Ingabe Uyilowo UNkulunkulu Ayomkhetha?
“Kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo.”—1 KORINTE 1:27.
1. Kungani abaningi baye bakhetha ukuba iziwula emehlweni ezwe?
INGABE ubungawulahla njengoyize umsebenzi owawuwazi njengobalulekile ngoba nje abanye bethi uwubuphukuphuku futhi uwuphawu lobuthakathaka? Yebo, akekho noyedwa ofuna ukubizwa ngesiphukuphuku noma inteketeke—ngisho nengane. Kodwa ake sithi lesosabelo sokwenza lomsebenzi obalulekile sivela esikhulwini esiphakeme nesihlakaniphile. Ubungeke yini uzithobe futhi wamukele isabelo? Izigidi zabantu kuwo wonke umlando ziye zenza lokho kanye. Yimuphi umsebenzi labantu abaye bawamukela, futhi lesisabelo siye savela kubani? Impendulo itholakala encwadini yokuqala kaPawulu kumaKristu eKorinte lasendulo.
2. Imuphi umsebenzi izwe eliwucabangela njengobuwula?
2 Ekuxwayiseni amaKristu lapho ukuba angasekeli ukukhulekela kwawo kulokho okuthandwa ngabantu, uPawulu wabhala: “Ngokuba izwi [lesigxobo sokuhlushwa] kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize. Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesisikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kubeyize ukuhlakanipha kwalelizwe na? Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwabakuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.”—1 Korinte 1:18-21, qhathanisa ne-NW.
3. Siyini isigijimi, esicatshangelwa njengobuwula izwe, uNkulunkulu aphokophelele ukuba sishunyayelwe ezweni lonke?
3 Kulabo ababizwa ngokuthi bayizihlakaniphi nezazi zezwe inkulumo yokuthulula kukaKristu igazi lakhe lokuphila esigxotsheni sokuhlushwa iwubuwula. Bawuhleka usulu umqondo wokuthi ngokukholwa emhlatshelweni kaKristu kungajatshulelwa ukuphila okuphakade esimisweni esisha sokulunga. Ukuthi uKristu wavuka kwabafileyo nokuthi manje uyiNkosi enamandla yoMbuso kaNkulunkulu ongokwasezulwini kuyinganekwane ngokuphelele kubo. Kodwa uNkulunkulu uMninimandla onke uhlosé ukuba lesigijimi esifudumeza inhliziyo saziswe umhlaba wonke. Ngakho kunoma ubani oba inceku yakhe umnikeza lesisabelo sokushumayela lezizindaba ezinhle zoMbuso wakhe. Njengoba lesigijimi sifana nobuwula kwabahlakaniphileyo nabayizazi zalelizwe, obani uNkulunkulu abasebenzisa ekusishumayeleni? Lalela impendulo ephefumlelwe evela eZwini likaNkulunkulu uqobo:
4. (a) Obani uNkulunkulu abasebenzisa ekushumayeleni isigijimi sakhe? (b) Imuphi umphumela ukukhetha kwakhe abantu abanjalo okunawo kwabahlakaniphileyo bezwe?
4 “Ngokuba bhekani ukubizwa kwenubazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikhonyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.”—1 Korinte 1:26-29.
5. Yini enquma ukuthi uyilowo uJehova ayomkhetha ukuba amsebenzise?
5 Ingabe uwuhlobo lomuntu uNkulunkulu ayomkhetha ukuba enze umsebenzi ahina wenziwe emhlabeni namuhla? Uma kunjalo, kusho ukuthi kumelwe ukulungele ukubhekwa izwe njengesiphukuphuku. IBhayibheli lithi, “ngokuba ukuhlakanipha kwalelizwe kungubuwula kuNkulunkulu.” (1 Korinte 3:19) Ngakho ukuze ube inceku ephumelelayo kaJehova uNkulunkulu kumelwe uzimisele ukuqhubeka ngendlela eyokwenza ubonakale uyisiphukuphuku ngokubheka kwezwe. Ingabe zikhona izibonelo ezingokomlando zokubonisa ukuthi akukhona kuphela ukuthi izinceku zikaNkulunkulu zazibhekwa njengeziphukuphuku abantu bezwe kodwa nokuthi ukuhlakanipha kwezwe kwakuwubuwula kuNkulunkulu?
