“Ungesabi, Mhlambi Omncane”
“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.”—LUKA 12:32.
1. Sasiyini isisekelo salamazwi kaJesu: “Ungesabi, mhlambi omncane”?
“FUNANI umbuso [kaNkulunkulu].” (Luka 12:31) Lapho uJesu esho lamazwi kubafundi bakhe, waveza isici esiye saqondisa ukucabanga kwamaKristu kusukela osukwini lwakhe kwehle kuze kube sosukwini lwethu. UMbuso kaNkulunkulu kumelwe uze kuqala ekuphileni kwethu. (Mathewu 6:33) Nokho, ekulandiseni kukaLuka uJesu waqhubeka ekhuluma amazwi athandekayo naqinisekisayo eqenjini elikhethekile lamaKristu. Wathi: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.” (Luka 12:32) NjengoMalusi Omuhle, uJesu wayazi ukuthi abafundi bakhe ababesondelene naye babesazobhekana nezikhathi ezibucayi. Kodwa sasingekho isizathu sokuba besabe uma babeqhubeka befuna uMbuso kaNkulunkulu. Ngakho, isikhuthazo sikaJesu sasingewona umyalo ongacabangeli. Kunalokho, sasiyisithembiso sothando esasebenzela ukuvuselela ithemba nesibindi.
2. Obani abakha umhlambi omncane, futhi kungani benelungelo elikhethekile?
2 UJesu wayekhuluma nabafundi bakhe, futhi wababiza ngokuthi ‘bawumhlambi omncane.’ Futhi wayekhuluma nalabo uJehova ‘ayeyobanika umbuso.’ Uma liqhathaniswa nezixuku ezinkulu ezaziyokwamukela uJesu ezikhathini zamuva, leliqembu ngempela lalimbalwa ngenani. Futhi lalibhekwa njengeliyigugu ngenxa yokuthi lakhethelwa ikusasa elimangalisayo, ukusetshenziselwa inkonzo yasebukhosini. UYise wawo, uMalusi Omkhulu, uJehova, ubiza umhlambi omncane ngenjongo yokwamukela ifa lasezulwini ngokuphathelene noMbuso KaKristu WobuMesiya.
Umhlambi Omncane
3. Imuphi umbono okhazimulayo womhlambi omncane uJohane awubona?
3 Khona-ke, obani abakha lomhlambi omncane onethemba elimangalisa kangaka? Abalandeli bakaJesu Kristu abathola ukugcotshwa ngomoya ongcwele. (IzEnzo 2:1-4) Ebabona njengabahlabeleli basezulwini bephethe amahabhu ezandleni zabo, umphostoli uJohane wabhala: “[Ngabona]; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni, kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, benegama lalo negama likaYise lilotshwé emabunzini abo. Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe-lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu, nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici.”—IsAmbulo 14:1, 4, 5.
4. Isiphi isikhundla umhlambi omncane onaso emhlabeni namuhla?
4 Kusukela ngePentekoste lika-33 C.E., laba abagcotshiwe, abazelwe ngomoya baye bakhonza njengamanxusa kaKristu emhlabeni. (2 Korinte 5:20) Namuhla, insali yabo kuphela esele, ekhonza ndawonye njengesigaba senceku ethembekileyo neqondayo. (Mathewu 24:45; IsAmbulo 12:17) Ikakhulukazi kusukela ngonyaka ka-1935, “ezinye izimvu,” amaKristu anethemba lokuphila emhlabeni, manje abalelwa ezigidini, aye azihlanganisa nayo. LamaKristu ayasiza ekushumayeleni izindaba ezinhle emhlabeni wonke.—Johane 10:16.
5. Siyini isimo sengqondo sabasasele bomhlambi omncane, futhi kungani kungadingekile ukuba besabe?
5 Siyini isimo sengqondo sabasasele balomhlambi omncane abasesemhlabeni? Njengoba bazi ukuthi bazokwamukela ‘uMbuso ongenakunyakaziswa,’ banikela inkonzo yabo engcwele ngokwesaba uNkulunkulu nangokuthuthumela. (Heberu 12:28) Ngokuthobeka bayaqaphela ukuthi banelungelo elingenakuqhathaniswa eliphumela enjabulweni echichimayo. Baye bathola “iparele linye elinenani elikhulu” uJesu ayebhekisela kulo lapho ekhuluma ngoMbuso. (Mathewu 13:46) Njengoba usizi olukhulu lusondela, abagcotshiwe bakaNkulunkulu bami bengenakwesaba. Naphezu kwalokho osekuzokwenzeka phezu kwalelizwe lesintu phakathi ‘nosuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi,’ abanakho ukwesaba okushaqisayo ngekusasa. (IzEnzo 2:19-21) Bangesabani nje nempela?
