Hlala Ugxilile, Unqobe Emncintiswaneni Wokuphila
UMA bekungadingeka uhambe olwandle oluthukuthele, ubungakhetha ukuhamba ngani? Ubungafuna isikejana esilula noma umkhumbi oqinile, owakhiwe kahle? Akungabazeki ukuthi ubungakhetha umkhumbi, ngoba wona ungahamba kangcono emagagasini agubhayo.
Njengoba sidabula kulesi simiso sezinto esinezivunguvungu nezingozi, sibhekana nezinselele ezibangela ukukhathazeka. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi intsha ingase izizwe ididekile futhi ingalondekile phakathi kwemibono nezimfashini zaleli zwe eziphithanisa ikhanda. Abantu abasanda kuyiqala inkambo yobuKristu bangase bazizwe bengakazinzi kahle. Ngisho nabanye abagxilile asebeneminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ngokwethembeka kungenzeka babhekene novivinyo ngoba lokho ababekulindele akukafezeki ngokugcwele.
Imizwa enjalo ayimisha. Izinceku zikaJehova ezithembekile, njengoMose, uJobe, noDavide, zazizizwa zingaqiniseki ngezinye izikhathi. (Numeri 11:14, 15; Jobe 3:1-4; IHubo 55:4) Nokho, inkambo yazo yokuphila yayiphawuleka ngokuzinikela okungaxegi kuJehova. Isibonelo sazo esihle sisikhuthaza ukuba sibe abagxilile, kodwa uSathane uDeveli ufuna ukusiphambukisa emncintiswaneni wokuphila okuphakade. (Luka 22:31) Singahlala kanjani-ke sigxilile, ‘siqinile okholweni’? (1 Petru 5:9) Futhi singabaqinisa kanjani esikholwa nabo?
UJehova Ufuna Sibe Abagxilile
Uma sithembekile kuJehova, uyosisiza njalo ukuba siqhubeke sizinzile. Umhubi uDavide wabhekana nezimo eziningi eziyinselele, kodwa wathembela kuNkulunkulu futhi ngenxa yalokho wayengahlabelela: “[UJehova] wangenyusa emgodini odumayo, odakeni lwenzika. Khona-ke waphakamisela izinyawo zami edwaleni; wazimisa zaqina izinyathelo zami.”—IHubo 40:2.
UJehova usiqinisela ukuba silwe “ukulwa okuhle kokholo,” ukuze sikwazi ‘ukubambisisa ukuphila okuphakade.’ (1 Thimothewu 6:12) Usilungiselela nendlela yokuba siqhubeke sizinzile futhi sinqobe empini yethu engokomoya. Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu ayekanye nawo ukuba ‘aqhubeke ezuza amandla eNkosini nasebukhulwini bamandla ayo,’ futhi ‘agqoke zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze akwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.’ (Efesu 6:10-17) Kodwa yini engasiphazamisa singazinzi? Futhi singawachiliza kanjani amathonya anjalo ayingozi?
Qaphela Izici Ezenza Umuntu Angazinzi
Kuwukuhlakanipha ukukhumbula leli qiniso elibalulekile: Izinqumo esizenzayo zigcina zibe nethonya elihle noma elibi ekuzinzeni kwethu kobuKristu. Intsha ibhekene nezinqumo ngokuqondene nezinto ezinjengomsebenzi, imfundo eyengeziwe, nokushada. Abantu abadala kungase kudingeke banqume ukuthi bathuthele yini kwenye indawo noma bawuthathe yini umsebenzi wokwenezela. Nsuku zonke senza izinqumo mayelana nokusebenzisa isikhathi, nezinye izinto eziningi. Yini eyosisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile eziyosenza sizinze nakakhulu njengezinceku zikaNkulunkulu? Omunye umKristu ongumakad’ ebona wathi: “Lapho ngenza izinqumo ngicela usizo lukaJehova. Ngikholwa ukuthi kubalulekile ukwamukela nokusebenzisa iseluleko esinikezwa eBhayibhelini, emihlanganweni yobuKristu, esinikezwa abadala, nasezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini.”
Lapho senza izinqumo, kuhle sizibuze: ‘Eminyakeni emihlanu noma eyishumi ukusuka manje, ngiyobe ngisajabula yini ngezinqumo engizenza namuhla, noma ngiyozisola ngazo? Ngiyazama yini ukuqiniseka ukuthi izinqumo zami ngeke zingenze ngingazinzi ngokomoya kodwa ziyonezela entuthukweni yami engokomoya?’—Filipi 3:16.