Izibonelo Zesikhathi Esidlule
6. Umsebenzi kaNowa wabonakala uwubuwula kanjani ezweni, kodwa wabonisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?
6 UNowa wathatha umsebenzi wobuphukuphuku ngokubheka kwabantu kodwa hhayi ngokukaNkulunkulu. Cabanga nje wakha emhlabathini owomileyo isakhiwo esikhulu esinjengebhokisi, esinomthamo oyizi-36 800 cu m, ukuze sintante emanzini. Umzamo owawubonakala uyinto ecatshangelwayo nje, wazi kahle ukuthi uzokwenza inhlekisa! Ukuthi uJehova wayezoletha ukuphela kwezwe kwabonakala kuhlekisa kubantu. Ngokwabo, uNowa wayeyisiphukuphuku ngokushumayela isigijimi esinjalo. (2 Petru 2:5) Kodwa, iqiniso liwukuthi kwakuyindlela yabo yokuphila indlela yabo yokwenza izinto eyafana nobuwula kuNkulunkulu. Babonakalisa umhlaba, bethukuthelisa uNkulunkulu. (Genesise 6:5) Ngakho uNowa wayezimisele ukubhekwa njengesiphukuphuku ngokuphathelene nokubonisa kukaNkulunkulu ukuhlakanipha kwaKhe namandla.
7. Kungani inkambo kaMose yabonakala iwubuwula, kodwa umphumela wabonisani?
7 Ingabe wena, ukuze uthokozise uNkulunkulu, ubungadela umnotho nesithunzi, esikhundleni salokho uvume ukuphathwa kabi? UMose wenze njalo. Nakuba ‘ayefundiswe ukuhlakanipha konke kwaseGibithe,’ wayishiya ngoku zithandela leyondlela yokuphila futhi wamukela isihlamba esikwabagcotshiweyo bakaNkulunkulu. (IzEnzo 7:22; Heberu 11:24-26) Ngokuqinisekile inkambo kaMose yabonakala iwubuphukuphuku kwabaseGibithe, kodwa ukuhlakanipha kwezwe kwaboniswa kuwubuphukuphuku lapho amadoda ahlakaniphile aseGibithe ethotshiswa izinhlupho eziyi-10 nalapho amasosha esizwe ebhujiswa uNkulunkulu oLwandle Olubomvu. Izibonelo ezinjalo zibonisa ukuthi ukuhlakanipha kwabantu, eqinisweni, kuwubuwula kuNkulunkulu. Akunakuqhathaniswa nokuhlakanipha namandla oMninimandla onke.
8. (a) Iningi lamaKristu akuqala lalivela emphakathini okuliphi izinga? (b) Kodwa uyini umphumela ukushumayela kwabo okwaba nawo ezihlakaniphini zezwe?
8 Kuthiwani ngamaKristu okuqala? Uprofesa wezomlando wabhala: “Amaningi amaKristu okuqala ayengabantu ababezalwa abantukazana, bevela esigabeni esiphansi sezingcweti zabahwebi bamadolobha amakhulu.” (The Ancient World, nguJoseph W. Swain) Abalandeli bakaKristu bekhulu lokuqala ngempela babengabantu abavamile, iqiniso elaqashelwa izitha zabo. (IzEnzo 4:13; Johane 7:48) Kodwa ukuhlakanipha okwakhulunywa abalandeli bakaKristu kwafaka ehlazweni izihlakaniphi zezwe. Babengenakuyiqonda imfihlakalo engcwele kaNkulunkulu ngokuqondene noKristu noMbuso; kubo inkulumo enjalo yayiwubuwula. Njengoba iBhayibheli lisho: “Ukuhlakanipha . . . okungaziwa namunye wababusi balesisikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela . . . iNkosi yenkazimulo.”—1 Korinte 2:7, 8.
