Lapho Ufundisa, Finyelela Inhliziyo
1, 2. (a) Kudingani ukwakha kwabanye ukwazisa okujulile ngoJehova nezimiso zakhe? (b) Kungani kudingeka okungaphezu nje kolwazi lwasekhanda?
NAKUBA ungenza umsebenzi osheshayo wokwakha indlu yotshani, ngokuqinisekile awunakuyakha ngosuku indlu yobukhosi. Kungokufanayo nasekwenzeni abafundi. Akuwona umsebenzi omncane ukwakha kwabanye ukwazisa okujulile ngoJehova nezimiso zakhe. Kuthatha isikhathi esiningi nekhono ukuveza “izindlu zobukhosi” ezinjalo.
2 Ukuze kufezwe lokhu, kuhileleke okungaphezu kokudlulisela ulwazi. Njengoba izAga 3:1 zisho: “Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.” Esibafundelayo kumelwe bafundiswe lokho iBhayibheli elikushoyo. Kodwa ngaphezu kwalokho, kumelwe kugcizelelwe iqiniso leBhayibheli ezinhliziyweni zabo. Yebo, inhliziyo okumelwe siyifinyelele uma sizokwakha izimfanelo ezingashi kulabo esibafundisayo, sibasize babe nobuhlobo obuqinile noJehova uNkulunkulu.
3. (a) Kungani “ikhono lokufundisa” lifeza okukhulu ekufinyeleleni inhliziyo yomfundi? (b) Njengoba sicabangela okunye ukusikisela okuwusizo, obani okumelwe ucabange ngabo?
3 Ngokukhanyayo, kulula ukukhuluma ngalokhu kunokukwenza. Ukuze sifinyelele izinhliziyo akumelwe nje kuphela sibe nezinto zokwakha ezifanelekile kodwa futhi kumelwe sisebenzise “ikhono lokufundisa.” (2 Thimothewu 4:2, NW) Akwanele ukubatshela nje ngeqiniso esibafundelayo. Kunalokho, “ikhono lokufundisa” lihilela ukubasiza ukuba bacabange nokuba bazindle ngalokho abakufundayo. Akukhona ukuthi ukuhlakanipha kwethu noma amasu kungaveza ukukhula ngokomoya; isibusiso sikaNkulunkulu esisebenzayo. (1 Korinte 3:5, 6) Nokho, kukhona ukusikisela okumbalwa okungasisiza ukuba sifinyelele izinhliziyo zabanye. Njengoba sicabangela lamaphuzu, cabanga ngalabo obafundisayo—obafundela iBhayibheli nabantabakho.
Beka Isibonelo Esihle
4. (a) Iyiphi enye into eyenza ukuba uJesu aphumelele ekufinyeleleni abanye? (b) Kungani kubalulekile ukubeka isibonelo esihle lapho sifundisa abanye?
4 Isiphi isibonelo esingcono esingaba naso sendlela yokufinyelela izinhliziyo zabanye kunoJesu Kristu ngokwakhe? Kungani ayephumelela kangaka ekufinyeleleni abantu? Ngesizathu esisodwa, uJesu wayekwenza lokho ayekufundisa, enikeza isibonelo esiqotho kubalandeli bakhe ukuba basilingise. (Johane 13:15; 1 Petru 2:21) Khona-ke, lokhu ukusikisela kokuqala: beka isibonelo esihle. Akukhona yini okunengqondo ukuthi kumelwe sibe nezifanayo izimfanelo zobuKristu ezihlala njalo esifisa ukuzakha kwabanye? Kunjengoba uJesu ekubeka: “Noma yimuphi umfundi oqeqeshwe kahle uyofana nomfundisi wakhe.”—Luka 6:40, The New Berkeley Version.
