Inkonzo Ephumelelayo Eholela Kubafundi Abengeziwe
“Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe . . . abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza.”—EFESU 4:11, 12.
1. UKristu wazizwa kanjani ngabantu?
UKRISTU JESU wayengeyena unkom’ idla yodwa. Inkonzo yakhe yayigxile ngokuphelele kubantu. Ngokulandisa kwamavangeli amane cish’ ukuba uJesu ngaso sonke isikhathi wayenabantu. Ekuhambeni kwakhe wabona isimo sabo esingokoqobo futhi waba nesihe esijulile ngabo. Uma uyisikhonzi esingumKristu, ingabe uba nesihe ngabantu ohlangana nabo?—Mathewu 9:35, 36.
2. OFakazi BakaJehova basilingisa kanjani isibonelo sikaJesu?
2 Inkonzo yobuKristu namuhla kumelwe futhi ikuhlanganise nabantu. Ngokuqaphela leloqiniso, oFakazi BakaJehova banezingeniso ezishintshashintshayo enkonzweni yabo kuNkulunkulu. Kulo lonke izwe bangabonakala bekhuluma nabantu—emigwaqweni, emakhaya, ezindaweni zezitolo ezimatasa, ezitobhini zamabhasi naseziteshini zezitimela, ezindaweni zezimboni nezamabhizinisi. Noma kuphi lapho abantu betholakala khona, oFakazi balapho bakhonza njengabavangeli. Kungani kunjalo? Kungoba igama elithi “ivangeli” livela egameni lesiGreki elithi euaggelion, elisho “izindaba ezinhle.” NjengoKristu, noma imuphi ufakazi kaJehova ongumKristu kumelwe abe yisikhonzi sezindaba ezinhle, umvangeli. Ngakho-ke wonke ufakazi kumelwe futhi azihlanganise nabantu.—2 Thimothewu 4:5; Efesu 4:11, 12.
3. Iyiphi indlela ephumelela kakhulu yenkonzo yobuKristu?
3 Lomsebenzi wobuvangeli kumelwe wenziwe kanjani ngokuphumelelayo? Ingabe ukusebenzisa umsakazo ne-TV okwenziwa izinkolo eziningi kuyenelisa ngempela? Nokho, zibuze, Ingabe umsakazo ne-TV kungayiphendula imibuzo yakho ngalesosikhathi? Cha—ngendlela ethile, lokho kuyindlela yokukhulumisana yokungathintani nabantu. Inkonzo ephumelela ngokwengeziwe iseyilokho okwenziwa uJesu nabafundi bakhe, ukukhuluma ngokuqondile nabafuna iqiniso. Kodwa kufuna isikhathi nomzamo, lokho uPawulu akubonisa ngomfanekiso olula: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.”—1 Korinte 3:5-7.
4. Iziphi izinyathelo ezintathu ezihilelekile enkonzweni ephumelelayo?
4 Lamazwi asikisela izinyathelo ezintathu enkonzweni yobuKristu—ukutshala, ukuhlakula nokuvuna. Kanjani? Okokuqala kukhona “ukutshala,” ukuthintana ngokokuqala ngezindaba ezinhle zoMbuso. Khona-ke kulandele ukuhlakula, okuhlanganisa ukunisela okuye kwatshalwa. Kwenziwa kanjani lokho? Ngezingxoxo ezengeziwe zokuphendula imibuzo nokuqeda ukungabaza. Lokhu ngokuvamile kuholela esifundweni seBhayibheli esiqhutshwa njalo esigxilisa ngokujulile iqiniso leBhayibheli engqondweni yomuntu nasenhliziyweni; ngesibusiso sikaNkulunkulu, kuba khona ukukhula. Umphumela wokugcina uwukutholakala komunye umfundi okhuthele kaKristu Jesu, esinye isikhonzi. Manje sonke njengezikhonzi singaba naso kanjani lesosibusiso esijabulisayo sokuzuza umfundi?
5. Yini eyosisiza ukuba sibe yizikhonzi eziphumelelayo?
5 Njengoba isihloko sethu sangaphambili sibonisile, uJesu wafundisa abafundi bakhe indlela ewusizo yokwenza inkonzo yabo. Futhi uPawulu wakhuluma ‘ngokuhamba kwakhe okukuKristu.’ (1 Korinte 4:17) Uchungechunge lwamabandla asiza ekuwamiseni eAsia Minor naseGrisi awubufakazi obusobala bempumelelo yakhe. Kakade sesiye sahlanganisa ezinye zezindlela zakhe (nezikaJesu), kodwa ingabe zikhona ezengeziwe ezingasetshenziswa ngokuphumelelayo namuhla?
Siyini Isisekelo? Nesigijimi?
