Ngaso Sonke Isikhathi Yibani Nokuningi Enikwenzayo
1 Abantu bakaJehova bangabantu abamatasa. Sinezibopho eziningi ezimayelana nemikhaya yethu, umsebenzi wokuziphilisa, nesikole. Ngaphezu kwakho konke, kuhlale ‘kunokuningi kokwenziwa emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) Kufanele sibe khona masonto onke emihlanganweni yebandla futhi siyilungiselele. Sikhuthazwa ukuba singavumi kuphele isonto singazange sihlanganyele enkonzweni yasensimini. Kufanele njalo kubekelwe eceleni isikhathi esanele sesifundo seBhayibheli somuntu siqu nesomkhaya. Abadala nezinceku ezikhonzayo banezabelo eziningi zebandla. Ngezinye izikhathi siye sicelwe ukuba sisize abaswele abalufanelekelayo usizo.
2 Ngezinye izikhathi, abanye bethu bangase bazizwe bekhungathekile ngenxa yakho konke okufanele bakwenze. Nokho, abantu abamatasa kakhulu bangaba phakathi kwabajabula kakhulu uma kunokulinganisela nombono oqondile.—UmSh. 3:12, 13.
3 Umphostoli uPawulu wayenokuningi kokukwenza. Ngesikhathi enakekela izidingo zakhe ngokwenza umsebenzi wokwakha amatende, wayezikhandla ngaphezu kwabanye abaphostoli. Wasebenza ngokungakhathali njengomvangeli, eshumayela obala nasendlini ngendlu, kuyilapho engayidebeseleli imithwalo yakhe yemfanelo njengomelusi womhlambi. (IzE. 20:20, 21, 31, 34, 35) Naphezu kwesimiso sakhe esimatasa, uPawulu wayekushisekela njalo ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova.—Qhathanisa neyabaseRoma 1:13-15.
4 UPawulu walondoloza ukulinganisela kwakhe nenhliziyo ejabulayo ngokuncika kuJehova ukuze athole amandla. Inkonzo yakhe wayithola inomvuzo futhi yanelisa. (Fil. 4:13) Wayazi ukuthi uNkulunkulu wayengeke awukhohlwe umsebenzi wakhe. (Heb. 6:10) Injabulo yokusiza abanye ukuba bazi uJehova yayimnikeza amandla. (1 Thes. 2:19, 20) Ukuqiniseka ngokuthi ithemba lakhe elisekelwe eBhayibhelini lalizofezeka kwamshukumisela ukuba ahlale ekhuthele.—Heb. 6:11.
5 Kufanele sicabangele nobuhle obuba umphumela wokuzikhandla kwethu. Ukuba khona kwethu emihlanganweni yamasonto onke nokuhlanganyela kuyo kuyabakha abanye futhi kubakhuthaze. (Heb. 10:24, 25) Imizamo yethu eqotho yokubafinyelela bonke ngezindaba ezinhle iba nengxenye ekuthuthukeni kwebandla ngoba kuvuswa isithakazelo bese abanye abantu behlanganyela nathi. (Joh. 15:8) Ukusiza abanye abaswele kuthuthukisa ubunye, umoya onjengowomkhaya ebandleni. (Jak. 1:27) Ngaphezu kwalokho, njengoPawulu, masingalokothi sikhohlwe ukuthi ukuba matasa emisebenzini ezuzisayo kuyamjabulisa uJehova uNkulunkulu. Sikubheka njengelungelo elikhulu ukumkhonza. Kithi ayikho enye indlela engcono yokuphila!
6 Kunenye inzuzo yokuba nokuningi esikwenzayo. Lapho simatasa siphishekela isimiso esingokomoya esinempilo, isikhathi sibonakala sidlula ngokushesha. Siqaphela ukuthi usuku ngalunye oludlulayo lusiletha eduze nezwe elisha, sikwamukela ngenjabulo ukuphila okugcwele esikujabulelayo manje. Siyakuqaphela nokuhlakanipha kokuhlala simatasa, ngoba siba nesikhathi esincane sokuhileleka eminakweni yezwe eyize.—Efe. 5:15, 16.
7 Ngokuqinisekile, kunokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi. Kodwa singahlala sijabula uma siqhubeka sincika kuJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, owenza inkonzo yethu iqabule futhi ibe nomvuzo.—Math. 11:28-30; 1 Joh. 5:3.