5. ImiBhalo ikubonisa kanjani ukuhlangana phakathi kokubeka isibonelo esihle nokufinyelela izinhliziyo zabanye?
5 IBhayibheli libonisa ngokuphindaphindiwe ukuhlangana phakathi kokubeka isibonelo esihle nokufinyelela izinhliziyo zabanye. Ngokwesibonelo, uDuteronomi 6:4-6 ubonisa ukuthi uthando ngoJehova kumelwe lube ‘senhliziyweni yakho [yomzali]’ ngaphambi kokuba ulungenise ezinhliziyweni zabantabakho. (IzAga 20:7) Uma kuqhathaniswa, uJesu wabasola abaFarisi abazenzisayo bosuku lwakhe ngoba ‘babekhuluma kodwa bangenzi.’ Ingabe kuyamangalisa ukuthi inhliziyo yabantu yayiye ‘yabalukhuni’?—Mathewu 23:3; 13:13-15.
6. Kungani kubalulekile ngawe ukuphila ngokuvumelana nalokho okufundisayo? (Roma 2:21-23)
6 Ngakho-ke kumelwe kube nokuvumelana phakathi kwalokho okufundisayo nokwenzayo. Ngokwesibonelo, uma ufisa ukwakha kobafundelayo noma kubantabakho uthando ngoJehova nesifiso sokumthokozisa, khona-ke ingabe akumelwe yini bakwazi ukubona ngemithandazo yakho, inkulumo nezenzo ubufakazi bothando olunjalo nesifiso kuwe? Uma ufuna ukungenisa ukuzinikela okunamandla ezimisweni zeBhayibheli, ingabe akumelwe yini okokuqala babone ukuthi wena, ngamazwi akho nangezenzo, awuzami ukweqa lezozimiso? Labo esibafundisayo, ikakhulukazi abantabethu, ngokuvamile baqaphela kakhulu esikwenzayo kunalokho esikushoyo. Uma abanye bebona ukuthi siphila ngokuvumelana nesikufundisayo, siyoba sesimweni esingcono sokufinyelela izinhliziyo zabo.
Buza Imibuzo
7, 8. (a) Ixhomeke kuphi impumelelo yethu enkulu ekufinyeleleni abanye? (b) Kungani imibuzo iwusizo ekufinyeleleni inhliziyo?
7 Ukusikisela kwesibili, okunye okwenza uJesu waba umfundisi ophumelela kanjalo, ukusebenzisa imibuzo. UJesu wayeyingcweti ekwenzeni abantu bacabange futhi bazindle. (Mathewu 17:24-27) Impumelelo yakho enkulu ekufinyeleleni izinhliziyo zalabo obafundisayo ixhomeke ekusebenziseni kwakho imibuzo. Ngani?
8 Okokuqala, ngokubuza imibuzo ungabona noma umfundi wakho ngempela uyakuqonda yini akufundayo. Kakade, uma engakuqondi futhi engakwamukeli lokho kwaziswa, kungenzeka kanjani ukuba kugxile enhliziyweni yakhe? (Luka 8:15) Okwesibili, ukuze ufinyelele inhliziyo kuwusizo ukwazi okusenhliziyweni. Imiqondo yangaphambili nezimfundiso ezingamanga zenkolo kungenzeka kugxile kakhulu. Njengoba singenakuyifunda inhliziyo, sidinga ukubuza imibuzo ikakhulukazi ezokwenza umfundi azikhulumele ngamazwi akhe lokho akucabangayo enhliziyweni yakhe. Cabangela ezinye izibonelo.
9, 10. Bonisa ukusetshenziswa okuphumelelayo kwemibuzo yemibono.
9 Ake sithi nixoxa ngesahluko 10, “Imimoya Emibi Inamandla,” encwadini Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Nifika esigabeni 18, ekhasini 97, lapho umbuzo onyathelisiwe uthi, “Isiphi isibonelo samaKristu okuqala e-Efesu esihle ukuba silandelwe uma umuntu efuna ukukhululeka emimoyeni?” Omfundelayo angase aphendule kahle ngokwesigaba, kodwa uzizwa kanjani ngempela? Mhlawumbe wayeyisebenzisa imimoya iminyaka eminingi futhi wakholelwa kakhulu kuyo. Uma kunjalo, ingabe manje uyabona ukuthi kumelwe akhululeke kuyo? Kungase kudingeke ubuze: ‘Uzizwa kanjani ngalokhu? Ungakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa ekuphileni kwakho?’ Indlela manje aphendula ngayo ingase ibonise izinga ukwaziswa okuye kwathinta ngalo inhliziyo yakhe.