6. Kumelwe sibe yini isisekelo senkonzo yethu?
6 Isigijimi sobuKristu kumelwe sisekelwephi? Ekuhlakanipheni kwabantu nolwazi lwabo? Incwadi kaPawulu kuThimothewu isinikeza impendulo ekhanyayo: “Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho, wazi ukuthi . . . kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube-yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa.” Ngokusobala, iBhayibheli, iZwi likaNkulunkulu, kumelwe libe isisekelo senkonzo yethu.—2 Thimothewu 3:14-17.
7, 8. UJesu noPawulu basibeka kanjani isibonelo ekusebenziseni imibhalo?
7 Kulokhu uKristu Jesu wabeka isibonelo—ngokuphindaphindiwe wacaphuna imiBhalo; nomphostoli uPawulu wenza okufanayo. Ngokwesibonelo, ingabe wafika eThesalonika wafundisa ulwazi lwamaGreki? Cha, njengoba umlando usitshela: “Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni, ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke, avuke kwabafileyo.”—IzEnzo 17:1-3.
8 Waba yini umphumela? ‘Abanye bakholwa.’ Ngakho-ke, ngokulandela indlela kaPawulu, ukushumayela kwethu namuhla kumelwe kusekelwe eZwini likaNkulunkulu. Kungakho sinesihloko sengxoxo seBhayibheli esisikiselelwe inkonzo yethu. Ngaleyondlela iqiniso leZwi likaNkulunkulu lingafinyelela inhliziyo yalabo abasiphaphamele isidingo sabo esingokomoya.—IzEnzo 17:4.
9, 10. (a) Kumelwe sibe yini isihloko sokushumayela kwethu namuhla? (b) Nikeza izibonelo ngokwenkonzo kaPawulu.
9 Manje umbuzo olandelayo yilona, Siyini isigijimi okumelwe sisishumayele? Nokho, sasiyini isihloko senkonzo kaKristu? UJesu wayekwazi kahle ayekuthunyiwe, ngoba wathi: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.” Ebhekisela ezinsukwini zokugcina zesimiso sethu samanje wathi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—Luka 4:43; Mathewu 24:14.
10 Ukugcizelela okufanayo kutholakala ekushumayeleni kukaPawulu. Ngokwesibonelo, kumaJuda esinagogeni “wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba-ntathu, eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.” AbaseRoma, “wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu.” Ngakho-ke “umbuso kaNkulunkulu” kumelwe ube isisusa esisishukumisela enkonzweni yethu yobuKristu namuhla.—IzEnzo 19:8; 28:23, 31.
Ingabe Uyahlasela Noma Uyakhanga?
11. Abantu ngokuvamile basabela kanjani uma bebhekene noFakazi, futhi singabhekana kanjani nalokho? (IzEnzo 17:17, 18)
11 Ekhulwini lokuqala, abantu babehlukene ngokwenkolo, ngokohlanga nobuzwe njengoba nje benjalo nanamuhla. (IzEnzo 2:7-11) Lokho kusho ukuthi abantu abaningi banemicabango yabo siqu abasuke sebeyicabange ngaphambili uma kuziwa ezindabeni zenkolo. Ngokuvamile bazizwa besongelwa futhi bafune ukuzivikela uma behlangana noFakazi. Singakushintsha kanjani lokho? Ngokusebenzisa umusa, ukuhlakanipha nokuzifanelanisa.
12, 13. UPawulu wakhuluma kanjani nabakhulekeli bezithixo eAthene? Basabela kanjani?
12 Phawula indlela uPawulu asingatha ngayo isimo kwabaseAthene ababekhulekela izithixo. Ukusabela kwakhe kokuqala ekuboneni izithixo eziningi kangaka kwaba okokucasuka. Lapho esukuma ukuba akhulume eAreyophagu, ingabe wakuhlasela ngokushesha ukukhulekela kwabo izithixo? Isingeniso sakhe sasithi: “Madoda aseAthene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu. Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana nealtare okulotshwé kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.”—IzEnzo 17:16-23.
13 Ingabe uPawulu wazixosha izilaleli zakhe ngalesosethulo? Lutho neze! Wabangena ngokuhlakanipha, hhayi ngobushiqela. Akazange abasole, ngisho nakuba ngokombono kaNkulunkulu ukukhulekela kwabo kwakuyize. Wayelapho ukuze ashumayele isigijimi soMbuso, hhayi ukubahlasela. Wayiqaphela imizwa yabo eqinile yenkolo futhi wayisebenzisa njengendlela yokudlulela esihlokweni sakhe sikaNkulunkulu weqiniso nommeleli waKhe, uJesu ovusiwe. Waba yini umphumela walesisingeniso sokuhlakanipha? Nokho, nakuba abanye bahleka, “abanye bathi: Siyakuphinda sikuzwe ngaleyondaba.” Yebo, wamenywa ukuba enze impindelo!—IzEnzo 17:22-32.
