoya okungathi sonke singawubonisa, kodwa abanye bangase babe nayo kanjani ingxenye enkulu emsebenzini?
19 Kungakhathaliseki ukuthi sibhalise njengamaphayona noma cha, sonke singayenza ngokujabula “inkonzo engcwele” yethu ngomoya ongokoqobo wokuphayona. Lokhu kungase kuholele abaningi bethu ekwenzeni “umsebenzi wamaphayona asizayo” ezikhathini ezithile, futhi uma injabulo etholwa kulokhu ingakhuthaza abanye ukuba amaphayona avamile, yeka indlela ingxenye yethu eyoba nkulu ngayo “emsebenzini weNkosi”!—Roma 12:1, 2.
20. (a) Sinelungelo lokusebenza kanye nobani? (b) Kumelwe siphikelele emgomweni sinakuphi ukuqiniseka? (c) Ekugcineni, imaphi amazwi kaPawulu okumelwe sifune ukuwenza awethu, futhi ngani?
20 Lomsebenzi weNkosi uJesu, nokulandela ezinyathelweni zakhe, futhi ‘uwumsebenzi kaJehova.’ (1 Kor. 16:10; Joh. 5:17) Yeka indlela esinelungelo ngayo lokuba izisebenzi kanye neNkosi enkulu uJehova iNkosi uJesu Kristu nezingelosi zasezulwini ‘esiphelweni sesimiso sezinto’! (1 Kor. 3:9; Math. 25:31-33; 28:19, 20) Ngoba siyazi ukuthi umsebenzi wethu ‘awulona ize eNkosini.’ Kungakhathaliseki ukuthi siyofinyelela oHlelweni Olusha ngovuko noma ngokusinda “osizini olukhulu,” sengathi singakwazi ukusho amazwi omphostoli uPawulu othembekile, kwabaseKorinte bokuqala 15:57: “Makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu!” Yebo, ukunqoba ukufa, okuholela ezibusisweni ezinhle kakhulu zokuphila okuphakade!
Ingabe uyawaqaphela lamaphuzu?
◼ Isizathu sokuba kudingeke ngazo zonke izikhathi ukuba abaphila ngokugcwele ethembeni lovuko
◼ Isikhuthazo ithemba lovuko elisinikeza abafowethu okumelwe babhekane nokufa nsuku zonke
◼ Isizathu sokuba labo abahlanganyela nabangabazayo noma abacabanga ngokuhlubuka ‘bahlaziswe’
◼ Isizathu sokuba imfanelo yokuba abagxilile idingeke ukuze singene ohlelweni olusha lukaJehova
◼ Indlela enengqondo ngayo inkulumo eyenziwa “ngendlela eyodwa” ku“Watchtower” eminyakeni engaphezu kwengama-70 eyedlule
◼ Indlela ukuphayona noma ‘ukuba ngabavamile emsebenzini weNkosi’ okungaba isivikelo sethu ngayo
[Isithombe ekhasini 21]
Abanye ababonisi abangenaluvalo bakhonza “engozini imizuzu yonke”
[Isithombe ekhasini 22]
Imikhuba emihle yokuba-khona emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini iyasisiza ekusigcineni sishisekela umbuso kaNkulunkulu