10 Uma sicabangela esinye isibonelo, kungenzeka ufunda nomntanakho isahluko 26, “Ukulwela Ukwenza Okulungileyo,” encwadini efanayo. Ekhasini 220, umbuzo “b” wesigaba 8 uthi, “Yimuphi umbono okungaba ukuhlakanipha ukuba nawo, njengoba wavezwa ngomusha othile?” Umntanakho okokuqala angase aphendule okusesigabeni, engavezi ngempela umuzwa wakhe. Kungase kudingeke ukuba ngomusa umphande kancane: ‘Kodwa uzizwa kanjani ngalokhu? Ingabe lombono ubonakala unengqondo kuwe?’ Noma ungase uphakamise isimo: ‘Ake sithi intsha ethile esikoleni ibibhema yabe isikunikeza ugwayi? Kuthiwani uma idlanzana labanye belikubhekile futhi laqala ukuhlekisa ngawe ngoba ungazange uvume? Yini obungayenza?’ Uma isetshenziswa ngokuhlakanipha, imibuzo enjalo ingakusiza ukuba ubone ukuthi yini esenhliziyweni yomntanakho.
11. (a) Kungani ukuxwaya kudingekile uma sisebenzisa imibuzo? (b) Kungani abazali ngokukhethekile kudingeka baqaphe lapho abantwana babo beveza imibono engalungile? (Kolose 3:21)
11 Nokho, nasi isixwayiso. Ngezinye izikhathi imibuzo enjalo ingase ilethe izimpendulo ezikumangazayo noma ezikudumazayo. Kuthiwani-ke? Uma kuyindaba ethinta imizwelo kalula, kungase kube ngcono ukungayiphoqeleli impikiswano kodwa uthi: ‘Ake siqhubeke okwamanje. Sizobuye sikhulume ngalokhu ngesinye isikhathi.’ (Johane 16:12) Ukuqapha okunjalo kudingeke kakhulu kubazali. Lapho eveza imibono engalungile, thiba imizwelo yakho. Awufuni ukulimaza inkululeko yokuxoxa. Uma umntanakho esaba ukuveza indlela azizwa ngayo, uyokwazi kanjani ukuthi yini esenhliziyweni yakhe ukuze umsize?
Qokomisa Ukuhlakanipha Kokulalela Imithetho KaNkulunkulu
12, 13. (a) Kungani ukubona ukuhlakanipha kokulalela imithetho kaNkulunkulu kuyothinta inhliziyo yomfundelayo? (b) Yini ehilelekile ekusizeni umfundi ukuba abone ukuthi ukulalela uJehova kuyinkambo yokuhlakanipha?
12 Ukusikisela kwesithathu kuwukusiza omfundelayo ukuba abone ukuhlakanipha kokulalela imithetho kaNkulunkulu. (Duteronomi 4:5, 6; 10:12, 13) Lokhu kungayithinta inhliziyo yakhe. Kanjani? Phela, uma ekholelwa ukuthi ukugcina imithetho kaNkulunkulu kungokwenzuzo yakhe siqu, lokhu kungase kumshukumisele ukuba amthande uNkulunkulu futhi afune nokumthokozisa.—IHubo 112:1.
13 Ungabasiza kanjani labo obafundisayo ukuba babone ukuhlakanipha kokulalela imithetho kaNkulunkulu? Singase sikufanekise lokhu ngokuqhathanisa imithetho kaJehova nezimpawu ezithi “Akungenwa.” Nakuba uphawu olunjalo lona ngokwalo luyisixwayiso, ubungeke yini uvume ukuthi lapho uphawu lunesizathu sesixwayiso, kulula kakhulu ukululalela? Ngokwesibonelo, uma uphawu luthi “Akungenwa—Ingozi Kagesi,” khona-ke lowo obengeqa umthetho, eqaphela ingozi engenzeka kuyena siqu, uthambekela kakhulu ekulaleleni isixwayiso.