14. Singasisebenzisa kanjani isibonelo sikaPawulu enkonzweni yethu?
14 Singayisebenzisa kanjani lendlela enkonzweni yethu namuhla? Okokuqala, kumelwe siqaphele ukubheka izimpawu ezisobala zombono womuntu ngenkolo—mhlawumbe ezintweni ezithile zenkolo aembethe noma ezibonakala emnyango noma kuvulandi ekhaya. Kanjalo, njengoba uPawulu enza, singaba nomqondo omuhle ngombono womunye umuntu ngenkolo. Lokhu kuyosiholela esingenisweni sobungane, esivusa isithakazelo kodwa esingenakho ukuphikisana. Khumbulani ukuthi simvakashele ngokuyinhloko ukuze sikhulume naye ngoMbuso kaNkulunkulu—hhayi ukuhileleka zisuka nje engxoxweni yezimfundiso. Sifuna ukuzuza abantu, hhayi ukuphumelela empikiswaneni.—Qhathanisa no-2 Thimothewu 2:23-26.
15. Iziphi ezinye izifundo ezinhle esingazifunda enkonzweni kaJesu? (Luka 10:38-42)
15 Yini enye esingayifunda esibonelweni sikaKristu? Uma sihlola inkonzo yakhe simelwe siqaphele ukholo lwakhe nobulula. Wayengaphazanyiswa yinoma isiphi isimo kodwa wakhuluma ngenxa yombuso kaNkulunkulu kuzo zonke izimo, ezinhle noma ezimbi. Wayeshumayela emakhaya noma ame phambi kwezixuku anikeze intshumayelo—ngaphandle kwamazwi alotshwe phansi, iBhayibheli noma umbhobho wokukhuluma! Futhi wayenekhono lokwakha ubungane nabantu. Abantu abaphansi baba nomuzwa wokuthi bangaya kuye. Wayekhuluma ulimi lwabo ekhuluma ngamasimu nezivuno, amanetha nokudoba. Imifanekiso yakhe yayilula kakhulu ngisho nakuba incazelo yayo yayijulile. Ingabe sibonisa lezozimfanelo ezifanayo ezinhle enkonzweni yethu?—Mathewu 4:18-25; 13:1-33; Luka 5:1-3.
Indlela Yokufinyelela Inhliziyo
16. Kungani kumelwe sibe abafundisi abafanelekayo?
16 Ngokuvamile kufuna isikhathi nokutadisha ngokunakekela ngomuntu ukuba aqiniseke ngesigijimi seBhayibheli ngoMbuso kaNkulunkulu. Kungakho sinelungiselelo lezifundo zeBhayibheli zasemakhaya eziqhutshwa njalo, ngaphandle kwenkokhelo noma isibopho esithile, nanoma ubani ofuna ukuhlola izithembiso zikaNkulunkulu ngoKristu. Izifundo ezinjalo zithatha isikhathi esijana futhi zihlanganisa izihloko eziningi nemibuzo. Lokhu ngokuqinisekile kusho ukuthi kumelwe sibe abafundisi abafanelekayo. Kodwa siyini ngempela isisekelo sokufundisa?—1 Thimothewu 4:16.
17. Iyiphi enye indlela uJesu ayisebenzisa ekufinyeleleni inhliziyo?
17 Siphendukela kuJesu futhi ukuze sithole impendulo. Wafundisa kanjani? Sicela uhlole imibhalo elandelayo futhi ubone uma ungakwazi ukubona indlela kaJesu elula yokufundisa abanye: Luka 6:9, 32-34, 39-42. Yayiyini? Wayebuza imibuzo yokuhlakanipha. Kungani enza lokho? Ukuze asize izilaleli zakhe zicabange futhi zizihlole ngokukhanyiselwa izimfundiso zakhe. Ngemibuzo yakhe wafinyelela izinhliziyo zazo ngokuhlakanipha. Kwakumelwe zibonise ukuthi zazifuna ngempela ukuba abalandeli bakhe noma ukuthi izisusa zazo ekulaleleni zazingezobuqotho yini.—Mathewu 13:10-17; Marku 8:34-38.
18. (a) Kungani oFakazi BakaJehova besebenzisa imibuzo kangaka ezincwadini zabo? (b) Iyiphi indlela okungamelwe isetshenziswe kakhulu ekufundiseni abanye?