Ukunqotshwa yizilingo noma ukuvuma ukuba badlalele eduze nokuphula imithetho kaNkulunkulu kuye kwenza abanye abantu ababhapathiziwe baphila ukuphila okungazinzile. Abambalwa abaye baxoshwa ebandleni ngenxa yokuphishekela inkambo yesono bengaphenduki baye basebenza kanzima ukuze babuyiselwe, kodwa baphinde basuswe ekuhlanganyeleni—ngezinye izikhathi ngesikhashana nje—ngenxa yokona okuthi akufane. Kungenzeka yini ukuthi abazange bathandazele usizo lukaNkulunkulu ‘lokwenyanya okubi babambelele kokuhle’? (Roma 12:9; IHubo 97:10) Sonke kudingeka ‘siqhubeke senzela izinyawo zethu izindlela eziqondileyo.’ (Hebheru 12:13) Ngakho, ake sihlole amaphuzu athile angasisiza sihlale sizinzile ngokomoya.
Qhubeka Ugxilile Ngemisebenzi YobuKristu
Enye yezindlela zokuhlala sizinzile emncintiswaneni wethu wokuphila iwukuba nokuningi kokukwenza emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Yebo, inkonzo yethu yobuKristu iwusizo olubalulekile ekugcineni izinhliziyo nezingqondo zethu zigxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu nasemklomelweni wokuphila okuphakade. Mayelana nalokhu, uPawulu wanxusa abaseKorinte: “Bazalwane abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi ninokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi umshikashika wenu awulona ize eNkosini.” (1 Korinte 15:58) Ukuba ‘ogxilile’ kusho ‘ukunamathela uqine kokuthile.’ Ukuba ‘ongenakunyakaziswa’ kungasho ‘ukungavumi ukususwa lapho uboshelwe khona.’ Ngakho, ukuba matasa enkonzweni yethu kungaba ithonya elizinzisayo enkambweni yethu yobuKristu. Ukusiza abanye ukuba bazi uJehova kwenza ukuphila kwethu kube nenjongo futhi kusilethela injabulo.—IzEnzo 20:35.
UPauline, umKristu oseneminyaka engaphezu kwengu-30 eyisithunywa sevangeli enza neminye imisebenzi yokushumayela isikhathi esigcwele, uthi: “Inkonzo iyisivikelo ngoba ukushumayeza abanye kuyangiqinisekisa ukuthi ngiseqinisweni.” Ukuqiniseka okufanayo futhi kubangelwa ukuhlanganyela njalo nakweminye imisebenzi yobuKristu, njengokuya emihlanganweni yokukhulekela nokuqhuba isifundo seBhayibheli somuntu siqu ngenkuthalo.
Ukuzinziswa Ubuzalwane Obunothando
Ukuba yingxenye yenhlangano yomhlaba wonke yabakhulekeli beqiniso kungaba ithonya elinamandla elisenza sizinze. Yeka isibusiso okuyiso ukuhlanganyela nabazalwane bomhlaba wonke abanothando kangaka! (1 Petru 2:17) Futhi singaba yithonya elenza esikholwa nabo bazinze.
Cabanga ngezenzo zosizo zendoda eqotho enguJobe. Ngisho nomduduzi-mbumbulu u-Elifazi waphoqeleka ukuba avume: “Noma ubani okhubekayo, amazwi akho ayemvusa; namadolo abesephelelwa ngamandla ubuwaqinisa.” (Jobe 4:4) Siqhuba kanjani thina kulesi sici? Ngabanye sinomthwalo wemfanelo wokusiza abafowethu nodadewethu abangokomoya ukuba bakhuthazele enkonzweni kaNkulunkulu. Ekusebenzelaneni kwethu nabo, singenza ngokuvumelana nomoya wala mazwi: “Qinisani izandla ezibuthakathaka, nenze amadolo axegayo aqine.” (Isaya 35:3) Ngakho kungani ungakwenzi umgomo wakho ukuqinisa nokukhuthaza umKristu oyedwa noma ababili njalo lapho uhlangana nabo? (Hebheru 10:24, 25) Amazwi akhuthazayo okuncoma nokubonga ngemizamo yabo yokuqhubeka bejabulisa uJehova ingabasiza ngempela ukuba bahlale begxilile benombono wokuphumelela emncintiswaneni wokuphila.