Amanani Ayancipha
6, 7. (a) Kungani inani lomhlambi omncane elisesemhlabeni lilincane kakhulu? (b) Umuntu ngamunye kumelwe alibheke kanjani ithemba analo?
6 Eminyakeni yamuva nje inani lomhlambi omncane osesemhlabeni liye laba lincane kakhulu. Lokhu kwaba sobala embikweni weSikhumbuzo ka-1994. Emabandleni angaba ngu-75 000 abantu bakaJehova emhlabeni wonke, bangu-8 617 kuphela ababonakalisa ukusho kwabo ukuthi bangamalungu ensali ngokuhlanganyela izifanekiselo. (Mathewu 26:26-30) Ngokuphambene, ingqikithi yababekhona yayingu-12 288 917. AmaKristu agcotshiwe ayazi ukuthi lokhu kumelwe kulindelwe. UJehova uye wamisa inani elilinganiselwe, labangu-144 000, ukuba lakhe umhlambi omncane, futhi ubelokhu eliqoqa kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. Ngokunengqondo, ukubizwa komhlambi omncane kuyofika esiphelweni lapho lelinani selifinyelela ekupheleni kwalo, futhi ubufakazi bubonisa ukuthi ukuqoqwa kwabo bonke lababantu ababusiswe ngokukhethekile kwaphela ngo-1935. Nokho, kwaprofethwa ukuthi ezinye izimvu esikhathini sokuphela zaziyokhula zibe “isixuku esikhulu, ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi.” Kusukela ngo-1935 ukuqoqwa kweningi obekwenziwa uJehova bekungokwalesisixuku esikhulu, esinamathemba okuphila phakade emhlabeni oyipharadesi.—IsAmbulo 7:9; 14:15, 16; IHubo 37:29.
7 Iningi lalabo abangabomhlambi omncane abasesemhlabeni manje baseminyakeni yabo yawo-70, 80, nawo-90. Abambalwa sebedlulile eminyakeni eyikhulu yokuphila kwabo. Bonke laba, kungakhathaliseki iminyaka yabo yobudala, bayazi ukuthi ngovuko lwasezulwini, ekugcineni bayohlanganiswa noJesu Kristu futhi bayobusa kanye naye eMbusweni wakhe okhazimulayo. Labo besixuku esikhulu bayoba izikhonzi zasemhlabeni zikaKristu iNkosi. Ngamunye makajabule ngalokho uJehova akugcinele labo abamthandayo. Akukhona okwethu ukuzikhethela ukuthi iliphi ithemba esiyoba nalo. Lokho kunqunywa uJehova. Womabili lamaqembu angajabula ethembeni lawo lesikhathi esizayo esijabulisayo, kungakhathaliseki ukuthi kuseMbusweni wasezulwini noma emhlabeni oyipharadesi ngaphansi kwalowoMbuso.—Johane 6:44, 65; Efesu 1:17, 18.
8. Sekuhambe ibanga elingakanani ukubekwa uphawu kwabangu-144 000, futhi kuyokwenzekani lapho sekuphelile?
8 Umhlambi omncane webutho labangu-144 000 ‘unguIsrayeli kaNkulunkulu,’ othathele u-Israyeli ongokwemvelo indawo ezinjongweni zikaNkulunkulu. (Galathiya 6:16) Ngakho-ke, insali yakhiwa abasasele balesosizwe esingokomoya abasesemhlabeni. Abanjalo abasasele babekwa uphawu ukuze bathole ukuvunyelwa uJehova kokugcina. Embonweni, umphostoli uJohane wakubona lokhu kwenzeka, futhi wabika: “[Ngabona] enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle, yathi: Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo. Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwaIsrayeli [ongokomoya].” (IsAmbulo 7:2-4) Njengoba lomsebenzi wokubeka u-Israyeli ongokomoya uphawu ngokusobala usuzofika esiphelweni sawo, kunezimpawu zezenzakalo ezithakazelisayo ezizokwenzeka ngokushesha. Phakathi kokunye, ‘usizi olukhulu,’ lapho imimoya emine yembubhiso idedelwa phezu komhlaba, kumelwe ukuba seluseduze kakhulu.—IsAmbulo 7:14.
9. Umhlambi omncane ulibheka kanjani inani elikhulayo lesixuku esikhulu?
9 Labo besixuku esikhulu asebeqoqiwe kakade babalelwa ezigidini. Yeka ukuthi lokhu kuyifudumeza kanjani inhliziyo yensali! Nakuba labo bomhlambi omncane beqhubeka bencipha ngenani, baye baqeqesha futhi balungiselela amadoda afanelekayo esixuku esikhulu ukuba athwale imithwalo yemfanelo ephathelene nenhlangano kaNkulunkulu yasemhlabeni eyandayo. (Isaya 61:5) Njengoba uJesu abonisa, kuyoba nabayosinda osizini olukhulu.—Mathewu 24:22.