18 Cishe zonke izincwadi zokutadisha iBhayibheli oFakazi BakaJehova abazisebenzisayo enkonzweni yabo zinemibuzo esigabeni ngasinye esisendabeni. Lokhu kuwusizo lokufunda olusiza labo abatadisha iBhayibheli ukuba bazikhulumele ngamazwi abo siqu. Khona-ke kuba sobala noma umuntu uyayiqonda indaba noma cha. Nokho, nakuba uJesu ayebuza imibuzo ezikhathini eziningi, akazange akwenze kube umdlalo wokuqagela ngokunikeza igama lokuqala noma isiqalo segama eliyimpendulo. Ingabe ngezinye izikhathi uye wazithola wenza lowomkhuba ezifundweni ezithile zeBhayibheli? Kungani kungeyona indlela enhle yokusetshenziswa njalo? Kungoba ulwazi ngoNkulunkulu noKristu oluholela ekusindisweni kumelwe lusekelwe ezizathwini nasekuqondeni, hhayi ekuqageleni okuncane.—Johane 17:3; 1 Johane 5:20.
Abafundi Bakabani?
19, 20. Isiphi isixwayiso esidingekayo lapha? Ngani?
19 Kuleliqophelo kudingeka isixwayiso. Uma sishumayela futhi sifundisa ngokuphumelelayo ensimini ekhiqizayo, ekugcineni siveza abafundi. Kodwa bangabafundi bakabani? Ingabe kumelwe sicabange ukuthi “bayizimvu zami”? Ingabe kumelwe sizivumele njengezikhonzi ukuba sibekwe esihlalweni sodumo? Phawula indlela uPawulu noBarnaba abasabela ngayo lapho abantu baseListra befuna ukubaphatha njengonkulunkulu. Bakhuza isixuku: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphe-ndukele kuNkulunkulu ophilayo.”—IzEnzo 14:14, 15.
20 UPawulu noBarnaba abazange bazame ukudonsela ukunakekela kubo. Ngisho nakuba uPawulu aluleka amaKristu ukuba amlingise njengoba ayelingisa uKristu, akazange afune ukuba abe ngabalandeli bakhe. Inkonzo esiyenzayo kumelwe ngaso sonke isikhathi ibe ukudumisa uNkulunkulu, hhayi abantu.—1 Korinte 3:6, 7; 11:1.
21. Kungani abafundi nabo beba izikhonzi?
21 Ngokuhamba kwesikhathi, abafundi baba yizikhonzi. Kungani kwenzeka lokho? Nokho, yini eyenzekayo uma sinezindaba ezinhle ngempela okumelwe sizixoxe? Ingabe singazigcina kithi? Ngokuphambene, sizidlulisela komunye. Njengoba uJesu asho: “Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, . . . ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” Kunjalo-ke nangezindaba ezinhle zoMbuso. Umfundi othintekile enhliziyweni yakhe ufuna ukufundisa abanye futhi ahlanganyele enkonzweni njalo nangokuzithandela. Kulandela ukuzinikezela kuNkulunkulu nokubhapathizwa. Ngaleyondlela uchungechunge oluziphindayo lwezikhonzi luyaqhubeka, ngokuvumelana nesimiso seseluleko sikaPawulu kuThimothewu: “Lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba-namandla okufundisa nabanye.”—Luka 6:45; 2 Thimothewu 2:2.
22. (a) Kungani uJehova eye wenza inhlangano yabafundisi nabavangeli? (b) Imuphi umsebenzi wesikhathi esizayo okusamelwe wenziwe?
22 Namuhla, kuwo wonke umhlaba, uJehova uNkulunkulu unenhlangano eqeqeshwe kahle kakhulu yabafundisi, abavangeli, izikhonzi zekhulu lama-20. Abangaphezu kwezi-2 600 000 babo bahlanganyela ekufakazeni kokugcina okunikezwayo ngaphambi kokuba ukuphela kwalesisimiso esibi kufike. Kodwa leliqembu elandayo lenziwa lilungele inselele enkulu ngokwengeziwe—ukufundiswa kwezigidigidi eziyovuswa. Ingabe ukulungele ukuhlanganyela elungelweni elimangalisa kanjalo? Ingabe inkonzo yakho ingekhiqizayo manje? Makube umthandazo wethu ukuba ukukhanya kwethu kukhanye kuphumele ekudunyisweni kukaNkulunkulu, njengoba sikhonza njengezikhonzi eziphumelelayo.—Mathewu 5:16; Johane 5:28, 29.
Amaphuzu Oye Wawahlanganisa
◻ Iyiphi indlela ephumelela kakhulu yokushumayela izindaba ezinhle?
◻ Ukufundisa kwethu kumelwe kusekelwephi? Kunasiphi isigijimi?
◻ Iziphi izimfanelo ezidingekayo zokwenza abantu basilalele?
◻ UJesu wayifinyelela kanjani inhliziyo yezilaleli zakhe?
◻ Ikuphi ukuqapha okudingekayo ekufundiseni kwethu abanye?
[Isithombe ekhasini 26]
OFakazi BakaJehova bashumayela noma kuphi lapho abantu betholakala khona
[Isithombe ekhasini 28]
Uma sifakaza, kumelwe siphawule izimpawu zenkolo yomuntu