Umsebenzi KaNkulunkulu Wokushumayela
9. (a) Ubani ngempela owayewumthombo weziyalezo ezazinikezwa nguJesu? (b) Ukuze bashumayele isigijimi soMbuso kubantu abafanelekayo, yini abafundi bakaJesu okwafuneka bayenze?
9 UJesu Kristu wabonisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kokubili ngesibonelo asibeka nangemiyalo ayinikeza ngendlela yokwenza umsebenzi wokushumayela. Njengoba asho: “Angenzilutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.” (Johane 8:28) UJesu waqonda kubantu nesigijimi soMbuso. Wabafundisa obala nasemakhaya abo. Cabanga isikhashana ngeziyalezo zakhe kubafundi bakhe, abayi-12 nabangama-70 abathuma ukuba bahlanganyele umsebenzi wokushumayela. Ungazifunda leziyalezo kuMathewu 10:1-14 nakuLuka 10:1-12. UJesu watshela abafundi bakhe ukuba bafune abantu. Wathi: “Nakumuphi umuzi noma umuzana eningena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo.” Yebo, funani labo abafisa ukulalela. Futhi yini abafundi ababeyobatshela yona? UJesu wabayala: “Shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.”—Mathewu 10:7.
10. (a) Isiphi isiqondiso uJesu asinikeza ngendlelayokuqalisa ingxoxo nomninikhaya? (b) Yini abafundi ababeyoyenza uma kungekho sithakazelo esiboniswayo? (c) Kungathiwani ngokuhlakaniphakweziyalezo zikaKristu?
10 UJesu wanikeza ngisho nesiqondisosendlela yokuqalisa ingxoxo nabaninikhaya. Wathi: “Nakuyiphi indlu eninge na kuyo, qalani nithi: Ukuthula makubekulendlu. Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo; kepha uma kungenjalo, kuzakubuyela kini.” (Luka 10:5, 6) Kwakumelwe bahlale nabantu abasabela esigijimini soMbuso ababesishumayela. Kodwa uma umninikhaya engenasithakazelo, khona-ke babeyoqhubeka. Ngempela, iziyalezo ezilula ezingadidiyo, kodwa eziqonde ngokwanele ukubonisa abashumayeli bevangeli kwehle kuze kube yilolusuku lwanamuhla okumelwe bakusho nendlela yokukusho! Ingabe lokhu akukhona ongakulindela ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu?
11. (a) Yini uJesu abonisa ukuthi kumelwe ibe isihloko sesigijimi sabafundi bakhe? (b) Ukuze ukushumayela kwethu ngoMbuso kuphumelele, kudingeka senzeni? (c) Ungayisebenzisa kanjani imibhalo ukubonisa ukuthi uMbuso uyoxazulula izinkinga ezihlelwe kulesisigaba?
11 Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, umongo wesigijimi salabo abenza umsebenzi wokushumayela ivangeli uMbuso. UJesu wayala, “Nithi kubo: Umbuso kaNkulunkulu ususondele kini.” (Luka 10:9) Kumelwe ukhumbule lesihloko, ngoba umthwalo wakho wemfanelo njengomshumayeli wevangeli uwukusiza izilaleli zakho ziqonde indlela uMbuso ongaba izindaba ezinhle ngayo ngempela kuzo. Ngakho kumelwe uzame ukwenza isigijimi soMbuso sizifanele futhi sibe ngesazo ukuze sifanele izidingo zazo. Ngokwezidingo noma izithakazelo zezilaleli zakho, kungani ungagcizeleli lokho uMbuso oyokwenza lokho okuyozihlaba umxhwele kakhulu? Ngokwesibonelo, ungase uzibonise indlela uMbuso oyofeza ngayo injongo kaNkulunkulu yokwenza lomhlaba iPharadesi eliyohlala abantu phakade naphakade, ngokusebenzisa imibhalo enjengoIsaya 45:18 namaHubo 37:29. Khona-ke, ngokusebenzisa imibhalo elungiselelwe, ungase ubabonise indlela uMbuso oyoxazulula ngayo izinkinga ezihlelwe ngezansi.