14. (a) Kungayiphi indlela ongabonisana ngayo nomfundelayo ukuze umsize abone ukuthi kungani inkambo ethile iwukuhlakanipha noma iwubuwula? (b) Imiphi imibhalo ebonisa ukubaluleka kokunikeza isizathu sokuthi kungani inkambo iyinhle noma iyimbi?
14 Kuyefana nangemithetho kaNkulunkulu. Ungamane nje utshele omfundelayo lokho iBhayibheli elithi kulungile nalokho elithi akulungile; msize ukuba abone ukuthi kungani inkambo ethile iwukuhlakanipha noma iwubuwula. Bonisana naye ngendlela ukulalela imithetho kaNkulunkulu okuyomzuzisa ngayo. Msize ukuba abone imiphumela yokungazinaki lezozimfuneko. IBhayibheli ngokwalo liyakwenza lokhu ngezinye izikhathi. Siza uzifundele izAga 22:24, 25; 23:4, 5; 24:15, 16, 19, 20. Phawula ukuthi esimweni ngasinye iBhayibheli linikeza isizathu sokuthi kungani inkambo ethile iyinhle noma iyimbi.
15. Sebenzisa imibuzo nemibhalo enikeziwe ekuxoxeni ngokuhlakanipha kokulalela lokho uNkulunkulu akushoyo ngokungathembeki nobufebe.
15 Ngokwesibonelo, cabanga indlela imibuzo nemibhalo elandelayo egcizelela ngayo ukuhlakanipha kokulalela imithetho kaNkulunkulu.
Ukuqamba amanga, Ukweba: Kungani ukungathembeki kulimaza? (IzAga 15:27; 20:10; IsAmbulo 21:8) Kungani ukwethembeka kukuzuzisa ekusebenzelaneni nabanye? (IzAga 3:3, 4; 12:19; Heberu 13:18)
Ubufebe: Ukuziphatha okubi kungasilimaza kanjani? (IzAga 5:9; 7:21-23; 1 Korinte 6:18) Kungaba kanjani nomphumela olimazayo kwabanye? (1 Thesalonika 4:6; 1 Korinte 5:6; Heberu 12:15, 16) Uzuza kanjani uma ulalela izimiso zeBhayibheli zokuziphatha? (IzAga 5:18, 19; Heberu 13:4)
Ngemva kokuzindla ngalendlela ngomthetho weBhayibheli, ungase ubuze: ‘Ingabe unomuzwa wokuthi uJehova usikhathalela ngokujulile? Ingabe uyavuma ukuthi imithetho yakhe ngempela ayisilahlekiseli lutho oluhle?’
16. Imuphi umphumela ukuzindla ngalendlela okungase kube nawo kumfundi wakho?
16 Phakathi nesifundo, zindla ngokufanayo ngomthetho kaNkulunkulu ngokuqondene nobudakwa, ukukhokhwa kwentela, ukubhema, impikiswano yegazi, njalonjalo. Ngalendlela omfundelayo noma umntwana uyasizakala ukuba abone ukuthi yonke imithetho kaNkulunkulu ingokwenzuzo yethu. Akusho ukuthi omfundelayo ngaso sonke isikhathi kumelwe adinge izizathu ukuze alalele uNkulunkulu. Kodwa izibonelo ezimbalwa zingasiza ekufinyeleleni inhliziyo yakhe, zimshukumisele ukuba afune ukuthokozisa uNkulunkulu. Ngakho-ke, lapho “umlilo,” noma uvivinyo luza, uyolilalela kalula izwi likaNkulunkulu.—1 Korinte 3:13.