Abadala abangamaKristu bangenza lukhulu ngokukhuthaza abasanda kuhlanganyela. Lokhu kungase kube ngokunikeza ukusikisela okuwusizo neseluleko esinengqondo esingokomBhalo nangokusebenza nabo enkonzweni yasensimini. Umphostoli uPawulu wayewasebenzisa njalo amathuba okuqinisa abanye. Wayelangazelela ukubona amaKristu eRoma ukuze asize ekuwaqiniseni ngokomoya. (Roma 1:11) Abafowabo nodadewabo abathandekayo baseFilipi wayebabheka ‘njengenjabulo nomqhele wakhe’ futhi wabakhuthaza ukuba ‘bame beqine ngale ndlela eNkosini.’ (Filipi 4:1) Lapho ezwa ngezinkinga zabafowabo eThesalonika, uPawulu wathumela uThimothewu ukuba ‘abaqinise futhi abaduduze, ukuze kungabikho muntu onyakaziswa izinsizi.’—1 Thesalonika 3:1-3.
Umphostoli uPawulu noPetru bayivuma futhi bayazisa imizamo yokwethembeka yabakholwa nabo. (Kolose 2:5; 1 Thesalonika 3:7, 8; 2 Petru 1:12) Nathi masingagxili ebuthakathakeni babafowethu, kunalokho masigxile ezimfanelweni zabo ezinhle nasekuphumeleleni kwabo ukulwela ukuhlala begxilile futhi badumise uJehova.
Uma sinombono ophambene noma sigxeka, singase sikwenze kube nzima nakakhulu kwabanye ukuhlala beqinile okholweni, sibe singaqondile. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukukhumbula ukuthi abafowethu ‘baphundlekile futhi bahlakazekile’ kulesi simiso sezinto! (Mathewu 9:36) Balindele ngakhona ukuthola induduzo nokuqabuleka ebandleni lobuKristu. Kwangathi-ke sonke singenza konke okusemandleni ukuze sibakhe esikholwa nabo futhi sibasize bahlale begxilile.
Ngezinye izikhathi abanye bangase basiphathe ngendlela enganciphisa ukugxila kwethu. Ingabe siyovumela amazwi okhahlo noma isenzo esingenamusa sisithene amandla enkonzweni yethu kuJehova? Kwangathi singevumele muntu asenze siyeke ukuba abagxilile!—2 Petru 3:17.
Izithembiso ZikaNkulunkulu—Ithonya Elisenza Sizinze
Isithembiso sikaJehova sekusasa elimangalisayo ngaphansi kokubusa koMbuso lisinika ithemba elisisiza sihlale sigxilile. (Hebheru 6:19) Futhi ukuqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyazifeza njalo izithembiso zakhe kusishukumisela ukuba ‘sihlale siphapheme futhi sime siqinile okholweni.’ (1 Korinte 16:13; Hebheru 3:6) Lokho okubonakala kuwukwephuza kokugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu kungase kuvivinye ukholo lwethu. Ngakho, kubaluleke kakhulu ukuba siqaphe singadukiswa izimfundiso zamanga sigudluke ethembeni lethu.—Kolose 1:23; Hebheru 13:9.
Isibonelo esibi sama-Israyeli abhubha ngoba engenalo ukholo ezithembisweni zikaJehova kufanele sibe isixwayiso kithi. (IHubo 78:37) Kunokuba sibe njengawo, kwangathi singaba abagxilile, sikhonze uNkulunkulu ngomuzwa wokuphuthuma kulezi zinsuku zokugcina. Omunye umdala ongumakad’ ebona wathi: “Ngiphila usuku ngalunye njengokungathi usuku olukhulu lukaJehova luzofika kusasa.”—Joweli 1:15.
Yebo, usuku olukhulu lukaJehova luseduze. Nokho, akukho lutho okudingeka silwesabe uma nje sihlala siseduze noNkulunkulu. Uma sinamathela ngokuqinile ezindinganisweni zakhe zokulunga futhi sihlala sigxilile, singawugijima ngempumelelo umncintiswano wokuphila okuphakade!—IzAga 11:19; 1 Thimothewu 6:12, 17-19.
[Isithombe ekhasini 23]
Ingabe wenza konke ongakwenza ukuze usize amanye amaKristu ukuba ahlale egxilile?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 21]
The Complete Encyclopedia of Illustration/J. G. Heck