Ukugula: Isaya 35:5, 6; IsAmbulo 21:3, 4.
Ukufa: Isaya 25:8; 26:19; Johane 5:28, 29; 1 Korinte 15:26.
Indlala: Isaya 25:6; IHubo 67:6; 72:16.
Ukwakha izindlu: Isaya 65:21-23.
Impi: IHubo 46:8, 9; 72:7, 8.
Ubulelesi nobudlova: IHubo 37:9, 10; IzAga 2:22.
Ukungcola: IsAmbulo 11:18.
12. (a) Umshumayeli wevangeli angaziqonda kanjani izidingo zomuntu? (b) Siyini isihluthulelo sokuba umshumayeli wevangeli ophumelelayo?
12 Ungaziqonda kanjani izidingo zezilaleli? Okokuqala, yiba isilaleli esihle, zimisele ukulalela ezikushoyo. Buza imibuzo futhi ulalelisise izimpendulo zazo, ungabi ozivikelayo uma ukusabela kungesikho okulindele. Omunye uFakazi, obenza umsebenzi wokushumayela ivangeli iminyaka engaphezu kwama-25, waphawula: “Ngizama ukuhilela umninikhaya ngokushesha engxoxweni. Ngalendlela ngiyakwazi ukwazi izithakazelo zakhe, kunokuba ngimane ngiqhubeke nalokho engizele ukukusho.” Njengoba omunye umshumayeli wevangeli onokuhlangenwe nakho aphawula: “Intshumayelo eshiwo ngekhanda ingase ifinyelele nje izindlebe zazo noma iphephuke nomoya.” Eqinisweni, isihluthulelo sokuba umshumayeli wevangeli ophumelelayo ukuba nesithakazelo seqiniso kubantu, njengoba noJesu ayenjalo. (Mathewu 9:36-38) Abantu mababone ukuthi unesithakazelo kubo njengabantu, nokuthi uyazikholelwa ngempela izindaba ezinhle oziletha kubo. Njengoba omunye uFakazi asho: “Bayofinyelela esiphethweni esisodwa uma ukhuluma njengomshini—alukho ukholo.”
Indlela Ebalulekile Yokushumayela Ivangeli
13. IBhayibheli likubonisa kanjani ukuthi amaKristu akuqala azilalela iziqondlso zikaKristu ngokushumayela?
13 Njengoba sesibonile, uJesu Kristu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bayise isigijimi soMbuso emakhaya abantu. Ngokulandela iziyalezo zakhe, abaphostoli nabo babonisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngokusebenzisa lendlela ebalulekile yokushumayela ivangeli. Umbhalo weBhayibheli uthi: “Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.” (IzEnzo 5:42) Kamuva umphostoli uPawulu wabuyekeza umsebenzi wakhe wokushumayela ivangeli namanye amaKristu, ngokuthi: “Angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu, ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa iNkosi yethu uJesu.”—IzEnzo 20:20, 21.
14. Yini ebonisa ukuphumelela kwendlela yokushumayela ivangeli endlini ngendlu?
14 Nakuba izinceku zikaNkulunkulungokuvamile ziye zahlekwa futhi zabhekwa njengeziwula ngenxa yokusebenzisa lendlela yabaphostoli yokushumayelangoMbuso, impumelelo yayo emangalisayo ibonisa ukuthi ivunyelwe uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, isazi sezenhlalosaseBrithani uBryan Wilson sahlaziyaukwanda koFakazi BakaJehova eJapanewayesebika: “Iningi [amaphesenti angama-58,3] lalabo ababa oFakazi bathi bavuswa isithakazelo okokuqala ngokwamukela ukuvakasha kommemezeli.” Futhi, eminyakeni edlule umpristi wamaKatolika uohn A. O’Brien watshela abanye abapristi abangama-200 eSt. Joseph’s Seminary eNew York: “Imfihlo yempumelelo emangalisayo kaSt. Paul yayiwukusebenzisa kwakhe ngokungakhathali indlela yendlu ngendlu ekuphenduleni amakholwa. Kusambhuqo ukuthi-indlela yabaphostoli manje isetshenziswa amahlelo angewona awobuKatolika,ikakhulukazi oFakazi BakaJehova.”
