‘Usuku LweNkosi’
“NGANGIKUMOYA ngosuku lweNkosi.” (IsAmbulo 1:10) Washo kanjalo umphostoli ogugile uJohane, njengoba kuboniswe ngenhla, esahlukweni sokuqala sencwadi yeBhayibheli yesAmbulo. Amazwi akhe asisiza ukuba sithole isikhathi sokugcwaliseka kwemibono emangalisayo aqhubeka nokuyichaza.
Nokho, akubona bonke abavumelana nalokuhunyushwa kwesAmbulo 1:10. Ngokwesibonelo, umhumushi weBhayibheli ongumJalimane uJörg Zink uhumusha kanje: “Ngangigcwele umoya ongcwele—kwakuyiSonto.” Nokho, izinguqulo eziningi zeBhayibheli zihumusha umshwana wesiGreki othi teiʹ ky·ri·a·keiʹ he·meʹrai ngokuthi “usuku lweNkosi.” Kodwa embhalweni waphansi eziningi zithi ubhekisela osukwini lwangeSonto. Ingabe lokhu kunembile?
IHerders Bibelkommentar yesiJalimane, incwadi yamaKatolika yezikhombo, ichaza isizathu salokhu kucabanga lapho ithi: “Lapha [kusAmbulo 1:10] akubhekiselwanga oSukwini Lokwahlulela Kokugcina, nalo olwaziwa ngokuthi ‘uSuku lweNkosi’, kodwa osukwini olukhethekile lweviki. AmaKristu okuqala ayeqala ukugubha usuku lokuqala lweviki njengosuku lwawo lwezinkonzo zesonto eziyinhloko ngisho namaphakathi kwekhulu lokuqala leminyaka. (IzE. 20:7; 1 Kor. 16:2)” Nokho, imibhalo emibili ekhonjwe yileyoncwadi yezikhombo ayikufakazeli nganoma iyiphi indlela ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala leminyaka ayebheka usuku lokuqala lweviki “njengosuku lwawo lwezinkonzo zesonto eziyinhloko.”
Umbhalo wokuqala, izEnzo 20:7, umane nje ulandisa ukuthi uPawulu, ababehamba naye, namaKristu aseTrowa bahlangana ndawonye ngosuku lokuqala lweviki ukuze badle isidlo. Njengoba uPawulu ayezohamba ngosuku olulandelayo futhi engasayikubuye ababone isikhathi esithile, wasisebenzisa ngokunenzuzo lesosenzakalo ukuba akhulume nabo kabanzi.
Umbhalo wesibili, eyoku-1 Korinte 16:2, wakhuthaza amaKristu eKorinte ukuba abekele eceleni imali “ngosuku lokuqala lweviki” ukuze abe nokuthile kokunikela kulabo abaswele eJudiya. Isazi uAdolf Deissmann sisikisela ukuthi lolosuku kungenzeka lwaluwusuku lomholo. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, ukusikisela kukaPawulu kwakuwusizo, njengoba imali yayingaphela phakathi neviki.
Akukho eBhayibhelini lapho kushiwo khona ukuthi amaKristu enkathini yabaphostoli ayebheka usuku lokuqala lweviki, manje olubizwa ngokuthi usuku lwangeSonto, njengohlobo oluthile lwesabatha lamaKristu, usuku olubekelwe eceleni ngokukhethekile ngenjongo yemihlangano yawo yasikhathi sonke yokukhulekela. Kwakungemva kokufa kwabaphostoli kuphela lapho usuku lwangeSonto lwaqala khona ukubhekwa ngalendlela futhi lwabizwa ngokuthi “usuku lweNkosi.” Lokhu kwakuyingxenye yokuhlubuka okwakubikezelwe uJesu nabaphostoli ngokwabo.—Mathewu 13:36-43; IzEnzo 20:29, 30; 1 Johane 2:18.
Khona-ke, luyini ‘usuku lweNkosi’? Umongo wesAmbulo 1:10 ukhomba kuJesu njengeNkosi lolusuku okuwusuku lwayo. IZwi likaNkulunkulu lihlanganisa amazwi anjengathi “ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu” nesikhathi sokwahlulelwa kwesintu nokubuyiselwa kwePharadesi.—1 Korinte 1:8; 15:24-26; Filipi 1:6, 10; 2:16.
Ngakho, uHans Bruns, enguqulweni yakhe enokukhulumela, ethi Das Neue Testament (ITestamente Elisha), unembile lapho ethi: “Abanye baphikelela ngokuthi [uJohane] lapha ukhuluma ngosuku lwangeSonto, kodwa kunokwenzeka kakhulu ukuthi wayebhekisela oSukwini lweNkosi olungokomfanekiso, lolo eqinisweni yonke incazelo yakhe elandelayo ephathelene nayo.” UW. E. Vine uthi: “‘USuku lweNkosi’ . . . luwuSuku lokubonakaliswa kwesahlulelo saKhe emhlabeni.” ILexikon zur Bibel (Isichazamazwi SeBhayibheli) kaFritz Rienecker ithi “usuku lweNkosi”; lubhekisela ngokucacile “osukwini lokwahlulela.”
Ukuqondwa okufanele kwamazwi athi ‘usuku lweNkosi’ kusisiza ukuba siyiqonde yonke incwadi yesAmbulo. Ngaphezu kwalokho, ubufakazi buwukuthi lolosuku seluqalile kakade. Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba ‘sizwe amazwi esiprofetho sesAmbulo futhi sigcine izinto ezilotshwe kuso’!—IsAmbulo 1:3, 19.
[Isithombe ekhasini 27]
Incazelo ecacile nehambisana nesikhathi yevesi ngalinye encwadini yesAmbulo iyanikezwa kwethi “IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!” Lensiza-kufundisa ethakazelisayo yeBhayibheli isiyatholakala ngezilimi ezingu-33