“Ungesabi”
10. (a) Ikuphi ukuhlasela okusazokwenziwa kubantu bakaNkulunkulu, futhi kuyoholelaphi? (b) Imiphi imibuzo ephakamayo ngokuphathelene nathi ngabanye?
10 USathane namademoni akhe baye behliselwa phansi emhlabeni. Yena noquqaba lwakhe benziwa ukuba bahlasele abantu bakaJehova ngangokusemandleni abo. Lokhu kuhlasela, okwabikezelwa eBhayibhelini, kuchazwa njengokuhlasela kukaGogi wakwaMagogi. Obani ngokukhethekile uDeveli agxilisa kubo ukuhlasela kwakhe? Akukhona yini phezu kwamalungu okugcina omhlambi omncane, u-Israyeli ongokomoya kaNkulunkulu, abahlala ngokuthula “enkabeni yezwe”? (Hezekeli 38:1-12) Yebo, kodwa isigaba sensali yabagcotshiwe abathembekile, kanye nabangane baso abathembekile, ezinye izimvu, siyobona indlela ukuhlasela kukaSathane okuyobangela ngayo ukuba uJehova uNkulunkulu asabele ngokuyisimangaliso. Uyongenela ukuze avikele abantu bakhe, futhi lokhu kuyoqala ukugqashuka ‘kosuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.’ (Joweli 2:31) Namuhla, inceku ethembekileyo neqondayo ifeza inkonzo ebalulekile, esindisa ukuphila, ixwayisa ngalokhu kungenela kukaJehova. (Malaki 4:5; 1 Thimothewu 4:16) Ingabe uyisekela ngentshiseko leyonkonzo, uhlanganyela ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle zoMbuso kaJehova? Ingabe uyoqhubeka wenza kanjalo njengommemezeli woMbuso ongesabi?
11. Kungani isimo sengqondo sokuba nesibindi sibalulekile namuhla?
11 Ngenxa yesimo sezwe sanamuhla, yeka ukuthi kuyisikhathi esifaneleka kanjani ngomhlambi omncane ukuba ulalele amazwi kaJesu aqondiswe kuwo: “Ungesabi, mhlambi omncane”! Isimo sengqondo esinjalo sokuba nesibindi sibalulekile ngenxa yakho konke lokho okufezwayo manje ngokuvumelana nenjongo kaJehova. Umuntu ngamunye womhlambi omncane uyasiqaphela isidingo sokukhuthazela kuze kube sekupheleni. (Luka 21:19) Njengoba uJesu Kristu, iNkosi noMphathi womhlambi omncane, akhuthazela futhi wazibonakalisa ethembekile kwaze kwaba sekupheleni kokuphila kwakhe kwasemhlabeni, ngakho ngamunye wensali kumelwe akhuthazele futhi azibonakalise ethembekile.—Heberu 12:1, 2.
12. UPawulu, njengoJesu, wawakhuthaza kanjani ama-Kristu agcotshiwe ukuba angesabi?
12 Bonke abagcotshiwe kumelwe babe nombono ofana nalowo umphostoli uPawulu ayenawo. Phawula indlela amazwi akhe njengommemezeli wovuko wasobala ogcotshiwe avumelana ngayo nesikhuthazo sikaJesu sokungesabi. UPawulu wabhala: “Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami, engihlupheka ngalo kuze kube-sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade. Likholekile lelizwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi; uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika; uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.”—2 Thimothewu 2:8-13.
13. Iziphi izinkolelo ezijulile amalungu omhlambi omncane anazo, futhi lokhu kuwashukumisela ukuba enzeni?
13 Njengomphostoli uPawulu, amalungu asasele omhlambi omncane ogcotshiwe azimisele ukukhuthazelela ukuhlupheka njengoba ememezela isigijimi esinamandla esiseZwini likaNkulunkulu. Izinkolelo zawo zigxila ngokuqinile njengoba ebambelela ezithembisweni zaphezulu zensindiso nezokunikezwa kwawo “umqhele wokuphila” uma ezibonakalisa ethembekile kuze kube sekufeni. (IsAmbulo 2:10) Njengoba ethola uvuko olusheshayo nokuguqulwa, ayolethwa ebunyeni noKristu, ukuze abuse kanye naye ndawonye njengamakhosi. Yeka ukunqoba ngenkambo yawo yokugcina ubuqotho njengabanqobi bezwe!—1 Johane 5:3, 4.