Isizathu Sokuhlela Ukushumayela
15. Kungani kubalulekile ukuhlela isikhathi somsebenzi wethu wokushumayela endlini ngendlu?
15 Akulona yini iqiniso ukuthi isimisosibalulekile ukuze kunakekelwe izintoezisemqoka? Cishe unesikhathi esihleliwe sokudla nokulala, nesesikole nomasomsebenzi. Ukuze izinto zenziwe, isimiso sibalulekile. Kungashiwo okufanayongokuqondene nokushumayela kwethuendlini ngendlu. Njengoba uSathaneuDeveli ulwela ukuba izindaba ezinhlezoMbuso kaNkulunkulu zingafinyelelikubantu, sidinga ukuba nesimiso ukuze sihlanganyele njalo ekushumayeleni ngoMbuso. Ngaphandle kwalokho, kungase kube ukuthi ‘asinakusithola isikhathi’ sokwenza lomsebenzi. (1 Korinte 9:16) Kuyinjongo kaSathane ukuba kwenzeke lokho.
16 Iziphi izibonelo ezibonisa ukubaluleka kokuba nesimiso somsebenzi wethu wokushumayela?
16 Kanjalo udokotela othile, owayesewuFakazi iminyaka engaphezu kwama-25, uthi uthola isimiso sokushumayela sidingekile. Umnikazi wedlelo elikhulu lezinkomo eUnited States uthi: “Ngawo-1944 ngaqaphela ukuthi okuyiyona ndlela yokuba senkonzweni yayiwukumisa usuku olithile lwayo.” Uyanezela: “Kuze kube namuhla ngizithathela olunye usuku phakathi nesonto ngenxa yenkonzo.” Umdala ongumKristu, futhi ongummeli, uthola ukuthi ukuba nesimiso esiqondile sokufakaza kumenza akwazi ukwenza isilinganiso samahora ayi-15 ngenyanga emsebenzini wokushumayela. Uma enomsebenzi othile womthetho ngoMgqibelo uwuhlelela intambama, ngemva kwenkonzo yakhe yasensimini ekuseni.—Qhathanisa nabaseKolose 4:5.
Melela UNkulunkulu Ngendlela Ehloniphekile
17. Lapho sisemsebenzini wokushumayela ivangeli, ikuphi ukunakekela okumelwe sikusebenzise mayelana nokugqoka?
17 Nakuba izwe lingase lisibheke njengeziwula ngenxa yesigijimi esinikeza ukuphila esisiphethe, kumelwe siqaphele ukuthi ukubonakala kwethu akusinyundeli nganoma iyiphi indlela lesosigijimi esibalulekile. Ukweqisa ekugqokeni, ukuhamba nefeshini kakhulu noma ukuba mahlikihliki, kungakwenza lokho. Emasimini ezicebi singadinga ukuba sikuqaphele kakhulu ukubonakala nesimilo. Ingabe lokhu kusho ukuthi kumelwe sibe nezingubo zokugqoka ezidulayo? Qha. Omunye umshumayeli ophumelelayo, oye wahamba kakhulu nendoda yakhe, wabheka ngokunakekela indlela abantu abagqoka ngayo ensimini. Khona-ke wakhetha isitayela esilinganiselwe esibonisa umkhuba wendawo. Izingubo zethu esinazo, noma zingezivamile, ziyokwanelisa uma zihlanzekile, ziayiniwe futhi zikahle. Uma ugqoke ibhantshi, ingabe izinkinobho ezingekho zifakiwe? Uma ufake uthayi, ingabe wonke amabala asusiwe? Uma ufake izicathulo, ingabe zipholishiwe? Khumbula, ukubonakala kwakho okuhlanzekile nokuhloniphekile kuyonikeza isigijimi sakho inhlonipho.—Thithu 2:10.