Basize Bazi UNkulunkulu
17. Yikuphi ukusikisela okwengeziwe okungakusiza ekufinyeleleni inhliziyo yomfundi wakho?
17 Ukusikisela kwesine yilokhu: siza umfundi wakho ukuba azi uNkulunkulu. (Johane 17:3) Ngaphezu nje kokumsiza ukuba azi ukuthi uJehova ukhona futhi unegama, siza omfundelayo ukuba amazi ngokuseduze. Lokhu kuyoyithinta inhliziyo yakhe ngoba ukwazi uJehova kuwukumthanda.
18. Phakathi nesifundo, ungakudonsela kanjani ukunakekela ezimfanelweni zikaJehova?
18 Ungamsiza kanjani omfundelayo ukuba azi uJehova ngokuseduze? Ngesizathu esisodwa, awunakumthanda othile ngaphandle kokuba wazi izimfanelo zakhe, izindlela zakhe. Khona-ke phakathi nesifundo, khumbula njalo ukudonsela ukunakekela ezimfanelweni zikaJehova ezingenakulinganiswa. Lokhu ngokuvamile kungenziwa kungakhathaliseki indaba ecatshangelwayo. Ngokwesibonelo, lapho nixoxa ngesihlengo, ungama kancane ephuzwini elifanelekile ubuza: ‘Ilungiselelo lesihlengo likwandisa kanjani ukujula kothando lukaJehova ngathi?’ Noma lapho nicabangela ukuvumela kukaNkulunkulu ububi, ungabuza: ‘UJehova uye wakubonisa kanjani ukubekezela okukhulu phezu kobubi bomuntu?’ noma, ‘UJehova wakubonisa kanjani ukuhlakanipha okungenakulinganiswa ngendlela asingatha ngayo ukuhlubuka e-Edene?’ Ukuzindla ngalendlela kuyosiza ekwakheni kumfundi wakho umuzwa onamandla wokuzinikela kuJehova. Uyofinyelela ekuqapheleni uJehova njengomuntu omfanelo zakhe uzithola zithandeka, ziheha.
19, 20. (a) Yini enye edingekile ukuze sazi uJehova ngokuseduze? (b) Okuhlangenwe nakho esigabeni kukubonisa kanjani ukubaluleka kokubeka isibonelo esihle lapho kuziwa emthandazweni?
19 Ngokungaphezulu, awunakumazi kahle ngempela umuntu ngaphandle kwendlela ethile yokukhulumisana. Ngokufanayo omfundelayo akanakubujabulela ubuhlobo obuseduze noJehova ngaphandle kokukhulumisana naye. Ngokuqaphela lokhu, fundisa omfundelayo indlela yokuthandaza. Msize ukuba abone izinto ezihlukahlukene ezingathandazelwa ngokufanele. (1 Johane 5:14) Yakha kuye ukwazisa ngoJehova njengaLowo ozwayo futhi aphendule imithandazo. (IHubo 65:2) Mkhuthaze ukuba aveze imizwa yakhe yangaphakathi, ‘athulule inhliziyo yakhe’ kuJehova.—IHubo 62:8.
20 Nalapha futhi, isibonelo sakho siqu sibalulekile. Ingabe imithandazo yakho ibonisa ukujula kokuzinikela kwakho kuNkulunkulu? Lokhu kungaba nomphumela omuhle kakhulu kulabo obafundisayo, kuhlanganise nabantabakho. Cabangela okuhlangenwe nakho okulandelayo.
Eminyakeni ethile edlule, omunye umbhangqwana wamaKristu wawufundisa umfana wawo oneminyaka emithathu indlela yokuthandaza. Ngobunye ubusuku, ngemva kokuthandaza kuJehova ukuba abusise uMama noBaba, umfana wacela uJehova ukuba abusise u“Wally.” Kwakungubani u“Wally”? Abazali bakhe babengazi, futhi umfana waqala ukuthandazela u“Wally” njalo! Ekugcineni, ngemva kokumangala okukhulu, baqonda ukuthi yini eyayenzekile. Umfana wayethandazela abazalwane baseMalawi (ngaleso sikhathi ababeshushiswa), kodwa waliphimisa kabi ngokuthi u“Wally.” Iphuzu liwukuthi, umfana omncane wayebezwile abazali bakhe bethandaza ngalendlela, futhi walingisa isibonelo sabo esihle. Ake ucabange nje indlela labobazali abazizwa ngayo!