Ithemba Eliyingqayizivele
14, 15. Kungayiphi indlela uvuko lomhlambi omncane luyingqayizivele?
14 Ithemba lovuko elijatshulelwa umhlambi omncane liyingqayizivele. Ngaziphi izindlela? Phakathi kokunye, lwandulela uvuko lweningi ‘lwabalungile nolwabangalungile.’ (IzEnzo 24:15) Eqinisweni, uvuko lwabagcotshiwe lungena ohlelweni oluthile ngokubaluleka, njengoba kufakazelwa ngokucacile yilamazwi atholakala kweyoku-1 Korinte 15:20, 23: “UKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo. Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, besekuba-ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe.” Ngokuba nohlobo lokukhuthazela nokholo uJesu akubonisa, umhlambi omncane uyazi ukuthi yini oyibekelwe lapho uqeda inkambo yawo yasemhlabeni, ikakhulukazi njengoba iNkosi yeqiniso yeza ethempelini layo ukuzokwahlulela ngo-1918.—Malaki 3:1.
15 UPawulu usinikeza isizathu esengeziwe sokubheka loluvuko njengoluyingqayizivele. Njengoba kulotshwe kweyoku-1 Korinte 15:51-53, wabhala: “Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; . . . Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.” Lamazwi asebenza kulabo bomhlambi omncane abafa phakathi nokuba khona kukaKristu. Ngaphandle kokuba kudingeke balale isikhathi eside ekufeni, bagqokiswa ukungafi, “ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso.”
16, 17. Ngokuphathelene nethemba lawo lovuko, amaKristu agcotshiwe namuhla abusiswe kanjani ngokukhethekile?
16 Sinalokhu kuqonda, singawuthola umqondo wamazwi kamphostoli uJohane atholakala kusAmbulo 14:12, 13. Wabhala: “Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu. Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesisikhathi. Yebo, usho [umoya, NW] ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”
17 Yeka umvuzo oyingqayizivele ogcinelwe insali yomhlambi omncane! Uvuko lwabo luyoza ngokushesha, ngokushesha nje ngemva kokufa kwabo. Yeka ushintsho oluphawulekayo abayoluthola njengoba bethatha izabelo zabo endaweni yomoya! Ngokukhazinyuliswa okunjalo komhlambi omncane okuqhubekayo nangokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli ezinkulu okusondela ekupheleni kwakho, amalungu okugcina asasele omhlambi omncane ngempela ‘akudingekile ukuba esabe.’ Futhi ukungesabi kwawo kusiza ekukhuthazeni labo besixuku esikhulu, okufanele bahlakulele isimo sengqondo esifanayo sokungesabi njengoba belindele ukukhululwa phakathi nesikhathi sokukhathazeka esinzima ukuzedlula zonke umhlaba owake wabhekana nazo.
18, 19. (a) Kungani isikhathi esiphila kuso siphuthuma? (b) Kungani abagcotshiwe nezinye izimvu kungamelwe besabe?
18 Ukulandisa imisebenzi yomhlambi omncane kubangela ukuba wona nesixuku esikhulu baqhubeke besaba uNkulunkulu weqiniso. Ihora lakhe lokwahlulela selifikile, futhi isikhathi esivumayo esisele siyigugu. Ngempela, silinganiselwe isikhathi esisele sokuba abanye bathathe isinyathelo. Nokho, thina asesabi ukuthi injongo kaNkulunkulu iyohluleka. Iyophumelela nakanjani!
19 Kakade, amazwi amakhulu asezulwini aye azwakala ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube-phakade naphakade.” (IsAmbulo 11:15) Ngokuqinisekile, uMalusi Omkhulu, uJehova, uhola zonke izimvu zakhe “ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.” (IHubo 23:3) Ngokungenakuphazama, umhlambi omncane uholelwa emvuzweni wawo wasezulwini. Futhi ezinye izimvu ziyokhululwa ngokulondeka zidlule osizini olukhulu ukuze zijabulele ukuphila okuphakade endaweni yasemhlabeni yoMbuso kaNkulunkulu okhazimulayo ngaphansi kokubusa kukaKristu Jesu. Ngakho, nakuba amazwi kaJesu ayeqondiswe emhlanjini omncane, ngokuqinisekile zonke izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni zinesizathu sokulalela amazwi akhe athi: “Ungesabi.”
Ungachaza?
◻ Kungani kufanele silindele ukuba inani elisasele lomhlambi omncane linciphe?
◻ Siyini isimo sensali egcotshiwe namuhla?
◻ Kungani kungafanele ukuba amaKristu esabe, naphezu kokuhlasela okusondelayo kukaGogi wakwaMagogi?
◻ Kungani ithemba lovuko lwabangu-144 000 liyingqayizivele, ikakhulukazi namuhla?