18. (a) Fanekisa ukubaluleka kokugqoka ngendlela ebonisa umkhuba omuhle wendawo. (b) Kungani ukugqoka ngokweqile kumelwe kugwenywe?
18 Ngenxa yokuthi omunye uFakazi wanakekela kakhulu ukubonakala kwakhe ubika ukuthi intokazi eyayinqabile ngaphambili ukuxoxa naye yamngenisa ekhaya layo. Ngemva kwengxoxo ejabulisayo yeBhayibheli, umninikhaya wabuza, “Konje, liyini isonto lakho?” Impendulo, “oFakazi BakaJehova,” yammangalisa umninikhaya. Wayengazange abavumele oFakazi BakaJehova ekhaya lakhe ngaphambili. Lapho uFakazi ebuza isizathu sokuba amvumele angene, umninikhaya waphendula ngokuthi kungoba uFakazi wayebukeka ‘egqoke kahle.’ Owesifazane wazizwa ephoqelekile ukuba alalele ayezokusho. Kwaphumela esifundweni seBhayibheli esiqhutshwa njalo. Ngakolunye uhlangothi, komakhelwane abampofu, ukugqoka ngokweqile kungase kunikeze umqondo wokuthi ucabanga ukuthi ‘ngingcono kunani.’ Ngakho kungakhathaliseki ukuthi iyiphi insimu esiyisebenzayo, noma sishumayeza bani, ukugqoka kwethu nesimilo esifanelekayo kumelwe kube okubakhangayo abantu esigijimini soMbuso kunokubaxosha.—1 Korinte 9:19-23.
19. (a) Siyini isihluthulelo sokuba umuntu abe yilowo uNkulunkulu amkhethayo? (b) Siyini isibonelo uKristu asibeka ngokuqondene nalokhu? (c) Ngokuzimisela ukuba izwe likubheke njengesiwula, uzenza ufanelwe imaphi amalungelo?
19 Eqinisweni, kukuwe ukuphendula lombuzo: Ingabe ngiyilowo uNkulunkulu ayomkhetha? Ukukhetha kwakhe akusekelwe ekhonweni lokuhlakanipha noma esikhundleni sezwe. Kunalokho, isihluthulelo siwukuzimisela ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela yakhe, ngisho noma ngokwenza kanjalo izwe likubheka njengesiwula noma obuthaka. UJesu Kristu wabeka isibonelo. Wayezimisele ukubhekwa njengesiwula ngawontanga yakhe ukuze kulabo ayebayala abe “ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu.” (1 Korinte 1:30) Uma uzimisele ukumemezela isigijimi soMbuso, esicatshangelwa yizwe njengobuwula, uzenza ulungele ukusetshenziswa uJehova uNkulunkulu njengomunye woFakazi bakhe futhi ujabulele isipho esibusisiwe sokuphila okuphakade esimisweni sakhe esisha sokulunga.
Ungayiphendula Lemibuzo—
□ Iyiphi inkulumo ewubuwula ezweni?
□ UNowa noMose babonisa kanjani ukuthi lokho izwe elingase likubheke njengobuwula eqinisweni kubonisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?
□ Iziphi iziyalezo uJesu azinikeza abalandeli bakhe zokuqhuba umsebenzi wokushumayela?
□ Iyiphi indlela ebalulekile yokuqhuba umsebenzi wokushumayela, futhi yini ebonisa ukuthi iyaphumelela?
□ Kungani kubalulekile ukwenza isimiso somsebenzi wethu wokushumayela?
□ Kumelwe sigqoke kanjani uma sisemsebenzini wokushumayela?
[Isithombe ekhasini 15]
Ngaphambi kokuthumela abafundi bakhe emsebenzini wokushumayela, uJesu wabafundisa indlela yokwenza lomsebenzi
[Isithombe ekhasini 17]
Ukushumayela endlini ngendlu kuyindlela evunyelwe ngokomBhalo yokushumayela