Ingabe lokhu akubonisi ukubaluleka kokubeka isibonelo esihle lapho kuziwa ekufundiseni abanye indlela yokuthandaza?
Umvuzo
21. (a) Ngokweyoku-1 Korinte 3:14, 15, yini wena njengomakhi ongumKristu ongayethemba? (b) Ingabe “umvuzo” uwumklomelo wokuphila okuphakade oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu? Chaza.
21 Ngakho-ke, uma sifuna ukwakha kwabanye izimfanelo ezingashi, sibasize ukuba babe nobuhlobo obuhle noJehova, kumelwe sifinyelele izinhliziyo zabo. Kungase kungabi lula ukukwenza, kodwa kuyavuza. UPawulu wakubonisa lokhu lapho ethi: “Uma umsebenzi womuntu owakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, [ngoba akha kabi, engasebenzisi izinto ezingashi], uyakulahlekelwa yiwo [okusho ukuthi, lokho akwakhile kuyophelela “emlilweni,”]; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube-kungathi uphuma emlilweni.” Uyini “umvuzo”? Ngokusobala uPawulu wayecabanga ngokuthile kunomvuzo wokuphila okuphakade oHlelweni Olusha lukaNkulunkulu, ngoba phawula ukuthi umuntu owakhe kabi ulahlekelwa “umvuzo,” nakuba yena ngokwakhe engase asindiswe uma ephumelela “emlilweni.”—1 Korinte 3:14, 15.
22, 23. (a) Imuphi umvuzo umphostoli uPawulu awuthola ngokuqondene nabazalwane bakhe abangamaKristu eThesalonika? (b) Uyini “umvuzo” wesifiso senhliziyo yakho, futhi ungawuthola kanjani?
22 Uyini-ke ‘lomvuzo’? Okuthile uPawulu akusho kwabaseThesalonika kuyakukhanyisa lokhu. KumaKristu ashushiswayo lapho, uPawulu wabhala: “Liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na? Ngokuba nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu [“ukuziqhenya kwethu nentokozo yethu!” Today’s English Version.] (1 Thesalonika 2:19, 20) UPawulu wayebasizile abaseThesalonika wabangenisa endleleni yeqiniso. Futhi nakuba ekuqaleni babeye bashushiswa, babemi begxilile. Umvuzo kaPawulu kwakuyinjabulo yokubabona bebekezela naphezu kokuphikiswa. Lokhu kwafakazela ukuthi uPawulu wayakhe kahle.
23 Kungokufanayo nangathi. Ingabe akusona isifiso senhliziyo yakho ukusiza labo obafundisayo ukuba babe nezimfanelo zobuKristu ezihlala njalo eziyobenza bakwazi ukuma begxilile naphezu kwezilingo nokucindezeleka okungabafikela? Yebo, yeka ukuthi kuvuza kanjani ukubona obafundela iBhayibheli nabantabakho bemelana novivinyo olunjalo olunjengomlilo! Lokhu kufakazela ukuthi uye wakha kahle. Sengathi lokho kungaba umvuzo wakho njengoba wakhela esisekelweni esihle ngezinto ezingashi nanjengoba ubheka kuJehova ukuba abusise imizamo yakho.
Ungakhumbula?
Ukuze ufinyelele inhliziyo—
◻ Kungani kubalulekile ukubeka isibonelo esihle?
◻ Hlobo luni lwemibuzo ewusizo, futhi ngani?
◻ Kungani omfundelayo kudingeka abone ukuhlakanipha kokulalela imithetho kaNkulunkulu?
◻ Kungani omfundelayo kumelwe afunde indlela yokuthandaza?
[Isithombe ekhasini 30]
Ingabe imithandazo yakho ibonisa ukujula kokuzinikela kwakho kuNkulunkulu? Lokhu kungayithinta inhliziyo yomntanakho